Bible Society of South Africa

Bible Reading Plan – Day 316

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

KwabaseRoma 13

Ngokulalela amakhosi

1Akube yilowo nalowo azithobe phansi kwamandla ombuso, ngokuba akukho mandla ombuso angaveli kuNkulunkulu; lawa akhona amiswe nguNkulunkulu. 2Ngakho-ke omelana namandla ombuso umelana nesimiso sikaNkulunkulu; kepha abamelana nakho bayakwamukeliswa ukulahlwa. 3Ngokuba ababusi abesabeki kwabenza okuhle, kodwa kwabenza okubi. Kepha uyathanda yini ukungesabi amandla ombuso na? Yenza okuhle, uyakubongwa yiwo; 4ngokuba uyisikhonzi sikaNkulunkulu, kube kuhle kuwe. Kepha uma wenza okubi, yesaba; ngokuba awuyiphatheli ize inkemba; ngokuba uyisikhonzi sikaNkulunkulu, umphindiseli wokwehlisela ulaka kowenza okubi. 5Ngalokho kuswelekile ukuwuthobela, kungabi kuphela ngenxa yolaka kodwa nangenxa kanembeza.

6Ngokuba ngenxa yalokho nikhipha intela; ngokuba bayizikhonzi zikaNkulunkulu ezikhuthalela khona lokho. 7Nikani bonke okubafaneleyo: intela kofanele intela, inkokhiso kofanele inkokhiso, ukwesaba kofanele ukwesatshwa, udumo kofanele udumo.

Ukuthanda abazalwane

8Ningabi nacala lani nakubani, kuphela elokuthandana; ngokuba othanda omunye uwugcwalisile umthetho. 9Ngokuba lokhu ukuthi: “Ungaphingi, ungabulali, ungebi, ungafisi,” noma ukhona omunye umyalelo, kuyahlanganiswa kuleli zwi elithi: “Wothanda umakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena.” 10Uthando alwenzi okubi kumakhelwane; ngakho-ke uthando lungukugcwaliseka komthetho.

Ukuhamba ekukhanyeni

11Yenzani lokhu, njengokuba nazi isikhathi ukuthi sekuyihora lokuba nivuke ebuthongweni; ngokuba manje insindiso isisondele kithi kunaleso sikhathi esaqala ukukholwa ngaso. 12Ubusuku sebuyaphela, imini isisondele. Ngakho-ke asilahle imisebenzi yobumnyama, sihlome izikhali zokukhanya. 13Asihambe ngokufaneleyo njengasemini, kungabi ngokuminza nokudakwa, kungabi ngobufebe namanyala, kungabi ngokuxabana nomhawu; 14kodwa yembathani iNkosi uJesu Kristu, ninganakekeli inyama kuvuswe izinkanuko.

KwabaseRoma 14

Indlela yokuphatha ababuthakathaka ekukholweni

1Kepha obuthakathaka ekukholweni mamukeleni, kungabi ngokwahlulela ngezizindlo. 2Omunye ukholwa ukuthi angadla konke, kepha obuthakathaka udla imifino. 3Odlayo angamdeleli ongadliyo, ongadliyo angamahluleli odlayo, ngokuba uNkulunkulu umamukele. 4Ungubani wena owahlulela inceku yomunye na? Kusenkosini yayo ukuma noma ukuwa kwayo; kepha iyakumiswa, ngokuba iNkosi inamandla okuyimisa.

5Omunye wazisa olunye usuku kunolunye, omunye wazisa izinsuku zonke; yilowo nalowo akaqiniseke enhliziyweni yakhe. 6Ohlonipha usuku uluhloniphela iNkosi; nodlayo udlela iNkosi, ngokuba ubonga uNkulunkulu; nongadliyo, akadli ngenxa yeNkosi, ubonga uNkulunkulu. 7Ngokuba akakho phakathi kwethu oziphilela yena, akakho nozifela yena; 8ngokuba uma siphila, siphilela iNkosi; uma sifa, sifela iNkosi. Ngakho-ke noma siphila noma sifa, singabeNkosi.

9Ngokuba ngenxa yalokho uKristu wafa, wabuye waphila ukuba abe yiNkosi yabafileyo neyabaphilayo. 10Kepha wena umahlulelelani umzalwane wakho na? Futhi umdelelelani umzalwane wakho na? Ngokuba sonke siyakumiswa phambi kwesihlalo sokwahlulela sikaNkulunkulu. 11Ngokuba kulotshiwe ukuthi:

“ ‘Kuphila kwami,’ isho iNkosi,

‘kimina ayakuguqa amadolo onke,

nezilimi zonke ziyakudumisa uNkulunkulu.’ ”

12Ngalokho-ke yilowo nalowo phakathi kwethu uyakuziphendulela kuNkulunkulu.

13Ngakho masingabe sisahlulelana; kepha okungcono yahlulelani lokho kokuthi makungabekelwa umzalwane into yokumqhuzula nokuba isikhubekiso. 14Ngiyazi, nganelisiwe eNkosini uJesu, ukuthi akukho lutho oluyichilo ngokwalo; kepha kuye othi lubi, kuyena lubi. 15Ngokuba uma umzalwane wakho edabukiswa ngenxa yokudla, awusahambi ngothando. Ungambhubhisi ngokudla kwakho lowo amfelayo uKristu. 16Ngalokho okuhle kwenu makungahlanjalazwa. 17Ngokuba umbuso kaNkulunkulu awusikho ukudla nokuphuza kepha ungukulunga, nokuthula, nokuthokoza eMoyeni oNgcwele, 18ngokuba okhonza uKristu kulokhu uthandekile kuNkulunkulu, ukholekile kubantu.

19Ngalokho-ke asijonge okokuthula nokokwakhana. 20Ungawuchithi umsebenzi kaNkulunkulu ngenxa yokudla. Konke kuhlanzekile, kepha kubi kulowo muntu okudla ekhubeka. 21Kuhle ukungayidli inyama nokungaliphuzi iwayini noma okunye umzalwane wakho aqhuzuka ngakho.

22Ukukholwa onakho, yiba nakho ngokwakho phambi kukaNkulunkulu. Ubusisiwe ongazahluleli ngalokho akukhethayo; 23kepha ongabazayo, nxa edla, ulahliwe, ngokuba kungengokukholwa; konke okungaveli ekukholweni kuyisono.

KwabaseRoma 15

Abanamandla mabasize ababuthakathaka

1Kepha thina esinamandla sifanele ukuthwala ubuthakathaka babangenamandla singazithokozisi thina. 2Yilowo nalowo kithi makathokozise umakhelwane, kube kuhle, aze akheke, 3ngokuba noKristu akazithokozisanga yena, kepha kunjengokuba kulotshiwe ukuthi: “Ukuthuka kwabakuthukayo kwehlela phezu kwami.”

4Ngokuba konke okwalotshwa ngaphambili kwalotshelwa ukufundiswa kwethu, ukuze ngokubekezela nangenduduzo yemibhalo sibe nethemba.

5Kepha uNkulunkulu wokubekezela nowenduduzo makaniphe nibe nokuqonda kunye phakathi kwenu ngokukaKristu Jesu, 6ukuze nganhliziyonye nidumise ngamlomo munye uNkulunkulu uYise weNkosi yethu uJesu Kristu.

Bonke mabaphathane ngomoya kaKristu

7Ngalokho yamukelanani, njengalokho noKristu wasamukela, ukuze kudunyiswe uNkulunkulu. 8Ngokuba ngithi uKristu waba yisikhonzi sabasokileyo ngenxa yeqiniso likaNkulunkulu, ukuze aqinise izithembiso ezaphiwa okhokho, 9abezizwe bamdumise uNkulunkulu ngenxa yesihawu sakhe, njengalokho kulotshiwe ukuthi:

“Ngalokho ngiyakukudumisa phakathi kwabezizwe,

ngihubele igama lakho;”

10abuye athi:

“Jabulani nina bezizwe kanye nesizwe sakhe,”

11nokuthi:

“Dumisani iNkosi nina nonke bezizwe,

niyibabaze, nina bantu bonke.”

12Futhi u-Isaya uthi:

“Kuyakuba khona impande kaJesayi,

yena oyakuvuka abuse abezizwe;

abezizwe bayakwethembela kuye.”

13UNkulunkulu wethemba makanigcwalise ngenjabulo yonke nangokuthula konke ekukholweni, ukuze nivame ethembeni ngamandla kaMoya oNgcwele.

UPawulu uchaza umsebenzi wakhe

14Kepha nami ngokwami nganelisiwe ngani bazalwane bami ukuthi nanigcwele ukuva, nigcwalisiwe ngokwazi konke, ninamandla futhi okuyalana. 15Kepha nginilobele kokunye ngesibindi njengonikhumbuzayo futhi ngenxa yomusa engiwuphiwe nguNkulunkulu 16wokuba ngibe yisikhonzi sikaKristu Jesu kwabezizwe, ngikhonze ivangeli likaNkulunkulu njengompristi, ukuze abezizwe babe ngumnikelo owamukeleka kahle, ungcwelisiwe ngoMoya oNgcwele.

17Ngalokho nginokuzibonga kuKristu Jesu maqondana nokukaNkulunkulu, 18ngokuba angiyikuba nasibindi sokukhuluma lutho ngaphandle kwezinto uKristu azisebenza ngami, kube ngukulalela kwabezizwe, ngezwi nangesenzo, 19ngamandla ezibonakaliso nezimangaliso, ngamandla kaMoya oNgcwele, njengokuba ngasuka eJerusalema, ngazungeza ngaze ngafika e-Iliriku, ngishumayela ivangeli likaKristu ngokupheleleyo. 20Kanjalo ngangihlose ukushumayela ivangeli kungabi lapho uKristu waziwa khona, ukuze ngingakhi phezu kwesisekelo somunye, 21kodwa njengalokho kulotshiwe ukuthi:

“Abangabikelwanga ngaye bayakubona,

nabangezwanga bayakuqonda.”

UPawulu ukhuluma ngokuya eRoma

22Ngenxa yalokho ngathiyeka kaningi ukuza kini; 23kepha manje, lokhu ngingasenandawo kulawa mazwe, futhi sekuyiminyaka eminingi ngilangazelela ukuza kini, 24ngiyakuza nxa ngiya eSpaniya; ngokuba ngiyethemba ukuthi ekudluleni kwami ngizakunibona, ngikhashwe yinina, nxa ngiya khona, uma sengike nganeliswa yinina; 25kepha manje ngisaya eJerusalema ngiyokhonza abangcwele. 26Ngokuba kwaba kuhle kwabaseMakedoniya nabase-Akhaya ukwenzela abampofu kwabangcwele baseJerusalema umnikelo othile. 27Kwaba kuhle, ngokuba nembala banecala kubo; ngokuba uma abezizwe behlanganyela nabo ezintweni zabo zokomoya, banecala futhi lokubakhonza ngezokwenyama. 28Ngakho nxa sengikufezile lokho, ngabeka leso sithelo esandleni sabo, ngizakuhamba, ngidlule ngakini, ngiye eSpaniya; 29kepha ngiyazi ukuthi nxa ngifika kini, ngizakuza nokugcwala kwesibusiso sikaKristu.

30Ngiyanincenga, bazalwane, ngenxa yeNkosi yethu uJesu Kristu nangenxa yothando lukaMoya ukuba nilwe kanye nami ekungikhulekeleni kuNkulunkulu, 31ukuze ngihlanguliswe kwabangakholwayo baseJudiya nokuba lokho engikhonza ngakho eJerusalema kwamukeleke kahle kwabangcwele, 32ukuba ngize kini ngokuthokoza, ngentando kaNkulunkulu, ngiphumule kanye nani. 33UNkulunkulu wokuthula makabe nani nonke. Amen.

KwabaseRoma 16

UPawulu ukhonza kubazalwane

1Ngiyamncoma kini uFebe, udadewethu oyisikhonzi sebandla laseKenikreya, 2ukuze nimamukele eNkosini njengokufanele abangcwele, nimsize noma kuyiphi into angase ayidinge kini, ngokuba yena ube ngumsizi wabaningi, nowami uqobo.

3Khonzani koPriska no-Akwila, izisebenzi ezikanye nami kuKristu Jesu, 4abadela ukuphila kwabo ngenxa yokuphila kwami, engibabongayo, kungeyimi ngedwa, kodwa namabandla onke abezizwe. 5Khonzani nasebandleni elisendlini yabo. Khonzani ku-Ephenetu, isithandwa sami, ongulibo lwase-Asiya kuKristu. 6Khonzani kuMariya owanisebenzela kakhulu. 7Khonzani ko-Anidroniku noJuniya abayizihlobo zami, ababe yiziboshwa kanye nami, abaqhamileyo kubaphostoli nababe kuKristu ngaphambi kwami. 8Khonzani ku-Ampiliyatu, isithandwa sami eNkosini. 9Khonzani ku-Urbanu, isisebenzi kanye nathi kuKristu nakuStaku, isithandwa sami. 10Khonzani ku-Aphele, othembekileyo kuKristu. Khonzani kwabakwa-Arisitobulu. 11Khonzani kuHerodiyone, isihlobo sami. Khonzani kwabakwaNarkisu abaseNkosini. 12Khonzani koTrifina noTrifosa abakhandleka eNkosini. Khonzani kuPersisi othandekayo, owakhandleka kakhulu eNkosini. 13Khonzani kuRufu okhethiweyo eNkosini nakunina ongumame. 14Khonzani ko-Asinkiritu, noFilegu, noHerme, noPhatroba, noHerma nabazalwane abanabo. 15Khonzani koFilologu noJuliya, kuNerewu nodadewabo, naku-Olimpa nakwabangcwele bonke abanabo. 16Bingelelanani ngokwanga okungcwele. Ayakhonza kini onke amabandla kaKristu.

UPawulu uxwayisa ngababanga ukwahlukana

17Ngiyanincenga, bazalwane, ukuba niqaphele ababanga ukwahlukana nokukhubekisa, bephambene nesifundiso enafundiswa sona nina, nahlukane nabo; 18ngokuba abanjalo abayikhonzi iNkosi yethu uKristu, bakhonza isisu sabo; nangamazwi amahle namnandi bakhohlisa izinhliziyo zabangenacala. 19Ngokuba ukulalela kwenu kuzwakele kubo bonke; ngakho-ke ngiyathokoza ngani, kepha ngithanda ukuba nihlakaniphe kokuhle, nibe ngabangahlakaniphile kokubi.

20Kepha uNkulunkulu wokuthula uzakumchoboza masinyane uSathane phansi kwezinyawo zenu. Umusa weNkosi yethu uKristu mawube nani.

Isigcino

21Uyakhonza kini uThimothewu, isisebenzi kanye nami, noLukiyu, noJasoni, noSosiphatru, izihlobo zami.

22Mina Tertiyu engilobe le ncwadi ngiyakhonza kini eNkosini.

23Uyakhonza kini uGayu ongingenise kwakhe, mina nebandla lonke. Uyakhonza kini u-Erastu, umphathisikhwama womuzi, noKwartu umzalwane. 24Umusa weNkosi yethu uJesu Kristu mawube nani nonke. Amen.

25Kuye onamandla okuniqinisa ngokwevangeli lami nentshumayelo kaJesu Kristu, ngokwambulwa kwemfihlakalo eyayifihliwe ngezikhathi zaphakade 26kepha manje isibonakalisiwe ngemibhalo yabaprofethi, ngokomyalo kaNkulunkulu ongunaphakade, yazisiwe ezizweni zonke, kube ngukulalela kokukholwa, 27kuye uNkulunkulu onokwazi yedwa akube kuye inkazimulo ngoJesu Kristu kuze kube phakade. Amen.

KwabaseRoma 13:1-16:27ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli
Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU