Bible Society of South Africa

Bible Reading Plan – Day 307

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

KwabaseGalathiya 1

Isibingelelo

1UPawulu, umphostoli ongaveli kubantu noma ngomuntu, kodwa ngoJesu Kristu noNkulunkulu uYise owamvusa kwabafileyo, 2nabazalwane bonke abanami kuwo amabandla aseGalathiya:

3Makube kini umusa nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba wethu naseNkosini yethu uJesu Kristu 4owazinikela ngenxa yezono zethu, ukuze asophule kuleli zwe elibi lamanje ngokwentando kaNkulunkulu uBaba wethu; 5makube kuye udumo kuze kube phakade. Amen.

Ukuhlubuka kwabaseGalathiya kulo ivangeli eliyilo

6Ngiyamangala ngokuba nimhlubuka masinya kangaka yena owanibizela emuseni kaKristu, niye kwelinye ivangeli, 7elingesilo elinye, kuphela ukuba bakhona abanididayo, bethanda ukuphendukezela ivangeli likaKristu. 8Kepha-ke noma kungaba yithina noma ingelosi evela ezulwini enishumayeza ivangeli eliphambene nalelo esanishumayeza lona, makabe ngoqalekisiweyo. 9Njengalokho sesishilo, ngisaphinda nakalokhu, ngithi: Uma umuntu enishumayeza ivangeli eliphambene nalelo enalamukelayo, makabe ngoqalekisiweyo.

UPawulu wathola ubuphostoli kuNkulunkulu

10Ngokuba manje ngizincengela kubantu noma kuNkulunkulu na? Kukho, ngifuna ukuzikholekisa kubantu yini? Uma bengisazikholekisa kubantu, kungaba angisiyo inceku kaKristu.

11Ngokuba ngiyanazisa, bazalwane, ukuba ivangeli elishunyayelwe yimina alisilo elingokwabantu. 12Ngokuba nami angilamukeliswanga ngumuntu, futhi angilifundiswanga, kepha ngilithole ngokwambulelwa nguJesu Kristu.

13Nizwile phela lokhu ngenkambo yami yakuqala ebuJudeni ukuthi ngalizingela kakhulu ibandla likaNkulunkulu, ngalichitha, 14futhi ebuJudeni ngabadlula abaningi abayintanga yami kwabakithi, ngishisekela kakhulu kunabo amasiko awokhokho. 15Kepha-ke mhla kwaba kuhle kuNkulunkulu owangahlukanisela kwasesiswini sikamame, wangibiza ngomusa wakhe 16ukuba ayambule iNdodana yakhe kimi, ukuze ngiyishumayele phakathi kwabezizwe, khona lapho angibuzananga nenyama negazi, 17futhi angenyukelanga eJerusalema kubona ababe ngabaphostoli ngaphambi kwami, kodwa ngamuka ngaya e-Arabiya, ngaphinda ngabuyela eDamaseku.

18Kwathi emva kweminyaka emithathu ngenyukela eJerusalema ukubona uKhefase; ngahlala kuye izinsuku eziyishumi nanhlanu. 19Kepha angibonanga omunye wabaphostoli, kuphela uJakobe umnawe weNkosi. 20Kulokhu-ke enginilobela khona bhekani, phambi kukaNkulunkulu, angiqambi amanga. 21Emva kwalokho ngeza emazweni aseSiriya naseKhilikhiya. 22Ngangisengongaziwayo ngobuso emabandleni aseJudiya akuKristu, 23abesezwile nje ukuthi: “Lowo okade esizingela useshumayela ukukholwa akade ekuchitha.” 24Ayesedumisa uNkulunkulu ngami.

KwabaseGalathiya 2

Ivangeli elishunyayelwa nguPawulu lamukelwa ngabaphostoli baseJerusalema

1Kwathi emva kweminyaka eyishumi nane ngabuye ngenyukela eJerusalema kanye noBarnaba, ngithatha noThithu futhi. 2Kepha ngenyukela ngambulelwe; ngabalandisa ivangeli engilishumayela phakathi kwabezizwe, kepha phambi kwabadumileyo bebodwa, funa mhlawumbe kungaba ngukuthi ngigijimela ize, noma sengagijimela ize. 3Kepha ngisho noThithu owayenami engumGreki kaphoqwanga ukuba asoke. 4Kepha kwaba ngenxa yabazalwane bamanga abangeniswa ngasese, abangena ngokunyenya, bezakuhlola ukukhululeka kwethu esinakho kuKristu Jesu, ukuze basenze izigqila, 5esingabahlehlelanga nasikhashana ngokubathobela, ukuze iqiniso levangeli lime njalo kinina.

6Kepha kwabadumile ngokuthi bayinto – nokuba babe yini, akulutho kimi; uNkulunkulu akakhethi ubuso bamuntu – ngokuba kimi abadumileyo abenezelanga lutho. 7Kepha kunalokho, lapho bebona ukuthi ngithenjiwe ngevangeli kwabangasokiyo njengoPetru kwabasokayo, 8ngokuba yena owanika uPetru amandla ukuba abe ngumphostoli wabasokayo wanginika nami amandla ukuba ngibe ngumphostoli wabezizwe, 9bathi ukubona umusa engiwuphiweyo, oJakobe noKhefase noJohane, ababaziswa ngokuthi bayizinsika, banika mina noBarnaba isandla sokunene sokuhlangana ukuba thina siye kwabezizwe, kepha bona baye kwabasokayo, 10kuphela ukuba sikhumbule abampofu, eyonanto nami ebengikhuthalele ukuyenza.

UPawulu walwela ivangeli emelene noPetru e-Antiyokiya

11Kepha ekufikeni kukaKhefase e-Antiyokiya ngamelana naye ubuso nobuso, ngokuba wayenecala. 12Ngokuba bengakafiki abanye ababevela kuJakobe, wayedla nabezizwe; kepha kuthe ukuba kufike bona, wamonyuka, wazahlukanisa nabo, esaba abokusoka. 13Nabanye abaJuda futhi bazenzisa kanye naye, waze wathatheka noBarnaba ngokuzenzisa kwabo.

14Kepha kuthe sengibonile ukuthi kabahambisi ngokweqiniso levangeli, ngathi kuKhefase phambi kwabo bonke: “Uma wena ongumJuda uhamba ngokwabezizwe, ungahambi ngokwabaJuda, ubaphoqa kanjani abezizwe ukuba bahambe ngokwabaJuda na?

15“Thina singabaJuda ngemvelo, singesizo izoni zabezizwe; 16kepha lokhu sazi ukuthi umuntu akalungisiswa ngemisebenzi yomthetho, kuphela ngokukholwa nguKristu Jesu, nathi sakholwa nguKristu Jesu ukuba silungisiswe ngokukholwa nguKristu kungengemisebenzi yomthetho; ngokuba ngemisebenzi yomthetho akuyikulungisiswa nyama.

17“Kepha uma thina, lapho sifuna ukulungisiswa ngoKristu, nathi uqobo safunyanwa siyizoni, kanti uKristu uyisikhonzi sesono na? Qha nakanye. 18Ngokuba uma ngibuye ngakhe engikudilizileyo, ngifakaza ukuthi ngingoweqa umthetho. 19Ngokuba ngomthetho mina ngafa kuwo umthetho, ukuze ngiphilele uNkulunkulu. Ngibethelwe kanye noKristu; 20akuseyimi ophilayo, kepha uKristu uphila kimi; kodwa ukuphila engikuphilayo kalokhu enyameni ngikuphila ngokukholwa, okungukukholwa yiNdodana kaNkulunkulu eyangithandayo, yazinikela ngenxa yami. 21Angiwenzi ize umusa kaNkulunkulu, ngokuba uma ukulunga kuya ngomthetho, khona uKristu wafela ize.”

KwabaseGalathiya 3

UMoya uyamukelwa ngokukholwa

1O nina maGalathiya angaqondiyo! Ngubani oniloyileyo nina enalotshelwa phambi kwamehlo enu umfanekiso kaJesu Kristu ebethelwe esiphambanweni na? 2Yilokhu kuphela engithanda ukukwazi kinina ukuthi: Namukeliswa uMoya ngemisebenzi yomthetho noma ngezwi lokukholwa na? 3Niwulekile kangaka na? Niqalile kuMoya seniyakugcina enyameni na? 4Nahlupheka kangaka ngeze na? uma kambe kungeze. 5Ngakho yena oninikayo uMoya noveza imisebenzi yamandla phakathi kwenu ukwenza ngemisebenzi yomthetho noma ngezwi lokukholwa na?

Umuntu uyalungisiswa ngokukholwa

6Njengalokho u-Abrahama wakholwa nguNkulunkulu, kwabalelwa kuye ukuthi ngukulunga. 7Yazini-ke ukuthi abokukholwa yibona abangamadodana ka-Abrahama. 8Kepha umbhalo, ubona ngaphambili ukuthi uNkulunkulu uzakulungisisa abezizwe ngokukholwa, walishumayela ngaphambili ivangeli ku-Abrahama, wathi: “Izizwe zonke ziyakubusiswa kuwe.” 9Njalo-ke abokukholwa bayabusiswa kanye no-Abrahama okholwayo.

10Ngokuba bonke abemisebenzi yomthetho baphansi kwesiqalekiso, ngokuba kulotshiwe ukuthi: “Baqalekisiwe bonke abangemi njalo kukho konke okulotshiweyo encwadini yomthetho ukuba bakwenze.” 11Kepha ukuthi ngomthetho akukho muntu olungisiswayo phambi kukaNkulunkulu kusobala, ngokuba olungileyo uzakuphila ngokukholwa; 12ngokuba umthetho awusiwo owokukholwa, kodwa owenza lokho uyakuphila ngakho. 13UKristu wasihlenga esiqalekisweni somthetho, ebenziwe isiqalekiso ngenxa yethu, ngokuba kulotshiwe ukuthi: “Baqalekisiwe bonke abalenga emthini,” 14ukuba isibusiso sika-Abrahama ngoKristu Jesu sifike kubo abezizwe, ukuze samukeliswe isithembiso sikaMoya ngokukholwa.

Isithembiso asichithwa ngumthetho

15Bazalwane, ngikhulumisa okwabantu: nokuba kuyintando yokugcina yomuntu eyaqiniswayo, akakho oyichithayo noma enezele kuyo. 16Manje-ke izithembiso zanikwa u-Abrahama nenzalo yakhe; akasho ukuthi: “Ezinzalweni,” kungathi ngeziningi, kepha kungathi ngeyodwa ukuthi: Nasenzalweni yakho enguKristu. 17Kepha ngisho lokhu ukuthi isivumelwano esaqiniswa nguNkulunkulu ngaphambili, umthetho owavela emva kweminyaka engamakhulu amane namashumi amathathu, awusesuli, uze usichithe isithembiso; 18ngokuba uma ifa likhona ngomthetho, alikho ngesithembiso; kepha uNkulunkulu umnikile lona u-Abrahama ngesithembiso.

19Pho, umthetho uyini na? Wenezelwa ngenxa yeziphambeko, kuze kufike inzalo enikiwe isithembiso, umisiwe ngezingelosi, ngesandla somlamuleli. 20Kepha umlamuleli kasiye owamunye; kepha uNkulunkulu munye.

21Pho-ke, umthetho uphambene nezithembiso zikaNkulunkulu na? Qha nakanye. Ngokuba uma wawunikiwe umthetho onamandla okuphilisa, ngempela ukulungisiswa ngakuya ngomthetho. 22Kepha umbhalo uvalele konke phansi kwesono, ukuze isithembiso ngokukholwa nguJesu Kristu siphiwe abakholwayo.

Umthetho ongumlayi uyisa kuKristu

23Kepha kungakafiki ukukholwa, sasigcinwa phansi komthetho, sivalelwe kuze kufike ukukholwa obekuzakwambulwa. 24Njalo-ke umthetho sewaba ngumlayi wethu wokusiyisa kuKristu, ukuze silungisiswe ngokukholwa. 25Kepha-ke sekufikile ukukholwa, asisephansi komlayi.

26Ngokuba nonke ningabantwana bakaNkulunkulu ngokukholwa kuKristu. 27Ngokuba nonke enabhapathizelwa kuKristu nembatha uKristu. 28Akakho umJuda nomGreki, akakho oboshiweyo nokhululekileyo, akakho owesilisa nowesifazane, ngokuba nina nonke nimunye kuKristu Jesu. 29Kepha uma ningabakaKristu, seniyinzalo ka-Abrahama, niyizindlalifa ngokwesithembiso.

KwabaseGalathiya 1:1-3:29ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli
Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU