Bible Society of South Africa

Bible Reading Plan – Day 205

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

UJeremiya 28

OJeremiya noHananiya

1Kwathi ngawona lowo mnyaka ekuqaleni kokubusa kukaSedekiya inkosi yakwaJuda ngomnyaka wesine, ngenyanga yesihlanu, uHananiya indodana ka-Azuri, umprofethi waseGibeyoni, wakhuluma kimi endlini kaJehova phambi kwabapristi nabantu bonke, wathi: 2“Usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: ‘Ngilaphulile ijoka lenkosi yaseBabele. 3Ingakapheli iminyaka emibili ngiyakubuyisela kule ndawo zonke izitsha zendlu kaJehova azithatha kule ndawo uNebukadinesari, inkosi yaseBabele, waziyisa eBabele, 4ngibuyisele kule ndawo futhi uJekoniya indodana kaJehoyakimi, inkosi yakwaJuda, nabo bonke abathunjwa bakwaJuda abaya eBabele,’ usho uJehova, ‘ngokuba ngiyakulaphula ijoka lenkosi yaseBabele.’ ”

5Kepha umprofethi uJeremiya wathi kumprofethi uHananiya phambi kwabapristi, nabantu bonke ababemi endaweni kaJehova, 6yebo, umprofethi uJeremiya wathi: “Amen, makenze njalo uJehova, awaqinise amazwi akho owaprofethayo, kubuyiswe izitsha zendlu kaJehova nabo bonke abathunjwa eBabele, kulethwe kule ndawo. 7Kepha mawuzwe leli zwi engilikhuluma ezindlebeni zakho nasezindlebeni zabantu bonke ngokuthi: 8Abaprofethi ababengaphambi kwami nangaphambi kwakho kusukela endulo baprofetha ngamazwe amaningi nangemibuso eminingi, ngezimpi, nangokubi, nangesifo. 9Umprofethi oprofetha ngokuthula uyakwaziwa, lapho seligcwalisiwe izwi lomprofethi, uma engumprofethi uJehova amthumileyo impela.”

10Umprofethi uHananiya wayeselisusa ijoka entanyeni yomprofethi uJeremiya, walaphula. 11UHananiya wayesesho phambi kwabo bonke abantu, wathi: “Usho kanje uJehova, uthi: ‘Kanjalo ngiyakulaphula ijoka likaNebukadinesari, inkosi yaseBabele ingakapheli iminyaka emibili entanyeni yezizwe zonke.’ ” Kepha umprofethi uJeremiya wahamba indlela yakhe.

12Lase lifika izwi likaJehova kuJeremiya, uHananiya umprofethi eselaphulile ijoka entanyeni yomprofethi uJeremiya, lithi: 13“Hamba usho kuHananiya, uthi: ‘Usho kanje uJehova, uthi: Uwaphulile amajoka omuthi, kepha uyakwenza amajoka ensimbi esikhundleni sawo. 14Ngokuba usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Ngibeke ijoka lensimbi entanyeni yazo zonke lezi zizwe ukuba zimkhonze uNebukadinesari inkosi yaseBabele; yebo, ziyakumkhonza; futhi ngimnike nezilwane zasendle.’ ”

15Wayesethi umprofethi uJeremiya kuHananiya umprofethi: “Mawuzwe, Hananiya; uJehova kakuthumanga, kepha wena wenza laba bantu ukuba bethembe amanga. 16Ngalokho usho kanje uJehova, uthi: ‘Bheka, ngiyakukuxosha ebusweni bomhlaba, ufe nonyaka, ngokuba ukhulume ukuhlubuka kuJehova.’ ”

17Wafa-ke uHananiya umprofethi ngawona lowo mnyaka ngenyanga yesikhombisa.

UJeremiya 29

Incwadi kaJeremiya kubathunjwa

1Nanka amazwi encwadi uJeremiya, umprofethi, ayithumayo eseJerusalema kuyo insali yamalunga athunjiweyo, nakubapristi, nakubaprofethi, nakubo bonke abantu ayebathumbile uNebukadinesari eJerusalema, wabayisa eBabele, 2sebesukile uJekoniya inkosi, nendlovukazi, nabathenwa, nezikhulu zakwaJuda nezaseJerusalema, nezinyanga zomsebenzi, nabakhandi eJerusalema, 3ngesandla sika-Eleyasa indodana kaShafani noGemariya indodana kaHilikiya abathunywa nguSedekiya, inkosi yakwaJuda, eBabele kuNebukadinesari inkosi yaseBabele, athi:

4Usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, kubo bonke abathunjwa engibenzile ukuba bathunjwe eJerusalema, bayiswe eBabele, uthi: 5“Yakhani izindlu, nihlale kuzo; tshalani amasimu, nidle izithelo zawo; 6thathani abafazi, nizale amadodana namadodakazi; thathelani amadodana enu abafazi, nendise amadodakazi enu emadodeni ukuba azale amadodana namadodakazi, nande khona, ninganciphi. 7Funani ukuthula komuzi lapho nginithumbele khona, niwukhulekele kuJehova, ngokuba ekuthuleni kwawo niyakuba nokuthula.” 8Ngokuba usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: “Maningakhohliswa ngabaprofethi abaphakathi kwenu nababhuli benu, ningawalaleli amaphupho enu eniwaphuphayo. 9Ngokuba baprofetha amanga egameni lami; angibathumanga,” usho uJehova.

10Ngokuba usho kanje uJehova, uthi: “Lapho iminyaka engamashumi ayisikhombisa isiphelile eBabele, ngiyakunihambela, ngiqinise phezu kwenu izwi lami elihle ngokunibuyisela kule ndawo. 11Ngokuba ngiyazi mina imicabango engiyicabanga ngani,” usho uJehova, “imicabango yokuthula kungengeyobubi ukuba ngininike isikhathi esizayo nethemba. 12Niyakungibiza, niye ukukhuleka kimi, ngiyakunizwa. 13Niyakungifuna, ningifumane, lapho ningifunisisa ngenhliziyo yenu yonke. 14Ngiyakufunyanwa yinina,” usho uJehova, “ngibuyise ukuthunjwa kwenu, nginibuthe ezizweni zonke nasezindaweni zonke lapho nginixoshele khona,” usho uJehova, “nginibuyisele endaweni enganenza ukuba nithunjwe kuyo.”

15Ngokuba nishilo ukuthi: “UJehova usivusele abaprofethi eBabele.” 16Ngokuba usho kanje uJehova ngenkosi ehlezi esihlalweni sobukhosi sikaDavide nangabo bonke abantu abahlala kulo muzi, abafowenu abangayanga nani ekuthunjweni, 17yebo, usho uJehova Sebawoti, uthi: “Bhekani, ngiyakuthuma kubo inkemba, nendlala, nesifo, ngibenze babe njengamakhiwane amabi angenakudliwa ngobubi bawo. 18Ngiyakubalandela ngenkemba, nangendlala, nangesifo, ngibenze babe yingebhe emibusweni yonke yomhlaba, babe yisiqalekiso, nesimangaliso, nento encimfelwayo, nehlazo ezizweni zonke engibaxoshele kuzo, 19ngokuba abawalalelanga amazwi ami,” usho uJehova, “engawathuma kubo ngezinceku zami abaprofethi, ngibathuma njalonjalo; yebo, kanilalelanga,” usho uJehova.

20Kepha yizwani manje izwi likaJehova nina nonke bathunjwa, enginithumile eBabele niphuma eJerusalema. 21Usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, ngo-Ahabi indodana kaKholaya nangoSedekiya indodana kaMahaseya abaprofetha amanga kini egameni lami, uthi: “Bheka, ngiyakubanikela esandleni sikaNebukadinesari inkosi yaseBabele; uyakubabulala phambi kwamehlo enu. 22Kubona kuyakuthathwa isiqalekiso yibo bonke abathunjwa bakwaJuda abaseBabele ngokuthi: ‘UJehova makakwenze ukuba ube njengoSedekiya no-Ahabi abosiwa ngomlilo yinkosi yaseBabele,’ 23ngokuba benzile ubuwula kwa-Israyeli, baphinga nabafazi babakhelwane babo, bakhuluma amazwi amanga egameni lami engingabayalanga ngawo; yimi engikwaziyo, ngingufakazi,” usho uJehova.

Izwi kuShemaya

24KuShemaya waseNehelamu uyakusho ukuthi: 25“Usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Ngenxa yokuba uthumile egameni lakho izincwadi kubo bonke abantu baseJerusalema, nakuZefaniya indodana kaMahaseya, umpristi, nakubo bonke abapristi, ngokuthi: 26‘UJehova ukubeke umpristi esikhundleni sikaJehoyada umpristi ukuba nibe yizinduna zabo bonke abantu abahlanyayo nabaprofethayo endlini kaJehova ukuze ubafake esitokisini* nasemaketangeni; 27manje awumsolanga ngani uJeremiya wase-Anathoti, oprofetha kini na? 28Ngokuba ngalokho uthumile kithi eBabele, wathi: Kuse kude; yakhani izindlu, nihlale kuzo; tshalani amasimu, nidle izithelo zawo.’ ”

29UZefaniya umpristi wayifunda le ncwadi ezindlebeni zikaJeremiya umprofethi. 30Lase lifika izwi likaJehova kuJeremiya, lithi: 31“Thuma kubo bonke abathunjwa, uthi: ‘Usho kanje uJehova ngoShemaya waseNehelamu, uthi: Ngenxa yokuba uShemaya eprofethile kini, mina ngingamthumile, wanenza ukuba nethembe emangeni, 32ngalokho usho kanje uJehova, uthi: Bhekani, ngiyakumhambela uShemaya waseNehelamu nenzalo yakhe; akayikuba namuntu oyakuhlala phakathi kwalaba bantu, angaboni okuhle engiyakwenzela khona abantu bami, usho uJehova, ngokuba ukhulume ukuhlubuka kuJehova.’ ”

UJeremiya 30

Ukuphulukiswa kuka-Israyeli noJuda

1Izwi elafika kuJeremiya livela kuJehova, lathi: 2“Usho kanje uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: ‘Loba encwadini onke amazwi engiwakhulume kuwe. 3Ngokuba bheka, izinsuku ziyeza,’ usho uJehova, ‘lapho ngiyakubuyisa ukuthunjwa kwabantu bami o-Israyeli noJuda,’ usho uJehova, ‘ngibabuyisele ezweni engalinika oyise ukuba balidle.’ ”

4Nanka amazwi uJehova awakhulumayo ngo-Israyeli nangoJuda. 5“Ngokuba usho kanje uJehova, uthi:

“ ‘Sizwile izwi lokuthuthumela,

elokwesaba kungengelokuthula.

6Ake nibuze, nibone, uma owesilisa

wake wabeletha na?

Ngibonelani onke amadoda

enezandla zawo ezinkalweni njengobelethayo,

ubuso bonke buphaphathekile, na?

7Maye, lukhulu lolo suku,

alukho olunjengalo!

Kuyisikhathi sokuhlupheka kukaJakobe,

kepha uyakusindiswa kukho.

8“ ‘Kuyakuthi ngalolo suku,’ usho uJehova Sebawoti,

‘ngilaphule ijoka entanyeni yabo,

ngigqabule izibopho zabo,

abafokazi bangabe besabakhonzisa,

9kepha bakhonze uJehova uNkulunkulu wabo,

noDavide inkosi yabo engiyakubavusela yena.

10“ ‘Ungesabi wena Jakobe,

nceku yami,’ usho uJehova,

‘ungapheli amandla, Israyeli,

ngokuba bheka,

ngiyakukusindisa usekude,

nenzalo yakho ezweni lokuthunjwa kwayo;

uJakobe uyakubuya, aphumule, agcineke,

angesatshiswa muntu.

11Ngokuba mina nginawe,’ usho uJehova,

‘ukuba ngikusindise,

ngokuba ngiyakuqeda ngokupheleleyo

zonke izizwe engikuhlakazele kuzo,

kepha wena angiyikukuqeda,

kodwa ngiyakukulaya

ngokwahlulela, ngingakwenzi ube ngongenacala.’

12“Ngokuba usho kanje uJehova, uthi:

“ ‘Ukulimala kwakho akunakuphulukiswa,

nesilonda sakho sinzima.

13Akakho omela icala lakho ukuba uboshwe;

umuthi wokuphilisa awunawo.

14Zonke izithandwa zakho zikukhohliwe,

azisakufuni,

ngokuba ngikushayile ngokushaywa

kwezitha, ngokulaywa kononya,

ngenxa yobuningi bokona kwakho,

nangokuba izono zakho zandile.

15Ukhalelani ngokulimala kwakho

ukuthi ubuhlungu bakho abunakuphulukiswa na?

Ngenxa yobuningi bokona kwakho

nangokuba izono zakho zandile

ngenze lokho kuwe.

16“ ‘Ngalokho bonke abakudlayo bayakudliwa,

nabo bonke abamelene nawe bayakuthunjwa bonkana,

nabakuphangayo bayakuphangwa,

nabo bonke abakwamukayo

ngiyakubanikela ukuba bamukwe.

17Ngokuba ngiyakubuyisela ukuphila kuwe,

ngelaphe izilonda zakho,’ usho uJehova,

‘ngokuba bakubize ngokuthi Oxoshiweyo

neSiyoni elingafunwa muntu.’

18“Usho kanje uJehova, uthi:

“ ‘Bheka,

ngiyakukubuyisa ukuthunjwa kwamatende kaJakobe,

ngiwahawukele amakhaya akhe;

umuzi uyakwakhiwa enxiweni lawo,

indlu yamakhosi ihlale njengokufaneleyo.

19Kuyakuphuma kubo udumiso nezwi labathokozayo;

ngiyakubenza babe baningi,

bangabi ngabayingcosana,

ngibadumise, bangeyiswa.

20Abantwana bakhe bayakuba njengakuqala,

ibandla lakhe lime phambi kwami,

ngijezise bonke abamcindezelayo.

21Isikhulu sakhe siyakuba ngesiphuma kuye,

nombusi wakhe uyakuvela phakathi kwakhe;

ngiyakumsondeza, asondele kimi,

ngokuba ngubani oke waba nesibindi

sokusondela kimi na?’ usho uJehova.

22“ ‘Niyakuba ngabantu bami,

mina ngibe nguNkulunkulu wenu.’ ”

23Bheka, isivunguvungu sikaJehova!

Ukufutheka kwakhe kuphumile,

isivunguvungu esichithayo;

siyakwehlela phezu kwamakhanda ababi.

24Ukufutheka okuvuthayo kukaJehova akuyikubuya,

aze enze, aze afeze umgomo wenhliziyo yakhe;

ezinsukwini zokugcina niyakukuqonda.

UJeremiya 28:1-30:24ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli
Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU