Bible Society of South Africa

Bible Reading Plan – Day 204

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

UJeremiya 25

15Ngokuba washo kanje uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli kimi, wathi: “Thatha le ndebe yewayini lokufutheka esandleni sami, uphuzise kuyo zonke izizwe engikuthuma kuzo. 16Ziyakuphuza, zintengantenge, zihlanye ngaphambi kwenkemba engiyakuyithuma phakathi kwazo.”

17Ngase ngiyithatha indebe esandleni sikaJehova, ngaziphuzisa zonke izizwe uJehova angithuma kuzo: 18iJerusalema nemizi yakwaJuda, namakhosi alo, nezikhulu zalo, ukuba ngikwenze kube yincithakalo, nesimangaliso, nento encimfelwayo, nesiqalekiso njenganamuhla; 19kanye noFaro inkosi yaseGibithe, nezinceku zakhe, nezikhulu zakhe, nabantu bakhe bonke, 20nayo yonke ingxubevange yabantu; onke amakhosi ase-Uzi, nawo onke amakhosi asezweni lamaFilisti e-Ashikeloni, naseGaza, nase-Ekroni, nensali yase-Ashidodi; 21o-Edomi, noMowabi, nabantwana bakwa-Amoni, 22nawo onke amakhosi aseTire, nawo onke amakhosi aseSidoni, namakhosi aseziqhingini ezingaphesheya kolwandle; 23iDedani, neThema, neBuzi, nabo bonke abadilingiwe emaceleni amakhanda abo, 24nawo onke amakhosi ase-Arabiya, nawo onke amakhosi engxubevange yabantu ehlala ehlane, 25nawo onke amakhosi aseZimri, nawo onke amakhosi ase-Elamu, nawo onke amakhosi aseMediya, 26nawo onke amakhosi asenyakatho, akude naseduze, yileyo naleyo, nayo yonke imibuso yezwe esebusweni bomhlaba; nenkosi yaseSheshaki iyakuphuza emva kwabo.

27“Uyakusho kubo ukuthi: ‘Usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Phuzani, nidakwe, nihlanze, niwe, ningabe nisasukuma ngenxa yenkemba engiyakuyithuma phakathi kwenu.’ 28Kuyakuthi lapho bala ukuthatha indebe esandleni sakho ukuba bayiphuze, usho kubo ukuthi: ‘Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: Impela niyakuphuza. 29Ngokuba bheka, ngiyaqala ukwenza okubi emzini obizwe ngegama lami; nina beniyakuba ngabangenacala na? Aniyikuba ngabangenacala, ngokuba ngiyakubiza bonke abakhileyo emhlabeni beze enkembeni, usho uJehova Sebawoti.’

30“Manje, profetha kubo onke lawa mazwi, uthi kubo:

“ ‘UJehova uyakuduma ephezulu,

aliphumise izwi lakhe

esendaweni yakhe engcwele;

uyakuduma nokuduma phezu kwekhaya lakhe,

amemeze njengabanyathela iwayini

kubo bonke abakhileyo emhlabeni.

31Umsindo uyakufinyelela emkhawulweni womhlaba,

ngokuba uJehova uyamelana nezizwe;

uyahlulela inyama yonke,

kepha ababi uyakubanikela enkembeni,’ ” usho uJehova.

32Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi:

“Bheka, okubi kuyaphuma

kwesinye isizwe kuye kwesinye,

nesivunguvungu siyavuswa emikhawulweni yomhlaba.”

33Ngalolo suku ababuleweyo bakaJehova bayakusukela komunye umkhawulo womhlaba, baze bafike komunye; abayikukhalelwa, abayikubuthwa, abayikumbelwa, bayakuba ngumquba ebusweni bomhlaba.

34Hhewulani nina belusi, nikhale,

nihuquzele emlotheni

nina zikhulu zomhlambi,

ngokuba seziphelele

izinsuku zenu zokuba nihlatshwe,

nginihlakaze, niwe njengesitsha esihle.

35Abelusi abayikuba nandawo ukubalekela kuyo,

izikhulu zomhlambi zingabi nasiphephelo.

36Yizwi lokukhala kwabelusi,

nokuhhewula kwezikhulu zomhlambi,

ngokuba uJehova uyachitha idlelo labo,

37nezibaya ezithuleyo ziqediwe

ngenxa yokufutheka kolaka oluvuthayo lukaJehova.

38Uwushiyile umphandu wakhe njengengonyama,

ngokuba izwe labo seliyincithakalo

ngenxa yokufutheka kwenkemba ecindezelayo

nangenxa yokufutheka kolaka lwalo.

UJeremiya 26

Isiprofetho ngokuchithwa kwethempeli

1Ekuqaleni kokubusa kukaJehoyakimi indodana kaJosiya, inkosi yakwaJuda, kwafika leli zwi livela kuJehova, lathi: 2“Usho kanje uJehova, uthi: Yima egcekeni lendlu kaJehova, ukhulume kuyo yonke imizi yakwaJuda efika ukukhuleka endlini kaJehova onke amazwi engikuyala ukuwakhuluma kubo, ungagodli zwi. 3Mhlawumbe bayakulalela, baphenduke, kube yilowo nalowo endleleni yakhe embi, ngibuye kukho okubi ebengicabanga ukukwenza kubo ngenxa yobubi bezenzo zabo. 4Uyakuthi kubo: ‘Usho kanje uJehova, uthi: Uma ningangilaleli ukuba nihambe emthethweni wami engiwubeke phambi kobuso benu, 5niwalalele amazwi ezinceku zami abaprofethi engibathumile kini, ngibathuma njalonjalo, nina ningalalelanga, 6ngiyakwenza le ndlu ibe njengeShilo, nalo muzi ngiyakuwenza ube yisiqalekiso ezizweni zonke zomhlaba.’ ”

7Abapristi, nabaprofethi, nabo bonke abantu bezwa uJeremiya ekhuluma lawo mazwi endlini kaJehova. 8Kwathi lapho uJeremiya eseqedile ukukhuluma konke uJehova amyale ngakho ukuba akukhulume kubo bonke abantu, abapristi, nabaprofethi, nabantu bonke, bambamba, bathi: “Uyakufa nokufa. 9Uprofetheleni egameni likaJehova ukuthi: ‘Le ndlu iyakuba njengeShilo, nalo muzi uyakuchithwa kungabe kusaba khona owuhlalayo,’ na?” Bonke abantu babebuthene kuJeremiya endlini kaJehova.

10Izikhulu zakwaJuda zazizwa lezo zinto, zakhuphuka endlini yenkosi, zaya endlini kaJehova, zahlala esikhaleni sesango elisha lendlu kaJehova. 11Base bethi abapristi nabaprofethi ezikhulwini nakubo bonke abantu, bathi: “Lo muntu ufanele ukufa, ngokuba uprofethile ngalo muzi, njengalokho nizwile ngezindlebe zenu.”

12Wayesesho uJeremiya kuzo zonke izikhulu nakubo bonke abantu, ethi: “UJehova wangithuma ukuprofetha ngale ndlu nangalo muzi onke amazwi eniwezwileyo. 13Ngalokho lungisani izindlela zenu nezenzo zenu, nilalele izwi likaJehova uNkulunkulu wenu, uJehova abuye kukho okubi akukhulume kini. 14Kepha mina, bhekani, ngisesandleni senu; yenzani kimi okuhle nokulungile emehlweni enu. 15Yazini nokwazi kuphela ukuthi uma ningibulala, niyakwehlisela igazi elingenacala phezu kwenu, naphezu kwalo muzi, naphezu kwabakhileyo kuwo, ngokuba ngeqiniso uJehova ungithume kini ukuba ngikhulume onke lawa mazwi ezindlebeni zenu.”

16Zase zithi izikhulu nabo bonke abantu kubo abapristi nakubo abaprofethi: “Lo muntu akafanele ukufa, ngokuba ukhulume kithi egameni likaJehova uNkulunkulu wethu.”

17Kwase kusukuma amanye amalunga ezwe, asho kulo lonke ibandla labantu, athi: 18“UMika waseMoresheti waprofetha ezinsukwini zikaHezekiya inkosi yakwaJuda, washo kubo bonke abantu bakwaJuda, wathi: ‘Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi:

“ ‘ISiyoni liyakulinywa njengensimu,

iJerusalema libe yincithakalo,

intaba yendlu ibe yizindawo eziphakemeyo zamahlathi.’

19“UHezekiya inkosi yakwaJuda naye wonke uJuda bambulala impela na? Angithi bamesaba uJehova, bamncenga uJehova, uJehova wabuya kukho okubi ayekukhulume kubo, na? Besiyakwenza okubi okukhulu kuyo imiphefumulo yethu.”

20Kwakukhona nomunye umuntu owaprofetha egameni likaJehova, u-Uriya indodana kaShemaya waseKiriyathi Jeharimi; waprofetha ngalo muzi nangaleli zwe njengawo onke amazwi kaJeremiya.

21Inkosi uJehoyakimi, nawo onke amaqhawe ayo, nazo zonke izikhulu bezwa amazwi akhe; inkosi yafuna ukumbulala; kepha u-Uriya wakuzwa, wesaba, wabaleka, waya eGibithe. 22Inkosi uJehoyakimi yayisithuma amadoda eGibithe, u-Elinathani indodana ka-Akibori enamadoda, baye eGibithe. 23Bamkhipha u-Uriya eGibithe, bamyisa enkosini uJehoyakimi eyambulala ngenkemba, yasilahla isidumbu sakhe emathuneni abantukazana.

24Kepha isandla sika-Ahikamu, indodana kaShafani, sasinoJeremiya ukuba bangamnikeli esandleni sabantu ukumbulala.

UJeremiya 27

Ijoka lenkosi yaseBabele

1Ekuqaleni kokubusa kukaSedekiya indodana kaJosiya, inkosi yakwaJuda, kwafika leli zwi kuJeremiya livela kuJehova, lathi: 2Usho kanje uJehova kimi, uthi: “Zenzele izintambo namajoka, ukubeke entanyeni yakho, 3ukuthume enkosini yakwa-Edomi, nasenkosini yakwaMowabi, nasenkosini yabantwana bakwa-Amoni, nasenkosini yaseTire, nasenkosini yaseSidoni ngesandla sezithunywa ezifika eJerusalema kuSedekiya inkosi yakwaJuda, 4uziyale ukuba zithi emakhosini azo: ‘Usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: “Niyakusho kanje emakhosini enu, nithi: 5Mina ngenzile umhlaba, nomuntu, nesilwane okukhona emhlabeni ngamandla ami amakhulu nangengalo yami eyeluliweyo, ngiwunika lowo ofanele emehlweni ami. 6Manje senginikele onke lawa mazwe esandleni sikaNebukadinesari inkosi yaseBabele, inceku yami; futhi ngiyakumnika izilwane zasendle ukuba zimkhonze. 7Zonke izizwe ziyakumkhonza, yena nendodana yakhe, nendodana yendodana yakhe, kuze kufike isikhathi sezwe lakhe, izizwe eziningi namakhosi amakhulu babakhonzise.

8“ ‘ “Kuyakuthi isizwe nombuso okungayikumkhonza yena, uNebukadinesari, inkosi yaseBabele, kungabeki intamo yakho phansi kwejoka lenkosi yaseBabele, leso sizwe ngisijezise, usho uJehova, ngenkemba, nangendlala, nangesifo, ngize ngisiqede ngesandla sakhe. 9Kepha nina ningabalaleli abaprofethi benu, nababhuli benu, namaphupho enu, nabahlola imihlola phakathi kwenu, nabalumbi benu abakhuluma kini, bethi: ‘Aniyikuyikhonza inkosi yaseBabele,’ 10ngokuba baprofetha amanga kini ukuba nisuswe kude nezwe lakini, nginixoshe, niphele. 11Kepha isizwe esiyakuyibeka intamo yaso phansi kwejoka lenkosi yaseBabele, siyikhonze, leso ngiyakusiphumuza ezweni laso, usho uJehova, sililime, sihlale kulo.” ’ ”

12Ngakhuluma kuSedekiya inkosi yakwaJuda njengawo onke lawa mazwi, ngathi: “Bekani izintamo zenu phansi kwejoka lenkosi yaseBabele, niyikhonze, yona nabantu bayo, niphile. 13Niyakufelani wena nabantu bakho ngenkemba, nangendlala, nangesifo, njengalokho uJehova ekhulumile ngesizwe esingayikuyikhonza inkosi yaseBabele, na? 14Ningawalaleli amazwi abaprofethi ababesho kini ukuthi: ‘Aniyikuyikhonza inkosi yaseBabele,’ ngokuba baprofetha amanga kini. 15‘Ngokuba angibathumanga,’ usho uJehova; ‘baprofetha amanga ngegama lami ukuze nginixoshe, niphele, nina nabaprofethi abaprofetha kini.’ ”

16Ngase ngikhuluma kubapristi nakubo bonke laba bantu, ngithi: “Usho kanje uJehova, uthi: Ningawalaleli amazwi abaprofethi benu abaprofetha kini ukuthi: ‘Bhekani, izitsha zendlu kaJehova ziyakubuyiswa eBabele masinyane.’ Ngokuba baprofetha amanga kini. 17Ningabalaleli; khonzani inkosi yaseBabele nize niphile; ubuyakuchithelwani lo muzi na? 18Kepha uma bengabaprofethi, uma izwi likaNkulunkulu likubo, mabamnxuse uJehova Sebawoti, ukuba izitsha ezisele endlini kaJehova, nasendlini yenkosi yakwaJuda, naseJerusalema zingayi eBabele. 19Ngokuba usho kanje uJehova Sebawoti ngezinsika, nangolwandle, nangezinqe, nangensali yezitsha ezisele kulo muzi, 20angazithathanga uNebukadinesari inkosi yaseBabele ekuthumbeni kwakhe uJekoniya indodana kaJehoyakimi, inkosi yakwaJuda, eJerusalema, wamyisa eBabele nabakhulu bonke bakwaJuda nabaseJerusalema; 21yebo, usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, ngezitsha ezisele endlini kaJehova, nasendlini yenkosi yakwaJuda, naseJerusalema, uthi: 22‘Ziyakuyiswa eBabele, zibe khona, kuze kufike usuku lokuzihambela kwami,’ usho uJehova. ‘Bese ngizikhuphula, ngizibuyisele kule ndawo.’ ”

UJeremiya 25:15-27:22ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli
Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU