Bible Society of South Africa

Bible Reading Plan – Day 232

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

U-Obadiya 1

Isiprofetho ngo-Edomi

1Umbono ka-Obadiya.

Isho kanje iNkosi uJehova ngo-Edomi, ithi:

Sizwile imibiko evela kuJehova,

kuthunyiwe isithunywa phakathi kwabezizwe ngokuthi:

“Vukani, simvukele ngokulwa.”

2“Bheka, ngiyakukwenza ube mncane phakathi kwabezizwe;

udeleleke kakhulu.

3Ukuzidla kwenhliziyo yakho kukukhohlisile

wena ohlezi emifantwini yamawa,

ondawo yakho yokuhlala iphakeme,

othi enhliziyweni yakho:

Ngubani ongangehlisela phansi na?

4Noma uphakama njengokhozi,

kubekwe isidleke sakho phakathi kwezinkanyezi,

ngiyakukwehlisa khona,” usho uJehova.

5“Uma amasela efika kuwe,

nabaphangi ebusuku yeka ukuchithwa kwakho

bebengayikweba baze baneliswe na?

Uma abavuna izithelo zomvini befika kuwe,

bebengayikushiya umkhothozo na?

6Yeka ukufunisiswa kuka-Esawu,

yeka ukuphenywa kwamagugu akhe afihliweyo!

7Bonke abantu besivumelwano sakho bayakukuxosha emkhawulweni;

abantu ababehlalisana nawe ngokuthula bayakukukhohlisa,

bakwahlule;

abadla isinkwa sakho bayakubeka ugibe phansi kwakho;

akakho oluqondayo.

8“Angithi ngiyakuchitha abahlakaniphileyo kwa-Edomi

ngalolo suku,” usho uJehova,

“nokuqonda entabeni yakwa-Esawu, na?

9Amaqhawe akho, Themani,

ayakuphela amandla,

ukuze yilowo nalowo anqunywe entabeni yakwa-Esawu ngokubulawa.

10Ngenxa yendluzula eyenziwa kumfowenu uJakobe,

amahloni ayakukusibekela,

unqunywe kuze kube phakade.

11Ngosuku owema kude ngalo,

ngosuku abafokazi abasusa ngalo imfuyo yakhe,

nabezizwe bangena ngamasango akhe,

benza inkatho ngeJerusalema,

nawe wawunjengomunye wabo.

12Kepha ungabheki usuku lomfowenu ngosuku lobufokazi bakhe,

ungathokozi ngabantwana bakwaJuda ngosuku lokuchithwa kwabo,

ungaqhalazi ngosuku losizi.

13Ungangeni ngesango labantu bami ngosuku lwesigemegeme sabo,

ungabheki ukuhlupheka kwabo ngosuku lwesigemegeme sabo,

ningabeki sandla emfuyweni yabo ngosuku lwesigemegeme sabo.

14Ungemi enhlanganweni yezindlela ukunquma abaphunyukileyo bakhe,

ungakhapheli abaseleyo bakhe ngosuku losizi.

15“Ngokuba usuku lukaJehova lusondele

ezizweni zonke;

njengokwenza kwakho kuyakwenziwa kanjalo kuwe;

izenzo zakho ziyakubuyela ekhanda lakho.

16Ngokuba njengalokho niphuzile entabeni yami engcwele,

bayakuphuza kanjalo bonke abezizwe,

baphuze, bagwinye,

babe njengokungathi abazange babe khona.

17Kepha entabeni yaseSiyoni kuyakuba khona abasindayo,

ibe ngcwele,

nendlu yakwaJakobe iyakudla ifa layo.

18Indlu yakwaJakobe iyakuba ngumlilo,

indlu kaJosefa ibe yilangabi,

indlu ka-Esawu ibe ngamabibi,

bawashise, bawaqede;

akuyikubakho oseleyo endlini ka-Esawu,”

ngokuba uJehova ukhulumile.

19Abaseningizimu bayakudla ifa lentaba yakwa-Esawu,

nabasehlanzeni ifa lamaFilisti,

badle ifa lezwe lakwa-Efrayimi nezwe laseSamariya,

uBenjamini adle iGileyadi.

20Abathunjwa bale mpi yabantwana bakwa-Israyeli

abaphakathi kwamaKhanani kuze kube seSarefati

nabathunjwa baseJerusalema abaseSefaradi

bayakudla ifa lemizi yaseningizimu.

21Abasindisi bayakukhuphukela entabeni yaseSiyoni

ukuyakwahlulela intaba yakwa-Esawu,

umbuso besewuba ngokaJehova.

U-Obadiya 1:1-21ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

U-Isaya 40

Abantu bakaNkulunkulu bayaduduzwa

1Duduzani, nibaduduze abantu bami,

usho uNkulunkulu wenu.

2Qungani iJerusalema isibindi,

nimemeze kulo ukuthi ukulwa kwalo sekuphelile

nokuthi buhlanguliwe ububi balo,

ngokuba lamukeliswe esandleni sikaJehova ngokuphindiweyo

ngazo zonke izono zalo.

3Izwi liyamemeza lithi:

“Lungisani ehlane indlela kaJehova,

nihlelembe oqwathuleni umgwaqo

kaNkulunkulu wethu.

4Zonke izigodi ziyakuphakanyiswa,

zonke izintaba namagquma kuyakwehliswa;

amagebhugebhu ayakuhlelenjwa,

nemigoxigoxi iyakuba yithafa.

5Inkazimulo kaJehova iyakubonakaliswa,

yonke inyama ikubone kanyekanye,

ngokuba umlomo kaJehova ukhulumile.”

6Izwi liyakhuluma lithi: “Memeza!”

Ngathi: “Ngiyakumemezani na?”

Inyama yonke ingutshani,

bonke ubuhle bayo bunjengembali yasendle.

7Utshani buyabuna,

imbali iyavuthuluka,

ngokuba umoya kaJehova uyaphephetha kukho.

Impela abantu bangutshani.

8Utshani buyabuna,

imbali iyavuthuluka,

kepha izwi likaNkulunkulu wethu

limi kuze kube phakade.

9Khuphukela entabeni ende,

wena, Siyoni, obika okujabulisayo,

uphakamise ngamandla izwi lakho,

wena Jerusalema obika okujabulisayo,

uliphakamise ungesabi,

usho emizini yakwaJuda ukuthi:

“Bhekani, nangu uNkulunkulu wenu.”

10Bhekani, iNkosi uJehova iyeza ngamandla;

ingalo yayo iyakumbusela;

bhekani, umvuzo wayo inawo,

inkokhelo yayo iphambi kwayo.

11Iyakwalusa umhlambi wayo njengomalusi,

ibuthe amawundlu ngemikhono yayo,

iwagone esifubeni sayo,

ihole kahle izindlezane.

Ngubani onjengoNkulunkulu na?

12Ngubani olinganise amanzi ngentende yesandla sakhe,

walinganisa izulu ngeminwe eyeluliweyo,

wahlanganisa uthuli esilinganisweni,

walinganisa izintaba ngezikalo*

namagquma ngezisindo, na?

13Ngubani oqondisile uMoya kaJehova,

wamfundisa engumluleki wakhe, na?

14Walulekana nobani waze wamqondisa,

wamfundisa indlela yokwahlulela,

wamnika ukwazi,

wamazisa indlela yokuqonda, na?

15Bheka, izizwe zinjengethonsi kwasesitsheni,

zibalwa njengothuli lwesilinganiso;

bheka, iziqhingi uyaziphakamisa njengothuli olucolekileyo.

16ILebanoni alanele ukubaswa,

nezilwane zalo azanele ukuba zibe ngumnikelo wokushiswa.

17Zonke izizwe zinjengento engelutho

phambi kwakhe,

zibalwa njengokungelutho nokuyize kuye.

18Niyakumfanisa uNkulunkulu nobani,

nimlinganise namuphi umfanekiso, na?

19Yisithombe yini esibunjiwe yisisebenzi,

sanamekwa ngegolide ngumkhandi,

sancibilikiselwa amaketanga esiliva, na?

20Ompofu kunokuba anikele ngomnikelo onjalo

uyakhetha umuthi ongaboliyo,

azifunele isisebenzi esihlakaniphileyo

ukuba simise isithombe esibaziweyo esingenakuzanyazanyiswa.

21Anazi yini? Anizwa yini?

Anitshelwanga yini kwasekuqaleni,

aniqondanga kwasekusekelweni komhlaba, na?

22Nguye ohlezi esiyingelezini somhlaba –

abakhile kuwo banjengezintethe –

noweneka izulu njengendwangu,

alelule njengetende ukuba kuhlalwe kulo,

23nowenza izikhulu zibe yinto engelutho,

nabahluleli ukuba babe yize.

24Yebo, banele ukutshalwa nje,

yebo, banele ukuhlwanyelwa nje,

yebo, isiqu sanele ukugxila emhlabathini,

abesephephetha kubo, babune,

isivunguvungu sibasuse njengamabibi.

25“Niyakungifanisa

nobani ukuba ngifane naye?”

usho oNgcwele.

26Phakamiselani amehlo enu phezulu, nibone.

Ngubani odalile lezo zinto na?

Nguye okhipha ibandla lazo ngezibalo,

abize zonke ngamagama;

ngobuningi bamandla akhe

nangobukhulu bezikhwepha zakhe

ayisilali neyodwa.

27Usholoni wena Jakobe,

ukhulumelani wena Israyeli, ukuthi:

“Indlela yami isithekile kuJehova,

ilungelo lami lidlulile kuNkulunkulu wami,” na?

28Awazi yini? Awuzwanga na?

UJehova unguNkulunkulu ongunaphakade;

udalile imikhawulo yomhlaba;

akapheli amandla, akakhathali,

nokuqonda kwakhe akunakuphenywa.

29Nguye omupha oyethileyo amandla,

nakongenamandla uyandisa izikhwepha.

30Izinsizwa ziyaphela amandla,

zikhathale,

nabasha bawa nokuwa,

31kepha abamethembayo uJehova

bayathola amandla amasha,

bayakhuphuka ngamaphiko njengezinkozi,

bagijime bengakhathali,

bahambe bengapheli amandla.

U-Isaya 41

UNkulunkulu wezizwe

1“Thulani phambi kwami nina ziqhingi,

izizwe zithole amandla amasha.

Mazisondele, andukuba zikhulume,

sisondelane ekwahluleleni.

2“Ngubani ovusile ukulunga

kuphume empumalanga,

akubize ukuba kumlandele,

anikele izizwe phambi kwakhe,

amenze ukuba abuse amakhosi,

abenze babe njengothuli ngenkemba yakhe,

nanjengamabibi aphephezeliswayo

ngomnsalo wakhe, na?

3Uyabaxosha, adlule kahle

ngezindlela angazihambanga ngezinyawo.

4Ngubani okusebenzileyo, wakwenza, na?

Nguye owazibiza izizukulwane kwasekuqaleni:

mina Jehova engingowokuqala

nenginguye nakwabokuphela.”

5Iziqhingi ziyakubona, ziyesaba;

imikhawulo yomhlaba iyathuthumela;

isondele, isifikile.

6Yilowo nalowo usiza umakhelwane wakhe;

uthi komfowabo: “Yiba nesibindi.”

7Umbazi uqunga umkhandi isibindi,

nololonga ngesando uqunga oshaya isikhandelo isibindi,

ethi ngokunamathelisa: “Kuhle,”

ekubethela ngezipikili,

funa kunyakaziswe.

Umkhululi ka-Israyeli

8“Kepha wena Israyeli, nceku yami,

wena Jakobe engikukhethileyo,

nzalo ka-Abrahama othandiweyo wami,

9wena engikuthathile emikhawulweni yomhlaba,

ngakubiza emagumbini awo,

ngathi kuwe:

‘Wena uyinceku yami,’

ngikukhethile, angikulahlanga;

10ungesabi, ngokuba mina nginawe;

ungapheli amandla,

ngokuba mina nginguNkulunkulu wakho;

ngiyakuqinisa, futhi ngiyakusiza,

yebo, ngiyakusekela ngesandla sokunene sokulunga kwami.

11“Bheka, bonke abafuthekela wena

bayakuba namahloni, bajabhe;

abamelene nawe bayakuba njengento engelutho,

babhubhe.

12Uyakubafuna, ungabafumani kodwa,

labo bantu abaxabana nawe;

abalwa nawe bayakuba njengento engelutho nanjengeze.

13Ngokuba yimina Jehova uNkulunkulu wakho

obamba isandla sakho sokunene,

nothi kuwe: Ungesabi,

mina ngiyakusiza.

14Ungesabi wena mpethu, Jakobe,

nani bantu bakwa-Israyeli;

mina ngiyakukusiza,” usho uJehova;

uMhlengi wakho ungoNgcwele ka-Israyeli.

15“Bheka, ngiyakukwenza ukuba ube yisibhulo

esisha esibukhali esinamazinyo;

uyakubhula izintaba, uzicolisise,

wenze amagquma abe njengamakhoba.

16Uyakuwahlakaza, umoya uwasuse,

isivunguvungu siwachithe;

wena uyakuthokoza ngoJehova,

uzibonge ngoNgcwele ka-Israyeli.

17“Abampofu nabaswelayo bafuna amanzi, kepha awakho,

nolimi lwabo luphele ukoma;

mina Jehova ngiyakubaphendula,

mina Nkulunkulu ka-Israyeli angiyikubashiya.

18Ngiyakuvula imifula emadulini angenalutho

nemithombo phakathi kwezigodi;

ngiyakwenza ihlane libe yichibi lamanzi,

nomhlabathi owomileyo ube yiziphethu zamanzi.

19Ngiyakutshala umsedari* ehlane,

umtholo, nombomvana, nomnqumo,

ngibeke kwahlongasibi umsayipuresi,*

nomthidari,* nomkhoba kanyekanye,

20ukuze babone, bazi,

baqaphele, baqonde kanyekanye

ukuthi isandla sikaJehova sikwenzile lokhu

nokuthi oNgcwele ka-Israyeli wakudala.

21“Lethani indaba yenu,” usho uJehova,

“nisondeze izizathu zenu,” isho iNkosi kaJakobe.

22“Mabazisondeze,

basitshele okuyakwenzeka;

izinto zakuqala ziyini na?

Mabasitshele zona

ukuba sizibeke ezinhliziyweni zethu,

sazi ukuphela kwazo,

noma nisizwise okuzayo.

23Sitsheleni okuzayo ngesikhathi esizayo,

sazi ukuthi ningonkulunkulu;

yebo, yenzani okuhle noma okubi,

simangale, sikubone kanyekanye.

24Bhekani, nivela kokungekho,

nemisebenzi yenu ayiyinto yalutho;

uyisinengiso onikhethileyo.

25“Ukhona engimvusile esenyakatho,

wafika, nasempumalanga,

ukuba abize igama lami;

uyakwehlela phezu kwezikhulu njengaphezu kodaka,

njengombumbi exova ibumba.

26Ngubani owakushoyo kwasekuqaleni ukuba sazi,

nangaphambili ukuba sisho sithi: ‘Uqinisile,’ na?

Cha, akakho okumemezileyo,

akakho nokuzwisileyo,

akakho nozwayo amazwi enu.

27Ngingowokuqala othi kulo iSiyoni:

‘Bheka, babheke,’

nginike iJerusalema umbiki wendaba ethokozisayo.

28Kepha lapho ngibheka,

akukho muntu,

akakho phakathi kwabo umluleki

ongaphendula ngazwi,

lapho ngibabuzayo.

29Bheka, bayize bonke;

imisebenzi yabo ayiyinto yalutho,

nezithombe zabo ezibunjiweyo zingumoya nokuyize.

U-Isaya 40:1-41:29ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli
Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU