Bible Society of South Africa

Bible Reading Plan – Day 281

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

NgokukaMathewu 21

UJesu ungena eJerusalema

1Kwathi ukuba basondele eJerusalema, sebefikile eBetfage ngaseNtabeni Yeminqumo, uJesu wathuma abafundi ababili, 2wathi kubo: “Hambani niye emzaneni obhekene nani, nizakufumana masinyane imbongolo ikhulekiwe nethole linayo; zithukululeni, nizilethe kimi. 3Uma umuntu esho utho kini, anothi: ‘INkosi iyazidinga;’ uyakuzithumela masinyane.”

4Kepha lokho kwenzeka ukuba kugcwaliseke okwashiwo ngumprofethi othi:

5“Yishoni kuyo indodakazi yaseSiyoni

ukuthi:

Bheka, iNkosi yakho iza kuwe,

imnene, ikhwele embongolweni,

yebo, etholeni,

inkonyane yesilwane esiboshelwayo.”

6Abafundi bahamba, benza njengokuba uJesu ebatshelile, 7baletha imbongolo nethole, babeka izingubo zabo phezu kwazo, wahlala phezu kwazo. 8Iningi lesixuku lendlala izingubo zalo endleleni, kepha abanye bagawula amahlamvu emithini, bawendlala endleleni. 9Izixuku ezazihamba phambili nezazimlandela zamemeza zathi:

“Hosiyana kuyo iNdodana kaDavide!

Ubusisiwe ozayo egameni leNkosi.

Hosiyana kweliphezulu!”

10Kwathi esangena eJerusalema, umuzi wonke wanyakaza, wathi: “Ngubani lo?”

11Izixuku zathi: “Lo ungumprofethi, uJesu waseNazaretha laseGalile.”

Ukuhlanzwa kwethempeli

12UJesu wayesengena ethempelini, waxosha bonke abathengisayo nabathengayo ethempelini, wagumbuqela amatafula abashintshelana imali nezihlalo zabathengisa ngamajuba. 13Wathi kubo: “Kulotshiwe ukuthi: ‘Indlu yami iyakubizwa ngokuthi indlu yokukhuleka,’ kepha nina niyenza ‘umhume wabaphangi.’ ”

14Kwase kufika kuye izimpumputhe nezinyonga ethempelini, waziphulukisa. 15Kepha abapristi abakhulu nababhali, bebona izimangaliso azenzayo nabantwana bememeza ethempelini, bethi: “Hosiyana kuyo iNdodana kaDavide,” bacasuka, 16bathi kuye: “Uyakuzwa lokhu abakushoyo laba na?”

UJesu wathi kubo: “Yebo, anizange nifunde yini ukuthi: ‘Emlonyeni wezingane nowabancelayo uzilungisele indumiso,’ na?”

17Wayesebashiya, waphuma emzini, waya eBethaniya, walala khona.

Ukuqalekiswa komkhiwane

18Kepha ekuseni esebuyela emzini walamba. 19Wabona umkhiwane owodwa ngasendleleni, weza kuwo; akafumananga lutho kuwo, amaqabunga odwa. Wayesethi kuwo: “Akungabe kusavela sithelo kuwe naphakade.” Umkhiwane wabuna khona lapho.

20Bekubona lokho abafundi bamangala bathi: “Umkhiwane ubune kanjani masinyane na?” 21UJesu wayesephendula, ethi kubo: “Ngiqinisile ngithi kini: Uma ninokukholwa, ningangabazi, aniyikwenza okomkhiwane kuphela, kodwa noma nithi kule ntaba: ‘Nqukuleka, uphonseke elwandle,’ kuyakwenzeka; 22nakho konke eningakucela ngokukhuleka nikholwa niyakukwamukeliswa.”

Igunya likaJesu

23Kuthe engena ethempelini, kweza kuye abapristi abakhulu namalunga esizwe, esafundisa, bathi: “Ukwenza lokhu ngagunya lini na? Futhi ngubani okunike leli gunya na?”

24UJesu waphendula, wathi kubo: “Nami ngizakunibuza izwi libe linye; uma ningitshela lona, nami ngizakunitshela ukuthi ngenza lokhu ngagunya lini. 25Ukubhapathiza kukaJohane kwavelaphi, ezulwini nokuba kubantu, na?”

Bakhulumisana bodwa, bathi: “Uma sithi: ‘Ezulwini,’ uzakuthi kuthi: ‘Pho, anikholwanga nguye ngani na?’ 26Kepha uma sithi: ‘Kubantu,’ siyasesaba isixuku; ngokuba bonke bathi uJohane ungumprofethi.”

27Base bemphendula uJesu, bethi: “Asazi.”

Wayesethi kubo naye: “Nami anginitsheli ukuthi ngenza lokhu ngagunya lini.”

Ukukhuzwa kwabapristi abakhulu nabaFarisi

28“Kepha nithini na? Umuntu wayenamadodana amabili; waya kweyokuqala, wathi: ‘Mntanami, hamba, uyosebenza namuhla esivinini.’

29“Yaphendula yathi: ‘Angithandi;’ kodwa ngasemuva yaguquka, yaya.

30“Wayeseya kwenye, washo kanjalo. Yona yaphendula yathi: ‘Ngiyaya, nkosi;’ kepha kayiyanga.

31“Yiyiphi kulawa amabili eyenza intando kayise na?”

Bathi kuye: “Eyokuqala.”

UJesu wathi kubo: “Ngiqinisile ngithi kini: Abathelisi nezifebe bangena phambi kwenu embusweni kaNkulunkulu. 32Ngokuba uJohane weza kini ngendlela yokulunga, anikholwanga nguye; kepha abathelisi nezifebe bakholwa nguye; kodwa nina, khona nikubona, aniguqukanga nakamuva, nize nikholwe nguye.”

Umfanekiso wabalimi besivini

33“Yizwani omunye umfanekiso. Kwakukhona umuntu, umninindlu, owatshala isivini, wasibiyela ngothango, wemba khona isikhamo, wakha isiqongo sokulinda, wasiqashisa kubalimi, waya kwelinye izwe. 34Kwathi sekusondele isikhathi sezithelo, wathuma izinceku zakhe kubalimi ukuba zithathe izithelo zakhe.

35“Abalimi bazibamba izinceku zakhe, enye bayishaya, enye bayibulala, enye bayikhanda ngamatshe. 36Waphinda wathuma ezinye izinceku eziningi kunezokuqala; benze njalo nakulezo. 37Ekugcineni wathuma kubo indodana yakhe, ethi: ‘Bayakuyazisa indodana yami.’

38“Kepha kwathi abalimi bebona indodana, bakhuluma bodwa, bathi: ‘Lo uyindlalifa; wozani siyibulale, sidle ifa layo.’ 39Base beyibamba, bayiphonsa ngaphandle kwesivini, bayibulala.

40“Pho-ke, mhla kufika umninisivini, uzakubenze njani labo balimi na?”

41Bathi kuye: “Uzakubabhubhisa kabi labo ababi, isivini sakhe sinikwe abanye abalimi abayakumnika izithelo ngezikhathi zazo.”

42UJesu wathi kubo: “Anizange nifunde yini emibhalweni ukuthi:

“ ‘Itshe abalinqabayo abakhi

lona laba yinhloko yegumbi;

lona lavela eNkosini;

liyisimangaliso emehlweni ethu,’ na?

43“Ngalokho ngithi kini: Niyakwamukwa umbuso kaNkulunkulu, uphiwe isizwe esiyakuveza izithelo zawo. 44Owayo phezu kwaleli tshe uyakuphohlozwa; kepha yilowo nalowo eliyakuwela phezu kwakhe liyakumcolisa.”

45Abapristi abakhulu nabaFarisi beyizwa imifanekiso yakhe bazi ukuthi ukhuluma ngabo. 46Base befuna ukumbamba; kepha bazesaba izixuku, ngokuba zazithi ungumprofethi.

NgokukaMathewu 22

Umshado wendodana yenkosi

1UJesu wathatha wakhuluma futhi kubo ngemifanekiso, wathi: 2“Umbuso wezulu ufaniswa nomuntu oyinkosi, owenzela indodana yakhe umshado. 3Wathuma izinceku zakhe ukubiza abamenyiweyo emshadweni; kepha abavumanga ukuza.

4“Waphinda wathuma ezinye izinceku, wathi: ‘Shonini kwabamenyiweyo ukuthi: Bhekani, sengilungisile ukudla kwami; izinkabi zami nokunonileyo sekuhlatshiwe; konke sekulungile, wozani emshadweni.’

5“Kepha badelela, bahamba; omunye waya ensimini yakhe, omunye waya entengweni yakhe. 6Abaseleyo babamba izinceku zakhe, baziphatha kabi, bazibulala. 7Kepha inkosi yathukuthela, yathuma amabutho ayo, yabulala labo babulali, yashisa umuzi wabo.

8“Khona yathi ezincekwini zayo: ‘Umshado usulungiselwe, kepha abamenyiweyo bebengafanele; 9ngakho-ke hambani niye ezinhlanganweni zezindlela, nibizele emshadweni bonke eningabafumana.’ 10Lezo zinceku zaphuma, zaya ezindleleni, zabutha bonke ezabafumanayo, ababi nabahle; indlu yomshado yagcwala abahleziyo ekudleni.

11“Kuthe inkosi ingena ukubona abahleziyo ekudleni, yabona khona umuntu obengayembethe ingubo yomshado; 12yathi kuye: ‘Mngane, ungene kanjani lapha ungayembethe ingubo yomshado na?’ Kepha wathula.

13“Khona inkosi yathi ezincekwini: ‘Mbopheni izinyawo nezandla, nimphonse ebumnyameni obungaphandle; lapho kuyakuba khona ukukhala nokugedla amazinyo.’

14“Ngokuba baningi ababiziweyo, kepha bayingcosana abakhethiweyo.”

Intela kaKesari

15Khona abaFarisi basuka, bacebisana ukuba bamhile ngezwi. 16Bathuma kuye abafundi babo kanye nabakaHerode, bathi: “Mfundisi, siyazi ukuthi uqinisile, ufundisa indlela kaNkulunkulu ngeqiniso; awukhathali ngamuntu, ngokuba awubheki ubuso babantu. 17Ngakho sitshele, uthini wena? Kuvunyelwe ukuthela kuKesari noma qha?”

18Kepha uJesu ebazi ububi babo wathi: “Bazenzisi, ningilingelani na? 19Ngitshengiseni imali yokuthela,” bamtshengisa udenariyu.* 20Wayesethi kubo: “Ngokabani lo mfanekiso nalo mbhalo na?”

21Bathi: “NgokaKesari.”

Khona wathi kubo: “Ngakho-ke nikani uKesari okukaKesari noNkulunkulu okukaNkulunkulu.”

22Sebezwile lokho bamangala, bamshiya, bamuka.

Ukuvuka kwabafileyo

23Ngalolo suku kwafika kuye abaSadusi abathi akukho ukuvuka kwabafileyo, bambuza 24bathi: “Mfundisi, uMose wathi: ‘Uma umuntu efa engenabantwana, umfowabo kamngene umkakhe, amvusele umfowabo inzalo.’ 25Kwakukhona-ke kithi izelamani eziyisikhombisa: owokuqala waganwa, wafa; engenanzalo washiya umkakhe kumfowabo. 26Kanjalo nowesibili nowesithathu, kwaze kwaba kowesikhombisa. 27Emva kwabo bonke wafa umfazi. 28Pho, ekuvukeni kwabafileyo uyakuba ngumkabani kwabayisikhombisa, lokhu bonke babe naye, na?”

29Kepha uJesu waphendula, wathi kubo: “Nidukile ningayazi imibhalo namandla kaNkulunkulu. 30Ngokuba ekuvukeni kwabafileyo abaganwa, abendiswa, kodwa banjengezingelosi ezulwini. 31Kepha maqondana nokuvuka kwabafileyo anifundanga yini okwakhulunywa kini nguNkulunkulu, ethi: 32‘Mina nginguNkulunkulu ka-Abrahama, noNkulunkulu ka-Isaka, noNkulunkulu kaJakobe,’ na? Akasiye uNkulunkulu wabafileyo kodwa owabaphilayo.”

33Kwathi izixuku zikuzwa lokho, zamangala ngokufundisa kwakhe.

Umyalo wokuqala

34AbaFarisi sebezwile ukuthi uJesu ubathulisile abaSadusi, babuthana ndawonye. 35Omunye wabo, isazimthetho, wamlinga, wathi: 36“Mfundisi, ngumuphi umyalo omkhulu emthethweni na?” 37UJesu wathi kuye: “ ‘Woyithanda iNkosi uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho, nangawo wonke umphefumulo wakho, nangayo yonke ingqondo yakho.’ 38Yilowo umyalo omkhulu nowokuqala. 39Owesibili ofana nawo uthi: ‘Wothanda umakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena.’ 40Kuleyo miyalo emibili kubambelela umthetho wonke nabaprofethi.”

UMesiya nemvelo yakhe

41Besabuthene abaFarisi, uJesu wababuza, 42wathi: “Nithini ngoKristu na? Uyindodana kabani na?”

Bathi kuye: “EkaDavide.”

43Wathi kubo: “Pho, uDavide ngoMoya wambiza kanjani ngokuthi iNkosi, ethi:

44“ ‘INkosi yathi eNkosini yami:

“Hlala ngakwesokunene sami,

ngize ngibeke izitha zakho

phansi kwezinyawo zakho.” ’

45“Ngakho-ke uma uDavide embiza ngokuthi iNkosi, uyindodana yakhe kanjani na?” 46Kwakungekho obengamphendula ngazwi; emva kwalolo suku akwabe kusabakho muntu onesibindi sokumbuza lutho.

NgokukaMathewu 21:1-22:46ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli
Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU