Bible Society of South Africa

Bible Reading Plan – Day 308

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

KwabaseGalathiya 4

NgoKristu sithola ukuba sibe ngabantwana bakaNkulunkulu

1Kepha ngithi ngesikhathi indlalifa iseyingane, kayahlukile ngalutho encekwini, ingani iyinkosi yakho konke; 2kodwa iphansi kwabaphathi nababonisi, kuze kube yisikhathi esamiswa nguyise ngaphambili. 3Kanjalo nathi, lapho siseyizingane, sasisebugqileni phansi kwezifundiso zobungane zezwe; 4kepha lapho sekufikile ukuphelela kwesikhathi, uNkulunkulu wathuma iNdodana yakhe, izelwe ngowesifazane, izelwe phansi komthetho, 5ukuze ihlenge abaphansi komthetho ukuba samukele ukuma kwamadodana. 6Lokhu ningamadodana, uNkulunkulu uthumile uMoya weNdodana yakhe ezinhliziyweni zenu omemeza ethi: “Aba, Baba!” 7Njalo-ke awuseyiyo inceku, kepha usuyindodana; kepha uma uyindodana, uyindlalifa futhi ngaye uNkulunkulu.

8Kepha ngaleso sikhathi ningamazi uNkulunkulu naniyizigqila phansi kwalabo abangesibo onkulunkulu ngemvelo; 9kepha manje, njengalokhu senimazi uNkulunkulu, yebo, phezu kwalokho, niyaziwa nguNkulunkulu, kukanjani ukuba nibuyele ezifundisweni zobungane ezilulana nezingelutho, enithanda ukuphinda nibe yizigqila zazo na? 10Nigcina izinsuku, nezinyanga, nezikhathi, neminyaka. 11Nginovalo ngani ukuthi mhlawumbe nginihluphekele ngeze.

12Yibani njengami, ngokuba nami nginjengani; bazalwane, ngiyanincenga. Aningonanga ngalutho; 13kepha niyazi ukuthi kwaba ngenxa yobuthakathaka benyama ukuba ngishumayele ivangeli kini okokuqala, 14nokulingwa kwenu ngenyama yami anikudelelanga, aninengwanga yikho, kodwa nangamukela ngokungathi ngiyingelosi kaNkulunkulu, ngokungathi nginguKristu Jesu. 15Pho, sekwayaphi ukuzihalalisela kwenu na? Ngokuba ngiyanifakazela ngokuthi, uma kwakungenzeka, nanizakukhipha amehlo enu, ninginike wona. 16Konje sengaba yisitha kini ngokunishumayeza iqiniso na?

17Banishisekela ngokungekuhle, yebo, bafuna ukunivalela ngaphandle, ukuze nishisekele bona. 18Kepha kuhle ukushisekelelwa ngento enhle njalonjalo, kungabi nxa ngikhona kini kuphela, 19bantwana bami, enginemihelo futhi ngani, uKristu aze abunjwe phakathi kini; 20kepha bengingathanda ngibe khona kini manje, ngiguqule izwi lami, ngokuba ngididekile ngani.

OSara noHagari bayimifanekiso yezivumelwano ezimbili

21Ngitsheleni nina enithanda ukuba phansi komthetho, aniwuzwa yini umthetho na? 22Ngokuba kulotshiwe ukuthi u-Abrahama wayenamadodana amabili, enye kuso isigqilakazi nenye kokhululekileyo. 23Kodwa eyesigqilakazi izelwe ngokwenyama, kepha eyokhululekileyo izelwe ngesithembiso.

24Lokhu kungukufanekisa; ngokuba laba bayizivumelwano ezimbili, esinye ngesasentabeni yaseSinayi, esizalela ubugqila, esinguHagari. 25Kepha uHagari lo uyintaba yaseSinayi e-Arabiya, eqondene neJerusalema lakalokhu, ngokuba lisebugqileni nabantwana balo. 26Kepha iJerusalema eliphezulu likhululekile, lona lingumame wethu. 27Ngokuba kulotshiwe ukuthi:

“Thokoza wena nyumba ongazaliyo;

mpompoloza wena ongenamihelo;

ngokuba abantwana boyisikhwebu baningi

kunabakhe onendoda.”

28Kepha nina bazalwane, njengo-Isaka ningabantwana besithembiso. 29Kepha njengakuleso sikhathi owazalwa ngokwenyama wazingela owazalwa ngokoMoya, kunjalo-ke namanje. 30Kodwa umbhalo uthini na? Uthi: “Xosha isigqilakazi nendodana yaso, ngokuba indodana yesigqilakazi ayisoze yalidla ifa kanye nendodana yokhululekileyo.” 31Ngakho-ke, bazalwane, asisibo abantwana besigqilakazi, singabokhululekileyo.

KwabaseGalathiya 5

Isiyalezo sokuphatha kahle inkululeko engobuKristu

1UKristu wasikhulula ukuba sibe nenkululeko; ngakho-ke yimani niqine, ningabe nisaboshelwa ejokeni lobugqila. 2Bhekani, mina Pawulu ngithi kini, uma nisoka, uKristu kayikunisiza ngalutho. 3Ngiyaphinda ngiqinisa kumuntu wonke osokayo ukuthi unecala lokugcina umthetho wonke. 4Nahlukene noKristu nina nonke enifuna ukulungisiswa ngomthetho; niwile emseni. 5Ngokuba thina ngaye uMoya sihlalela ithemba lokulungisiswa ngokukholwa. 6Ngokuba kuKristu Jesu akusizi lutho ukusoka nokungasoki, kepha kuphela ukukholwa okusebenza ngothando.

7Benigijima kahle; pho, nithiywe ngubani ukuba ningalaleli iqiniso na? 8Lokho kuyenga akuveli konibizayo. 9Imvubelo eyingcosana ibilisa inhlama yonke. 10Nginethemba ngani eNkosini ukuthi aniyikuba nawo omunye umqondo; kepha onikhathazayo uyakuthwala ukwahlulelwa kwakhe, noma engubani. 11Kepha mina, bazalwane, uma ngisashumayela ukusoka, ngisazingelelwani na? Ngabe siphelile isikhubekiso sesiphambano. 12Sengathi bangazihuna abaninyakazisayo.

Imisebenzi yenyama nezithelo zikaMoya

13Ngokuba nina bazalwane nabizelwa ekukhululekeni. Kuphela ningakwenzi ukukhululeka kube yithuba enyameni, kepha khonzanani ngothando. 14Ngokuba umthetho wonke ugcwalisiwe ezwini linye lokuthi: “Wothanda umakhelwane wakho njengokuba uzithanda wena.” 15Kepha uma nilumana, nidlana, qaphelani ukuba ningaqedani.

16Kepha ngithi: Hambani ngoMoya, khona aniyikufeza izinkanuko zenyama. 17Ngokuba inyama ikhanuka okuphambene noMoya, kepha uMoya ukhanuka okuphambene nenyama; ngokuba lezi zinto ziyamelana, ukuze ningenzi lokho enikuthandayo. 18Kepha uma niholwa nguMoya, aniphansi komthetho.

19Kepha imisebenzi yenyama isobala, engukuthi: ubufebe, nokungcola, namanyala, 20nokukhonza izithombe, nokuthakatha, nobutha, nokulwa, nomona, nokuthukuthela, nokubanga, nokwalana, nokwahlukana, 21nomhawu, nokudakwa, nokuxokozela, nokunjalo engandulela ukunitshela ngakho, njengokuba senganitshela ukuthi abenza okunje abayikulidla ifa lombuso kaNkulunkulu.

22Kepha izithelo zikaMoya ziluthando, nokujabula, nokuthula, nokubekezela, nobubele, nobuvi, nokukholeka, 23nobumnene, nokuzithiba. Akukho mthetho omelana nokunjalo. 24Kepha abakaKristu Jesu babethele esiphambanweni inyama kanye nokuhuheka nezinkanuko. 25Uma siphila ngoMoya, masihambe futhi ngoMoya. 26Masingafuni udumo oluze, siqalana, sifelane umhawu.

KwabaseGalathiya 6

Iziyalezo zokugcina

1Bazalwane, uma umuntu ehlelwa yisiphambeko, nina bomoya mbuyiseni onjalo ngomoya wobumnene; uzibheke wena, funa uyengwe nawe. 2Thwalisanani imithwalo yenu, nigcwalise kanjalo umthetho kaKristu. 3Ngokuba uma umuntu ezishaya utho, engelutho, uyazikhohlisa. 4Kepha makube yilowo nalowo ahlole owakhe umsebenzi, yikhona eyakuba nokubongwa ngokungokwakhe yedwa, kungengokomunye, 5ngokuba yilowo nalowo uyakuthwala owakhe umthwalo.

6Kepha yena ofundiswa izwi makahlanganyele nalowo omfundisayo kuzo zonke izinto ezinhle.

7Ningaduki; uNkulunkulu akahlekwa. Ngokuba lokho akuhlwanyelayo umuntu, lokho wokuvuna. 8Ngokuba ohlwanyelela inyama yakhe uyakuvuna ukubhubha kuyo inyama; kepha ohlwanyelela uMoya uyakuvuna ukuphila okuphakade kuMoya. 9Kepha masingakhathali ekwenzeni okuhle, ngokuba siyakuvuna ngesikhathi esifaneleyo, uma singadangali. 10Ngakho-ke njengokuba sinethuba, asenze okuhle kubo bonke, kepha ikakhulu kwabendlu yokukholwa.

Isigcino

11Ake nibone ukuloba okungaka enginilobele ngakho ngesami isandla.

12Bonke abafuna ukubukeka enyameni, yibona abaniphoqela ukusoka, kuphela ukuba bangayikuzingelwa ngenxa yesiphambano sikaKristu. 13Ngokuba ngisho bona abasokayo nabo kabawugcini umthetho, kodwa bathanda ukuba nisoke, ukuze bazibonge ngenyama yenu. 14Kepha kimi makungabikho nakanye ukuzibonga, kuphela ngesiphambano seNkosi yethu uJesu Kristu, okubethelwe ngaye izwe kimi nami kulo izwe. 15Ngokuba nakusoka nakungasoki akulutho, isidalwa esisha kuphela. 16Bonke abahamba ngale ndlela makube kubo ukuthula nesihawu, yebo, ku-Israyeli kaNkulunkulu.

17Mangingabe ngisakhathazwa muntu, ngokuba ngiphethe emzimbeni wami izimpawu zikaJesu.

18Umusa weNkosi yethu uJesu Kristu mawube nomoya wenu, bazalwane. Amen.

KwabaseGalathiya 4:1-6:18ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli
Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU