Bible Society of South Africa

Bible Reading Plan – Day 236

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

U-Isaya 49

8Usho kanje uJehova, uthi:

“Ngiyakuphendula ngesikhathi somusa,

ngosuku lokusindiswa ngiyakusiza;

ngiyakukulondoloza, ngikubeke

ube yisivumelwano sabantu

sokubuyisa izwe

nokubenza badle amafa achithekileyo,

9uthi kwababoshiweyo: ‘Phumani,’

nakwabasebumnyameni: ‘Velani.’

“Bayakuklaba ngasezindleleni,

amadlelo abo abe semagqumeni onke.

10Abayikulamba, abayikoma,

abayikushaywa yisifudumezi nelanga,

ngokuba yena onomusa kubo uyakubahola,

abayise emithonjeni yamanzi.

11Ngiyakuzenza zonke izintaba zami zibe yizindlela,

imendo yami iphakame.

12Bheka, laba bayakuvela kude;

bheka, laba bayakuvela enyakatho nasentshonalanga,

nalaba ezweni laseSinimi.”

13Jabulani nina mazulu,

uthokoze nawe mhlaba,

niqhumuke ngokuhlabelela nina zintaba,

ngokuba uJehova ududuza abantu bakhe,

abe nomusa kwabahluphekileyo bakhe.

Isikhathi somusa

14Kepha iSiyoni lithi:

“UJehova ungishiyile,

iNkosi ingikhohliwe.”

15“Owesifazane angakhohlwa umntwana wakhe oncelayo

ukuba angabi namusa kuyo indodana yesizalo sakhe na?

Yebo, bona bangakhohlwa,

kodwa mina anginakukukhohlwa wena.

16Bheka, ezandleni zami ngikubhalile,

izingange zakho ziphambi kwami njalo.

17Abantwana bakho bayashesha;

abakuchithayo nabakwenza ize baphuma kuwe.

18Phakamisa amehlo akho nxazonke, ubone:

bonke bayabuthana, bafika kuwe.

Kuphila kwami,” usho uJehova,

“impela uyakubembatha bonke njengemvunulo,

uzibhince ngabo njengomakoti.

19“Ngokuba izindawo zakho ezichithekileyo neziyize

nezwe lakho eliqothuliweyo

kuyakuminyana ngabakhileyo khona,

nabakugwinyileyo bayakuba kude.

20Abantwana bokusweziselwa kwakho

basayakusho ezindlebeni zakho ukuthi:

Indawo ingumcingo kimi;

sukani kimi ukuba ngihlale.

21Bese wusho enhliziyweni yakho ukuthi:

‘Ngubani ongizalele laba,

lokhu ngaphuciwe abantwana bami,

ngingenalutho,

ngingumthunjwa, ngingozulazulayo, na?

Ngubani okhulise laba na?

Bheka, ngasala ngedwa;

laba babephi na?’ ”

22Isho kanje iNkosi uNkulunkulu, ithi:

“Bheka, ngiyakuphakamisela izizwe izandla zami,

ngimisele abantu ibhanela* lami;

bayakuletha amadodana akho esifubeni sabo,

namadodakazi akho ayakuthwalwa emahlombe.

23Amakhosi ayakuba ngabazanyana bakho,

namakhosikazi awo ayakuba ngabancelisi bakho;

bayakukukhothamela ubuso bubheke phansi,

bakhothe uthuli lwezinyawo zakho;

uyakwazi ukuthi nginguJehova,

abethemba kimi abayikujabha.”

24Impango ingasuswa kuwo amaqhawe,

nabathunjwa bangophulwa kubacindezeli, na?

25Noma kunjalo, uJehova uthi:

“Yebo, abathunjwa bamaqhawe bangasuswa,

nempango yabacindezeli iyakophulwa,

kepha mina ngiyakulwa naye olwa nawe,

ngisindise abantwana bakho.

26Ngiyakudlisa abacindezeli bakho inyama yabo,

badakwe yigazi labo njengangewayini elimnandi;

inyama yonke iyakwazi

ukuthi mina Jehova

nginguMsindisi wakho,

noMhlengi wakho,

uMninimandla kaJakobe.”

U-Isaya 50

1Usho kanje uJehova, uthi:

“Iphi incwadi yesahlukaniso

engimlahlile ngayo,

noma ngumuphi enginesikwenetu kuye

engithengisile ngani kuye na?

Bhekani, nathengiswa ngobubi benu,

nangeziphambeko zenu,

unyoko walahlwa.

2Ngalokho ekufikeni kwami

kwaba ngani ukuba kungabikho muntu,

nasekubizeni kungabikho ophendulayo, na?

Isandla sami sifinyeziwe nokufinyezwa,

ukuze singahlengi na?

Noma angisenamandla okophula na?

Bheka, ngokukhuza kwami ngiyomisa ulwandle,

ngenze imifula ibe yihlane;

izinhlanzi zalo ziyanuka,

ngokuba awakho amanzi,

ziyafa ukoma.

3Ngiyembathisa amazulu ubumnyama,

ngenze indwangu yamasaka ibe yisimbozo sawo.”

Umsebenzi Wenceku

4INkosi uJehova inginikile ulimi lwabafundi

ukuba ngazi ukuvuselela oyethileyo ngamazwi ahlumelelayo;

ivusa njalo indlebe yami ekuseni imihla ngemihla

ukuba ngizwe njengabafundi.

5INkosi uJehova iyivulile indlebe yami,

mina angihlubukanga,

angihlehlanga nyovane.

6Nganika abashayi umhlane,

nezihlathi zami kubo abahluthula isilevu;

angibusithelisanga ubuso bami

ekuhlazisweni nasekufelweni amathe.

7Ngokuba iNkosi uJehova iyakungisiza;

ngalokho angijabhanga,

ngalokho ngibumisile ubuso bami njengensengetsha;

ngiyazi ukuthi angiyikujabha.

8Ongithethayo useduze;

ngubani ongamelana nami na?

Masivuke kanyekanye;

ngubani omangalelana nami na?

Makasondele kimi.

9Bheka, iNkosi uJehova iyakungisiza;

ngubani oyakungilahla na?

Bheka, bonke bayakuguga njengengubo,

badliwe njengezinundu.

10Ngubani phakathi kwenu omesabayo uJehova?

Makalilalele izwi lenceku yakhe

ehambile ebumnyameni,

ethembile egameni likaJehova,

noma ingenakukhanya,

yencika kuNkulunkulu wakhe.

11Bhekani nina nonke eniphemba umlilo,

enibhinca izikhuni,

manihambe ekukhanyeni komlilo wenu

naphakathi kwezikhuni eniziphembileyo.

Lokhu kuyakuba phezu kwenu kuvela

esandleni sami;

niyakulala phansi ngobuhlungu.

U-Isaya 51

Ukukhululwa kuyasondela

1“Ngilaleleni nina enilandela ukulunga,

nina enimfunayo uJehova;

bhekani kulo idwala eniqhezulwe kulo,

nakuyo imibhobo yomgodi enakhishwa kuyo.

2Bhekani ku-Abrahama uyihlo,

nakuSara owanizalayo,

ngokuba eseyedwa ngambiza,

ngambusisa, ngamandisa.

3Ngokuba uJehova uyakuliduduza iSiyoni,

aziduduze zonke izindawo zalo ezichithekileyo,

enze ihlane lalo libe njenge-Edene,

noqwathule lwalo lube njengensimu kaJehova;

injabulo nentokozo kuyakufunyanwa khona,

ukubonga nezwi lokuhlabelela.

4“Ngizweni, bantu bami,

ningibekele indlebe nina sizwe sami,

ngokuba kuyakuphuma kimi umthetho,

ngibeke ukwahlulela kwami kube ngukukhanya kwabantu.

5Ukulunga kwami kuseduze,

insindiso yami iphumile,

izingalo zami ziyakubahlulela abantu;

iziqhingi ziyangihlalela,

zilindela umkhono wami.

6Phakamiselani amehlo enu ezulwini,

niwubheke umhlaba phansi,

ngokuba izulu liyakunyamalala njengomusi,

umhlaba uguge njengengubo,

nabakhileyo kuwo bafe njengezinsensane,

kepha insindiso yami iyakuma

kuze kube phakade,

nokulunga kwami akuyikuphela.

7“Ngilaleleni nina enazi ukulunga,

abantu abamthetho wami usezinhliziyweni zabo;

ningesabi ukusolwa ngabantu,

ningapheli amandla ngezithuko zabo.

8Ngokuba inundu iyakubadla njengengubo,

nebhu libadle njengoboya bezimvu,

kodwa ukulunga kwami kuyakuma kuze kube phakade,

nensindiso yami ezizukulwaneni ngezizukulwane.”

9Vuka, vuka,

wembathe amandla wena mkhono kaJehova,

vuka njengasezinsukwini zasendulo,

ezizukulwaneni zamandulo.

Akusuwe owamnquma kabili uRahabi,

wamgwaza udrako,* na?

10Akusuwe owomisa ulwandle,

amanzi asotweni olujulileyo,

owenza izinzulu zolwandle zaba yindlela

yokuba kuwele abahlengiweyo, na?

11Abahlawulelweyo bakaJehova bayakubuya,

bafike eSiyoni bejabula;

intokozo engapheliyo iyakuba semakhanda abo,

bathole injabulo nentokozo,

usizi nokububula kubaleke.

12“Yimina, yimi enginguye oniduduzayo;

ungubani wena ukuba wesabe umuntu ofayo,

nendodana yomuntu eyakwenziwa ibe njengotshani, na?

13Ukhohliwe uJehova uMenzi wakho

owaleneka izulu nowasibeka isisekelo somhlaba;

uthuthumele njalo izinsuku zonke

ngokufutheka komcindezeli

njengokungathi ozilungiselela ukuchitha;

kuphi ukufutheka komcindezeli na?

14Othotshisiweyo uyakushesha ukukhululwa;

kayikufa, kayikwehlela egodini,

kayikuswela isinkwa sakhe.

15NginguJehova uNkulunkulu wakho

ovusa ulwandle, ukuze amaza alo ahlokome;

nguJehova Sebawoti igama lakhe.

16Ngiwabekile amazwi ami emlonyeni wakho,

ngikusibekele emthunzini wesandla sami,

ukuze ngiwatshale amazulu,

ngisibeke isisekelo somhlaba,

ngithi kulo iSiyoni:

‘Wena uyisizwe sami.’ ”

17Vuka, vuka,

usukume wena Jerusalema

ophuzile esandleni sikaJehova

indebe yokufutheka kwakhe;

uphuzile isitsha sendebe yokutengezela,

wasiminya.

18Akakho ongalihola phakathi kwawo

onke amadodana eliwazalileyo.

Akakho ongalibamba ngesandla

kuwo onke amadodana eliwakhulisileyo.

19Lokhu kokubili kukwehlele;

ngubani okukhalelayo na?

Lapho kukhona incithakalo nokubhujiswa,

ukulamba nenkemba,

ngubani ongakududuza na?

20Amadodana akho adangele,

alala ezihlokweni zezitaladi zonke,

njengewula esihibeni;

agcwele ukufutheka kukaJehova

nokukhuza kukaNkulunkulu wakho.

21Ngalokho ake uzwe lokhu wena ohluphekayo

nodakiweyo, kungengewayini kodwa;

22isho kanje iNkosi yakho

uJehova noNkulunkulu wakho

emela indaba yabantu, ithi:

“Bheka, ngiyithathile esandleni sakho

indebe yokutengezela;

yebo, isitsha sendebe yokufutheka kwami

awusayikusiphuza.

23Ngiyakusibeka esandleni sabakuhluphayo,

abashoyo emphefumulweni wakho ukuthi:

‘Khothama, sidlule phezu kwakho;’

wawusuwubeka umhlane wakho

waba njengomhlabathi nesitaladi kwabadlulayo.”

U-Isaya 49:8-51:23ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli
Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU