Bible Society of South Africa

Bible Reading Plan – Day 267

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

UJobe 22

Inkulumo yesithathu ka-Elifazi: uJobe wonile: makaphendukele kuNkulunkulu

1Wayesethatha u-Elifazi umThemani, wathi:

2“Umuntu angaba yinsizakalo kuNkulunkulu

ukuba ohlakaniphileyo abe nosizo kuye na?

3Kuyintokozo yini kuSomandla,

uma ulungile,

kuyinzuzo kuye, uma wenza izindlela zakho ziphelele, na?

4“Kungokumesaba kwakho akusolayo,

angene nawe ekwahlulelweni, na?

5Ububi bakho abubukhulu yini?

Izono zakho azinakuphela.

6Ngokuba uthathe ngeze izibambiso kumfowenu,

wahlubula abampofu izingubo zabo.

7Awumphuzisanga owomileyo amanzi,

wamgodlela olambileyo ukudla.

8Umuntu onamandla, izwe lingelakhe;

onodumo uyahlala kulo.

9Umukisile abafelokazi bengenalutho;

izingalo zezintandane zaphuliwe.

10Ngalokho izingibe ziyakuhaqa;

uvalo oluzumayo luyakwethusa.

11Ukukhanya kwakho kuphenduke ubumnyama,

ukuze ungaboni,

nesikhukhula samanzi siyakusibekela.

12“UNkulunkulu akakho ekuphakameni kwezulu na?

Bheka inhloko yezinkanyezi ukuthi iphakeme kangaka.

13Uthi wena: ‘UNkulunkulu wazini na?

Angahlulela engale kwesigayegaye na?

14Amafu ayamsibekela ukuze angaboni;

uyahamba esiyingelezini sezulu.’

15Uyakugcina indlela yamandulo eyahanjwa yizoni na?

16Yizo ezahlwitha kungakabi yisikhathi,

ezisisekelo sazo sathululwa njengomfula,

17nezathi kuNkulunkulu: ‘Suka kithina,

ngokuba uSomandla ubeyakwenzani kubo na?’

18Kepha nguye owayegcwalisa izindlu zabo ngokuhle.

Amasu ababi akude nami.

19“Abalungileyo bayakukubona, bathokoze;

abangenasici bayabaklododela ngokuthi:

20‘Impela ababesivukela sebechithiwe,

nabakushiyileyo umlilo ukuqedile.’

21“Mawujwayelane naye, ube nokuthula;

ngalokho okuhle kuyakufika kuwe.

22Mawamukele umthetho emlonyeni wakhe,

ubeke amazwi akhe enhliziyweni yakho.

23Uma ubuyela kuSomandla, uyakwakhiwa,

uma udedisa okubi kude etendeni lakho,

24ubeke igolide lakho othulini,

nelase-Ofiri phakathi kwamatshe eminonjana.

25USomandla uyakuba yigugu lakho,

nesiliva elikhazimulayo kuwe,

26ngokuba lapho uyakuthokoza ngoSomandla,

uphakamisele kuNkulunkulu ubuso bakho.

27Uyakukhuleka kuye, akuzwe,

wena ugcwalise izithembiso zakho.

28Uma unquma indaba, uyakuyenzelwa,

ukukhanya kukhanye ezindleleni zakho.

29Uma zehla, uyakuthi: ‘Phezulu!’

abesephakanyiswa ozithobileyo.

30Abantu abangemsulwa uyakubakhulula nabo,

bakhululwe ngobumhlophe bezandla zakho.”

UJobe 23

UJobe uphendula inkulumo yesithathu ka-Elifazi: ukhala ngokubeka indaba yakhe phambi kukaNkulunkulu

1Wayesephendula uJobe, wathi:

2“Nanamuhla ukukhala kwami kumunyu;

isandla sami siyasinda ngokububula kwami.

3Sengathi ngingazi ukuthi ngiyakumtholaphi,

ngize ngifike endlini yakhe,

4ngilungise ukwahlulelwa kwami phambi kwakhe,

ngigcwalise umlomo wami ngezimpendulo.

5Bengiyakuwazi amazwi abeyakungiphendula ngawo,

ngiqonde ukuthi ubeyakuthini kimi.

6Ubeyakuphikisana nami ngamandla akhe amakhulu na?

Cha, ubeyakubhekisa kimi.

7Lapho olungileyo ubeyakuphikisana naye,

mina ngikhululwe kumahluleli wami kuze kube phakade.

8Kodwa bheka, ngiya empumalanga,

kepha akakho,

nasentshonalanga, kepha angimboni,

9nangasenyakatho ekusebenzeni kwakhe, kepha akabonwa;

ujikela ngaseningizimu,

kepha akabonakali.

10Ngokuba uyayazi indlela yami;

esengivivinyile,

ngiyakuphuma njengegolide.

11Unyawo lwami lunamathele ezinyathelweni zakhe;

ngigcinile indlela yakhe,

angiphambukanga.

12Angichezukanga emyalweni wezindebe zakhe;

ngizibekele amazwi akhe kunezimiso zami.

13“Kodwa uyinto inye,

ngubani ongambuyisa na?

Okufisayo umphefumulo wakhe,

lokho uyakwenza.

14Uyakufeza engikumiselweyo;

izinto eziningi ezinjalo zikuye.

15Ngalokho ngishaywa luvalo ebusweni bakhe;

lapho ngikuqaphela, ngiyamesaba.

16NguNkulunkulu odangalisileyo inhliziyo yami,

uSomandla ungethusile,

17ngokuba anginqunywanga,

bungakafiki ubumnyama;

wangifihlela ukuhlwa.

UJobe 24

UJobe ukhala ukuthi abangenakuzivikela bayahlushwa

1“Kungani ukuba uSomandla

angazibekeleli izikhathi zokwahlulela,

abamaziyo babone imihla yakhe, na?

2Imincele iyasuswa;

bahlwitha imihlambi, bayiklabise.

3Bamukisa imbongolo yezintandane,

nenkomo yomfelokazi bayayithatha ibe yisibambiso.

4Bafuzula abaswelayo endleleni;

abampofu bomhlaba bacasha ndawonye.

5Bheka, njengezimbongolo ehlane

bayaphumela emisebenzini yabo befunisisa ukudla;

ihlane lingukudla kwabo abakunika abantwana babo.

6Emasimini bavuna ifoliji;*

bakhothoza esivinini somubi.

7Ebusuku balala nqunu bengenangubo,

bengenanto yokuzisibekela emakhazeni.

8Bamanzi ngezihlambi zasezintabeni;

basingatha idwala bengenasiphephelo.

9Intandane ihlwithwa ebeleni,

nengane yompofu ithathwa ibe yisibambiso,

10bahambe nqunu bengenangubo,

bethwele izithungu, belambile.

11Benza amafutha phakathi kwezingange zabahluphi;

banyathela izikhamo zewayini,

kepha bayoma.

12Bexoshwe emzini abafayo bayabubula;

imiphefumulo yabalimeleyo iyakhala,

kepha uNkulunkulu akanaki lokho okubi.

13“Bakhona abakuhlubukile ukukhanya;

abazi indlela yakho,

abanamatheli emikhondweni yakho.

14Umbulali uvuka ekuseni,

abulale ompofu noswelayo;

ebusuku unjengesela.

15Iso lesiphingi libheka ukuhlwa

ngokuthi: ‘Malingangiboni iso,’

sisithe ubuso baso.

16Bafohla izindlu sekumnyama;

emini bayazivalela;

ukukhanya abakwazi.

17Ngokuba ithunzi lokufa kubo bonke labo linjengokusa,

lokhu beyazi ingebhe yethunzi lokufa.

18“Banejubane ebusweni bamanzi;

izabelo zabo ziqalekisiwe emhlabeni;

abasayikuphendukela endleleni yezivini.

19Ukoma nokushisa kuyaqeda amanzi eqhwa;

kanjalo indawo yabafileyo labo abonileyo.

20Isizalo siyamkhohlwa;

izimpethu ziyamsobozela;

akasayikukhunjulwa;

ukungalungi kuyaphulwa njengomuthi.

21Uyayidla inyumba engazaliyo;

akenzeli umfelokazi okuhle.

22Uyadonsa namaqhawe ngamandla akhe;

uyavuka; akakho osenethemba lokuphila.

23UNkulunkulu uyamnika ukuba alondeke, asekelwe;

kepha amehlo akhe aphezu kwezindlela zabo.

24Bayaphakanyiswa;

emva kwesikhashana abasekho;

bayaphela njengabanye, bafe;

babuna njengezihloko zezikhwebu.

25“Uma kungenjalo,

ngubani ongangenza onamanga,

awenze ize amazwi ami, na?”

UJobe 25

Inkulumo yesithathu kaBilidadi: akukho okuhlambulukile emehlweni kaNkulunkulu

1Wayesethatha uBilidadi umShuhi, wathi:

2“Ukubusa nokwesabeka kukuye

owenza ukuthula ezindaweni zakhe eziphakemeyo.

3Ukhona yini ongabala izimpi zakhe,

nokukhanya kwakhe akuphumeli bani na?

4Pho, umuntu angalunga kanjani kuNkulunkulu,

nozelwe ngowesifazane angahlambuluka kanjani, na?

5Bheka, nenyanga ayinankazimulo,

nezinkanyezi azihlambulukile emehlweni akhe.

6Pho, kakhulu kangakanani umuntu oyimpethu,

nendodana yomuntu eyisibungu, na?”

UJobe 26

UJobe uphendula inkulumo yesithathu kaBilidadi: uyabazi naye ubukhulu bukaNkulunkulu njengoBilidadi

1Wayesephendula uJobe, wathi:

2“Usizile kanjani ongenamandla!

Usindisile kanjani ingalo engenamandla?

3Umlulekile kanjani ongenakuhlakanipha!

Umemezile kangakanani ukuqonda!

4Utshelwe ngubani lawo mazwi,

nomoya kabani waphuma kuwe, na?

5“Izithunzi ziyathuthumela

phansi kwamanzi kanye nabakhelwane bawo.

6Indawo yabafileyo ize phambi kwakhe,

nendawo yokubhubha ayinasisibekelo.

7Welula inyakatho phezu kwendawo engenalutho;

uphanyeka umhlaba phezu kweze.

8Ubopha amanzi emafwini akhe;

ifu alidabuki phansi kwawo.

9Uyasibekela ubuso besihlalo sakhe sobukhosi;

uyeneka ifu lakhe phezu kwaso.

10Uyingiliza ngomudwa phezu kobuso bamanzi,

kuze kuphele ukukhanya ebumnyameni.

11Izinsika zezulu ziyathuthumela;

ziyethuswa ngokukhuza kwakhe.

12Ngamandla akhe uyanyakazisa amanzi;

ngokuqonda kwakhe uyachitha uRahabi.

13Ngokuphefumula kwakhe izulu liyakhazimula;

isandla sakhe sigwazile inyoka esheshayo.

14Bheka, lokhu kungamaphethelo nje ezindlela zakhe,

izwi lokunyenyeza nje elizwakalayo ngaye;

indumo yamandla akhe,

ngubani obeyakuyiqonda na?”

UJobe 22:1-26:14ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli
Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU