Bible Society of South Africa

Bible Reading Plan – Day 203

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

UJeremiya 23

Ukufika kwenkosi elungileyo

1“Wo kubo abelusi abachitha, bazihlakaze izimvu zedlelo lami!” usho uJehova. 2Ngalokho usho kanje uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli ngabelusi abelusa abantu bami, uthi: “Nihlakazile izimvu zami, nazixosha, anizihambelanga. Bhekani, ngiyakuhambela ububi bezenzo zenu kini,” usho uJehova. 3“Ngiyakubutha insali yezimvu zami emazweni onke, lapho ngiyixoshele khona, ngiyibuyisele ezibayeni zayo; iyakuchuma, yande. 4Ngiyakumisa phezu kwayo abelusi abayakuyalusa; ayisayikwesaba, ayiyikuphela amandla, ayisayikujeziswa,” usho uJehova.

5“Bheka, izinsuku ziyeza,” usho uJehova, “lapho ngiyakumisela uDavide iHlumela elilungileyo; liyakubusa njengenkosi, libe nokuhlakanipha, lenze ukwahlulela nokulunga ezweni. 6Ezinsukwini zalo uJuda uyakusindiswa, u-Israyeli ahlale elondekile; nanti igama eliyakubizwa ngalo lokuthi: UJEHOVA UNGUKULUNGA KWETHU.

7“Ngalokho bheka, izinsuku ziyeza,” usho uJehova, “abangasayikusho ngazo ukuthi: ‘Kuphila kukaJehova owabakhuphula abantwana bakwa-Israyeli ezweni laseGibithe,’ 8kepha ukuthi: ‘Kuphila kukaJehova owayikhuphula, wayihola inzalo yendlu ka-Israyeli ezweni lasenyakatho nasemazweni onke lapho ngangibaxoshele khona.’ Iyakwakha ezweni lakubo.”

Abaprofethi bamanga

9Ngabaprofethi.

Inhliziyo yami yaphukile phakathi kwami,

amathambo onke ami ayathuthumela;

nginjengomuntu odakiweyo,

njengomuntu owahlulwe yiwayini

ngenxa kaJehova

nangenxa yamazwi akhe angcwele.

10Ngokuba izwe ligcwele iziphingi;

izwe liyadabuka ngenxa yesiqalekiso;

amadlelo asehlane omile.

Ukuhamba kwabo kubi,

namandla abo awalungile.

11“Ngokuba nabaprofethi nabapristi abanaNkulunkulu;

nasendlini ngifumene okubi kwabo,” usho uJehova.

12“Ngalokho indlela yabo

iyakuba yizindawo ezibushelelezi;

bayakusunduzwa ebumnyameni,

bawe kubo,

ngokuba ngiyakubehlisela okubi

ngomnyaka wokuhanjelwa kwabo,” usho uJehova.

13“Kubaprofethi baseSamariya ngibonile ubuwula:

baprofetha ngoBali,

bedukisa abantu bami u-Israyeli.

14Nakubaprofethi baseJerusalema

ngibonile okwesabekayo:

bayaphinga, bahamba ngamanga,

baqinisa izandla zababi,

ukuze kungabuyi muntu ebubini bakhe;

bonke banjengeSodoma kimi,

nabakhileyo kulo banjengeGomora.”

15Ngalokho usho kanje uJehova Sebawoti ngabaprofethi, uthi:

“Bheka, ngiyakubanika ukuba badle umhlonyane,

baphuze amanzi enyongo,

ngokuba ukungabi naNkulunkulu

kuphume kubaprofethi,

kwaya ezweni lonke.”

16Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi:

“Ningawalaleli amazwi abaprofethi

abaprofetha kini;

banifundisa okuyize,

bakhuluma umbono wenhliziyo yabo,

kungengokuvela emlonyeni kaJehova.

17Bazinge bethi kwabangidelelayo:

UJehova ukhulumile uthi:

‘Niyakuba nokuthula.’

Kubo bonke abahamba ngenkani

yenhliziyo yabo bathi:

‘Aniyikwehlelwa ngokubi.’

18Ngokuba ngubani owake wema

emkhandlwini kaJehova ukuba abone,

ezwe izwi lakhe na?

Ngubani oqaphele izwi lakhe,

walizwa, na?

19Bheka,

isivunguvungu sikaJehova

esinokufutheka siphumile;

isivunguvungu esiyisikhwishikhwishi

sehlele phezu kwamakhanda ababi.

20Intukuthelo kaJehova ayiyikubuya

aze enze,

aze afeze umgomo wenhliziyo yakhe;

ezinsukwini ezizayo niyakukuqonda nokukuqonda.

21Mina angibathumanga abaprofethi,

nokho bagijima;

bengingakhulumile kubo,

nokho baprofetha.

22Uma bebemi emkhandlwini wami,

nga bezwisile abantu bami amazwi ami,

bababuyise endleleni yabo embi,

nasebubini bezenzo zabo.

23“NginguNkulunkulu eduze yini,” usho uJehova,

“ngingesiye uNkulunkulu kude na?

24Ukhona ongacasha ezindaweni ezisithekileyo

ukuze ngingamboni na?” usho uJehova.

“Angithi ngiyagcwalisa izulu nomhlaba na?” usho uJehova.

25“Ngizwile ukuthi bathini abaprofethi abaprofetha amanga egameni lami, bethi: ‘Ngiphuphile, ngiphuphile.’ 26Lokhu koze kube nini ezinhliziyweni zabaprofethi abaprofetha amanga, bengabaprofethi benkohliso yenhliziyo yabo, 27abacabanga ukwenza ukuba abantu bami bakhohlwe igama lami ngamaphupho abo abawalandisa, kube yilowo nalowo kumakhelwane wakhe, njengalokho oyise bakhohlwa igama lami ngenxa kaBali, na? 28Umprofethi onephupho makalilandise iphupho, kepha onezwi lami makalikhulume izwi lami ngeqiniso. Amakhoba ayini kukolweni na?” usho uJehova. 29“Izwi lami alinjengomlilo yini,” usho uJehova, “nanjengesando esaphula itshe na?

30“Ngalokho bheka, ngimelene nabaprofethi,” usho uJehova, “abeba amazwi ami, kube yilowo nalowo kumakhelwane wakhe. 31Bheka, ngimelene nabaprofethi,” usho uJehova, “abasebenzisa izilimi zabo, bathi: ‘Uthi yena.’ 32Bheka, ngimelene nabaprofetha amaphupho amanga,” usho uJehova, “bawalandise, badukise abantu bami ngamanga abo nangokuwawaza kwabo; mina-ke angibathumanga nokho, angibayalanga, futhi abasizanga laba bantu,” usho uJehova.

33“Nxa laba bantu, noma umprofethi, noma umpristi, bekubuza bethi: ‘Iyini indaba kaJehova?’ uyakubatshela ukuthi: ‘Yinina eniyindaba,’ nokuthi: ‘Ngiyakunilahla, usho uJehova.’ 34Nomprofethi-ke, nompristi, nabantu abayakusho ukuthi: ‘Indaba kaJehova,’ ngiyakuhambela lowo muntu nendlu yakhe. 35Niyakusho kanje, kube yilowo nalowo kumakhelwane wakhe, kube yilowo nalowo kumfowabo, nithi: ‘UJehova uphendule wathini?’ nokuthi: ‘UJehova ukhulumeni?’ 36Indaba kaJehova anisayikuyikhumbula, ngokuba izwi lalowo nalowo muntu liyakuba yindaba yakhe, lokhu niwahlanekezele amazwi kaNkulunkulu ophilayo, uJehova Sebawoti, uNkulunkulu wethu. 37Uyakusho kanje kumprofethi, uthi: ‘UJehova ukuphendule wathini?’ nokuthi: ‘UJehova ukhulumeni?’ 38Kepha uma nithi: ‘Indaba kaJehova,’ khona uJehova usho kanje, uthi: Ngenxa yokuba nithi leli zwi lokuthi ‘indaba kaJehova,’ noma mina ngathumela kini, ngathi: Aniyikuthi: ‘Indaba kaJehova,’ 39ngalokho ngiyakuniphakamisa nokuniphakamisa, nginilahle ebusweni bami, nina nomuzi enganinika wona, nina nawoyihlo, 40nginehlisele ihlazo eliphakade namahloni emiyo njalo okungayikukhohlakala.”

UJeremiya 24

Amaqoma amabili amakhiwane

1UJehova wangibonisa amaqoma amabili amakhiwane ebekwe phambi kwethempeli likaJehova, uNebukadinesari, inkosi yaseBabele, esethumbile uJekoniya indodana kaJehoyakimi, inkosi yakwaJuda, nezikhulu zakwaJuda, nezinyanga zomsebenzi, nabakhandi, wabasusa eJerusalema, wabayisa eBabele. 2Elinye iqoma lalinamakhiwane amahle kakhulu, enjengamakhiwane ayingqalabutho; elinye iqoma lalinamakhiwane amabi kakhulu, engenakudliwa ngobubi bawo.

3Wayesethi uJehova kimi: “Ubonani, Jeremiya, na?”

Ngathi: “Amakhiwane; amahle, ngamahle kakhulu, namabi ngamabi kakhulu, enganakudliwa ngobubi bawo.”

4Izwi likaJehova lafika kimi, lathi: 5“Usho kanje uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: ‘Njengalawa makhiwane amahle ngiyakubheka kanjalo abathunjiweyo bakwaJuda, engibamukisile kule ndawo baya ezweni lamaKaledi, kube kuhle. 6Ngiyakuwabhekisa amehlo ami kubo, kube kuhle, ngibabuyisele kuleli zwe, ngibakhe ngingabadilizi, ngibatshale ngingabasiphuli. 7Ngiyakubanika inhliziyo yokungazi ukuthi nginguJehova; bayakuba ngabantu bami, mina ngibe nguNkulunkulu wabo, ngokuba bayakubuyela kimi ngenhliziyo yabo yonke.

8“ ‘Kepha njengamakhiwane amabi engenakudliwa ngobubi bawo, impela kanjalo,’ usho kanje uJehova, ‘ngiyakwenza kuSedekiya inkosi yakwaJuda, nasezikhulwini zakhe, nakuyo insali yaseJerusalema, abasele kuleli zwe nabakhile ezweni laseGibithe. 9Ngiyakubenza babe yingebhe nokubi emibusweni yonke yomhlaba, babe yihlazo nesaga, isifenqo nesiqalekiso ezindaweni zonke engiyakubaxoshela kuzo. 10Ngiyakuthuma kubo inkemba, nendlala, nesifo, baze baphele ezweni engalinika bona nawoyise.’ ”

UJeremiya 25

Isiprofetho ngokunqoba kukaNebukadinesari

1Izwi elafika kuJeremiya ngabantu bonke bakwaJuda ngomnyaka wesine kaJehoyakimi indodana kaJosiya, inkosi yakwaJuda, ongumnyaka wokuqala kaNebukadinesari, inkosi yaseBabele, 2alikhulumayo uJeremiya umprofethi kubo bonke abantu bakwaJuda nakubo bonke abakhileyo eJerusalema, ethi: 3“Kusukela emnyakeni weshumi nantathu kaJosiya indodana ka-Amoni, inkosi yakwaJuda, kuze kube namuhla, le minyaka engamashumi amabili nantathu izwi likaJehova lifikile kimi, ngalikhuluma, ngilisho kini njalonjalo, kepha kanilalelanga.”

4UJehova uthumile kini zonke izinceku zakhe abaprofethi, ebathuma njalonjalo, kepha anilalelanga, anibekanga indlebe ukuba nizwe 5lapho kwathiwa: “Ake nibuye, kube yilowo nalowo endleleni yakhe embi, nasebubini bezenzo zenu, nihlale ezweni uJehova alinike nina nawoyihlo, kusukela phakade kuze kube phakade, 6ningalandeli abanye onkulunkulu ukuba nibakhonze, nikhuleke kubo, ningangicunuli ngemisebenzi yezandla zenu; khona angiyikunenzela okubi.

7“Kepha aningilalelanga,” usho uJehova, “naze nangicunula ngemisebenzi yezandla zenu, kwaba kubi kini.”

8Ngalokho usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: “Ngenxa yokuba ningawalalelanga amazwi ami, 9bheka, ngiyakuthumela, ngilande yonke imindeni yasenyakatho,” usho uJehova, “noNebukadinesari, inkosi yaseBabele, inceku yami, ngibehlisele phezu kwaleli zwe nabakhileyo kulo, naphezu kwazo zonke lezi zizwe nxazonke, ngibaqalekise, ngibenze babe yisimangaliso nento encimfelwayo, nencithakalo ephakade. 10Futhi ngiyakususa kubo izwi lokujabula nezwi lokuthokoza, izwi lomyeni nezwi lomakoti, nomsindo wamatshe okugaya nokukhanya kwesibani. 11Izwe lonke leli liyakuba yincithakalo nesimangaliso, nalezi zizwe ziyakuyikhonza inkosi yaseBabele iminyaka engamashumi ayisikhombisa.

12“Kuyakuthi lapho iminyaka engamashumi ayisikhombisa isigcwalisekile, ngihambele inkosi yaseBabele nesizwe leso,” usho uJehova, “ngobubi babo, kanye nezwe lamaKaledi, ngilenze libe yincithakalo ephakade. 13Ngiyakwehlisela phezu kwalelo zwe onke amazwi ami engiwakhulume phezu kwalo, konke okulotshwe kule ncwadi, uJeremiya akuprofethile ngazo zonke izizwe. 14Ngokuba bayakukhonziswa nabo yizizwe eziningi nangamakhosi amakhulu, ngiphindise kubo ngezenzo zabo nangemisebenzi yezandla zabo.”

UJeremiya 23:1-25:14ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli
Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU