Bible Society of South Africa

Bible Reading Plan – Day 234

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

U-Isaya 44

1“Kepha yizwa manje, Jakobe, nceku yami,

wena Israyeli engikukhethileyo.

2Usho kanje uJehova owakudalayo,

wakubumba kwasesiwini, oyakukusiza, uthi:

Ungesabi, Jakobe, nceku yami,

wena Jeshuruni engikukhethileyo.

3Ngokuba ngiyakuthela amanzi phezu kokomileyo,

nezikhukhula phezu kokushileyo,

ngithulule uMoya wami phezu kwenzalo yakho,

nesibusiso sami phezu kwabantwana bakho;

4bayakuhluma phakathi kotshani

njengeminyezane ngasemifudlaneni yamanzi.

5Omunye uyakuthi: ‘NgingokaJehova;’

omunye uyakuzibiza ngegama likaJakobe,

omunye azilobele uJehova esandleni sakhe,

azidumise ngegama lika-Israyeli.”

UJehova yedwa unguNkulunkulu

6“Usho kanje uJehova,

iNkosi ka-Israyeli,

noMhlengi wakhe, uJehova Sebawoti, uthi:

Ngingowokuqala, ngingowokugcina,

ngaphandle kwami akakho uNkulunkulu.

7Ngubani ongabiza njengami, akumemezele,

akubeke phambi kwami,

kusukela ekusekeleni kwami abantu basendulo, na?

Yebo, okuzayo nokuyakwenzeka mabakumemezele.

8Ningesabi, ningabi naluvalo;

angithi ngikuzwisile kusukela endulo,

ngakumemezela, na?

Nina ningofakazi bami.

Kukhona uNkulunkulu ngaphandle kwami na?

Cha, alikho iDwala; angilazi.”

Izithombe

9Abenza isithombe esibaziweyo bayize bonke;

izinto zabo ezithandekayo aziyikusiza;

ofakazi babo ababoni, futhi abazi;

bayakujabhiswa.

10Ngubani owenzile uNkulunkulu,

ngubani obumbile isithombe esibaziweyo

esingesokusiza na?

11Bheka, bonke abangane bakhe bayakujabha,

nezisebenzi zingabantu nje.

Mabahlangane bonke, beme;

bayakwesaba, bajabhe kanyekanye.

12Umkhandi wensimbi wenza imbazo,

asebenze emalahleni,

ayibumbe ngezando,

ayisebenze ngamandla ezingalo zakhe;

uyalamba, angabikho amandla;

akaphuzi amanzi, uyadangala.

13Umbazi uyelula intambo,

adwebe umuthi ngokubomvu,

awenze ngezibazo,

adwebe ngekompasi,*

awenze ngomfanekiso womuntu,

ngobuhle bomuntu,

ukuba uhlale endlini.

14Uyazigawulela imisedari,*

athathe imikhoba nama-oki,*

awaqinise phakathi kwemithi yehlathi;

uyatshala umfire,* imvula iwukhulise.

15Bese kuba ngokomuntu ukuba abase ngakho;

uthatha kuwo, othe;

uyawuphemba, enze isinkwa;

wenza unkulunkulu, akhuleke kuye,

enze nesithombe esibaziweyo,

akhothambele kuso.

16Ushisa inxenye yawo emlilweni;

phezu kwale nxenye uyadla inyama,

ose izoso, asuthe;

yebo, uyotha athi:

“Halala! Sengifudumele,

ngibonile umlilo.”

17Ngokuseleyo kuwo uyakwenza unkulunkulu nesithombe;

uyakhothamela kuso, akhuleke kuso,

athandaze kuso, athi:

“Ngophule; ungunkulunkulu wami.”

18Abazi, abaqondi,

ngokuba unamekile amehlo abo ukuze bangaboni,

nezinhliziyo zabo ukuze bangaqondi.

19Akakho okhumbulayo,

nokwazi nokuqonda akukho kokuba kuthiwe:

“Ngishisile inxenye yawo ngomlilo,

ngenzile isinkwa phezu kwamalahle awo,

ngosile inyama, ngayidla;

ngingenza okuseleyo kuwo kube yisinengiso,

ngikhothamele umbhuku womuthi,” na?

20Udla umlotha;

inhliziyo ekhohlisiweyo imdukisile;

akanakophula umphefumulo wakhe nokuba athi:

“Akukho yini amanga kwesokunene sami na?”

Intokozo ngokuhlengwa kuka-Israyeli

21“Khumbula lezi zinto, Jakobe,

wena Israyeli, ngokuba uyinceku yami;

ngikubumbile, uyinceku yami;

Israyeli, angiyikukhohlwa.

22Ngesulile iziphambeko zakho njengefu,

nezono zakho njengemilaza;

buyela kimi, ngokuba ngikuhlengile.”

23Thokozani, mazulu,

ngokuba uJehova ukwenzile,

nijabule nina zindawo eziphansi zomhlaba,

niqhumuke ngokuhlabelela nina zintaba,

nawe hlathi nayo yonke imithi ekuwe,

ngokuba uJehova umhlengile uJakobe,

ngokuhlabelela wazidumisa ngo-Israyeli.

UKoresi umalusi

24Usho kanje uJehova uMhlengi wakho

nowakubumba kwasesiswini, uthi:

“NginguJehova owenza konke,

oweneka izulu yedwa,

nowendlala umhlaba ngokwakhe,

25oshafisa izibonakaliso zabaprofethi bamanga,

enze ababhuli ukuba bahlanye,

obuyisela emuva abahlakaniphileyo,

enze ukwazi kwabo kube ngubuwula;

26ogcwalisa izwi lenceku yakhe,

afeze ukululekana kwezithunywa zakhe,

oshoyo ngalo iJerusalema, athi:

‘Liyakuba nabantu,’

nangemizi yakwaJuda ukuthi:

‘Iyakwakhiwa,

ngibuye ngivuse incithakalo yakhona;’

27oshoyo kuwo umsinga ukuthi:

‘Yisha, ngiyakomisa imifula yakho;’

28oshoyo ngoKoresi ukuthi:

‘Ungumalusi wami,

uyakufeza konke okwentando yami,

athi ngeJerusalema: Liyakwakhiwa,

nakulo ithempeli:

Isisekelo sakho siyakubekwa.’ ”

U-Isaya 45

1“Usho kanje uJehova kogcotshiweyo wakhe, kuKoresi,

osandla sakhe sokunene ngisibambile

ukuba ngahlule izizwe phambi kwakhe,

ngithukulule izinkalo zamakhosi,

ngivule iminyango phambi kwakhe,

amasango angabe esavalwa.

2Mina ngiyakuhamba phambi kwakho,

ngihlelembe amagebhugebhu,

ngaphule izivalo zethusi,

nginqume imigoqo yensimbi.

3Ngiyakukunika ingcebo yobumnyama,

nemfuyo ethukusiweyo ezindaweni ezisithekileyo,

ukuba wazi ukuthi nginguJehova

okubiza ngegama lakho,

uNkulunkulu ka-Israyeli.

4Ngenxa yenceku yami uJakobe,

u-Israyeli okhethiweyo wami,

ngikubizile ngegama lakho,

ngikunikile igama lodumo, ungakangazi.

5Mina nginguJehova, akakho omunye;

ngaphandle kwami akakho uNkulunkulu;

ngiyakubhincisa ungakangazi,

6ukuze bazi kusukela empumalanga nasentshonalanga

ukuthi akakho ngaphandle kwami;

mina nginguJehova, akakho omunye;

7yimi engenza ukukhanya nengidala ubumnyama,

ngenza ukuthula, ngidala okubi;

nginguJehova owenza konke lokho.

8“Consani, mazulu, phezulu,

amafu athuntulule ukulunga;

umhlaba mawuvuleke,

kuthelwe ukusindiswa,

kumile nokulunga;

mina Jehova ngikudalile.

9“Wo kuye olwa noMenzi,

udengezi phakathi kwezindengezi zomhlaba!

Ibumba liyakusho kolibumbayo ukuthi:

‘Wenzani na?’

nomsebenzi wakho ukuthi:

‘Akanazo izandla,’ na?

10Wo kuye osho kuyise ukuthi:

‘Uzalani na?’

nakowesifazane ukuthi:

‘Unemihelo ngani na?’

11“Usho kanje uJehova,

oNgcwele ka-Israyeli noMenzi wakhe, uthi:

Ningibuza ngezinto ezizayo, ngabantwana bami,

ningiyaleze ngomsebenzi wezandla zami, na?

12Yimi engiwenzile umhlaba,

ngadala abantu phezu kwawo;

mina ngezandla zami ngeneka izulu,

nebandla lalo lonke ngiliyalezile.

13Mina ngimvusile lona ngokulunga;

ngiyakuhlelemba zonke izindlela zakhe;

yena uyakuwakha umuzi wami,

avumele abathunjwa bami ukuba bahambe,

kungabi ngenkokhelo nangesipho,

usho uJehova Sebawoti.”

U-Israyeli ungufakazi kuzo izizwe zonke

14Usho kanje uJehova, uthi:

“Okukhandlekelweyo kwaseGibithe

nokuzuziweyo kwaseKushe,

nangamaSheba, abantu abade,

kuyakungena kuwe,

kube ngokwakho;

bayakukulandela, bafike beboshwe

ngamaketanga,

bakhothamele kuwe, bakhuleke kuwe, bathi:

‘UNkulunkulu ukuwe kuphela,

akakho omunye,

akakho ngaphandle kukaNkulunkulu.’ ”

15Impela unguNkulunkulu ozifihlayo,

wena Nkulunkulu, Msindisi.

16Bayakujabha, babe namahloni bonke

kanyekanye;

bayakuhamba benamahloni bonke abenza izithombe.

17Kepha u-Israyeli uyakusindiswa nguJehova

ngokusindiswa okuphakade;

aniyikujabha, aniyikuba namahloni

kuze kube phakade.

18Ngokuba usho kanje uJehova,

owalidala izulu, onguNkulunkulu,

owawubumba umhlaba, wawenza,

wawumisa, engawudalelanga ize,

wawubumba ukuba kuhlalwe kuwo, uthi:

“NginguJehova, akakho omunye.

19Angikhulumanga ekusithekeni,

endaweni emnyama emhlabeni;

angishongo enzalweni kaJakobe ukuthi:

‘Ngifuneni ngeze.’

Mina Jehova ngikhuluma ukulunga,

ngimemezela okuqotho.

20“Buthanani nize,

nisondelane ndawonye

nina bakhululekileyo bezizwe;

abawuthwala umuthi wezithombe zabo ezibaziweyo abanakwazi,

bakhuleka kunkulunkulu ongenakusindisa.

21Kumemezeleni, nikuveze;

yebo, balulekane kanyekanye.

Ngubani owakuzwisa lokhu endulo,

wakumemezela kwasesikhathini samandulo na?

Akusimina Jehova na?

Akakho uNkulunkulu ngaphandle kwami,

uNkulunkulu olungileyo noMsindisi,

akakho ngaphandle kwami.

22“Phendukelani kini, nisindiswe,

nonke nina majukujuku omhlaba,

ngokuba nginguNkulunkulu,

akakho omunye.

23Ngizifungile mina,

kuphumile izwi emlonyeni wami ngokulunga,

aliyikubuya,

lokuthi: Kimina ayakuguqa onke amadolo,

nezilimi zonke ziyakufunga.

24Kuyakuthiwa:

‘KuJehova kuphela

nginokulunga namandla.’ ”

Bayakufika kuye,

bajabhe bonke abamvuthelayo.

25KuJehova yonke inzalo kaJakobe yakwa-Israyeli

iyakulungisiswa, ibe nodumo.

U-Isaya 44:1-45:25ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli
Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU