Bible Society of South Africa

Bible Reading Plan – Day 280

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

NgokukaMathewu 18

15“Kepha uma umfowenu ekona, hamba umsole ninodwa naye. Uma ekuzwa, woba umzuzile umfowenu. 16Kodwa uma engakuzwa, thatha futhi abe munye noma bebabili kanye nawe ukuba onke amazwi aqiniswe ngomlomo wawofakazi ababili noma abathathu. 17Uma enqaba ukubezwa, tshela ibandla; uma enqaba ukuzwa nalo ibandla, makabe kuwe njengowezizwe nomthelisi.

18“Ngiqinisile ngithi kini: Konke eniyakukubopha emhlabeni koba kuboshiwe ezulwini, nakho konke eniyakukukhulula emhlabeni koba kukhululiwe ezulwini.

19“Futhi ngiqinisile ngithi kini: Uma ababili kini emhlabeni bevumelana noma ngaluphi udaba abalucelayo, bayakulwenzelwa nguBaba osezulwini. 20Ngokuba lapho kubuthene ababili noma abathathu egameni lami, ngikhona lapho phakathi kwabo.”

21Khona kwasondela uPetru, wathi kuye: “Nkosi, umfowethu uyakungona kangaki, ngimthethelela, na? Kuze kube kasikhombisa na?”

22UJesu wathi kuye: “Angisho kuwe ukuthi kuze kube kasikhombisa kodwa kuze kube kamashumi ayisikhombisa aphindwe kasikhombisa.

23“Ngalokho umbuso wezulu ufaniswa nomuntu oyinkosi obethanda ukubalisana nezinceku zakhe. 24Kwathi eseqale ukubala, kwalethwa kuye enye enecala lamatalenta* ayizinkulungwane eziyishumi. 25Kepha ingenalutho lokukhokha, inkosi yayala ukuba kuthengiswe ngayo, nangomkayo, nangabantabayo, nangakho konke enakho, kukhokhwe. 26Ngalokho inceku yawa phansi, yakhuleka kuyo, yathi: ‘Ake ungibekezelele, ngizakukukhokhela konke.’ 27Inkosi yaleyo nceku inesihe yayikhulula, yayithethelela icala.

28“Kepha kwathi isiphuma leyo nceku, yafumana enye yezinceku ezikanye nayo enecala kuyo lawodenariyu* abayikhulu, yayibamba, yayiklinya, yathi: ‘Khokha icala lakho.’

29“Khona inceku ekanye nayo yawa phansi, yayincenga yathi: ‘Ake ungibekezelele, ngizakukukhokhela.’ 30Kepha ayivumanga, kodwa yahamba, yayifaka etilongweni, ize ilikhokhe lelo cala.

31“Izinceku ezikanye nayo zathi ukubona okwenzekileyo, zadabuka kakhulu, zaya zabika enkosini yazo konke okwenzekileyo. 32Khona inkosi yayo yayibiza, yathi kuyo: ‘Nceku embi, lonke lelo cala ngikuthethelele lona ngokuba wangincenga; 33nga ungayihawukelanga yini inceku ekanye nawe, njengokuba nami ngikuhawukele, na?’ 34Inkosi yayo yathukuthela, yayinikela kubaphathi betilongo, ize ikhokhe lonke icala layo.

35“Kanjalo naye uBaba osezulwini uyakwenza kini, uma ningathetheleli ngezinhliziyo zenu kube yilowo nalowo umfowabo.”

NgokukaMathewu 19

Ukuhlalisana kwabaganeneyo

(Mark. 10:1; Luk. 16:18)

1Kwathi uJesu eseqedile lawo mazwi, wamuka eGalile, weza emikhawulweni yaseJudiya phesheya kweJordani. 2Izixuku ezinkulu zamlandela, waziphulukisa khona.

3Kwase kusondela kuye abaFarisi, bamlinga bathi: “Kuvunyelwe yini ukuba indoda ilahle umkayo noma ngaliphi icala na?”

4Waphendula, wathi kubo: “Anifundanga yini ukuthi owadala ekuqaleni wabenza owesilisa nowesifazane, 5wathi: ‘Ngenxa yalokho umuntu uyakushiya uyise nonina, anamathele kumkakhe; labo ababili bayakuba nyamanye,’ na? 6Ngakho abasebabili, kodwa banyamanye. Ngakho-ke lokho akuhlanganisileyo uNkulunkulu, umuntu makangakwahlukanisi.”

7Bathi kuye: “Pho, uMose wayalelani ukuthi makanikwe incwadi yesahlukaniso, alahlwe, na?”

8Wathi kubo: “Ngenxa yobulukhuni benhliziyo yenu uMose wanivumela ukwahlukana nabo omkenu, kepha kusukela kwasekuqaleni kwakungenjalo. 9Namanje ngithi kini: Yilowo nalowo olahla umkakhe kungengokuphinga, aganwe ngomunye, uyaphinga; noganwa ngolahliweyo uyaphinga.”

10Abafundi bathi kuye: “Uma injalo indaba yomuntu nomkakhe, akukuhle ukuganwa.”

11Kepha wathi kubo: “Akusibo bonke abangalamukela leli zwi, kuphela abakunikiweyo. 12Ngokuba kukhona abathenwa abazalwa benjalo kwasesiswini sikanina; kukhona nabathenwa abathenwe ngabantu; kukhona futhi abathenwa abazithenileyo ngenxa yombuso wezulu. Ongakwamukela lokho akwamukele.”

Ukubusiswa kwabantwana

(Mark. 10:13; Luk. 18:15)

13Khona kwalethwa kuye abantwanyana ukuba abeke izandla phezu kwabo, akhuleke; kepha abafundi babakhuza. 14UJesu wayesethi: “Vumelani abantwana, ningabenqabeli ukuza kimi, ngokuba umbuso wezulu ungowabanjalo.” 15Wayesebeka izandla phezu kwabo; wamuka lapho.

Insizwa enothileyo

(Mark. 10:17; Luk. 18:18)

16Bheka-ke, kwasondela kuye othile, wathi: “Mfundisi, ngiyakwenzantoni enhle ukuba ngibe nokuphila okuphakade na?”

17Wathi kuye: “Ungibuzelani ngokuhle na? Munye ongomuhle. Kepha uma uthanda ukungena ekuphileni, gcina imiyalelo.”

18Wathi kuye: “Miphi na?”

UJesu wathi: “Yile: Ungabulali, ungaphingi, ungebi, ungafakazi amanga; 19yazisa uyihlo nonyoko; wothanda umakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena.”

20Insizwa yathi kuye: “Konke lokho ngikugcinile; ngisasilalelweni na?”

21UJesu wathi kuye: “Uma uthanda ukuphelela, hamba uthengise ngempahla yakho, uphe abampofu, khona uzakuba negugu ezulwini; uze ungilandele.”

22Yathi insizwa ukuba izwe leli zwi, yamuka idabukile, ngokuba yayinengcebo enkulu.

23Kepha uJesu wathi kubafundi bakhe: “Ngiqinisile ngithi kini: Onothileyo uyakungena kalukhuni embusweni wezulu. 24Futhi ngithi kini: Kulula ukuba ikamela lingene ngentunja yosungulo kunokuba onothileyo angene embusweni kaNkulunkulu.”

25Sebezwile lokho abafundi bethuka kakhulu, bathi: “Pho, kungasindiswa bani na?”

26Kepha uJesu ebabheka wathi kubo: “Kubantu akunakwenzeka; kepha kuNkulunkulu kungenzeka konke.”

Umvuzo wokuzidela

(Mark. 10:28; Luk. 18:28)

27Khona uPetru wathatha wathi kuye: “Bheka, thina sishiye konke, sakulandela. Pho, siyakutholani na?”

28Wathi kubo uJesu: “Ngiqinisile ngithi kini: Nina eningilandeleyo, ngokuphindukuzalwa lapho iNdodana yomuntu isihlezi esihlalweni senkazimulo yayo, nani niyakuhlala ezihlalweni zobukhosi eziyishumi nambili, nahlulele izizwe eziyishumi nambili zakwa-Israyeli. 29Nalowo oshiye izindlu, noma abafowabo, noma odadewabo, noma uyise, noma unina, noma abantwana, noma amazwe ngenxa yegama lami, uyakwamukeliswa okuphindwe kaningi, adle ifa lokuphila okuphakade. 30Kepha abaningi abokuqala bayakuba ngabokugcina, nabokugcina babe ngabokuqala.

NgokukaMathewu 20

Izisebenzi zesivini

1“Ngokuba umbuso wezulu ufana nomuntu ongumninindlu owaphuma ekuseni ukuqasha izisebenzi ziye esivinini sakhe. 2Esevumelene nezisebenzi ngodenariyu* ngosuku, wazithumela esivinini sakhe.

3“Waphuma futhi ngehora lesithathu, wabona abanye bemi esigcawini, bengenzi lutho; 4nakubo wathi: ‘Yanini nani esivinini; ngiyakuninika okufaneleyo.’ 5Baya-ke.

“Waphuma futhi ngehora lesithupha nangelesishiyagalolunye, wenze njalo. 6Esephuma ngehora leshumi nanye wafumana abanye bemi, wathi kubo: ‘Nimeleni lapha usuku lonke ningenzi lutho na?’

7“Bathi kuye: ‘Ngokuba akakho osiqashileyo.’

“Wathi kubo: ‘Hambani nani, niye esivinini.’

8“Kepha selishonile, umninisivini wathi enduneni yakhe: ‘Biza izisebenzi, uzikhokhele imali yazo, uqale ngezokugcina, ugcine ngezokuqala.’

9“Kuthe befika abehora leshumi nanye, kwaba yilowo nalowo wamukela udenariyu.* 10Sekuza abokuqala, bathi bazakwamukela okukhulu; kepha nabo bamukela udenariyu* ngabanye. 11Kepha sebamukela bakhonona ngomninindlu, 12bathi: ‘Laba abokugcina basebenze ihora linye nje, ubalinganise nathi esithwalile ubunzima nesifudumezi semini.’

13“Waphendula, wathi komunye wabo: ‘Mngane, angikoni; kanti asivumelananga ngodenariyu* na? 14Thatha okwakho, uhambe; kepha ngiyathanda ukunika lo wokugcina njengawe. 15Angivunyelwe ukwenza engikuthandayo ngokungokwami na? Kumbe iso lakho libi, ngokuba mina ngimuhle na?’

16“Kanjalo abokugcina bayakuba ngabokuqala, nabokuqala babe ngabokugcina.”

UJesu ukhuluma ngokuhlupheka kwakhe

17Kwathi uJesu esezakwenyukela eJerusalema, wathatha abafundi abayishumi nambili, wagudluka nabo; besesendleleni, wathi kubo: 18“Bhekani, sikhuphukela eJerusalema; iNdodana yomuntu izakukhashelwa kubapristi abakhulu nababhali; bazakuyinqumela ukuba ife, 19bayikhaphele kwabezizwe ukuba iklolodelwe, ishaywe, ibethelwe esiphambanweni; kepha ngosuku lwesithathu izakuvuswa.”

UJesu ukhuza amadodana kaZebedewu

20Khona kwafika kuye unina wamadodana kaZebedewu kanye namadodana akhe; wakhuleka, wacela into kuye.

21Yena wathi kuye: “Ufunani na?”

Wathi kuye: “Yisho ukuba lawa madodana ami amabili ahlale, enye ngakwesokunene sakho, enye ngakwesokhohlo sakho embusweni wakho.”

22UJesu waphendula wathi: “Anikwazi enikucelayo. Ningasiphuza yini isitsha engizakusiphuza na?”

Bathi kuye: “Singakwenza.”

23Wathi kubo: “Yebo, nizakusiphuza isitsha sami, kepha ukuhlala ngakwesokunene sami nangakwesokhohlo akusikho okwami ukuphana ngakho, kodwa kungokwalabo abakulungiselwe nguBaba.”

24Bathi ukuzwa lokho abayishumi, bazithukuthelela izelamani ezimbili. 25Kepha uJesu wababiza, wathi: “Niyazi ukuthi ababusi bezizwe bazenza amakhosi phezu kwazo, nezikhulu zazo ziphethe amandla phezu kwazo. 26Akunjalo phakathi kwenu, kodwa yilowo nalowo ofuna ukuba mkhulu phakathi kwenu makabe yisikhonzi senu; 27nalowo ofuna ukuba ngowokuqala phakathi kwenu makabe yinceku yenu, 28njengalokho iNdodana yomuntu ingezelanga ukukhonzwa kepha ukukhonza nokunikela ukuphila kwayo, kube yisihlengo sabaningi.”

UJesu usiza izimpumputhe ezimbili ukuba zibone

29Sebephuma eJeriko, isixuku esikhulu samlandela. 30Bheka, kwakuhlezi izimpumputhe ezimbili ngasendleleni; kuthe zizwa ukuthi uJesu uyadlula, zamemeza zathi: “Nkosi, Ndodana kaDavide, sihawukele!”

31Kepha isixuku sazikhuza ukuba zithule, kodwa kwayikhona zimemeza kakhulu, zithi: “Nkosi, Ndodana kaDavide, sihawukele!”

32UJesu wema, wazibiza wathi: “Nifuna ukuba nginenzeleni na?”

33Zathi kuye: “Nkosi, ukuba amehlo ethu avuleke.”

34UJesu waba nesihe, waphatha amehlo azo; zase zibona masinyane, zamlandela.

NgokukaMathewu 18:15-20:34ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli
Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU