Bible Society of South Africa

Bible Reading Plan – Day 309

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

1 kwabaseThesalonika 1

Isibingelelo

1OPawulu, noSilvanu, noThimothewu kulo ibandla labaseThesalonika elikuNkulunkulu uBaba, naseNkosini uJesu Kristu: Makube kini umusa nokuthula.

UPawulu ubonga ukuqala kwabo okuhle ekukholweni; wethemba ukukhethwa kwabo ngevangeli eliqinisileyo abalamukele

2Sibonga uNkulunkulu njalo ngani nonke, siniphatha emikhulekweni yethu, 3sikhumbula ngokungayeki isenzo senu sokukholwa, nomsebenzi wothando, nokukhuthazela kwethemba lenu eliseNkosini yethu uJesu Kristu phambi kukaNkulunkulu noBaba wethu, 4sikwazi, bazalwane abathandiwe nguNkulunkulu, ukukhethwa kwenu 5ukuthi ivangeli lethu alizanga kini ngezwi kuphela kodwa nangamandla, nangoMoya oNgcwele, nangokwethemba okukhulu, njengokuba nazi ukuthi saba ngabantu abanjani phakathi kwenu ngenxa yenu. 6Nani naba ngabalingisi bethu, nabeNkosi senilamukele izwi ekukhathazekeni okukhulu ngokuthokoza kukaMoya oNgcwele, 7naze naba yisibonelo kubo bonke abakholwayo eMakedoniya nase-Akhaya. 8Ngokuba udumo lwezwi leNkosi lwaphuma kinina, lwafika, angisho eMakedoniya nase-Akhaya kuphela, kepha ezindaweni zonke lapho ukukholwa kwenu nguNkulunkulu kuphumele khona; ngakho asisadingi ukukhuluma lutho. 9Ngokuba bona uqobo balanda ngathi ukuthi kwaba njani ukungena kwethu kinina nokuthi naphendukela kanjani kuNkulunkulu, nishiya izithombe, ukuba nikhonze uNkulunkulu ophilayo oweqiniso, 10nilindele iNdodana yakhe ivela ezulwini, ayivusa kwabafileyo, uJesu osihlangulisa olakeni oluzayo.

1 kwabaseThesalonika 2

UPawulu ubakhumbuza ngokuhamba kwakhe okuhle phakathi kwabo

1Ngokuba niyazi nina bazalwane ukuthi ukungena kwethu kinina akubanga yize. 2Kepha noma sasihlushiwe kuqala saphathwa kabi eFilipi, njengokuba nazi, saba nesibindi kuNkulunkulu wethu sokunishumayeza ivangeli likaNkulunkulu ngokulwa okukhulu. 3Ngokuba ukuyala kwethu akusikho okokuduka nokokungcola nangenkohliso, 4kepha njengokuba sivunyiwe nguNkulunkulu ukuba siphathiswe ivangeli, siyakhuluma ngokunjalo, singenzeli ukuthokozisa abantu kepha uNkulunkulu ovivinya izinhliziyo zethu. 5Ngokuba asizange sibe namazwi okuthopha, njengokuba nazi; asizange futhi sibe nobuqili bokufisa, uNkulunkulu ungufakazi, 6singafunanga nokutuswa ngabantu, nakinina nakwabanye, 7ingani sasingaba namandla okunisinda njengabaphostoli bakaKristu, nokho saba mnene phakathi kwenu njengokuba umdlezane ondla abantwana bakhe. 8Ngokunjalo lokhu besinilangazelele, sasifuna ukuninika kungesilo ivangeli likaNkulunkulu kuphela, kepha nokuphila kwethu uqobo, ngokuba nase ningabathandekayo kithina. 9Ngokuba niyakhumbula, bazalwane, ukukhandleka nokushikashikeka kwethu; sisebenza ubusuku nemini, ukuze singasindi noyedwa kinina, sanishumayeza ivangeli likaNkulunkulu.

10Nina ningofakazi, naye uNkulunkulu, bokuthi sahlala kanjani phakathi kwenu nina enikholwayo ngobungcwele, nangokulunga, nangokungasoleki, 11njengokuba nazi ukuthi saniphatha abanye ngabanye njengoyise ephatha abantwana bakhe, 12siniyala, sinimisa isibindi, sifakazela ukuba nihambe ngokufaneleyo phambi kukaNkulunkulu onibizela embusweni nasebukhosini bakhe.

UPawulu ulanda ngezinhlupheko zabo zokuzingelwa ngenxa yokukholwa

13Ngalokho nathi sibonga uNkulunkulu singaphezi, ngokuba, kuthe lapho namukela izwi likaNkulunkulu enalizwa ngathi, anilamukelanga njengezwi labantu kepha njengezwi likaNkulunkulu, njengokuba liyilo isibili, elona lisebenza futhi phakathi kwenu nina enikholwayo. 14Ngokuba nina bazalwane naba ngabalingisi bamabandla kaNkulunkulu aseJudiya akuKristu Jesu, ngokuba nani nahlushwa ngabesizwe sakini, njengalokho nawo ahlushwa ngabaJuda 15ababulala neNkosi uJesu nabaprofethi, basixosha nathi, bengamthokozisi uNkulunkulu, bemelana nabantu bonke, 16besivimbela ukukhuluma nabezizwe ukuba basindiswe, ukuze bagcwalise njalo izono zabo; kepha ulaka selufinyelele phezu kwabo ngokupheleleyo.

Uthando lukaPawulu aluguqukile

17Kepha thina, bazalwane, lokhu besahlukanisiwe nani isikhashana ngobuso kungenganhliziyo, kwaba yikhona sikhuthalela kakhulu ukubona ubuso benu ngokunxanela okukhulu. 18Ngakho besithanda ukuza kinina, mina Pawulu ngokwami kanye nakabili, kepha uSathane wasivimbela. 19Ngokuba liyini ithemba lethu, nokuthokoza, nomqhele wokuzibonga phambi kweNkosi yethu uJesu Kristu ekufikeni kwakhe, kungeyinina na? 20Ngokuba nina niludumo lwethu nokuthokoza kwethu.

1 kwabaseThesalonika 3

Ngothando lwakhe olukhulu uPawulu wabathumela uThimothewu

1Ngalokho kwathi singasenakubekezela, sathi kuhle ukuba sisale sodwa e-Athene, 2sathuma uThimothewu umzalwane wethu, isikhonzi sikaNkulunkulu evangelini likaKristu, ukuba aniqinise, anivuse maqondana nokukholwa kwenu 3ukuba kunganyakaziswa muntu ngalezo zinhlupheko; ngokuba niyazi nina ukuthi simiselwe lokho. 4Ngokuba kuthe sisekhona kini, sanitshela ngaphambili ukuthi siyakuhlushwa, njengokuba kwaba njalo, nani nikwazi. 5Ngalokho nami, lapho ngingasenakubekezela, ngathumela ukuba ngiqonde ukukholwa kwenu, ingabe mhlawumbe umlingi unilingile yini, ukukhandleka kwethu kube yize.

Esebuyile uThimothewu, uPawulu uyathokoza; uyabakhulekela

6Kepha kalokhu uThimothewu esefikile kithi evela kini, esibikela izindaba ezinhle zokukholwa nothando lwenu, nokuthi nisikhumbula kahle njalo, nokuthi nilangazelela ukusibona, njengokuba nathi silangazelela ukubona nina, 7ngalokho, bazalwane, saduduzeka ngani ngokukholwa kwenu ekusweleni nasosizini lwethu lonke, 8ngokuba kalokhu siyaphila, uma nina nimi niqinile eNkosini. 9Ngokuba ngukubonga okunjani esingakubuyisela kuNkulunkulu ngani ngokuthokoza konke esithokoza ngakho ngenxa yenu phambi kukaNkulunkulu wethu na? 10Ubusuku nemini sinxusa nokunxusa ukuba sibone ubuso benu, siphelelise okusileleyo ekukholweni kwenu.

11Sengathi uNkulunkulu noBaba wethu uqobo neNkosi yethu uJesu angayiqondisa indlela yethu yokuza kini, 12iNkosi ininike ukwanda nokuchichima othandweni, omumye komunye nakubo bonke, njengokuba sinjalo kinina, 13ukuze iqinise izinhliziyo zenu, zingabi nakusoleka ebungcweleni phambi kukaNkulunkulu noBaba wethu ekufikeni kweNkosi yethu uJesu kanye nabangcwele bakhe bonke.

1 kwabaseThesalonika 4

UPawulu ubayala ukuba bangcweliswe, bayeke ubufebe, bathandanise okwabazalwane

1Elokugcina-ke, bazalwane, siyaninxusa, siyaniyala ngeNkosi uJesu ukuba njengalokho nakwamukela kithi ukuthi nifanele ukuhamba nokumthokozisa kanjani uNkulunkulu, njengalokho nihamba kanjalo, manivame kakhulu kulokho. 2Ngokuba niyayazi imiyalo esaninika yona ngayo iNkosi uJesu.

3Ngokuba lokhu kuyintando kaNkulunkulu, ukungcweliswa kwenu, ukuba nidede ebufebeni 4ukuba yilowo nalowo kini akwazi ukuhlala nomkakhe ngobungcwele nangokuhlonipha, 5kungabi ngokushisa kwenkanuko njengabezizwe abangamazi uNkulunkulu 6ukuba kungabikho noyedwa omonayo, aphambe umfowabo ngento, ngokuba iNkosi ingumphindiseli kukho konke lokho, njengokuba sanitshela phambili, saqinisa. 7Ngokuba uNkulunkulu kasibizelanga amanyala, kepha wasibizela ebungcweleni. 8Ngakho-ke owalayo akali umuntu, kepha wala uNkulunkulu, yena oninika uMoya wakhe oNgcwele.

9Kepha maqondana nothando lobuzalwane anisweli ukuba umuntu anilobele, ngokuba nina uqobo ningabafundisiwe nguNkulunkulu ukuba nithandane; 10nempela niyakwenza lokho kubo bonke abazalwane abaseMakedoniya lonke. Kepha siyaniyala, bazalwane, ukuba nivame nokuvama kulokho, 11nikhuthalele ukuhlala ngokuthula, nokwenza okwenu, nokusebenza ngezandla zenu, njengokuba saniyala, 12ukuze nihambe ngokufaneleyo kwabangaphandle, ningasweli lutho.

Ukuvuka kwabafileyo

13Kepha asithandi, bazalwane, ukuba ningabi nakwazi ngabalalayo, ukuze ningadabuki njengabanye abangenalo ithemba. 14Ngokuba uma sikholwa ukuthi uJesu wafa, wavuka, ngokunjalo-ke uNkulunkulu uyakubaletha nabaleleyo kuJesu kanye naye. 15Ngokuba lokho sikusho kini ngezwi leNkosi ukuthi thina, esisekhona sisasele kuze kube sekufikeni kweNkosi, asiyikubandulela nempela abaleleyo, 16ngokuba iNkosi uqobo iyakwehla ezulwini ngezwi lenhlokomo, ngephimbo lengelosi enkulu nangecilongo likaNkulunkulu, nabafileyo kuKristu bayakuvuka kuqala, 17khona thina, esisekhona sisasele siyakuhlwithwa kanye nabo emafwini, sihlangabeze iNkosi emoyeni; kanjalo-ke siyakuba nayo iNkosi njalo. 18Ngakho-ke duduzanani ngalawo mazwi.

1 kwabaseThesalonika 5

Usuku lweNkosi kalwaziwa. Amakholwa kahlale elulindele kanye nensindiso

1Kepha ngezikhathi nangemizuzu, bazalwane, anisweli ukulotshelwa, 2ngokuba nina uqobo niyazi kahle ukuthi usuku lweNkosi luza njengesela ebusuku. 3Nxa bethi: “Ngukuthula nokuhlala kahle,” khona ukubhujiswa kuyabazuma njengemihelo ifikela okhulelweyo, abasoze baphunyuka.

4Kepha nina bazalwane anikho ebumnyameni, ukuze lolo suku lunifice njengesela, 5ngokuba nina nonke ningabantwana bokukhanya, ningabantwana bemini. Asisibo abobusuku noma abobumnyama; 6ngalokho-ke masingalali njengabanye, kodwa masiqwashe, siqonde. 7Ngokuba abalalayo balala ebusuku, nabadakwayo badakwa ebusuku; 8kepha thina esingabemini masiqonde, sifake isivikelo sesifuba sokukholwa nesothando, isigqoko sibe yithemba lokusindiswa; 9ngokuba uNkulunkulu kasimiselanga ulaka kepha ukuba sizuze ukusindiswa ngeNkosi yethu uJesu Kristu 10owasifelayo ukuba, noma siqwashile noma silele, siphile kanye naye. 11Ngalokho-ke vuselelanani, nakhane njengokuba futhi nikwenza.

Mabazise abaholi babo, balulekane

12Kepha siyanincenga, bazalwane, ukuba nibazi abakhandlekayo phakathi kwenu, nabaniphetheyo eNkosini, nabanilulekayo, 13nibazisise kakhulu othandweni ngenxa yomsebenzi wabo. Hlalisanani ngokuthula. 14Kepha siyaniyala, bazalwane, ukuba niluleke abangahambi ngomthetho, nithokozise abadanileyo, nisekele ababuthakathaka, nibabekezelele bonke. 15Qaphelani ukuba kungabikho ophindisela omunye okubi ngokubi; kepha jongani njalo ukwenza okuhle, omunye komunye nakubo bonke.

16Thokozani njalo; 17khulekani ningaphezi; 18kukho konke bongani; ngokuba lokhu kuyintando kaNkulunkulu kuKristu Jesu ngani. 19Ningamcimi uMoya; 20ningakudeleli ukuprofetha; 21vivinyani konke, nibambisise okuhle; 22dedani kukho konke okubonakala kukubi.

Isigcino

23Kepha uNkulunkulu wokuthula, yena uqobo, makaningcwelise ngokupheleleyo, kulondolozwe umoya wenu wonke nomphefumulo nomzimba, kungabi nacala ekufikeni kweNkosi yethu uJesu Kristu. 24Uthembekile yena onibizayo, oyakukwenza futhi.

25Bazalwane, sikhulekeleni. 26Khonzani kubazalwane bonke ngokwanga okungcwele. 27Ngiyanifungisa iNkosi ukuba le ncwadi ifundwe kubo bonke abazalwane.

28Umusa weNkosi yethu uJesu Kristu mawube nani.

1 kwabaseThesalonika 1:1-5:28ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli
Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU