Bible Society of South Africa

Bible Reading Plan – Day 233

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

U-Isaya 42

Ukukhanya kwezizwe

1“Bheka inceku yami engiyisekelayo,

okhethiweyo wami othokoza ngaye

umphefumulo wami;

nginikele umoya wami phezu kwakhe,

uyakukhiphela izizwe ukwahlulela.

2Akayikukhala, adazuluke,

angezwakalisi izwi lakhe ezitaladini.

3Umhlanga ofecekileyo akayikuwaphula,

umongo othunqayo akayikuwucima;

uyakukhipha ukwahlulela ngeqiniso.

4Akayikudangala, aphele amandla,

aze amise ukwahlulela emhlabeni;

neziqhingi ziyakuhlalela umthetho wakhe.”

5Usho kanje uNkulunkulu uJehova

owadala izulu, waleneka,

nowawendlala umhlaba nokuvela kuwo,

nowanika abantu abakuwo ukuphefumula

nomoya kwabahamba kuwo, uthi:

6“Mina Jehova ngikubizile ngokulunga,

ngiyakubamba isandla sakho, ngikugcine,

ngikubeke ube yisivumelwano sabantu

nokukhanya kwabezizwe,

7ukuze uvule amehlo ezimpumputhe,

ukhiphe iziboshwa etilongweni

nabahlezi ebumnyameni etilongweni.

8“NginguJehova; yilo igama lami;

angiyikunika omunye inkazimulo yami,

nezithombe ezibaziweyo udumo lwami.

9Izinto zakuqala zifikile,

sengimemezela izinto ezintsha;

zingakaqhamuki, ngiyanizwisa zona.”

Ihubo elisha

10Mhubeleni uJehova ihubo elisha,

nodumo lwakhe,

kusukela emikhawulweni yomhlaba,

nina enehlela elwandle nakho konke okukulo,

nina ziqhingi nabakhileyo kuzo.

11Ihlane nemizi yalo makujabule

nemizana abakhileyo kuyo abakwaKedari,

bahube abakhile emadwaleni,

benanele beseziqongweni zezintaba.

12Mabanike uJehova udumo,

bamemezele udumo lwakhe eziqhingini.

13UJehova uyaphuma njengeqhawe;

njengendoda yempi uyavusa ukushisekela kwakhe;

uyakhala, yebo, uyabangalasa,

enze ubuqhawe phezu kwezitha zakhe.

14“Sekuyisikhathi eside ngithulile,

ngathula ngazibamba;

sengiyakukhala njengobelethayo,

ngiphefuzele, ngibitoze kanyekanye.

15Ngiyakwenza ize izintaba namagquma,

ngomise yonke imifino yawo,

ngenze imifula ibe yiziqhingi,

ngenze amachibi ukuba ashe.

16Ngiyakuhambisa izimpumputhe ngendlela ezingayaziyo;

emikhondweni ezingayaziyo ngiyakuzihola;

ngiyakwenza ubumnyama bube ngukukhanya phambi kwazo,

namagebhugebhu ukuba ahlelenjwe;

ngiyakwenza lezi zinto ngingazishiyi.

17Bayakubuyiselwa emuva,

bajabhe nokujabha

labo abethemba ezithombeni ezibaziweyo,

abasho ezithombeni ezibunjiweyo ukuthi:

‘Ningonkulunkulu bethu.’

18“Yizwani nina zithulu;

bhekani nina zimpumputhe,

ukuze nibone.

19Ngubani oyimpumputhe ngaphandle kwenceku yami,

nesithulu njengesithunywa sami engisithumayo, na?

Ngubani oyimpumputhe njengopheleleyo,

oyimpumputhe njengenceku kaJehova, na?

20Ubona izinto eziningi,

kepha awuqapheli;

izindlebe zakhe zivulekile,

kepha akezwa.”

21Kwaba kuhle kuJehova ngenxa yokulunga kwakhe

ukuba akhulise umthetho, awudumise.

22Kepha laba bangabantu abaphangiweyo nabamukiweyo;

bonke bacushiwe emigodini,

bafihliwe ematilongweni;

bangabokuphangwa,

akakho obophulayo,

yebo, bayimpango,

kungekho oshoyo ukuthi: “Buyisa.”

23Ngubani phakathi kwenu obeka indlebe kulokhu,

aqaphele, ezwele isikhathi esizayo, na?

24Ngubani owanikela uJakobe ukuba aphangwe,

no-Israyeli kubo abaphangi, na?

Angithi nguJehova, esonile kuye,

nabangavumanga ukuhamba ngezindlela zakhe,

nabangawulalelanga umthetho wakhe?

25Wayesethela phezu kwakhe ukufutheka kwentukuthelo yakhe,

namandla empi;

kwamvuthela nxazonke,

kepha akakwazanga;

kwamshisa, kepha akakubekanga enhliziyweni yakhe.

U-Isaya 43

Ukuhlengwa kuka-Israyeli

1Kepha manje usho kanje uJehova

owakudalayo wena Jakobe,

nowakubumba wena Israyeli, uthi:

“Ungesabi ngokuba ngikuhlengile,

ngikubizile ngegama lakho;

ungowami.

2Lapho udabula emanzini,

mina nginawe;

nasemifuleni, ayiyikukukhukhula;

lapho uhamba emlilweni, awuyikusha,

nelangabi aliyikukushisa.

3Ngokuba nginguJehova uNkulunkulu wakho,

oNgcwele ka-Israyeli,

uMsindisi wakho;

ngiyanika iGibithe libe yihlawulo lakho,

iKushe neSheba esikhundleni sakho.

4Ngenxa yokuba ubuyigugu emehlweni ami,

futhi ubudumile, uthandekile kimi,

ngiyakunika abantu esikhundleni sakho,

nezizwe esikhundleni sokuphila kwakho.

5Ungesabi, ngokuba nginawe;

ngiyakuyiletha inzalo yakho iphume empumalanga,

ngikubuthe nasentshonalanga.

6Ngiyakusho kuyo inyakatho,

ngithi: ‘Balethe,’

nakuyo iningizimu: ‘Ungabagodli.’

Lethani amadodana ami akude,

namadodakazi ami

ukuba aphume emikhawulweni yomhlaba,

7onke abizwe ngegama lami,

nengiwadalele inkazimulo yami,

engiwabumbile nengiwenzile.”

8Lethani abantu abayizimpumputhe abanamehlo

nezithulu ezinezindlebe.

9Izizwe zonke mazibuthelwe ndawonye,

abantu bonke babuthane;

ngubani phakathi kwabo ongamemezela lokhu,

asizwise izinto zakuqala;

mabalethe ofakazi babo ukuba balungisiswe,

bezwe, bathi: “Kuyiqiniso.”

10“Ningofakazi bami,” usho uJehova,

“nenceku yami engiyikhethileyo

ukuba nazi, ningethembe,

niqonde ukuthi nginguye;

ngaphambi kwami akwenziwanga uNkulunkulu,

nangasemva kwami akayikuba khona.

11Mina, mina nginguJehova,

ngaphandle kwami akakho umsindisi.

12Ngimemezele, ngisindisile, ngizwisile,

kungakabikho unkulunkulu wabezizwe phakathi kwenu;

yebo, ningofakazi bami,” usho uJehova,

“mina nginguNkulunkulu.

13Yebo, kwasendulo nginguye;

akakho ongophula esandleni sami;

lapho ngisebenza,

ngubani ongakuvimbela na?”

14Usho kanje uJehova, uMhlengi wenu,

oNgcwele ka-Israyeli, uthi:

“Ngenxa yenu ngithumele eBabele,

ngiyakwehlisa bonke njengababaleki,

namaKaledi ngemikhumbi yokujabula kwawo.

15NginguJehova oNgcwele wenu,

uMdali ka-Israyeli, iNkosi yenu.”

16Usho kanje uJehova owenza indlela elwandle,

nomkhondo emanzini anamandla,

17okhipha izinqola namahhashi,

impi namandla;

kuyalala kanyekanye, akusenakuvuka;

kucishile, kucinyiwe njengomongo.

18“Ningakhumbuli izinto zakuqala,

ningazindli ngezindaba zasendulo.

19Bhekani, ngiyakwenza okusha;

kuyakuqhamuka manje,

angithi niyakwazi na?

Yebo, ngiyakwenza indlela ehlane

nemifula kwahlongasibi.

20Izilwane zasendle ziyakungidumisa,

amakhanka nezintshe,

ngokuba ngiveza amanzi ehlane

nemifula kwahlongasibi

ukuphuzisa abantu bami abakhethiweyo,

21laba bantu engizenzele bona

ukuba bashumayele udumo lwami.

22“Kepha awungibizanga, Jakobe,

ngokuba wadinwa yimi, Israyeli.

23Awulethanga kimi izimvu zakho zomnikelo wokushiswa,

awungidumisanga ngemihlatshelo yakho;

angikukhonzisanga ngeminikelo,

angikudinisanga ngenhlaka.

24Awungithengelanga umhlanga othaphukayo ngemali,

awungisuthisanga ngamanoni emihlatshelo yakho,

kepha ungisebenzisile ngezono zakho,

ungidinisile ngobubi bakho.

25“Mina, mina nginguye

owesula iziphambeko zakho ngenxa yami;

angiyikukhumbula izono zakho.

26Ngikhumbuze, masahlulelane;

yisho wena ukuba ulungisiwe.

27Uyihlo wokuqala wona,

abahumushi bakho bangihlubukile.

28Ngidumazile izikhulu zendlu engcwele,

ngimenzile uJakobe abe yisiqalekiso,

no-Israyeli abe yisithuko.

U-Isaya 42:1-43:28ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli
Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU