Bible Society of South Africa

Bible Reading Plan – Day 279

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

NgokukaMathewu 15

UJesu uphulukisa iziguli; usuthisa amadoda ayizinkulungwane ezine

29Wasuka lapho uJesu, wafika ngaselwandle lwaseGalile, wenyukela entabeni, wahlala phansi khona. 30Kwase kusondela kuye izixuku eziningi zinezinyonga, nezimpumputhe, nezimungulu, nezilima, nabanye abaningi, zababeka ngasezinyaweni zakhe; wabaphulukisa, 31baze bamangala abantu bebona izimungulu zikhuluma, izilima zisindile, izinyonga zihamba, izimpumputhe zibona; bamdumisa uNkulunkulu ka-Israyeli.

32UJesu wayesebabiza abafundi bakhe, wathi: “Ngiyasihawukela isixuku, ngokuba sekuyizinsuku ezintathu sihlezi kimi, singenanto yokudla; angithandi ukubamukisa belambile, funa mhlawumbe baphele amandla endleleni.”

33Bathi kuye abafundi: “Singazitholaphi ehlane izinkwa ezingaka zokuba kusuthe isixuku esingaka na?”

34Wathi kubo uJesu: “Ninezinkwa ezingaki na?”

Bathi: “Eziyisikhombisa, nezinhlanzana eziyingcosana.”

35Wayala isixuku ukuba sihlale phansi; 36wazithabatha izinkwa eziyisikhombisa nezinhlanzi, wabonga, wazihlephula, wanika abafundi, abafundi baphakela izixuku. 37Badla bonke, basutha, babutha imvuthuluka eseleyo, amaqoma ayisikhombisa agcwele. 38Kepha abadlayo babe yizinkulungwane ezine zamadoda ngaphandle kwabesifazane nabantwana. 39Esezimukisile izixuku wangena emkhunjini, wafika emikhawulweni yaseMagadana.

NgokukaMathewu 16

Izibonakaliso zezikhathi nemvubelo yabaFarisi nabaSadusi

(Mark. 8:11)

1AbaFarisi nabaSadusi beza bemlinga bacela kuye ukuba ababonise isibonakaliso esivela ezulwini.

2Kepha waphendula, wathi kubo: “Kusihlwa nithi: ‘Loba lisile, lokhu izulu libhejile;’ 3kuthi kusasa nithi: ‘Namuhla lizakuphendula, ngokuba libhejile, liguqubele.’ Kanti ukuma kwezulu niyakwazi ukukuchaza, kepha izibonakaliso zezikhathi aniziqondi na? 4Isizukulwane esibi nesiphingayo sifuna isibonakaliso, kepha asiyikunikwa sibonakaliso, kuphela isibonakaliso sikaJona umprofethi.” Wabashiya, wamuka.

5Sebefike phesheya, abafundi bakhe babekhohliwe ukuphatha izinkwa. 6UJesu wayesethi kubo: “Anobheka nixwaye imvubelo yabaFarisi nabaSadusi.”

7Baphendulana bodwa, bathi: “Kungokuba singaphathanga izinkwa.”

8Kepha ekwazi lokho uJesu wathi: “Nina bokukholwa okuncane, yini ukuba niphendulane nodwa ngokuthi kungokuba ningenazinkwa na? 9Anikaqondi yini, futhi anizikhumbuli izinkwa eziyisihlanu zezinkulungwane eziyisihlanu nokuthi nabutha iziqabetho ezingaki na? 10Nezinkwa eziyisikhombisa zezinkulungwane ezine nokuthi nabutha amaqoma amangaki na? 11Aniqondi ngani ukuthi bengingakhulumi kini ngesinkwa na? Kepha xwayani imvubelo yabaFarisi nabaSadusi.” 12Khona baqonda ukuthi kashongo ukuba baxwaye imvubelo yezinkwa kepha isifundiso sabaFarisi nabaSadusi.

Isivumo sikaPetru

(Mark. 8:27; Luk. 9:18)

13UJesu esefikile emaphandleni aseKesariya Filipi wababuza abafundi bakhe, wathi: “Abantu basho ukuthi iNdodana yomuntu ingubani na?”

14Bathi: “Abanye basho uJohane uMbhapathizi; abanye basho u-Eliya; abanye basho uJeremiya noma omunye wabaprofethi.”

15Wathi kubo: “Nina-ke nithi ngingubani na?”

16USimoni Petru waphendula wathi: “Wena unguKristu, iNdodana kaNkulunkulu ophilayo.”

17UJesu waphendula, wathi kuye: “Ubusisiwe wena Simoni kaJona, ngokuba inyama negazi akukwambulelanga lokhu kodwa uBaba osezulwini. 18Nami-ke ngithi kuwe: Wena unguPetru; phezu kwaleli dwala ngiyakulakha ibandla lami; amasango eHayidese* awayikulahlula. 19Ngiyakukunika izihluthulelo zombuso wezulu. Oyakukubopha emhlabeni koba kuboshiwe nasezulwini, nalokho oyakukukhulula emhlabeni koba kukhululiwe nasezulwini.” 20Khona wabayala abafundi ukuba bangatsheli muntu ukuthi nguye onguKristu.

UJesu ukhuluma ngokuhlupheka kwakhe nokwabamlandelayo

(Mark. 8:31; Luk. 9:22)

21Kusukela kuleso sikhathi uJesu waqala ukubonisa abafundi bakhe ukuba umelwe ukuya eJerusalema, ahlushwe ngokuningi ngamalunga nangabapristi abakhulu nababhali, abulawe, kepha avuswe ngosuku lwesithathu.

22UPetru wayesemthatha, waqala ukumkhuza, wathi: “Musa, Nkosi, lokho akusoze kwenziwa kuwe.”

23Yena waphenduka, wathi kuPetru: “Buyela emva kwami, Sathane; uyisikhubekiso kimi, ngokuba awuqondi okukaNkulunkulu kepha okwabantu.”

24Khona uJesu wathi kubafundi bakhe: “Uma umuntu ethanda ukuza emva kwami, makazidele, athabathe isiphambano sakhe, angilandele. 25Ngokuba yilowo nalowo othanda ukusindisa ukuphila kwakhe uyakulahlekelwa yikho; kepha olahlekelwa ngukuphila kwakhe ngenxa yami uyakukufumana. 26Ngokuba kuyakumsizani umuntu, uma ezuza izwe lonke, onakalelwe ukuphila kwakhe, na? Yingabe uyakukhiphani umuntu, kube yisihlengo sokuphila kwakhe, na? 27Ngokuba iNdodana yomuntu iyakuza ngenkazimulo kaYise kanye nezingelosi zayo; khona-ke iyakuvuza yilowo nalowo ngesenzo sakhe. 28Ngiqinisile ngithi kini: Bakhona abanye kwabemi lapha abangayikuzwa ngempela ukufa, baze bayibone iNdodana yomuntu iza embusweni wayo.”

NgokukaMathewu 17

Ukukhazimuliswa kukaJesu entabeni

(Mark. 9:2; Luk. 9:28)

1Emva kwezinsuku eziyisithupha uJesu wathatha oPetru, noJakobe, noJohane umfowabo, wakhuphukela nabo entabeni ende bebodwa. 2Waphenduka esinye isimo phambi kwabo; ubuso bakhe bakhanya njengelanga, izingubo zakhe zaba mhlophe njengokukhanya. 3Bheka, kwabonakala kubo oMose no-Eliya bekhuluma naye.

4Wathatha uPetru wathi kuJesu: “Nkosi, kuhle ukuba silapha. Uma uthanda, ngizakwakha lapha amadokodo amathathu, elinye libe ngelakho, elinye libe ngelikaMose, elinye libe ngelika-Eliya.”

5Esakhuluma, bheka ifu elikhanyayo labasithibeza; bheka, kwavela izwi efwini, lathi: “Lo uyiNdodana yami ethandekayo engithokozile ngayo; yizweni.”

6Kuthe sebezwa lokho abafundi, bawa ngobuso babo, besaba kakhulu. 7Kepha uJesu wasondela, wabathinta, wathi: “Sukumani, ningesabi.” 8Kepha bephakamisa amehlo abo ababonanga muntu, kuphela uJesu yedwa.

9Besehla entabeni, uJesu wabayala wathi: “Ningatsheli muntu lowo mbono, ize ivuke iNdodana yomuntu kwabafileyo.”

10Bambuza abafundi, bathi: “Pho, basholoni ababhali ukuthi u-Eliya umelwe ukufika kuqala na?”

11Waphendula wathi: “Nempela u-Eliya uyeza, uyakubuyisela konke. 12Kepha ngithi kini: U-Eliya sewafika; abamazanga nokho, kodwa benza kuye abakuthandayo. Kanjalo neNdodana yomuntu iyakuhlushwa yibo.” 13Khona abafundi baqonda ukuba ubekhuluma kubo ngoJohane uMbhapathizi.

Ukuphulukiswa komfana onesithuthwane

(Mark. 9:14; Luk. 9:37)

14Sebefikile esixukwini, kweza kuye umuntu, waguqa ngamadolo phambi kwakhe, 15wathi: “Nkosi, hawukela indodana yami, ngokuba inesithuthwane, ihlupheka kabi, lokhu iwela kaningi emlilweni, kaningi emanzini. 16Ngiyilethe kubafundi bakho, kepha bahluleka ukuyiphulukisa.”

17UJesu waphendula wathi: “O! sizukulwane esingakholwayo nesiphambeneyo, koze kube nini nginani na? Koze kube nini nginibekezelela na? Yiletheni lapha kimi.” 18UJesu wayeseyikhuza, idemoni laphuma kuyo; umfana waphulukiswa kusukela kuleso sikhathi.

19Khona kwafika abafundi kuJesu bebodwa, bathi: “Thina besingemkhiphe ngani na?”

20Wayesethi kubo: “Kungenxa yokukholwa kwenu okuncane. Ngokuba ngiqinisile ngithi kini: Uma ninokukholwa njengembewu yesinaphi, niyakuthi kule ntaba: ‘Suka lapha, uye laphaya,’ iyakusuka; akukho okuyakunahlula. 21Kepha lolo hlobo aluphumi ngaphandle kokuba kube ngokukhuleka nokuzila ukudla.”

UJesu ukhuluma futhi ngokuhlupheka kwakhe.Imali yethempeli

(Mark. 9:30; Luk. 9:43)

22Besahambahamba eGalile, uJesu wathi kubo: “INdodana yomuntu izakukhashelwa ezandleni zabantu; 23bazakuyibulala, kepha ngosuku lwesithathu izakuvuswa.” Badabuka kakhulu.

24Kwathi ukuba bafike eKapernawume, abaqoqi bemali yethempeli beza kuPetru, bathi: “Umfundisi wenu akayitheli imali yethempeli na?”

25Wathi: “Uyayithela.”

Esengene endlini uJesu wamandulela, wathi: “Usho ukuthini, Simoni? Amakhosi omhlaba athatha kubaphi intela nenkokhiso, kumadodana awo noma kubafo, na?”

26Wathi: “Kubafo.”

UJesu wayesethi: “Ngakho-ke amadodana akhululekile. 27Kodwa-ke ukuba singabakhubekisi, yana elwandle, uphonse udobo, ubambe inhlanzi ephuma kuqala; wothi ukuba uyivule umlomo, uzakufumana imali; yithathe, ubanike, usithelele mina nawe.”

NgokukaMathewu 18

UJesu ufundisa ngokuthobeka nangezikhubekiso

1Ngaleso sikhathi abafundi basondela kuJesu, bathi: “Ngubani omkhulu embusweni wezulu na?”

2Wayesebiza umntwana, wammisa phakathi kwabo, 3wathi: “Ngiqinisile ngithi kini: Uma ningaphenduki, nibe njengabantwana, anisoze nangena embusweni wezulu. 4Ngakho-ke yilowo nalowo oyakuzithoba njengalo mntwana nguyena omkhulu embusweni wezulu. 5Nalowo oyakwamukela umntwana onje abe munye ngegama lami uyangamukela mina. 6Kodwa okhubekisa abe munye kulaba abancinyane abakholwa yimi, kungcono kuye ukuba itshe lokusila ligaxwe entanyeni yakhe, azikiswe ekujuleni kolwandle.

7“Maye kulo izwe ngenxa yezikhubekiso! Ngokuba izikhubekiso zimelwe ukufika, kepha maye kumuntu esiza ngaye isikhubekiso! 8Kepha uma isandla sakho sikukhubekisa, kumbe unyawo lwakho, kunqume, ukulahle; kungcono kuwe ukuba ungene ekuphileni uyingini noma unyonga kunokuba uphonswe emlilweni ophakade unezandla zombili nezinyawo zombili. 9Noma iso lakho likukhubekisa, likhiphe, ulilahle. Kungcono kuwe ukuba ungene ekuphileni uneso linye kunokuba uphonswe esihogweni somlilo unamehlo omabili. 10Bhekani ningadeleli namunye kulaba abancinyane, ngokuba ngithi kini: Izingelosi zabo ezulwini zibona njalo ubuso bukaBaba osezulwini. 11Ngokuba iNdodana yomuntu ize ukusindisa okulahlekileyo.

Imvu elahlekileyo.Inceku engenasihawu

12“Nithini na? Uma umuntu enezimvu eziyikhulu, kuduke enye kuzo, akazishiyi ezingamashumi ayisishiyagalolunye nesishiyagalolunye ezintabeni, ahambe ayofuna edukileyo, na? 13Athi uma eyithola, ngiqinisile ngithi kini, uthokoza ngayo kakhulu kunangezingamashumi ayisishiyagalolunye nesishiyagalolunye ezingadukanga. 14Kanjalo akusiyo intando kaYihlo osezulwini ukuba kubhubhe noyedwa kulaba abancinyane.

NgokukaMathewu 15:29-18:14ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli
Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU