Bible Society of South Africa

Bible Reading Plan – Day 317

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

1 kwabaseKorinte 1

Isibingelelo

1UPawulu, obizelwe ngentando kaNkulunkulu ukuba abe ngumphostoli kaJesu Kristu, noSostene umzalwane, 2kulo ibandla likaNkulunkulu eliseKorinte, kubo abangcwelisiwe kuKristu Jesu, ababiziweyo abangcwele, kanye nabo bonke abakhuleka egameni leNkosi yethu uJesu Kristu ezindaweni zonke, eyabo neyethu:

3Makube kini umusa nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba wethu naseNkosini uJesu Kristu.

4Ngibonga uNkulunkulu wami ngesikhathi sonke ngani ngenxa yomusa kaNkulunkulu eniwuphiweyo kuKristu Jesu 5ukuthi ezintweni zonke nicetshisiwe kuye, ekukhulumeni konke nasekwazini konke, 6njengalokho ubufakazi ngoKristu baqiniswa kini, 7ukuze ningasilalelwa nasinye isiphiwo somusa, nisahlalele ukwambulwa kweNkosi yethu uJesu Kristu, 8yena oyakuniqinisa nani kuze kube sekupheleni, ningabi nacala ngosuku lweNkosi yethu uJesu Kristu. 9Uthembekile uNkulunkulu, okungaye nabizelwa ekuhlanganyeleni neNdodana yakhe uJesu Kristu iNkosi yethu.

Ukuphikisana ebandleni laseKorinte

10Kepha ngiyanincenga, bazalwane, ngegama leNkosi yethu uJesu Kristu ukuba nikhulume zwilinye nonke, kungabikho ukwahlukana phakathi kwenu, kodwa nipheleliswe emqondweni munye nasekuboneni kunye. 11Ngokuba ngitsheliwe ngani bazalwane bami ngabendlu kaKlowe ukuthi kukhona ukuphikisana phakathi kwenu. 12Ngisho lokhu ukuthi yilowo nalowo kini uthi: “Mina ngingokaPawulu”; “Mina ngingoka-Apholo”; “Mina ngingokaKhefase”; “Mina ngingokaKristu”.

13UKristu wahlukanisiwe yini? UPawulu wabethelwa esiphambanweni ngenxa yenu na? Nabhapathizwa egameni likaPawulu na? 14Ngibonga uNkulunkulu ngokuba ngingabhapathizanga muntu kini, kuphela oKrispu noGayu, 15funa kube khona othi nabhapathizwa egameni lami. 16Kodwa ngabhapathiza nabendlu kaStefana; ngaphandle kwalokho angazi ukuba ngabhapathiza omunye. 17Ngokuba uKristu kangithumanga ukuba ngibhapathize, kepha ukuba ngishumayele ivangeli, kungabi ngokuhlakanipha kwamazwi, funa isiphambano sikaKristu senziwe ize.

Ukuhlakanipha kukaNkulunkulu nokuhlakanipha kwezwe

18Ngokuba izwi lesiphambano kwababhubhayo lingubuwula, kepha kithina esisindiswayo lingamandla kaNkulunkulu. 19Ngokuba kulotshiwe ukuthi:

“Ngiyakuchitha ukuhlakanipha kwabahlakaniphileyo,

nokuqonda kwabaqondileyo ngikwenze ize.”

20Siphi isazi na? Uphi umbhali na? Uphi umphikisi walesi sikhathi na? UNkulunkulu kakwenzanga kube yize ukuhlakanipha kwaleli zwe na? 21Ngokuba njengalokho ekuhlakanipheni kukaNkulunkulu izwe alimazanga uNkulunkulu ngokuhlakanipha kwalo, kwaba kuhle kuNkulunkulu ukusindisa abakholwayo ngobuwula bentshumayelo. 22Ngokuba abaJuda babiza izibonakaliso, namaGreki afuna ukuhlakanipha, 23kepha thina sishumayela uKristu obethelwe esiphambanweni, isikhubekiso kubaJuda, ubuwula kubo abezizwe, 24kepha kubo ababiziweyo, abaJuda namaGreki, sishumayela uKristu, amandla kaNkulunkulu nokuhlakanipha kukaNkulunkulu. 25Ngokuba ubuwula bukaNkulunkulu buhlakaniphile kunabantu; nobuthakathaka bukaNkulunkulu bunamandla kunabantu.

26Ngokuba bhekani ukubizwa kwenu bazalwane: kababaningi abahlakaniphileyo ngokwenyama, kababaningi abanamandla, kababaningi abayizikhulu, 27kodwa izinto zobuwula zezwe uNkulunkulu uzikhethile ukuba ajabhise abahlakaniphileyo; nezinto ezibuthakathaka zezwe uNkulunkulu uzikhethile ukuba ajabhise izinto ezinamandla; 28nezinto eziphansi zezwe nezinto ezidelelwayo uNkulunkulu wazikhetha, nezinto ezingekho, ukuba achithe ezikhona, 29ukuze kungabikho nyama ezibongayo phambi kukaNkulunkulu. 30Kepha ngaye nikuJesu Kristu owenzelwe thina ukuhlakanipha okuvela kuNkulunkulu nokulunga kanye nokungcweliswa nokuhlengwa, 31ukuze kuthi njengokulotshiweyo:

“Ozibongayo akazibonge eNkosini.”

1 kwabaseKorinte 2

Intshumayelo kaPawulu eKorinte

1Nami, bazalwane, ekufikeni kwami kini angifikanga ngobungcweti bokukhuluma nobokuhlakanipha, ngimemezele kini ubufakazi bukaNkulunkulu. 2Ngokuba nganquma ukuthi angiyikwazi okunye phakathi kwenu, kuphela uJesu Kristu, lowo obethelwe esiphambanweni. 3Mina ngangikini ngobuthakathaka, nangokwesaba, nangokuthuthumela okukhulu; 4nokukhuluma kwami nokushumayela kwami akubanga ngamazwi okuhlakanipha ahungayo, kepha kwaba ngesibonakaliso sikaMoya nesamandla, 5ukuze ukukholwa kwenu kungemi ngokuhlakanipha kwabantu, kume ngamandla kaNkulunkulu.

6Kepha ukuhlakanipha sikukhuluma phakathi kwabapheleleyo, ukuhlakanipha kambe okungesikho okwalesi sikhathi nokwababusi balesi sikhathi, ababhubhayo. 7Kodwa sikhuluma ukuhlakanipha kukaNkulunkulu emfihlakalweni efihliweyo uNkulunkulu akumisela ngaphambili kube yinkazimulo yethu, kusukela kwaphakade, 8okungaziwa namunye wababusi balesi sikhathi; ngokuba uma bebekwazi, babengayikuyibethela esiphambanweni iNkosi yenkazimulo; 9kepha kunjengokuba kulotshiwe ukuthi:

“Lokho iso elingakubonanga,

nendlebe engakuzwanga,

okungavelanga enhliziyweni yamuntu,

uNkulunkulu akulungisela abamthandayo.”

10Ngokuba kithina uNkulunkulu ukwambulile ngoMoya; ngokuba uMoya uhlolisisa konke, yebo, nokujulileyo kukaNkulunkulu.

11Ngokuba ngumuphi kubantu owazi okomuntu, uma kungesiye umoya womuntu okuye na? Ngokunjalo nokukaNkulunkulu akwaziwa muntu, kuphela nguMoya kaNkulunkulu. 12Kepha thina asamukelanga umoya wezwe kodwa umoya ovela kuNkulunkulu, ukuze sikwazi esikuphiwe nguNkulunkulu ngomusa, 13esikhuluma ngakho futhi, kungengamazwi afundiswa ngukuhlakanipha kwabantu kodwa afundiswa nguMoya, sichaza okomoya ngokomoya. 14Umuntu wemvelo kakwamukeli okukaMoya kaNkulunkulu, ngokuba kungubuwula kuye; angekuqonde, ngokuba kubonisiswa ngokomoya. 15Kepha ongowomoya ubonisisa konke, kodwa yena kabonisiswa muntu. 16Ngokuba ngubani owake wazi umqondo weNkosi ukuba angaze ayifundise na? Kepha thina sinomqondo kaKristu.

1 kwabaseKorinte 3

Indlela yokulandela abafundisi

1Nami-ke, bazalwane, bengingenakukhuluma kini njengakwabomoya kepha njengakwabenyama, njengakwabayizingane kuKristu. 2Nganiphuzisa ubisi, anganipha ukudla okuqinileyo, ngokuba beningakaqini. Yebo, nakalokhu anikaqini, 3ngokuba niseyibo abenyama. Ngokuba uma kusekhona phakathi kwenu umhawu nokuphikisana, anisibo abenyama, anihambisi okwabantu na? 4Ngokuba nxa omunye ethi: “Mina ngingokaPawulu,” omunye: “Mina ngingoka-Apholo,” anisibo abenyama na?

5Pho, uyini u-Apholo? Uyini uPawulu na? Bayizikhonzi enakholwa ngazo, kwaba yilowo nalowo njengokupha kweNkosi. 6Mina ngatshala, u-Apholo wanisela, kepha uNkulunkulu wakhulisa. 7Njalo-ke notshalayo kalutho, noniselayo kalutho, kodwa uNkulunkulu okhulisayo. 8Otshalayo noniselayo bakunye, kepha yilowo nalowo uyakwamukeliswa owakhe umvuzo ngokomsebenzi wakhe. 9Ngokuba thina siyizisebenzi kanye noNkulunkulu, nina niyinsimu kaNkulunkulu, niyisakhiwo sikaNkulunkulu.

Ukwakha phezu kwesisekelo esiyiso

10Ngokomusa kaNkulunkulu engiwuphiweyo, njengenyanga yokwakha ehlakaniphileyo ngabeka isisekelo, omunye wakha phezu kwaso. Kepha akube yilowo nalowo aqaphele ukuthi wakha kanjani phezu kwaso. 11Ngokuba akakho ongabeka esinye isisekelo, kuphela leso esibekiweyo, esinguJesu Kristu. 12Kepha uma umuntu akha phezu kwaleso sisekelo ngegolide, nesiliva, namatshe anenani, nemithi, notshani, nenhlanga, 13umsebenzi walowo nalowo uyakuvela obala; ngokuba usuku luyakuwudalula, lokhu kwambulwa ngomlilo, nokuthi umsebenzi walowo nalowo unjani, umlilo uqobo uyakukuvivinya lokho. 14Uma umsebenzi womuntu awakhileyo kuso umi, uyakwamukela umvuzo; 15uma umsebenzi womuntu usha, uyakulahlekelwa yiwo; kepha yena uqobo uyakusindiswa, nokho kube kungathi uphuma emlilweni.

16Anazi yini ukuthi niyithempeli likaNkulunkulu nokuthi uMoya kaNkulunkulu uhlala kini na? 17Uma umuntu echitha ithempeli likaNkulunkulu, uNkulunkulu uyakumchitha yena, ngokuba ithempeli likaNkulunkulu lingcwele; niyilo-ke nina.

18Makungabikho ozikhohlisayo; uma umuntu phakathi kwenu ethi uhlakaniphile kulesi sikhathi, akabe yisiwula, ukuze ahlakaniphe. 19Ngokuba ukuhlakanipha kwaleli zwe kungubuwula kuNkulunkulu. Ngokuba kulotshiwe ukuthi: “Ubamba abahlakaniphileyo ebuqilini babo,” 20nokuthi: “INkosi iyazazi izizindlo zabahlakaniphileyo ukuthi ziyize.” 21Ngakho-ke akungabikho ozibongayo ngabantu, ngokuba konke kungokwenu, 22noma uPawulu, noma u-Apholo, noma uKhefase, noma izwe, noma ukuphila, noma ukufa, noma okukhona, noma okuzakuba khona; konke kungokwenu; 23nina-ke ningabakaKristu, uKristu ungokaNkulunkulu.

1 kwabaseKorinte 4

Izikhonzi zikaKristu nabaphathi bezimfihlakalo zikaNkulunkulu

1Umuntu makasazi ukuthi siyizikhonzi zikaKristu nabaphathi bezimfihlakalo zikaNkulunkulu. 2Futhi-ke kufuneka kubaphathi ukuba umuntu afunyanwe ekholekile. 3Kepha kimina kuyinto encane impela ukuba ngahlulelwe yinina noma ngokwahlulela kwabantu; yebo, nami angizahluleli. 4Ngokuba angizinyezi ngalutho ngokwami, nokho angilungisisiwe ngalokho; kepha ongahlulelayo yiNkosi. 5Ngakho-ke ningahluleli lutho singakafiki isikhathi, ingakafiki iNkosi eyakukuveza ekukhanyeni okufihlakeleyo kobumnyama, iveze obala izizindlo zezinhliziyo; lapho-ke yilowo nalowo uyakuthola ukubongwa kuNkulunkulu.

Ukukhukhumala kwabaseKorinte nokuhlupheka kwabaphostoli

6Lokhu-ke, bazalwane, ngikuguqulele kimina naku-Apholo ngokulinganisa ngenxa yenu, ukuze nifunde kithi ukungeqisi kokulotshiweyo ukuba ningakhukhunyezwa, kungabi yilowo akhethe omunye kunomunye. 7Ngokuba ngubani okhetha wena na? Unantoni ongayamukeliswanga na? Kepha uma uyamukelisiwe, uzibongelani kungathi awuyamukeliswanga na?

8Senize nasutha, senize naceba, senabusa ngaphandle kwethu; yebo-ke sengathi ngabe niyabusa, ukuze nathi sibuse kanye nani. 9Ngokuba ngithi kungathi uNkulunkulu usimisile thina baphostoli sibe ngabokugcina, sibe njengabanqunyelwe ukufa; ngokuba senziwe umbukwane wezwe nowezingelosi nowabantu. 10Thina siyiziwula ngenxa kaKristu, kepha nina nihlakaniphile kuKristu; thina sibuthakathaka, kepha nina ninamandla; nina niyadunyiswa, kepha thina siyadunyazwa. 11Kuze kube yisona lesi sikhathi silambile, somile, sihamba ze, siyamuhluzwa, siyimihambima, 12siyakhandleka, sisebenza ngezandla zethu; sithi sithukwa, sibe sibusisa; sithi sizingelwa, sibe sibekezela; 13sithi sihletshwa, sibe siphendula kahle; senziwe kungathi siyinsila yezwe, umphucuzo wezinto zonke kuze kube manje.

14Angikulobi lokho ukuba nginithele amahloni, kodwa ukuba nginiluleke njengabantwana bami abathandekayo. 15Ngokuba noma ninabafundisi abayizinkulungwane eziyishumi kuKristu, nokho oyihlo kababaningi, ngokuba mina nganizala kuKristu Jesu ngevangeli. 16Ngakho-ke ngiyanincenga ukuthi: Yibani abalingisi bami. 17Ngalokho-ke ngithumele kini uThimothewu ongumntanami othandekayo nothembekayo eNkosini, oyakunikhumbuza ngokuhamba kwami okukuKristu, njengokuba ngifundisa ezindaweni zonke emabandleni onke.

18Kepha abanye bakhukhumele ngokungathi angiyikuza kini; 19kodwa ngizakuza kini masinyane, uma iNkosi ivuma, ukuze ngazi, angisho amazwi alaba abakhukhumeleyo kepha amandla abo. 20Ngokuba umbuso kaNkulunkulu awuyi ngezwi kepha ngamandla. 21Pho, nifunani? Ngize kini ngiphethe induku, noma ngize nginothando nomoya omnene na?

1 kwabaseKorinte 1:1-4:21ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli
Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU