Bible Society of South Africa

Bible Reading Plan – Day 266

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

UJobe 18

Inkulumo yesibili kaBilidadi: ongenaNkulunkulu uyachithwa impela

1Wayesethatha uBilidadi umShuhi, wathi:

2“Koze kube nini nibekela amazwi ami izingibe na?

Qondani, andukuba sikhulume.

3Kungani ukuba sithiwe siyizilwane,

singcolile emehlweni enu, na?

4Wena ozidwengula olakeni lwakho,

umhlaba uyakushiywa ngenxa yakho,

nedwala lisuswe endaweni yalo, na?

5Yebo, nokukhanya komubi kuyakucimeka,

nelangabi lomlilo wakhe aliyikukhanya.

6Ukukhanya kuyakufiphala etendeni lakhe,

nesibani sakhe phezu kwakhe siyakucimeka.

7Izinyathelo zakhe ezinamandla ziyakufinyezwa;

amasu akhe ayamlahla phansi.

8Ngokuba uyaphonswa yizinyawo zakhe enetheni,

uhamba phezu kweveku.

9Isicupho siyakumbamba ngesithende;

ifolo liyakumbamba.

10Uthukuselwe inkintshela emhlabathini,

nesihibe emgwaqweni.

11Ingebhe iyakumethusa nxazonke;

iyamzingela ezinyathelweni zakhe.

12Ububi buyakumlambela,

ulungiselwe ingozi eceleni kwakhe.

13Amalungu omzimba wakhe ayakudliwa,

yebo, ukufa okwesabekayo kuyakudla amalungu akhe.

14Uyakuhlwithwa etendeni lakhe alethembayo,

ayiswe enkosini yengebhe.

15Etendeni lakhe bayakuhlala abangesibo abakhe,

kuvumvuzelwe isibabule ekhaya lakhe.

16Izimpande zakhe ziyakoma ngaphansi;

phezulu kuyabuna amagatsha akhe.

17Ukukhunjulwa kwakhe kuyakuphela emhlabeni,

angabi negama ezweni.

18Uyakukhishwa ekukhanyeni, aqhutshelwe ebumnyameni,

axoshwe ezweni.

19Akayikuba nandodana namzukulwana phakathi kwabantu bakhe;

akuyikuba khona lapho egogobala khona.

20Abasentshonalanga bayethuswa lusuku lwakhe,

nabasempumalanga babanjwa ngukwesaba.

21Impela zinjalo izindlu zaboni;

injalo indawo engamazi uNkulunkulu.”

UJobe 19

UJobe uphendula inkulumo yesibili kaBilidadi: wenzelwe okubi lapho eshiyiwe yizihlobo zakhe; uyazi nokho ukuthi uMhlengi wakhe ukhona

1Wayesephendula uJobe, wathi:

2“Koze kube nini nihlupha umphefumulo wami,

ningiphohloze ngamazwi, na?

3Seningihlazisile kayishumi;

aninamahloni okuthi ningiphathe kabi na?

4Uma impela ngidukile,

ukuduka kwami kukimi ngedwa.

5Uma impela niyazikhukhumezela kimi,

niphikisane nami ngehlazo lami,

6yazini-ke ukuthi uNkulunkulu ungihlanekezele,

ungihaqe ngenetha.

7Bheka, ngikhala ngithi: ‘Ngubudlova!’

Kepha angiphendulwa;

ngicela ukusizwa,

kodwa akukho ukwahlulelwa.

8Uvalile indlela yami ukuze ngingabi nakudlula;

ubeka ubumnyama emikhondweni yami.

9Ungikhumulile udumo lwami;

ususile umqhele ekhanda lami.

10Ungidilizile nxazonke, sengimukile;

usiphulile ithemba lami njengomuthi.

11Ungivuthisele intukuthelo yakhe,

wangishaya njengezitha kuye.

12Amabutho akhe afika kanyekanye,

alungise indlela ukuba angisukele;

amisa nxazonke zetende lami.

13“Udedisile kimi abafowethu,

nabazana nami sebahlukene impela nami.

14Izihlobo zami zingishiyile,

nengazana nabo bangikhohliwe.

15Abagogobele endlini yami

nezincekukazi zami bangishaya umfokazi;

ngingowezizwe emehlweni abo.

16Ngibiza inceku yami,

kayingiphenduli;

ngiyayinxusa ngomlomo wami.

17Umoya wami mubi kumkami,

ngiyanuka kubantwana besisu sikamame.

18Yebo, nezingane ziyangidelela;

uma ngivuka, zikhuluma ngami.

19Ababeyizifuba zami bayanengwa yimi;

labo ababengithanda sebengifulathele.

20Amathambo ami anamathela

esikhumbeni sami nasenyameni yami;

ngisinde ngokulambisa kuphela.

21Ngihawukeleni, ngihawukeleni,

nina bangane bami,

ngokuba isandla sikaNkulunkulu singithintile.

22Ningizingelelani njengoNkulunkulu,

ningasuthi ngenyama yami na?

23“Sengathi amazwi ami angalotshwa!

Sengathi angabhalwa encwadini,

24aqoshwe edwaleni ngepeni lensimbi nangomthofu,

kuze kube phakade!

25Kepha mina ngiyazi ukuthi uMhlengi wami ukhona;

ekupheleni uyakuma othulini.

26Nalapho sesishabalele isikhumba sami,

ngiyakumbuka uNkulunkulu ngikhululekile enyameni yami,

27engiyakumbona uqobo lwami;

amehlo ami ayakumbona,

kungabi njengomfokazi;

okuphakathi kwami kuyaphela esifubeni sami.

28Uma nithi: ‘Siyakumxosha yini pho!

njengokuba impande yendaba ifumaniseka kimi,’

29yesabani inkemba,

ngokuba ulaka lungolwezono ezifanele inkemba,

ukuze nazi ukuthi ukwahlulelwa kukhona.”

UJobe 20

Inkulumo yesibili kaSofari: injabulo yababi imfushane

1Wayesethatha uSofari umNahama, wathi:

2“Ngalokho imicabango yami iyangiphendula

ngenxa yokushesha okuphakathi kwami.

3Ngiyezwa insolo engihlazisayo,

kepha umoya wasengqondweni yami uyangiphendula.

4“Awukwazi yini ukuba lokhu kungokwasendulo,

selokhu abantu babekwa emhlabeni,

5ukuthi ukujabula kwababi kufushane,

nokuthokoza kwabangenaNkulunkulu

kungokokuphazima kweso nje, na?

6Noma ubukhulu bakhe bukhuphukela ezulwini,

nekhanda lakhe lifinyelela emafwini,

7uyakubhubha kuze kube phakade njengamasimba akhe;

abambonayo bayakuthi: ‘Uphi na?’

8Uyakundiza njengephupho,

angabe esafunyanwa;

uyakuxoshwa njengombono wasebusuku.

9Iso elalimgqolozela alisamboni,

nendawo yakhe ayisamboni.

10Abantwana bakhe bayakuzincengela kwabampofu,

izandla zakhe zibuyise impahla yakhe.

11Amathambo akhe agcwele ubusha,

kepha buyakulala phansi kanye naye othulini.

12“Noma ububi bumnandi emlonyeni wakhe,

noma ebufihla phansi kolimi lwakhe,

13noma ebugodla engabushiyi,

kepha ebugcina emlonyeni wakhe,

14kuyaguquka nokho ukudla kwakhe phakathi kwakhe,

kube yinyongo yamabululu ezibilinini zakhe.

15Ugwinyile ingcebo;

uyakubuye ayihlanze;

uNkulunkulu uyakuyikhipha esiswini sakhe.

16Uyakumunca isihlungu samabululu;

ulimi lwenyoka luyakumbulala.

17Akayikubuka imifula,

iminonjana nemifudlana yezinyosi namangqanga.

18Lokho owakukhandlekelayo uyakukubuyisa, angakugwinyi;

ngempahla ayitholileyo akayikujabula.

19Ngokuba ucindezele,

washiya abampofu;

uhlwithile indlu, angabuye ayakhe.

20“Ngokuba wayengazi ukuthula esiswini sakhe;

kayikuphepha nalutho kulokho akufisayo.

21Akusalanga lutho angaludlanga;

ngalokho inhlanhla yakhe ayiyikuma.

22Ekusutheni kokuvama kwakhe uyaminywa;

izandla zakho konke ukuhlupheka ziyakumfikela.

23Kuyakuthi lapho eyakugcwalisa isisu sakhe,

uNkulunkulu aphonse kuye ukuvutha kwentukuthelo yakhe,

akunise phezu kwakhe esekudleni.

24Uyabalekela isikhali sensimbi,

kepha ubhotshozwa ngumnsalo wethusi.

25Uyawukhipha uphume emzimbeni wakhe;

nxa uphuma unyampuza enyongweni,

abesehlelwa yingebhe.

26Ubumnyama bonke bubekelelwe ingcebo yakhe;

umlilo ongavuthelwanga uyakuyidla,

uchithe okusele etendeni lakhe.

27Izulu liyakwambula ububi bakhe,

umhlaba umvukele.

28Imfuyo yendlu yakhe iyakumuka,

inyamalale ngomuhla wentukuthelo.

29Lesi siyisabelo somuntu omubi esivela kuNkulunkulu,

nefa alinqunyelweyo nguNkulunkulu.”

UJobe 21

UJobe uyaphendula inkulumo yesibili kaSofari: ukuhlupheka akubehleli ababi kuphela

1Wayesephendula uJobe, wathi:

2“Yizwani nokuzwa amazwi ami;

lokhu makube yinduduzo evela kini.

3Ngivumeleni ukuba nami ngikhulume;

nalapho sengikhulumile, klolodani.

4“Mina-ke, ukukhala kwami kungomuntu na?

Ngingekhathazeke na?

5Ngibukeni, nimangale,

nibeke izandla emilonyeni yenu.

6Lapho ngikhumbula nje,

ngishaywa luvalo;

ukwesaba kubamba inyama yami.

7Ababi baphilelani,

baze babe badala,

yebo, bakhule emandleni, na?

8Inzalo yabo iyema phambi kwabo kanye nabo,

nabantwana babo phambi kwamehlo abo.

9Izindlu zabo zinokuthula, azinangebhe;

uswazi lukaNkulunkulu aluphezu kwabo.

10Inkunzi yabo iyakhwela, kayiphuthi;

inkomo yabo iyazala, kayiphunzi.

11Bakhipha izingane zabo njengomhlambi;

abantwana babo bayagida.

12Bahlabelela ngesigubhu nangehabhu,*

bathokoza ngezwi lomtshingo.

13Baqeda imihla yabo ngokuhle,

behlela endaweni yabafileyo ngokuthula.

14Nokho bathi kuNkulunkulu:

‘Suka kithi,

asifuni ukwazi izindlela zakho.

15USomandla uyini ukuba simkhonze na?

Siyakuzuzani, uma sikhuleka kuye, na?’

16Bhekani, inhlanhla yabo ayisesandleni sabo;

icebo lababi malibe kude nami.

17“Kukangaki isibani sababi sicimeka,

nengozi ibehlela,

babelwe izabelo ngentukuthelo, na?

18Babeyakuba njengezibi phambi komoya,

nanjengamakhoba aphephethwa yisiphepho.

19UNkulunkulu ubekela abantwana babo ububi babo;

yebo, kodwa makabuphindisele kubo uqobo ukuba babazi.

20Awabo amehlo mawabone ukuchithwa kwabo,

bona baphuze ukufutheka kukaSomandla.

21Banokujabula kuni endlini yabo emva kwabo,

lapho umumo wezinyanga zabo usunqunyiwe, na?

22UNkulunkulu uyakufundiswa ukwazi,

yena owahlulela abaphakemeyo, na?

23“Omunye ufa esemi kahle kukho konke,

ezinzile, enokuthula.

24Izinhlangothi zakhe zigcwele amafutha;

umnkantsha wamathambo akhe umanzi.

25Omunye ufa enomphefumulo onomunyu,

engazange adle okuhle.

26Balala phansi othulini kanyekanye;

izimpethu ziyabasibekela.

27Bhekani, ngiyazi imicabango yenu,

namacebo enu eniyakungona ngawo.

28Nithi: ‘Iphi indlu yezikhulu,

liphi itende lokuhlala kwababi, na?’

29Anibuzanga abadlula endleleni,

nibazi ubufakazi babo

30bokuthi omubi ugodlelwa usuku lokubhujiswa

nokuthi bayamukiswa ngosuku lwentukuthelo, na?

31Ngubani oyakumtshela indlela yakhe ebusweni bakhe?

Ngubani oyakumphindisela ngalokho akwenzileyo na?

32Uyayiswa ethuneni, kulindwe elibeni.

33Amagabade asesigodini ayakuba mnandi kuye;

bonke abantu bayakudonswa emva kwakhe,

njengokuba bengenakubalwa nababe phambi kwakhe.

34“Pho, ningiduduzelani ngeze,

lokhu ezimpendulweni zenu kusele inkohliso nje, na?”

UJobe 18:1-21:34ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli
Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU