Bible Society of South Africa

Bible Reading Plan – Day 315

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

KwabaseRoma 10

AbaJuda bafuna ukulunga ngemisebenzi yomthetho kungengokukholwa, noma ivangeli lishunyayelwe kubo

1Bazalwane, ukulangazela kwenhliziyo yami nokunxusa kwami kuNkulunkulu ngabo kungukuba basindiswe. 2Ngokuba ngiyabafakazela ukuthi bashisekela uNkulunkulu kodwa kungengokuqonda; 3ngokuba bengakwazi ukulunga kukaNkulunkulu, befuna ukumisa okwabo, abakuthobelanga ukulunga kukaNkulunkulu. 4Ngokuba isiphetho somthetho nguKristu, kube ngukulunga kubo bonke abakholwayo. 5Ngokuba uMose uloba ukuthi umuntu owenza ukulunga okuvela emthethweni uyakuphila ngakho. 6Kepha ukulunga okuvela ngokukholwa kusho kuthi: “Ungasho enhliziyweni yakho ukuthi: ‘Ngubani ozakwenyukela ezulwini na?’ okungukuthi ukwehlisa uKristu, 7nokuba: ‘Ngubani ozakwehlela kwalasha na?’ ” okungukuthi ukukhuphula uKristu kwabafileyo. 8Kepha kuthini na? Izwi liseduze nawe, emlonyeni wakho nasenhliziyweni yakho, okungukuthi izwi lokukholwa esilishumayelayo. 9Ngokuba uma uvuma ngomlomo wakho ukuthi uJesu uyiNkosi, ukholwa enhliziyweni yakho ukuthi uNkulunkulu wamvusa kwabafileyo, uyakusindiswa; 10ngokuba umuntu ukholwa ngenhliziyo kube ngukulunga, ngomlomo uyavuma kube ngukusindiswa. 11Ngokuba umbhalo uthi: “Lowo okholwayo akayikujabhiswa.” 12Ngokuba akukho mahluko phakathi komJuda nomGreki, lokhu yena uyiNkosi yabo bonke, ubacebele bonke abakhuleka kuye, 13ngokuba “bonke abayakukhuleka egameni leNkosi bayakusindiswa.”

14Kepha bayakukhuleka kanjani kuye abangakholwanga nguye na? Bayakukholwa kanjani abangezwanga ngaye na? Bayakuzwa kanjani, kungekho oshumayelayo na? 15Bayakushumayela kanjani, uma bengathunywa na? Njengokulotshiweyo ukuthi:

“Yeka, zinhle izinyawo

zabashumayela izindaba ezinhle.”

16Kodwa abalilalelanga bonke ivangeli. Ngokuba u-Isaya uthi: “Nkosi, ngubani owakholwa ngesikuzwileyo na?” 17Ngalokho-ke ukukholwa kuvela ngokuzwa, ukuzwa kuvela ngezwi likaKristu. 18Kepha ngithi: Abezwanga yini na? Yebo, impela:

“Izwi labo liphumele emhlabeni wonke,

nokusho kwabo kuye

nasemikhawulweni yelakhiweyo.”

19Kepha ngithi: U-Israyeli wayengaqondi na? Kuqala, uMose uthi:

“Mina ngiyakunivusela umhawu ngabangesiso isizwe,

nginithukuthelise ngesizwe esingenangqondo.”

20Kepha u-Isaya unesibindi sokuthi:

“Ngafunyanwa yilabo abangangifunanga,

ngabonakala kulabo abangangibuzanga.”

21Kodwa ngo-Israyeli uthi:

“Usuku lonke ngelulela izandla zami

kuso isizwe esingalaleliyo nesiphikayo.”

KwabaseRoma 11

Insali ka-Israyeli yasindiswa

1Ngalokho ngithi: UNkulunkulu usilahlile isizwe sakhe na? Qha nakanye, ngokuba nami ngingumIsrayeli, wenzalo ka-Abrahama, wesizwe sakwaBenjamini. 2UNkulunkulu akasilahlanga isizwe sakhe ayesazi ngaphambili. Kumbe anazi yini ukuthi umbhalo uthini ngo-Eliya ukuba umangalela u-Israyeli kuNkulunkulu ngokuthi: 3“Nkosi, bababulele abaprofethi bakho, badilizile ama-altare akho, mina ngisele ngedwa, sebefuna ukungibulala nami,” na? 4Kepha impendulo kaNkulunkulu ithini kuye na? Ithi: “Ngizishiyele amadoda ayizinkulungwane eziyisikhombisa angaguqanga ngamadolo kuBali.” 5Kanjalo kukhona nangalesi sikhathi samanje insali ngokokukhetha komusa; 6kepha uma kuya ngomusa, akusayi ngemisebenzi; uma kungenjalo, umusa awuseyiwo umusa.

7Kunjani, pho? Lokho u-Israyeli akufunayo akakufumananga, kepha abakhethiweyo bakufumana, abanye benziwa baba lukhuni, 8njengalokho kulotshiwe ukuthi:

“UNkulunkulu wabanika umoya wobuthongo,

amehlo okungaboni,

nezindlebe zokungezwa,

kuze kube lusuku lwanamuhla.”

9NoDavide uthi:

“Itafula labo malibe yisihibe nogibe,

nesikhubekiso nempindiselo kubo,

10kufiphazwe amehlo abo ukuba angaboni,

ugobe umhlane wabo njalo.”

Ngokungakholwa kuka-Israyeli insindiso yafika kwabezizwe

11Ngakho ngithi: Bakhubeka ukuba bawe na? Qha nakanye; kepha ngesiphambeko sabo insindiso ifikile kwabezizwe ukubavusela umhawu. 12Kepha uma isiphambeko sabo siyingcebo yezwe, nokuncipha kwabo kuyingcebo yabezizwe, pho, kakhulu kangakanani ukuphelela kwabo.

13Ngikhuluma kini nina bezizwe. Njengokuba mina ngingumphostoli wabezizwe, ngidumisa ukukhonza kwami 14ukuba mhlawumbe ngingabavusela umhawu abenyama yami, ngisindise abanye kubo. 15Ngokuba uma ukulahlwa kwabo kungukubuyiswa kwezwe, ukwamukelwa kwabo kungaba yini, uma kungesikho ukuphila kwabafileyo na? 16Uma ulibo lungcwele, nenhlama injalo; uma impande ingcwele, namagatsha anjalo.

17Kepha uma kwaphulwa amanye amagatsha, wena-ke ongumnqumo wasendle wafakelwa phakathi kwawo, wahlanganyela nawo impande yamafutha yomnqumo, 18ungazigabisi phezu kwamagatsha; kepha uma uzigabisa, akusuwe othwele impande, kepha yimpande ethwele wena. 19Uzakuthi-ke wena: “Amagatsha aphulwa ukuba mina ngifakelwe.” 20Kulungile; aphulwa ngokungakholwa, wena-ke umi ngokukholwa. Ungazikhukhumezi, kepha yesaba; 21ngokuba uma uNkulunkulu engayekanga amagatsha emvelo, nawe angeze akuyeka.

22Bheka-ke ububele nobukhali bukaNkulunkulu; ubukhali kulabo abawayo kepha kuwe ububele bukaNkulunkulu, uma uhlala ebubeleni; uma kungenjalo, uzakunqunywa nawe. 23Nalabo uma bengahlali ekungakholweni, bayakufakelwa, ngokuba uNkulunkulu unamandla okubafakela futhi. 24Ngokuba uma wena wanqunywa emnqumweni ongowasendle ngemvelo, wafakelwa emnqumweni omuhle ngokuphambene nemvelo, ikakhulu labo abangabemvelo bayakufakelwa emnqumweni wakubo.

Ngokukholwa kwabezizwe abakwa-Israyeli bayakubuyiswa

25Ngokuba angithandi, bazalwane, ukuba ningayazi le mfihlakalo, funa nizishaye abahlakaniphileyo, ukuthi inxenye ka-Israyeli yehlelwe ngubulukhuni, kuze kungene abezizwe ngokupheleleyo; 26kanjalo u-Israyeli wonke uyakusindiswa, njengalokho kulotshiwe ukuthi:

“Kuyakuvela eSiyoni uMhlangulisi,

asuse ukungalungi kuJakobe.

27Yilesi isivumelwano sami nabo,

lapho ngisusa izono zabo.”

28Ngokwevangeli bayizitha ngenxa yenu, kepha ngokukhethwa bangabathandiweyo ngenxa yawokhokho, 29ngokuba izipho zomusa nokubiza kukaNkulunkulu akaguquki kukho. 30Ngokuba njengalokho nina kade ningamlaleli uNkulunkulu, kepha manje nihawukelwe ngenxa yokungalaleli kwabo, 31kanjalo nalaba kalokhu abalalelanga, ukuze ngomusa enenzelwe wona nabo bahawukelwe manje. 32Ngokuba uNkulunkulu ubavalele bonke ekungalalelini ukuze abahawukele bonke. 33Yeka ukujula kwengcebo, nokuhlakanipha, nokwazi kukaNkulunkulu! Yeka izahlulelo zakhe ezingaphenyekiyo, nezindlela zakhe ezingaqondakaliyo! 34Ngokuba

“ngubani owawazi umqondo weNkosi na?

Nokuba ngubani owaba ngumeluleki wayo na?”

35Noma

“ngubani owaqala ukuyipha

ukuba kubuyiselwe kuye na?”

36Ngokuba konke kuvela kuye, kukhona ngaye, kuya kuye; makube kuye inkazimulo kuze kube phakade. Amen.

KwabaseRoma 12

Ukuhamba okungcwele

1Ngakho ngiyanincenga, bazalwane, ngobubele bukaNkulunkulu ukuba ninikele imizimba yenu ibe ngumnikelo ophilileyo, ongcwele, othandeka kuNkulunkulu, kube ngukukhonza kwenu kokuqonda; 2ningalingisi leli zwe, kodwa niguqulwe isimo ngokwenziwa ibe ntsha ingqondo yenu, ukuze nibe nokuhlolisisa okuyintando kaNkulunkulu, okuhle, nokuthandekayo, nokupheleleyo.

Ukuthobeka

3Ngokuba ngomusa engiwuphiweyo ngisho kulowo nalowo phakathi kwenu ukuthi angacabangi athi mkhulu kunalokho afanele ukukucabanga, kodwa acabange kube ngokuqonda, njengalokho uNkulunkulu abele lowo nalowo isilinganiso sokukholwa. 4Ngokuba njengalokhu sinezitho eziningi emzimbeni munye, kepha izitho zonke azinamsebenzi munye, 5kanjalo thina esibaningi simzimba munye kuKristu, kepha ngabanye siyizitho, omunye esomunye. 6Sinezipho zomusa ezahlukileyo ngokomusa esiwuphiweyo; uma singesokuprofetha, asiprofethe ngesilinganiso sokukholwa; 7uma singesokukhonza, kube senkonzweni; ofundisayo, kube sekufundiseni, 8oyalayo, ekuyaleni; owabayo, enze ngobuqotho; oholayo, ngenkuthalo; ohawukelayo, ngentokozo.

Uthando nokuphathana kahle

9Uthando malungabi nakuzenzisa; nenyanye okubi, nibambelele kokuhle; 10thandanani ngenhliziyo ngothando lobuzalwane; ekwazisaneni nandulelane; 11ekukhuthaleni ningenqeni, nivuthe emoyeni, nikhonze iNkosi; 12ethembeni nithokoze; osizini nibekezele; ekukhulekeni niqinisele njalo; 13hlanganyelani nabangcwele ekusweleni kwabo, nikhuthalele ukungenisa izihambi.

14Babusiseni abanizingelayo; busisani, ningaqalekisi. 15Thokozani nabathokozayo, nikhale nabakhalayo. 16Manibe nhliziyonye; ningazindli okuphakemeyo, kodwa yaneliswani ngokuphansi. Ningazishayi abahlakaniphileyo.

17Ningaphindiseli muntu okubi ngokubi; nakani okuhle phambi kwabantu bonke; 18uma kungenzeka, ngokwenu hlalisanani ngokuthula nabantu bonke; 19ningaziphindiseli nina bathandwa, kodwa dedelani ulaka, ngokuba kulotshiwe ukuthi: “Ngokwami ukuphindisela, ngiyakubuyisela mina,” isho iNkosi. 20Kepha:

“Uma isitha sakho silambile, siphe sidle;

uma somile, siphuzise,

ngokuba ngokwenza lokho

uyakube ufumbela amalahle avuthayo ekhanda laso.”

21Unganqotshwa ngokubi, kodwa nqoba okubi ngokuhle.

KwabaseRoma 10:1-12:21ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli
Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU