Bible Society of South Africa

Bible Reading Plan – Day 282

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

NgokukaMathewu 23

UJesu ukhala ngababhali nabaFarisi nangokungaphenduki kweJerusalema

1Khona uJesu wakhuluma ezixukwini nakubafundi bakhe, 2wathi: “Ababhali nabaFarisi bahlezi esihlalweni sikaMose. 3Ngakho-ke konke abanitshela khona, kwenzeni, nikugcine, kodwa ningenzi njengemisebenzi yabo; ngokuba bayakhuluma, bangenzi; 4babopha imithwalo enzima, bayibeke emahlombe abantu; kepha bona abavumi ukuyifukula ngomunwe wabo.

5“Kepha imisebenzi yonke yabo bayenza ukuba babonwe ngabantu; amafilakteriyu* abo bawenza abe banzi, bawenze abe makhulu amachopho. 6Bathanda izindawo ezingenhla ekudleni nezihlalo eziphambili emasinagogeni,* 7nokubingelelwa ezigcawini, nokubizwa ngabantu ngokuthi ‘Rabi’.

8“Kepha nina maningabizwa ngokuthi ‘Rabi’; ngokuba munye umfundisi wenu, nina nonke ningabazalelwane. 9Ningabizi muntu emhlabeni ngokuthi uyihlo; ngokuba munye uyihlo, osezulwini. 10Futhi ningabizwa ngokuthi abaholi; ngokuba munye umholi wenu, uKristu. 11Kodwa omkhulu kini akabe yisikhonzi senu. 12Kepha yilowo nalowo oziphakamisayo uzakuthothiswa, nalowo ozithobayo uzakuphakanyiswa.

13“Maye kinina babhali nabaFarisi, bazenzisi, ngokuba nivalela abantu umbuso wezulu! Ngokuba aningeni nina, nabangenayo anibavumeli ukungena. 14Maye kinina babhali nabaFarisi, bazenzisi, ngokuba nidla izindlu zabafelokazi, nangokuzenzisa nenza imikhuleko emide! Ngalokho-ke niyakwamukeliswa ukulahlwa okukhulu.

15“Maye kinina babhali nabaFarisi, bazenzisi, ngokuba nihamba ulwandle nomhlaba ukuba nithole nokuba iproselite* lilinye, lithi selaba njalo nilenze indodana yesihogo ngokuphindiwe kunani!

16“Maye kinina baholi abayizimpumputhe enithi: ‘Ofunga ithempeli akulutho, kodwa ofunga igolide lethempeli uzibophile!’ 17Ziwula, zimpumputhe, ngokuba yikuphi okukhulu kunegolide nethempeli elingcwelisa igolide na? 18Futhi: ‘Yilowo ofunga i-altare akulutho, kodwa ofunga umnikelo ophezu kwalo uzibophile.’ 19Zimpumputhe, yikuphi okukhulu kunomnikelo ne-altare elingcwelisa umnikelo na? 20Ngakho-ke ofunga i-altare ufunga lona nakho konke okuphezu kwalo. 21Nofunga ithempeli ufunga lona nohlezi kulo. 22Nofunga izulu ufunga isihlalo sobukhosi sikaNkulunkulu nohlezi phezu kwaso.

23“Maye kinina babhali nabaFarisi, bazenzisi, ngokuba nithela okweshumi kwesinkuntshane, nokwentshungu, nokodonqa, niyeke okunzima komthetho: ukwahlulela nesihawu nokukholwa! Benimelwe ukwenza lokhu, ningakuyeki nalokho. 24Baholi abayizimpumputhe, nihluza insensane, niginge ikamela.

25“Maye kinina babhali nabaFarisi, bazensizi, ngokuba nihlambulula ingaphandle lenkezo nesitsha, kepha ngaphakathi kugcwele impango nokuhuheka! 26Mfarisi oyimpumputhe, hlanza kuqala ingaphakathi lenkezo, ukuze kuhlanzeke nengaphandle layo.

27“Maye kinina babhali nabaFarisi, bazenzisi, ngokuba nifana namaliba acakiweyo abonakala emahle ngaphandle, kanti ngaphakathi agcwele amathambo abafileyo nokungcola konke! 28Kanjalo nani ngaphandle nibonakala kubantu nilungile, kanti ngaphakathi nigcwele ukuzenzisa nobubi.

29“Maye kinina babhali nabaFarisi, bazenzisi, ngokuba nakha amaliba abaprofethi, nihlobisa amathuna abalungileyo! 30Nithi: ‘Uma sasikhona emihleni yawobaba, sasingayikuhlanganyela nabo egazini labaprofethi.’ 31Kanjalo niyazifakazela nina ukuthi ningamadodana ababulala abaprofethi. 32Nani gcwalisani isilinganiso sawoyihlo.

33“Zinyoka, nzalo yamabululu, niyakukubalekela kanjani ukulahlwa kwasesihogweni na? 34Ngakho-ke, bhekani, mina ngithuma kini abaprofethi, nabahlakaniphileyo, nababhali; abanye kubo niyakubabulala, nibabethele; abanye niyakubashaya emasinagogeni* enu, nibaxoshe imizi ngemizi 35ukuba kufike phezu kwenu igazi lonke elilungileyo elachithwa emhlabeni, kusukela egazini lika-Abela olungileyo kuze kube segazini likaZakariya indodana kaBarakiya enambulala phakathi kwethempeli ne-altare. 36Ngiqinisile ngithi kini: Konke lokhu kuyakufika phezu kwalesi sizukulwane.

37“Jerusalema, Jerusalema, wena obulala abaprofethi nokhanda ngamatshe abathunyelwe kuwe, kukangaki ngithanda ukubuthela ndawonye abantwana bakho njengesikhukukazi sibuthela amazinyane aso phansi kwamaphiko aso, kepha anivumanga. 38Bhekani, indlu yenu isisala nani. 39Ngokuba ngithi kini: Anisayikungibona nize nithi: ‘Ubusisiwe ozayo egameni leNkosi.’ ”

NgokukaMathewu 24

Ukuchithwa kweJerusalema nokufika kweNdodana yomuntu

1Kuthe uJesu ephuma ethempelini, emuka, kwasondela abafundi bakhe ukumtshengisa izakhiwo zethempeli. 2Waphendula, wathi kubo: “Anikuboni konke lokhu na? Ngiqinisile ngithi kini: Akuyikushiywa lapha itshe phezu kwetshe elingayikudilizelwa phansi.”

3Esahlezi eNtabeni Yeminqumo, abafundi beza kuye bebodwa, bathi: “Sitshele ukuthi lokhu kuyakuba nini, nesibonakaliso sokuza kwakho nesokuphela kwezwe siyakuba yini na?”

4UJesu waphendula, wathi kubo: “Qaphelani ningadukiswa muntu. 5Ngokuba kuyakuza abaningi ngegama lami, bathi: ‘Mina nginguKristu,’ badukise abaningi. 6Niyakuzwa izimpi namahemuhemu ezimpi. Bhekani ningethuki, ngokuba kumelwe ukuba kwenzeke, kepha ukuphela koba kungakafiki. 7Ngokuba isizwe siyakuvukela isizwe, nombuso uvukele umbuso, kube khona indlala nokuzamazama komhlaba izindawo ngezindawo. 8Kepha konke lokho kungukuqala kwemihelo.

9“Lapho-ke bayakunikhaphela osizini, banibulale; niyakuzondwa yizizwe zonke ngenxa yegama lami. 10Khona-ke abaningi bayakukhubeka, bakhaphelane, bazondane. 11Kuyakuvela abaprofethi bamanga abaningi, badukise abaningi. 12Ngenxa yokwanda kokubi kuzakuphola uthando lwabaningi. 13Kodwa okhuthazelayo kuze kube sekupheleni nguyena oyakusindiswa. 14Leli vangeli lombuso liyakushunyayelwa ezweni lonke, kube ngubufakazi ezizweni zonke, andukuba kufike ukuphela.

15“Ngakho-ke nxa nibona amanyala encithakalo ashiwo nguDaniyeli umprofethi emi endaweni engcwele – ofundayo makaqaphele – 16khona abaseJudiya mababalekele ezintabeni, 17ophezu kwendlu angehli ukuyothatha okusendlini yakhe, 18osensimini angabuyeli emuva ukuyothatha ingubo yakhe. 19Kepha maye kwabakhulelweyo nabancelisayo ngalezo zinsuku! 20Khulekani ukuba ukubaleka kwenu kungabi sebusika nangesabatha. 21Ngokuba lapho kuyakuba khona usizi olukhulu olungazange lube khona kwasekuqaleni kwezwe kuze kube manje nolungasayikuba khona. 22Uma lezo zinsuku zingafinyezwanga, bekungesindiswe muntu; kepha ngenxa yabakhethiweyo lezo zinsuku ziyakufinyezwa. 23Khona uma umuntu ethi kini: ‘Bhekani, nangu uKristu,’ noma: ‘Nanguya,’ ningakholwa. 24Ngokuba kuyakuvela okristu bamanga nabaprofethi bamanga, baveze izibonakaliso ezinkulu nezimangaliso, ukuze kudukiswe nabakhethiweyo, uma kungenzeka. 25Bhekani, senginitshelile ngaphambili.

26“Ngakho-ke uma bethi kini: ‘Bhekani, usehlane,’ ningaphumi; noma bethi: ‘Bhekani, usendlini,’ ningakholwa; 27ngokuba njengonyazi luphuma empumalanga, lubonakale kuze kube sentshonalanga, kuyakuba njalo ukufika kweNdodana yomuntu. 28Nomaphi lapho kukhona isidumbu, kulapho amanqe eyakubuthana khona.

29“Kepha masinyane emva kosizi lwalezo zinsuku

“ ‘ilanga liyakufiphazwa,

nenyanga ayiyikukhanya,

nezinkanyezi ziyakuwa ezulwini,

namandla ezulu ayakuzanyazanyiswa.’

30“Khona kuyakubonakala ezulwini isibonakaliso seNdodana yomuntu, bese zikhala izizwe zonke zomhlaba, zibone iNdodana yomuntu iza emafwini ezulu, inamandla nenkazimulo enkulu. 31Iyakuthuma izingelosi zayo ngokukhala okukhulu kwecilongo, ziqoqe abakhethiweyo bayo emimoyeni yomine, kusukela emkhawulweni omunye wezulu kuze kube komunye.

32“Fundani umfanekiso emkhiwaneni; nxa igatsha lawo selithamba, lihlume amaqabunga, niyazi ukuthi ihlobo seliseduze. 33Kanjalo nani, nxa nibona konke lokhu, yazini ukuthi iseduze ngasemnyango. 34Ngiqinisile ngithi kini: Lesi sizukulwane asiyikudlula kungakenzeki konke lokhu. 35Kuyakudlula izulu nomhlaba, kepha amazwi ami awasoze adlula.

36“Kepha lolo suku nalelo hora akakho owazi lutho ngalo nazingelosi zasezulwini, naNdodana, nguBaba kuphela. 37Ngokuba njengasemihleni kaNowa, kuyakuba njalo ukufika kweNdodana yomuntu. 38Ngokuba njengasezinsukwini lezo ezandulela uzamcolo babedla, bephuza, beganwa, bendiswa, kwaze kwafika usuku uNowa angena ngalo emkhunjini, 39abazanga kwaze kwafika uzamcolo wabakhukhula bonke, kuyakuba njalo ukufika kweNdodana yomuntu. 40Khona-ke kuyakuba khona ababili ensimini, omunye athathwe, omunye ashiywe; 41ababili boba besila etsheni, omunye athathwe, omunye ashiywe.

42“Ngakho-ke lindani, ngokuba anazi ukuthi iNkosi yenu iyakufika ngaluphi usuku. 43Kepha anokwazi lokhu ukuthi, uma umninindlu ebewazi umlindo isela eliyakufika ngawo, ubeyakulinda, angavumi ukuba indlu yakhe ifohlwe. 44Ngalokho nani hlalani nilungele, ngokuba iNdodana yomuntu iyakufika ngesikhathi eningasicabangiyo.

45“Pho, ngubani oyinceku ethembekileyo neqondayo, inkosi yayo eyimisile phezu kwabendlu yayo ukuba ibanike ukudla ngesikhathi sakho na? 46Ibusisiwe leyo nceku, okuyakuthi kufika inkosi yayo, iyifumane yenze njalo. 47Ngiqinisile ngithi kini: Iyakuyimisa phezu kwakho konke enakho. 48Kodwa uma leyo nceku embi ithi enhliziyweni yayo: ‘Inkosi yami ilibele,’ 49iqale ukushaya izinceku ezikanye nayo, idle, iphuze nezidakwa, 50inkosi yaleyo nceku iyakufika ngosuku engayibhekile ngalo nangehora engalaziyo, 51iyinqamule kabili, iyimisele isabelo sayo kanye nabazenzisi; kuyakuba khona lapho ukukhala nokugedla amazinyo.

NgokukaMathewu 23:1-24:51ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli
Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU