Bible Society of South Africa

Bible Reading Plan – Day 264

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

UJobe 9

25“Imihla yami iyashesha kunesigijimi;

iyabaleka ingabonanga okuhle.

26Itshuza njengomkhunjana womhlanga,

njengokhozi olutheleka empangweni.

27Noma ngithi ngiyakukhohlwa ukukhala kwami,

ngiyeke ukunyukubala kwami, ngincibilike,

28ngiyesaba nokho bonke ubuhlungu bami,

ngiyazi ukuthi awuyikungibheka nginjengongenacala.

29Ngiyakulahlwa mina;

ngikhandlekelani ize na?

30Noma ngizigeza ngamanzi eqhwa,

ngihlambe izandla zami ngensipho,

31uyakungicwilisa nokho emgodini,

izingubo zami zinengwe yimi.

32Ngokuba akasiye umuntu onjengami

ukuba ngingase ngimphendule,

siye kanyekanye ekwahlulelweni.

33Akukho mnqamulajuqu phakathi kwethu

ongabeka isandla sakhe phezu kwethu sobabili.

34Makayisuse induku yakhe kimi;

ingebhe ngaye mayingangesabisi.

35Khona ngiyakukhuluma, ngingamesabi,

ngokuba anginjalo ngokwami.

UJobe 10

UJobe ukhala ngokuphathwa kwakhe kalukhuni

1“Umphefumulo wami ukhathele ukuhamba kwami;

ngiyazinikela ekukhaleni,

ngikhulume ngomunyu womphefumulo wami.

2Ngiyakusho kuNkulunkulu ukuthi:

‘Ungangilahli;

ngazise ukuthi uphikisanelani nami na?

3Kuhle yini kuwe ukuba ucindezele,

ulahle umsebenzi wezandla zakho,

ukhanye phezu kwamasu ababi, na?

4Amehlo enyama unawo na?

Uyabona njengabantu na?

5Imihla yakho injengemihla yomuntu na?

Neminyaka yakho injengezinsuku zabantu na?

6lokhu ufuna ukona kimi,

ufunisisa isono sami,

7noma ukwazi ukuthi angimubi

nokuthi akakho ongophula esandleni sakho.

8Izandla zakho zingibumbile,

zangenza ngokupheleleyo nxazonke;

nokho uyangichitha.

9Ake ukhumbule ukuthi ungenzile njengebumba;

pho, uyakungibuyisela othulini na?

10Awungithululanga njengobisi,

wangijiyisa njengoshizi,* na?

11Awungembathisanga isikhumba nenyama,

wangiphica ngamathambo nangemisipha, na?

12Ungenzele ukuphila nomusa;

ukungihambela kwakho kulondile umoya wami.

13Kepha ufihlile enhliziyweni yakho lokhu;

ngiyazi ukuthi lokhu kukuwe kokuthi:

14Uma ngona, uyangiqaphela;

awuyikuthethelela ukona kwami.

15Uma nginecala, maye kimi!

Noma bengilungile,

bengingayikuphakamisa ikhanda lami,

lokhu ngisuthi ngehlazo,

ngibona ukuhlupheka kwami.

16Nokuba bengiziphakamisa,

ubuyakungizingela njengengonyama,

ubuye uzenze omangalisayo kimi.

17Ubuyakuletha kimi ofakazi

abasha, wandise intukuthelo yakho

kimi, amabandla ngamabandla

angisukele.

18“ ‘Ungikhipheleni esizalweni na?

Ngangiyakugqibuka lingakangiboni iso,

19ngibe njengokungathi ngingekho,

ngiyiswe ethuneni ngisaphuma esiswini.

20Imihla yami ayiyingcosana na?

Makapheze, angiyeke ukuba ngithokoze kancane,

21ngingakayi lapho ngingasayikubuya khona,

izwe lobumnyama nelomthunzi wokufa,

22izwe lobumnyama obunjengesigayegaye

nelomthunzi wokufa nelesiphithiphithi,

lapho ukukhanya kunjengobumnyama.’ ”

UJobe 11

Inkulumo yokuqala kaSofari: ngokungazi kwakhe uJobe akaqondi ukuhlakanipha kukaNkulunkulu. Ngalokho makaphenduke

1Wayesethatha uSofari waseNahama, wathi:

2“Awayikuphendulwa amazwi amaningi kangaka na?

Umuntu oliphoshophosho angathethelelwa na?

3Ukugavuza kwakho kuthulisa abantu na?

Nalapho ukloloda,

akakho ongakuhlaza na?

4Ngokuba uthi:

‘Ukufundisa kwami kulungile;

ngimhlophe emehlweni akho.’

5Sengathi uNkulunkulu angakhuluma,

akuvulele izindebe zakhe,

6akwazise izimfihlakalo zokuhlakanipha,

ngokuba ukuqonda kwakhe kuninginingi,

uze wazi ukuthi uNkulunkulu,

ukuba kube kuhle kuwe,

wenza ukuba ikhohlakale inxenye yecala lakho.

7“Ungathola imfihlakalo kaNkulunkulu na?

Ungamfumana uSomandla kuze kube sekupheleleni kwakhe na?

8Kuphakeme njengezulu – ungenzani na?

Kujulile kunendawo yabafileyo – ungazini na?

9Isilinganiso sakho side kunomhlaba,

sibanzi kunolwandle.

10Uma edlula, avalele,

abizele ekwahluleleni,

ngubani ongamkhalima na?

11Ngokuba uyabazi abantu ababi;

lapho ebona ukona, akayikukunaka na?

12Umuntu oyize uyakuba nengqondo,

nxa ithole lembongolo yasendle lizalwa libe ngumuntu.

13“Uma ulungisa inhliziyo yakho,

welulele izandla zakho kuye;

14uma udedisele kude ukona okusesandleni sakho,

ungahlalisi ububi ematendeni akho,

15khona uyakuphakamisa ubuso bakho ungenamahloni,

uqine, ungesabi.

16Ngokuba uyakukhohlwa ukuhlupheka kwakho,

ukukhumbule kunjengamanzi adlulileyo.

17Ukuphila kwakho kuyakusa kunemini;

noma kuhlwa, kuyakuba njengokusa nje.

18Uyakuba nokwethemba,

ngokuba ithemba likhona;

uyakuphendla,

ulale ngokulondeka.

19Uyakulala, ungethuswa muntu;

abaningi bayakuzincengela kuwe.

20Kepha amehlo ababi ayakufiphala;

abayikuba nandawo yokuphephela;

ithemba labo liyakuba ngukuphuma komphefumulo.”

UJobe 12

UJobe uphendula inkulumo yokuqala kaSofari: phambi kukaSomandla, amandla nokuhlakanipha komuntu, akulutho

1Wayesephendula uJobe, wathi:

2“Impela yinina eningabantu;

ukuhlakanipha kuyakufa nani.

3Kodwa nami nginengqondo njengani,

angahlulwa yinina;

ngubani ongazazi izinto ezinje na?

4Ngiyisigcono somngane wami,

ngowambiza uNkulunkulu,

waphendula;

olungileyo nongenasici uyisigcono.

5Emcabangweni wohlezi kahle ingozi iyadeleleka;

kulungiselwe abazinyawo zabo zishelela.

6Amatende abacindezelayo anokuthula;

abathukuthelisayo uNkulunkulu bayalondeka,

abaletha unkulunkulu wabo ngezandla zabo.

7Kepha mawubuze izinkomo,

ziyakukufundisa,

nezinyoni zezulu, ziyakukutshela.

8Khuluma kuwo umhlaba,

uyakukufundisa,

nezinhlanzi zolwandle ziyakukulandisa.

9Ngubani ongaziyo ngakho konke lokho

ukuthi isandla sikaJehova sikwenzile lokho na?

10Esandleni sakhe ukhona umphefumulo wakho konke okuphilayo,

nomoya wenyama yabantu bonke.

11Indlebe ayivivinyi yini amazwi,

njengolwanga lunambitha ukudla, na?

12Ezimpungeni kukhona ukuhlakanipha,

nasebudeni bezinsuku ukuqonda.

13“Kuyena kukhona ukuhlakanipha namandla;

unesu nokuqonda.

14Bheka, uyadiliza, kungabe kusakhiwa;

uyavalela umuntu, kungabe kusavulwa.

15Bheka, uyavimba amanzi, ashe;

uyawathumela agumbuqele umhlaba.

16Kuye kukhona amandla nokusizwa;

odukisiweyo nodukileyo bakuye.

17Umukisa abaluleki bephangiwe;

uyenza abahluleli babe yiziwula.

18Uthukulula izibopho zamakhosi,

awabophe ezinkalweni ngamaketanga.

19Umukisa abapristi bephangiwe,

aphenule abemiyo njalo.

20Uyasusa ulimi lwabathembekileyo,

aphuce amalunga ukuqonda.

21Uthela izikhulu ngehlazo,

akhumule imbonya yonamandla.

22Uyambula izinto ezijulileyo ebumnyameni,

akhiphele ekukhanyeni ithunzi lokufa.

23Uyandisa izizwe, abesezibhubhisa;

ukhulisa izizwe, abesezisusa.

24Uyamuka izinhloko zezizwe ezweni ingqondo yazo,

azidukise ehlane elingenandlela.

25Ziyaphumputha ebumnyameni zingenakukhanya,

uyazintengantengisa njengesidakwa.

UJobe 13

Inkulumo kaJobe isaqhubeka: uNkulunkulu uqobo lwakhe makasho ukuthi uJobe woneni

1“Bheka, iso lami libone konke;

indlebe yami ikuzwile, yakuqonda.

2Enikwaziyo ngiyakwazi nami;

angahlulwa yinina.

3Kepha ngiyakukhuluma kuSomandla;

ngifuna ukuphikisana noNkulunkulu.

4Kepha ningabaqambimanga;

niyizinyanga ezingelutho nonke.

5Sengathi ningathula nokuthula,

lokho kube ngukuhlakanipha kini.

6Ake nizwe ukuthetha kwami,

niqaphele ukuzivikela kwezindebe zami.

7Niyakumkhulumela uNkulunkulu ngokubi,

nimkhulumele ngenkohliso, na?

8Niyakubuvuma ubuso bakhe,

nimmele uNkulunkulu, na?

9Kuhle yini, lapho eniphendla?

Njengalokhu umuntu ekhohliswa niyakumkhohlisa na?

10Uyakunisola nokunisola,

uma nivuna ubuso ngasese.

11Ubukhulu bakhe abuyikunethusa,

nengebhe ngaye inehlele, na?

12Izikhumbuzo zenu ziyizaga zomlotha;

izivikelo zenu ziyizivikelo zebumba.

13“Thulani, ningiyeke ukuba ngikhulume,

kungehlele noma yini.

14Bengiyakuyithathelani inyama yami ngamazinyo ami,

ngibeke ukuphila kwami esandleni sami, na?

15Bheka, uyakungibulala,

anginathemba;

nokho ngiyakuvikela izindlela zami ebusweni bakhe.

16Lokhu kuyakuba yinsindiso yami

ukuthi ongenaNkulunkulu akezi phambi kwakhe.

17Zwisisani amazwi ami,

ukusho kwami kube sezindlebeni zenu.

18Bhekani-ke, sengilungisile ukwahlulelwa kwami;

ngiyazi ukuthi ngiyakuthethwa mina.

19Ngubani oyakuphikisana nami na?

Ngokuba lapho bengiyakuthula,

ngigqabuke.

20Izinto ezimbili kuphela ungazenzi kimi,

ngize ngingacasheli ubuso bakho:

21masingasondeli kimi isandla sakho,

ngingethuswa yingebhe ngawe.

22Khona mawubize, mina ngiyakuphendula,

noma kukhulume mina,

wena ungiphendule.

23Iziphambeko zami nezono zami zingakanani na?

Ngazise izeqo zami nezono zami.

24Usithelani ubuso bakho,

ungishaye isitha, na?

25Uyakwethusa iqabunga eliphephethwayo,

uxoshe amabibi awomileyo, na?

26Ngokuba uloba okumunyu ngami,

ungidlisa ifa lobubi bobusha bami;

27ufaka izinyawo zami ezingongolweni,

uqaphela zonke izindlela zami,

uzidwebela umudwa ngasematheni ezinyawo zami,

28noma nginyamalala njengokubolayo,

njengengubo edliwe yizinundu.

UJobe 9:25-13:28ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli
Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU