Bible Society of South Africa

Induduzo evela eZwini – Day 10

Ukuthobeka kuNkulunkulu

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

Ihubo 119

33Ngitshengise, Jehova,

indlela yezimiso zakho;

ngiyakuyigcina kuze kube sekupheleni.

34Ngiphe ingqondo, ukuze ngiqaphele umthetho wakho,

ngiwugcine ngenhliziyo yami yonke.

Ihubo 119:33-34ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

Ihubo 119

129Ubufakazi bakho buyisimangaliso;

ngalokho umphefumulo wami uyabugcina.

130Ukwambulwa kwamazwi akho kuyakhanyisa,

yebo, kuyabaqondisa abangenalwazi.

131Ngivula umlomo wami, ngikhefuzela,

ngokuba ngiyalangazelela imiyalo yakho.

132Bheka kimi, ube nomusa kimi

njengokufanele abathanda igama lakho.

133Qinisa izinyathelo zami ezwini lakho;

makungangibusi nobubodwa ububi.

Ihubo 119:129-133ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

Ihubo 119

10Ngikufunile ngenhliziyo yami yonke;

mangingaphambuki emiyalweni yakho.

11Enhliziyweni yami ngiyalonda izwi lakho,

ukuze ngingoni kuwe.

Ihubo 119:10-11ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

Uma umuntu engaphansi kwengcindezi futhi edinga amandla kanye nenduduzo evela eNkosini, kuvamise ukuba azizwe ephelelwa amandla. Lezi zingxenye zeZifundo ezitholakala kuMahubo zibekwe ndawonye ngaphansi kwezihloko ukukusiza ukuba uthole amavesi eSifundo esifanelekile ezimweni zakho ezithile.

Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU