Bible Society of South Africa

Bible Reading Plan – Day 237

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

U-Isaya 52

1Vuka, vuka,

wembathe amandla akho, Siyoni,

uzigqoke izingubo zakho ezinhle,

Jerusalema, muzi ongcwele,

ngokuba akusayikungena kuwe

ongasokile nongcolileyo.

2Zithintithe uthuli,

usukume, uhlale, Jerusalema elithunjiweyo;

zikhulule eziboshweni zentamo yakho

wena ndodakazi yaseSiyoni ethunjiweyo.

3Ngokuba usho kanje uJehova, uthi:

“Nathengiswa ngento engelutho;

niyakuhlengwa ngaphandle kwemali.”

4Ngokuba isho kanje iNkosi uJehova, ithi:

Abantu bami behlela kuqala eGibithe

ukuba bagogobale khona;

i-Asiriya lamcindezela ngaphandle kwesizathu.

5“Manje nginantoni lapha,” usho uJehova,

“lapho abantu bami besusiwe ngeze na?

Ababusa phezu kwabo bayaklabalasa,” usho uJehova,

“negama lami liyahlanjalazwa njalo usuku lonke.

6Ngalokho abantu bami bayakulazi igama lami;

ngalokho bayakuqonda ngalolo suku

ukuthi yimi engikhulumileyo;

bhekani, ngilapha.”

7Zimnandi kangakanani ezintabeni

izinyawo zoletha izindaba ezinhle,

nomemezela ukuthula,

obika izindaba ezinhle, ezwakalise ukusindiswa,

oshoyo kulo iSiyoni ukuthi:

“UNkulunkulu wakho uyinkosi.”

8Izwi labalindi bakho,

bayaliphakamisa izwi,

bajabule kanyekanye,

ngokuba bayakubona iso neso,

lapho uJehova ebuyela eSiyoni.

9Qhumukani ngokuhlabelela,

nihlabelele kanyekanye,

nina zindawo ezichithekileyo zaseJerusalema,

ngokuba uJehova ubaduduzile abantu bakhe,

ulihlengile iJerusalema.

10UJehova wambulile ingalo yakhe engcwele

emehlweni ezizwe zonke,

namajukujuku onke omhlaba

ayakubona insindiso kaNkulunkulu wethu.

11Mukani, mukani, niphume lapha,

ningathinti okungcolileyo,

niphume phakathi kwalo, nizihlambulule

nina eniphatha izitsha zikaJehova.

12Ngokuba aniyikuphuma ngokushesha,

ningahambi ngokubaleka,

ngokuba uJehova uyakuhamba phambi kwenu,

noNkulunkulu ka-Israyeli uyakuba semva kwenu.

Ukuhlupheka kwenceku

13Bheka, inceku yami iyakuphumelela kahle;

iyakukhuliswa, iphakanyiswe, iphakame kakhulu.

14Njengalokhu abaningi bamangala ngayo

ubuso bayo babonakele kunobabantu,

nesimo sayo kunesamadodana abantu

15kanjalo iyakwethusa izizwe eziningi;

amakhosi ayakuvala imilomo yawo ngenxa yayo,

ngokuba lokho angatshelwanga khona ayakukubona,

nalokho angakuzwanga ayakukuqonda.

U-Isaya 53

1Ngubani owakholwa ngesikuzwileyo;

ingalo kaJehova yambulelwa bani na?

2Ngokuba yakhula njengehlumela phambi kwakhe,

nanjengempande emhlabathini owomileyo;

yayingenasimo nabuhle ukuba siyibuke,

yayingabukeki ukuba siyifune.

3Yayideleliwe, yashiywa ngabantu,

umuntu wobuhlungu owazi ukugula;

yeyiswa injengosithezelwa ubuso ngabantu,

asiyishayanga nto yalutho.

4Kepha yazithwala izifo zethu,

yabetshatha ubuhlungu bethu,

kodwa thina sathi ijezisiwe,

ishaywe nguNkulunkulu, ihlushiwe.

5Yebo, yalinyazwa ngenxa yeziphambeko zethu,

yachotshozwa ngobubi bethu;

isijeziso sasiphezu kwayo ukuba sibe nokuthula,

nangemivimbo yayo siphilisiwe thina.

6Thina sonke sidukile njengezimvu;

yilowo nalowo uphendukele endleleni yakhe;

uJehova wehlisela phezu kwayo ububi bethu sonke.

7Yacindezelwa, kepha noma yathotshiswa,

ayivulanga umlomo wayo;

njengewundlu eliyiswa ekuhlatshweni,

nanjengemvu ethule phambi kwabagundi bayo,

ayiwuvulanga umlomo wayo.

8Yasuswa ekucindezelweni nasekwahlulelweni;

ngubani esizukulwaneni sayo owacabanga

ukuthi yahlwithwa ezweni labaphilayo,

ishaywa ngesiphambeko sabantu bami, na?

9Babeka ithuna layo kanye nababi;

ekufeni yayinabenza okubi,

noma ingenzanga indluzula,

kungekho nankohliso emlonyeni wayo.

10Nokho uJehova wathanda ukuyishaya ngezifo;

lapho wenza umphefumulo wayo ube ngumnikelo wecala,

iyakubona inzalo yayo, yenze izinsuku zayo zibe ziningi,

nentando kaJehova iyakuphumelela esandleni sayo.

11Ngokuhlupheka komphefumulo wayo

iyakukubona, yaneliswe.

Ngokwazi kwayo inceku yami, elungileyo,

iyakulungisisa abaningi,

ithwale izono zabo.

12Ngalokho ngiyakuyabela kanye nabakhulu,

yahlukanise impango nabanamandla,

ngokuba yawuthulula umphefumulo wayo ekufeni,

yabalwa kanye nezelelesi;

yathwala nokho izono zabaningi,

yakhulekela aboni.

U-Isaya 54

IJerusalema elisha

1“Jabula wena nyumba, wena ongazalanga,

uqhumuke ngokuhlabelela,

umemeze wena ongabanga namihelo,

ngokuba abantwana boyisikhwebu baningi

kunabantwana bonendoda,” usho uJehova.

2“Yenza ibe banzi indawo yetende lakho;

mabazelule izindwangu zamakhaya akho,

ungazibambezeli, welule izintambo zakho,

uziqinise izikhonkwane zakho.

3Ngokuba uyakusabalala ngakwesokunene nangakwesokhohlo,

nengalo yakho iyakuqeda abezizwe,

yakhe imizi echithekileyo.

4“Ungesabi, ngokuba awuyikujabha,

ungabi namahloni,

ngokuba awuyikujabhiswa,

ngokuba uyakukhohlwa ihlazo lobusha bakho,

ungabe usawakhumbula amahloni obufelokazi bakho.

5Ngokuba uMenzi wakho ungumyeni wakho,

nguJehova Sebawoti igama lakhe;

oNgcwele ka-Israyeli unguMhlengi wakho,

uyakubizwa ngokuthi uNkulunkulu womhlaba wonke.

6Ngokuba uJehova ukubizile

njengomfazi oshiyiweyo nodabukileyo emoyeni;

umfazi wobusha ukhona omalayo na?”

usho uNkulunkulu wakho.

7“Umzuzwana omncane ngakushiya,

kepha ngobumnene obukhulu ngiyakukubutha.

8Ngentukuthelo echichimayo

ngabusitheza ubuso bami kuwe isikhashana,

kepha ngomusa ongapheliyo ngiyakukuhawukela,”

usho uJehova uMhlengi wakho.

9“Ngokuba lokhu kunjengezinsuku zikaNowa kimi,

ngokuba njengalokho ngafunga

ukuthi amanzi kaNowa awayikube esadlula emhlabeni,

kanjalo sengifungile ukuthi angisayikukuthukuthelela,

ngikusole.

10Yebo, izintaba zingamuka, namagquma angasuswa,

kepha umusa wami awuyikumuka kuwe,

nesivumelwano sami sokuthula asiyikususwa,”

usho uJehova okuhawukelayo.

11“Wena ohluphekayo,

ohlukunyeziwe ungaduduzwanga,

bheka, ngiyakufaka amatshe akho abe mahle,

ngizibeke izisekelo zakho ngamasafire.*

12Ngiyakwenza imibhoshongo yakho ngamarubi,*

namasango akho ngekristalo,*

nayo yonke imikhawulo yakho ngamatshe amahle.

13Bonke abantwana bakho

bayakuba ngabafundi bakaJehova,

nokuthula kwabantwana bakho kuyakuba kukhulu.

14Uyakumiswa ngokulunga;

uyakuba kude nokucindezelwa,

ngokuba awuyikwesaba,

nanovalo, ngokuba aluyikusondela kuwe.

15Bheka, uma bebuthana,

kungaphandle kwami,

noma ngubani obuthanela wena,

uyakuwa ngenxa yakho.

16“Bheka, mina ngidalile umkhandi

ofutha umlilo wamalahle,

azikhiphele isikhali somsebenzi wakhe;

mina ngidalile futhi umchithi wokuba abhubhise.

17Asikho isikhali esenzelwa wena esiyakuphumelela,

nalo lonke ulimi olukuvukelayo luyakwahlulelwa;

lokhu kuyifa lezinceku zikaJehova

nokulunga kwazo okuvela kimi, usho uJehova.

U-Isaya 55

Isimemo sokusindiswa

1“We nina nonke enomileyo,

wozani emanzini;

nani eningenamali

wozani nithenge, nidle;

wozani nithenge ngaphandle kwemali,

yebo, iwayini nobisi,

kungabizwa lutho.

2Niyichithelani imali kukho okungesiso isinkwa,

nenzuzo yenu kukho okunganelisiyo, na?

Ngilaleleni nokungilalela,

nidle okuhle,

umphefumulo wenu ujabule ngamanoni.

3Bekani izindlebe, nize kimi,

nizwe, uyakuphila umphefumulo wenu;

ngiyakwenza nani isivumelwano esiphakade,

izenzo zomusa oqinisekileyo zikaDavide.

4Bheka, ngimnike abe ngufakazi kubantu,

umholi nomyali kubantu.

5Bheka, uyakubiza izizwe ongazaziyo,

nezizwe ebezingakwazi ziyakugijimela kuwe

ngenxa kaJehova uNkulunkulu wakho

nangenxa yoNgcwele ka-Israyeli,

ngokuba ukudumisile.”

6Mfuneni uJehova esenokutholwa,

nimbize eseseduze.

7Omubi makashiye indlela yakhe,

nomuntu owenza okubi imicabango yakhe,

abuyele kuJehova,

uyakuba nomusa kuye,

yebo, abuyele kuNkulunkulu wethu,

ngokuba uyakwenza ukuthethelela kube kukhulu.

8“Ngokuba imicabango yami

ayisiyo imicabango yenu,

nezindlela zenu

azisizo izindlela zami,” usho uJehova.

9“Ngokuba njengamazulu ephakeme kunomhlaba,

kanjalo izindlela zami ziphakeme kunezindlela zenu,

nemicabango yami kunemicabango yenu.

10Ngokuba njengokwehla kwemvula neqhwa ezulwini,

kungabuyeli khona,

kepha kuwunethisa umhlaba,

kuwenze ukuba uthele, uhlume,

unike ohlwanyelayo inhlwanyelo nodlayo isinkwa,

11liyakuba njalo izwi lami

eliphuma emlonyeni wami:

aliyikubuyela ze kimi,

lingakafezi lokhu engikufunayo,

liphumelele kulokhu engilithumele kukho.

12Ngokuba niyakuphuma ngokuthokoza,

niholwe ngokuthula;

izintaba namagquma kuyakuqhumuka

ngokuhlabelela phambi kwenu,

nemithi yonke yasendle iyakushaya ihlombe.

13Esikhundleni sogagane kuyakumila umsayipuresi,*

nasesikhundleni samakhakhasi kuyakumila umbomvana.

Kuyakuba yigama kuJehova,

nesibonakaliso esingapheliyo esingayikunqunywa.”

U-Isaya 56

Ukusindiswa kungokwabezizwe

1Usho kanje uJehova, uthi:

“Gcinani ukwahlulela,

nenze ukulunga,

ngokuba insindiso yami iseduze ukuba ifike,

nokulunga kwami ukuba kwambulwe.

2Ubusisiwe umuntu owenza lokhu,

nendodana yomuntu ebambelela kukho,

ogcina isabatha engaloni,

osibamba isandla sakhe

ukuba singenzi nakuphi okubi.”

3Indodana yowezizwe ezihlanganise noJehova

mayingasho ukuthi:

“Impela uJehova uyakungahlukanisa

nabantu bakhe,”

nomthenwa angathi:

“Bheka, ngingumuthi owomileyo.”

4Ngokuba usho kanje uJehova ngabathenwa, uthi:

“Abagcina amasabatha ami,

nabakhetha engikuthandayo,

nababambelela esivumelwaneni sami

5bona ngiyakubanika endlini yami

naphakathi kwezingange zami

isikhumbuzo negama elihle

kunamadodana namadodakazi;

ngiyakubanika igama eliphakade,

elingayikunqunywa.

6Nabezizwe abazihlanganisa noJehova

ukumkhonza uJehova nokulithanda igama likaJehova

ukuba babe yizinceku zakhe

bonke abaligcina isabatha, bangaloni,

nababambelela esivumelwaneni sami,

7yebo, nabo ngiyakubayisa

entabeni yami engcwele,

ngibathokozise endlini yami yokukhuleka;

iminikelo yabo yokushiswa nemihlatshelo yabo

iyakwamukeleka e-altare lami,

ngokuba indlu yami iyakubizwa ngokuthi

indlu yokukhuleka phakathi kwabantu bonke.”

8INkosi uJehova

ebutha abaxoshiweyo bakwa-Israyeli ithi:

“Ngisezakubuthela kuye nabanye

ngaphandle kwabase bebuthiwe.”

U-Israyeli wonakele

9Nonke nina zilwane zasendle,

wozani nidle,

nonke nina zilwane zasehlathini.

10Bonke abalindi bayizimpumputhe,

abanakwazi;

bonke bayizinja eziyizimungulu,

abakwazi ukukhonkotha,

balala bephupha,

bathanda ukozela.

11Yebo, bayizinja ezihahayo,

abakwazi ukusutha;

yebo, laba bangabelusi abangenakuqonda,

baphendukela bonke ezindleleni zabo,

kube yilowo nalowo enzuzweni yakhe,

bonke kanyekanye.

12Wozani, ngiyakuletha iwayini,

sizakuzigcwalisa ngophuzo olunamandla;

nengomuso liyakuba njenganamuhla,

libe likhulu kakhulu.

U-Isaya 52:1-56:12ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli
Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU