Bible Society of South Africa

Bible Reading Plan – Day 231

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

UHezekeli 45

18“ ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Ngenyanga yokuqala, ngolokuqala lwenyanga, uyakuthatha inkunzi, iduna elingenasici, uhlambulule indlu engcwele. 19Umpristi uyakuthatha kulo igazi lomnikelo wesono, alibhece ezinsikeni zendlu, nasemagumbini omane onqenqema lwe-altare, nasezinsikeni zesango legceke elingaphakathi. 20Uyakwenze njalo ngolwesikhombisa lwenyanga ngaye wonke umuntu odukayo nongenalwazi, nenzele indlu ukubuyisana.

21“ ‘Ngenyanga yokuqala, ngosuku lweshumi nane lwenyanga, niyakuba nephasika, umkhosi wezinsuku eziyisikhombisa, kudliwe isinkwa esingenamvubelo. 22Ngalolo suku isikhulu siyakuzilungisela sona nabantu bonke bezwe inkunzi ibe ngumnikelo wesono. 23Izinsuku eziyisikhombisa zomkhosi siyakulungisela uJehova umnikelo wokushiswa, izinkunzi eziyisikhombisa nezinqama eziyisikhombisa ezingenasici imihla ngemihla ngalezo zinsuku eziyisikhombisa, kanye nempongo imihla ngemihla ibe ngumnikelo wesono. 24Siyakulungisela inkunzi umnikelo wempuphu, i-efa,* ne-efa ngenqama, nehini* lamafutha nge-efa.

25“ ‘Ngenyanga yesikhombisa ngosuku lweshumi nanhlanu lwenyanga emkhosini siyakwenza okunjengalezo zinsuku eziyisikhombisa, kunjengomnikelo wesono, nomnikelo wokushiswa, nomnikelo wempuphu, namafutha.

UHezekeli 46

1“ ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Isango legceke elingaphakathi, elibheke ngasempumalanga liyakuvalwa izinsuku eziyisithupha zokusebenza, kepha ngosuku lwesabatha liyakuvulwa, livulwe futhi nangosuku lokwethwasa kwenyanga. 2Isikhulu siyakungena ngendlela yompheme wesango ngaphandle, sime ngasensikeni yesango, abapristi balungise umnikelo waso wokushiswa neminikelo yaso yokuthula, sikhuleke ngasembundwini wesango; bese siphuma, kepha isango aliyikuvalwa kuze kube kusihlwa. 3Abantu bayakukhuleka esivalweni salelo sango phambi kukaJehova ngamasabatha nangokwethwasa kwenyanga. 4Umnikelo wokushiswa isikhulu esiyakunikela ngawo kuJehova ngosuku lwesabatha uyakuba ngamawundlu ayisithupha angenasici nenqama engenasici; 5umnikelo wempuphu uyakuba yi-efa* ngenqama, umnikelo wempuphu owamawundlu ube njengamandla aso, kube yihini* lamafutha nge-efa. 6Ngosuku lokwethwasa kwenyanga kube yiduna elingenasici, namawundlu ayisithupha, nenqama, okungenasici. 7Siyakulungisa umnikelo wempuphu: i-efa* ngenkunzi ne-efa ngenqama, ngamawundlu kube njengamandla aso, kube yihini* lamafutha nge-efa. 8Lapho isikhulu singena, siyakungena ngendlela yompheme wesango, siphume futhi ngendlela yawo. 9Kepha lapho abantu bezwe bengena phambi kukaJehova emikhosini emisiweyo, ongena ngendlela yesango lasenyakatho ukuyokhuleka uyakuphuma ngendlela yesango laseningizimu; ongena ngendlela yesango laseningizimu uyakuphuma ngendlela yesango lasenyakatho; kayikubuya ngendlela yesango angene ngalo, kepha kuyakuphunywa kwelimalungana nalo. 10Ekungeneni kwabo isikhulu siyakuhamba phakathi kwabo; ekuphumeni bayakuphuma kanyekanye.

11“ ‘Emikhosini nasemihlanganweni umnikelo wempuphu uyakuba yi-efa* ngenkunzi ne-efa ngenqama, ngamawundlu ube njengamandla aso, kube yihini* lamafutha nge-efa. 12Lapho isikhulu siyakulungisa umnikelo wesihle, umnikelo wokushiswa neminikelo yokuthula ibe ngumnikelo wesihle kuJehova, siyakuvulelwa isango elibheke ngasempumalanga, silungise umnikelo waso wokushiswa neminikelo yaso yokuthula njengokwenza kwaso ngosuku lwesabatha, bese siphuma; nalapho sesiphumile, isango liyakuvalwa.

13“ ‘Uyakulungisa iwundlu elinomnyaka munye elingenasici libe ngumnikelo wokushiswa kuJehova imihla ngemihla, ulilungise ekuseni njalo. 14Uyakuwulungisela umnikelo wempuphu ekuseni njalo, inxenye yesithupha ye-efa* nenxenye yesithathu yehini* lamafutha ukugcoba impuphu ecolekileyo, kube ngumnikelo wempuphu kuJehova njalonjalo ngesimiso esiphakade. 15Bayakulungisa-ke iwundlu, nomnikelo wempuphu, namafutha ekuseni njalo, kube ngumnikelo wokushiswa imihla yonke.

16“ ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Uma isikhulu sinika enye yamadodana aso isipho, kuyifa layo, yimfuyo yayo ngokobufa. 17Kepha uma sinika enye yezinceku zaso isipho sasefeni laso, siyakuba ngesayo kuze kube semnyakeni wokukhululeka, bese sibuyela esikhulwini; kepha ifa laso liyakuba ngelamadodana aso. 18Isikhulu asiyikuthatha efeni labantu ukubaphuca imfuyo yabo; sithatha emfuyweni yaso siyakuwanika amadodana aso ifa ukuze abantu bami bangahlukani, kube yilowo nalowo nemfuyo yakhe.’ ”

19Wayesengingenisa ngendawo yokungena eseceleni kwesango emakamelweni angcwele abapristi, abheke ngasenyakatho; bheka, kwakukhona lapho indawo ngasemuva ngasentshonalanga. 20Wathi kimi: “Nansi indawo lapho abapristi beyakuphekela khona umnikelo wecala nomnikelo wesono, nalapho beyakwenza khona umnikelo wempuphu, ukuze bangawuphumiseli egcekeni elingaphandle, bangcwelise abantu.”

21Wayesengiphumisela egcekeni elingaphandle, wangidlulisa ezingosini zozine zegceke; bheka, ezingosini zonke zegceke kwakukhona ibala. 22Ezingosini zozine zegceke kwakukhona amabala ahlukanisiweyo, ubude buyizingalo ezingamashumi amane, nobubanzi bungezingamashumi amathathu; lawa omane asezingosini ayeyisilinganiso sinye. 23Phakathi kwawo nxazonke, nxazonke zawo omane, kwakukhona ugange olwenziwe lunamaziko phansi ogangeni nxazonke. 24Wathi kimi: “Nazi izindlu zokuphekela izikhonzi zendlu eziyakuphekela kuzo imihlatshelo yabantu.”

UHezekeli 47

Amanzi asethempelini

1Wayesengibuyisela emnyango wendlu; bheka, amanzi aphuma phansi kombundu wendlu ngasempumalanga, ngokuba ubuso bendlu babungasempumalanga; amanzi ehla evela phansi, ohlangothini lokunene lwendlu, ngaseningizimu kwe-altare. 2Wayesengiphumisa ngendlela yesango ngasenyakatho, wangizungezisa ngendlela engaphandle esangweni elingaphandle, elibheke endleleni yasempumalanga; bheka, kwampompoza amanzi ohlangothini lokunene.

3Lapho umuntu esephuma, eya ngasempumalanga, enomucu wokulinganisa esandleni sakhe, walinganisa izingalo eziyinkulungwane, wangidabulisa emanzini, amanzi efinyelela emaqakaleni. 4Wabuye walinganisa inkulungwane, wangidabulisa emanzini, amanzi efinyelela emadolweni. Walinganisa futhi inkulungwane, wangidabulisa, amanzi efinyelela okhalweni. 5Wayesebuye walinganisa inkulungwane; kwakungumfula engingenakuwudabula, ngokuba amanzi ayekhulile, angamanzi okuhlamba, angumfula ongenakudatshulwa. 6Wathi kimi: “Ndodana yomuntu, usubonile na?”

Wayesengihambisa, wangibuyisela osebeni lomfula. 7Sengibuyile, bheka, kwakukhona imithi eminingi kakhulu osebeni lomfula, ngalapha nangalapha. 8Wayesethi kimi: “Lawa manzi aphumela esifundeni sasempumalanga, ehlele e-Araba, aye elwandle, aye elwandle lana aphunyisiweyo, kuphiliswe amanzi alo. 9Kuyakuthi konke okuphilayo okuswebezelayo kuphile ezindaweni zonke lapho ifika khona leyo mifula emibili, kube yizinhlanzi eziningi kakhulu, ngokuba esefike khona lawa manzi, awolwandle ayakuphiliswa, kuphile konke, lapho umfula ufika khona. 10Kuyakuthi kume kuwo abadobi kusukela e-Eni Gedi kuze kube se-Enegelayimi, kube ngokokwenekwa kwamanetha; kuyakuba khona izinhlanzi ngezinhlobo zazo njengezinhlanzi zoLwandle Olukhulu, zibe ziningi kakhulu. 11Kepha amaxhaphozi alo nezimbuku zalo akuyikuphiliswa; kuyakunikelwa kube ngusawoti. 12Ngasemfuleni osebeni lwawo ngalapha nangalapha kuyakumila yonke imithi edliwayo emaqabunga ayo angayikubuna, nezithelo zayo zingayikuphela; iyakuthela ezintsha izinyanga zonke, ngokuba amanzi ayo avela endlini engcwele; izithelo zayo ziyakuba ngukudla, amaqabunga ayo abe ngawokuphilisa.”

Imikhawulo yezwe elingcwele

13Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: “Nanku umkhawulo eniyakwahlukanisa ngawo ifa lezwe ngokwezizwe eziyishumi nambili zakwa-Israyeli, uJosefa abe nezabelo ezimbili. 14Niyakulidla, kube yilowo nalowo, ngokuba ngasiphakamisa isandla sami ukulinika oyihlo; leli zwe liyakuba yifa lenu.

15“Nanku umkhawulo wezwe: ohlangothini lwasenyakatho, kusukela eLwandle Olukhulu ngendlela yaseHetiloni kuze kube sekuyeni eSedadi, 16naseHamati, naseBerotha, naseSibirayimi eliphakathi komkhawulo waseDamaseku nomkhawulo waseHamati, naseHaseri eliphakathi elingasemkhawulweni waseHawurana. 17Umkhawulo osuka elwandle uyakuba yiHasari Enani ngasemkhawulweni waseDamaseku, nasenyakatho ngasenyakatho umkhawulo uyiHamati. Lolu luluhlangothi lwasenyakatho.

18“Uhlangothi lwasempumalanga, kusukela phakathi kweHawurana neDamaseku, naphakathi kwelakwaGileyadi nezwe lakwa-Israyeli, luyakuba yiJordani; lusukela kulo mkhawulo, luze lube selwandle lwasempumalanga naseTamari. Lolu luluhlangothi lwasempumalanga.

19“Uhlangothi lwaseningizimu ngaseningizimu luyakusukela eTamari, luze lube semanzini aseMeribati Kadeshi nasemfudlaneni ngaseLwandle Olukhulu. Lolu luluhlangothi lwaseningizimu ngaseningizimu.

20“Uhlangothi lwasentshonalanga luyakuba luLwandle Olukhulu, kusukela emkhawulweni kuze kuqondane nokuya eHamati. Lolu luluhlangothi lwasentshonalanga.

21“Niyakuzahlukanisela leli zwe ngokwezizwe zakwa-Israyeli. 22Kuyakuthi nilahlukanise ngenkatho, libe yifa lenu nelabafokazi abagogobala phakathi kwenu nabazele abantwana phakathi kwenu. Bona bayakuba njengabokuzalwa ekhaya phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli, badle kanye nani ifa phakathi kwezizwe zakwa-Israyeli. 23Kuyakuthi esizweni lapho umfokazi egogobele khona, nimnike lapho ifa lakhe, isho iNkosi uJehova.

UHezekeli 48

1“Nanka amagama ezizwe. Kusukela ekugcineni kwasenyakatho eceleni kwendlela yaseHetiloni kuze kube sekuyeni eHamati naseHasari Enani, emkhawulweni waseDamaseku ngasenyakatho, eceleni kweHamati, uDani uyakuba nesabelo, abe nohlangothi lwasempumalanga kuze kube sentshonalanga.

2“Ngasemkhawulweni wakwaDani, kusukela ohlangothini lwasempumalanga kuze kube sohlangothini lwasentshonalanga, u-Asheri uyakuba nesabelo.

3“Ngasemkhawulweni wakwa-Asheri, kusukela ohlangothini lwasempumalanga kuze kube sohlangothini lwasentshonalanga, uNafetali uyakuba nesabelo.

4“Ngasemkhawulweni wakwaNafetali, kusukela ohlangothini lwasempumalanga kuze kube sohlangothini lwasentshonalanga, uManase uyakuba nesabelo.

5“Ngasemkhawulweni wakwaManase, kusukela ohlangothini lwasempumalanga kuze kube sohlangothini lwasentshonalanga, u-Efrayimi uyakuba nesabelo.

6“Ngasemkhawulweni wakwa-Efrayimi, kusukela ohlangothini lwasempumalanga kuze kube sohlangothini lwasentshonalanga, uRubeni uyakuba nesabelo.

7“Ngasemkhawulweni wakwaRubeni, kusukela ohlangothini lwasempumalanga kuze kube sohlangothini lwasentshonalanga, uJuda uyakuba nesabelo.

8“Ngasemkhawulweni wakwaJuda, kusukela ohlangothini lwasempumalanga kuze kube sohlangothini lwasentshonalanga, kuyakuba ngumnikelo eniyakunikela ngawo, ububanzi bube yizingalo eziyizinkulungwane ezingamashumi amabili nanhlanu, ubude bube njengesinye sezabelo, kusukela ohlangothini lwasempumalanga kuze kube sohlangothini lwasentshonalanga, indlu engcwele ibe phakathi naso.

9“Umnikelo eniyakunikela ngawo kuJehova uyakuba yizingalo eziyizinkulungwane ezingamashumi amabili nanhlanu ubude, ububanzi bube yizinkulungwane eziyishumi. 10Nanku umnikelo ongcwele: owabapristi uyakuba yizinkulungwane ezingamashumi amabili nanhlanu ngasenyakatho, nangasentshonalanga izinkulungwane eziyishumi ububanzi, nangasempumalanga izinkulungwane eziyishumi ububanzi, nangaseningizimu izinkulungwane ezingamashumi amabili nanhlanu ubude, indlu engcwele kaJehova ibe phakathi nawo. 11Uyakuba ngowabapristi, abangcwelisiweyo bamadodana kaSadoki, abagcine inkonzo yami; abadukanga lapho beduka abantwana bakwa-Israyeli, njengalokho aduka amaLevi. 12Uyakuba kubo umnikelo womnikelo wezwe, into engcwelengcwele, ngasemkhawulweni wamaLevi.

13“Maqondana nomkhawulo wabapristi amaLevi ayakuba nezinkulungwane ezingamashumi amabili nanhlanu ubude nezinkulungwane eziyishumi ububanzi, bonke ubude bube yizinkulungwane ezingamashumi amabili nanhlanu, ububanzi bube yizinkulungwane eziyishumi. 14Abayikuthengisa ngawo, bangenani ngawo, bangahlukaniseli abanye ulibo lwezwe, ngokuba lingcwele kuJehova.

15“Izinkulungwane eziyisihlanu ezisele ebubanzini nezinkulungwane ezingamashumi amabili nanhlanu zasebudeni ziyakuba ngezokungengcwele, zibe ngezomuzi, ezokwakha nezamadlelo, umuzi ube phakathi nazo. 16Nazi izilinganiso zalo: uhlangothi lwasenyakatho yizinkulungwane ezine namakhulu ayisihlanu, nohlangothi lwaseningizimu izinkulungwane ezine namakhulu ayisihlanu, nasohlangothini lwasempumalanga izinkulungwane ezine namakhulu ayisihlanu, nohlangothi lwasentshonalanga izinkulungwane ezine namakhulu ayisihlanu. 17Umuzi uyakuba namadlelo: ngasenyakatho ngamakhulu amabili namashumi ayisihlanu, nangaseningizimu amakhulu amabili namashumi ayisihlanu, nangasempumalanga amakhulu amabili namashumi ayisihlanu, nangasentshonalanga amakhulu amabili namashumi ayisihlanu. 18Okusele ebudeni maqondana nomnikelo ongcwele kuyakuba yizinkulungwane eziyishumi ngasempumalanga, nezinkulungwane eziyishumi ngasentshonalanga, kuqondane nomnikelo ongcwele, izithelo zawo zibe ngukudla kwabasebenza emzini. 19Abasebenza emzini bayakuwulima, bevela ezizweni zonke zakwa-Israyeli. 20Wonke umnikelo uyakuba yizinkulungwane ezingamashumi amabili nanhlanu nezinkulungwane ezingamashumi amabili nanhlanu, ninikele ngomnikelo ongcwele, unezinhlangothi ezine kanye nefa lomuzi.

21“Okuseleyo kuyakuba ngokwesikhulu ngalapha nangalapha komnikelo ongcwele nefa lomuzi maqondana nezinkulungwane ezingamashumi amabili nanhlanu zomnikelo ngasemkhawulweni wasempumalanga, nasentshonalanga maqondana nezinkulungwane ezingamashumi amabili nanhlanu ngasemkhawulweni wasentshonalanga, kuqondane nezabelo, kube ngokwesikhulu; umnikelo ongcwele nendlu engcwele kube phakathi nakho. 22Okusukela efeni lamaLevi nasefeni lomuzi kuyakuba phakathi kokwesikhulu, okwesikhulu kube phakathi komkhawulo wakwaJuda nomkhawulo wakwaBenjamini.

23“Izizwe eziseleyo-ke: kusukela ohlangothini lwasempumalanga kuze kube sohlangothini lwasentshonalanga uBenjamini uyakuba nesabelo.

24“Ngasemkhawulweni wakwaBenjamini, kusukela ohlangothini lwasempumalanga kuze kube sohlangothini lwasentshonalanga, uSimeyoni uyakuba nesabelo.

25“Ngasemkhawulweni wakwaSimeyoni, kusukela ohlangothini lwasempumalanga kuze kube sohlangothini lwasentshonalanga, u-Isakare uyakuba nesabelo.

26“Ngasemkhawulweni wakwa-Isakare, kusukela ohlangothini lwasempumalanga kuze kube sohlangothini lwasentshonalanga, uZebuloni uyakuba nesabelo.

27“Ngasemkhawulweni wakwaZebuloni, kusukela ohlangothi lwasempumalanga kuze kube sohlangothini lwasentshonalanga uGadi uyakuba nesabelo.

28“Ngasemkhawulweni wakwaGadi, ohlangothini lwaseningizimu ngaseningizimu, umkhawulo uyakusuka eTamari kuze kube semanzini aseMeribati Kadeshi nasemfudlaneni, ngaseLwandle Olukhulu.

29“Yilo leli zwe eniyakulahlukanisa ngenkatho, libe yifa lezizwe zakwa-Israyeli; yilezi izabelo zazo, isho iNkosi uJehova.

Amasango omuzi

30“Nanka amacele omuzi: kusukela ohlangothini lwasenyakatho yizingalo eziyizinkulungwane ezine namakhulu ayisihlanu ngokulinganisa. 31Amasango omuzi ayakubizwa ngamagama ezizwe zakwa-Israyeli, amasango amathathu abe ngasenyakatho: elinye yisango lakwaRubeni, elinye yisango lakwaJuda, elinye yisango lakwaLevi.

32“Nasohlangothini lwasempumalanga yizingalo eziyizinkulungwane ezine namakhulu ayisihlanu, namasango amathathu: elinye yisango lakwaJosefa, elinye yisango lakwaBenjamini, elinye yisango lakwaDani.

33“Nasohlangothini lwaseningizimu yizingalo eziyizinkulungwane ezine namakhulu ayisihlanu ngokulinganisa, namasango, amathathu: elinye yisango lakwaSimeyoni, elinye yisango lakwa-Isakare, elinye yisango lakwaZebuloni.

34“Ohlangothini lwasentshonalanga yizingalo eziyizinkulungwane ezine namakhulu ayisihlanu, namasango azo amathathu: elinye yisango lakwaGadi, elinye yisango lakwa-Asheri, elinye yisango lakwaNafetali.

35“Nxazonke kuyakuba yizingalo eziyizinkulungwane eziyishumi nesishiyagalombili.

“Igama lomuzi kusukela kulolu suku liyakuthiwa UJEHOVA ULAPHA.”

UHezekeli 45:18-48:35ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli
Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU