Bible Society of South Africa

Bible Reading Plan – Day 181

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

U-Isaya 19

Isiprofetho ngeGibithe

1Isiprofetho ngeGibithe.

Bheka, uJehova ukhwele phezu kwefu elinejubane,

uyeza eGibithe;

onkulunkulu baseGibithe bayathuthumela ebusweni bakhe,

nezinhliziyo zabaseGibithe ziphela amandla phakathi kwabo.

2“Ngiyakuvusa abaseGibithe

ukuba bamelane nabaseGibithe,

balwe, kube yilowo nalowo nomfowabo,

kube yilowo nalowo nomakhelwane wakhe,

umuzi nomuzi,

umbuso nombuso.

3Umoya waseGibithe uyakuba yize ngaphakathi kwalo;

ngiyakuchitha amasu alo;

bayakufuna onkulunkulu,

nezinyanga, nabanamadlozi, nabathakathi.

4Ngiyakubanikeza abaseGibithe

esandleni senkosi elukhuni,

nenkosi enamandla iyakubusa phezu kwabo,”

isho iNkosi uJehova Sebawoti.

5Amanzi ayakuphela elwandle,

umfula wome, ushe.

6Imifula iyakunuka,

imifudlana yaseGibithe iyakuncipha, yome,

kubune umhlanga nebungu.

7Kuyakuba khona uqwathule ngaseNayile,

ngasogwini lweNayile,

nakho konke okutshaliwe ngaseNayile kuyakoma,

kuhlakazwe, kungabe kusababikho.

8Abadobi bayakukhala, balile,

bonke abaphonsa udobo eNayile;

nabeneka amanetha emanzini bayakudabuka.

9Bayakujabha abasebenza ngefilakisi* eliklayiweyo

kanye nabaluki belineni.

10Izisekelo zalo ziyakwaphulwa,

bonke abasebenza ngokuqashwa badabuke ngenhliziyo.

11Izikhulu zaseSowani ziyiziwula impela,

nesiluleko sabaluleki

abahlakaniphileyo bakaFaro siphendukile ubuwula;

ningasho kanjani kuFaro ukuthi:

“Mina ngiyindodana yabahlakaniphileyo,

ngiyindodana yamakhosi asendulo,” na?

12Pho, baphi abahlakaniphileyo bakho na?

Mabakutshele, bakwazise

lokhu akucebile uJehova Sebawoti ngeGibithe.

13Izikhulu zaseSowani ziphendukile iziwula,

izikhulu zaseNofi zikhohlisiwe;

balidukisile iGibithe

abangamatshe amagumbi ezizwe zalo.

14UJehova uthulule umoya ophambeneyo phakathi kwabo,

baze balintengantengise iGibithe kuyo yonke imisebenzi yalo

njengesidakwa sintengantenga ebuhlanzweni baso.

15IGibithe aliyikuba namsebenzi

oyakwenziwa yikhanda nomsila,

negatsha lesundu nomhlanga.

16Ngalolo suku iGibithe liyakuba njengabesifazane, lithuthumele, lesabe ukunikina kwesandla sikaJehova Sebawoti asinikina phezu kwalo. 17Izwe lakwaJuda liyakuba yingebhe yeGibithe; njalo lapho likhunjuzwa ngalo, liyakwesaba icebo uJehova Sebawoti alicebe ngalo.

18Ngalolo suku kuyakuba yimizi eyisihlanu ezweni laseGibithe eyakukhuluma ulimi lwaseKhanani, ifunge uJehova Sebawoti; omunye uyakuthiwa uMuzi Welanga.

19Ngalolo suku kuyakuba khona i-altare kuJehova phakathi kwezwe laseGibithe, nensika kuJehova emkhawulweni walo. 20Liyakuba yisibonakaliso nobufakazi kuJehova Sebawoti ezweni laseGibithe, ngokuba bayakukhala kuJehova ngabacindezeli; yena uyakubathumela umsindisi nomvikeli, abophule. 21UJehova uyakuzazisa eGibithe, nabaseGibithe bayakumazi uJehova ngalolo suku, bamkhonze ngomhlatshelo nomnikelo, benze izithembiso kuJehova, bazigcwalise. 22UJehova uyakulishaya iGibithe, elishaya, abeseliphulukisa; bayakubuyela kuJehova, bamncenge, abaphulukise.

23Ngalolo suku kuyakuba khona umendo ophuma eGibithe uye e-Asiriya; i-Asiriya liyakungena eGibithe, iGibithe lingene e-Asiriya, iGibithe likhuleke kanye ne-Asiriya.

24Ngalolo suku u-Israyeli uyakuba ngowesithathu kanye neGibithe ne-Asiriya, babe yisibusiso phakathi komhlaba, 25uJehova Sebawoti ababusisa ngaso, ethi: “Malibusiswe iGibithe abantu bami, ne-Asiriya umsebenzi wezandla zami, no-Israyeli ifa lami.”

U-Isaya 20

Isiprofetho ngeGibithe neKushe

1Ngomnyaka wokufika kukaTharithani e-Ashidodi, ethunywe nguSarigoni, inkosi yase-Asiriya, walwa ne-Ashidodi, walithatha, 2ngaleso sikhathi uJehova wakhuluma ngesandla sika-Isaya indodana ka-Amose, wathi: “Hamba uthukulule indwangu yamasaka okhalweni lwakho, ukhumule izicathulo zakho ezinyaweni zakho.” Wenze njalo, wahamba ze, akafakanga nazicathulo.

3UJehova wathi: “Njengalokhu inceku yami u-Isaya isihambe ze ingafakile nazicathulo iminyaka emithathu, iyisibonakaliso nesimangaliso eGibithe naseKushe, 4kanjalo inkosi yase-Asiriya iyakumukisa abathunjwa baseGibithe nabaxoshiweyo baseKushe, abasha nabadala, behamba ze, bengafakile nazicathulo, izinqe zabo zihlubuliwe, kube yihlazo laseGibithe. 5Bayakuphela amandla, babe namahloni ngeKushe ithemba labo nangeGibithe udumo lwabo. 6Abakhileyo kuleli elingasogwini bayakuthi ngalolo suku: ‘Bheka, linjalo ithemba lethu esabalekela kulo ukuba sisizwe, sophulwe enkosini yase-Asiriya; pho-ke, thina siyakuphunyuka kanjani na?’ ”

U-Isaya 21

Isiprofetho ngeBabele

1Isiprofetho ngehlane lolwandle.

Njengokudlula kwezivunguvungu eningizimu

kuvela ehlane ezweni elesabekayo.

2Ngitshelwe umbono olukhuni:

umphangi uyaphanga,

umchithi uyachitha.

Yenyuka, Elamu, vimbezela, Mediya;

konke ukukhala kwalo ngikwenza kuphele.

3Ngalokho ukhalo lwami lugcwele imihelo;

inkwantshu ingibambile njengenkwantshu yobelethayo;

ngikhonkobele ukuba ngingezwa,

ngiphele amandla ukuba ngingaboni.

4Ngadukelwa yingqondo,

ngashaywa luvalo;

ukuhwelela engakulangazelela

kwaphenduka ukuthuthumela kimi.

5Ngukulungisa itafula yini?

Ngukwendlala izindwangu,

ukudla nokuphuza, na?

Hhayi, sukumani, zikhulu,

nicobe izihlangu.

6Ngokuba ishilo kanje iNkosi, yathi:

“Hamba umise umlindi

ozakubika akubonayo.

7Lapho ebona abamahhashi,

amahhashi amabili ngamabili,

nezinkweli zezimbongolo,

nezinkweli zamakamela,

uyakuqaphela nokuqaphela ngesineke esikhulu.”

8Obonayo wayesememeza, wathi:

“Nkosi yami,

ngimi njalo emini embhoshongweni wami,

ngihlezi ngisemlindelweni nasebusuku bonke.

9Bheka, kuyeza isigaba samadoda,

amahhashi amabili ngamabili.

Wathatha wathi: ‘Liwile, liwile iBabele,

nazo zonke izithombe ezibaziweyo

zawonkulunkulu balo zidilizwe phansi.’ ”

10Wena ongokubhuliweyo kwami kwesibuya sami,

engikuzwileyo kuJehova Sebawoti,

uNkulunkulu ka-Israyeli,

khona ngiyanazisa.

Isiprofetho ngeDuma

11Isiprofetho ngeDuma.

Ukhona ongimemeza ngiseSeyiri, ethi:

“Mlindi, yisikhathi sini sobusuku na?

Mlindi, yisikhathi sini sobusuku na?”

12Umlindi wathi: “Kuyeza ukusa,

kepha kuse sebusuku.

Uma nithanda ukubuza, buzani;

buyani nize.”

Isiprofetho nge-Arabiya

13Isiprofetho nge-Arabiya.

Hlalani ebusuku ehlathini lase-Arabiya

nina mahele aseDedanimi.

14Owomileyo bamlethela amanzi

abakhileyo ezweni laseThema,

bahlangabeza ababalekayo nesinkwa.

15Ngokuba babalekela izinkemba,

izinkemba ezihoshiweyo,

neminsalo ensaliweyo,

nobunzima bempi.

16Ngokuba iNkosi ishilo kimi kanje, yathi: “Phakathi komnyaka, njengeminyaka yomqashwa, udumo lonke lwaseKedari luyakuphela, 17nensali yenani leminsalo yamaqhawe abaseKedari iyakuba ncane,” ngokuba uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli ukhulumile.

U-Isaya 22

Isiprofetho ngesiGodi Sombono

1Isiprofetho ngesiGodi Sombono.

Yini, pho, ukuba ukhuphukele wonke

ophahleni lwezindlu

2wena muzi ogcwele ukumemeza,

oxokozelayo,

muzi othokozayo, na?

Ababuleweyo bakho ababulawanga ngenkemba,

kabafelanga empini.

3Zonke izinduna zakho zibalekile kanyekanye,

zaboshwa ngaphandle kweminsalo;

zonke ezakho ezafunyanwayo zaboshwa kanyekanye,

noma zazibalekele kude.

4Ngalokho ngathi:

“Ningangibheki,

ngiyakukhala ngomunyu;

ningazami ukungiduduza

ngenxa yokuchithwa kwendodakazi yabantu bami.”

5Ngokuba kulusuku lokukhathazeka,

nolokunyathelwa phansi, nolokukhungatheka,

oluvela eNkosini uJehova Sebawoti

esiGodini Sombono

kanye nokudilizwa kwezingange

nokumemeza ezintabeni.

6I-Elamu lathwala isambo

phakathi kwezinqola, nabantu, namahhashi,

neKhiri lambula isihlangu.

7Kwathi izigodi zakho ezikhethekileyo

zagcwala izinqola,

nabamahhashi bazihlela nokuzihlela ngasesangweni.

8Wasisusa isimbozo kwaJuda;

wena wabheka ngalolo suku

izikhali zasendlini yehlathi.

9Nabona imifantu emzini kaDavide

ukuthi yayiminingi,

nawaqoqa amanzi asechibini lasenzansi.

10Nazibala izindlu zaseJerusalema,

nazidiliza izindlu ukuba niluqinise ugange.

11Futhi nenzela amanzi echibi elidala

umgodi phakathi kwezingange zombili,

kepha anibhekanga kumenzi walokho,

animnakanga okade wakunquma.

12Ngalolo suku iNkosi uJehova Sebawoti

yabizela ukukhala, nokulila,

nobumpandla, nokubhinca indwangu yamasaka,

13kepha bheka,

nakhu ukujabula, nokuthokoza,

nokubulala izinkabi,

nokuhlaba izimvu,

ukudla inyama nokuphuza iwayini,

ngokuthi: “Masidle, siphuze,

ngokuba ngomuso sizakufa.”

14Kepha uJehova Sebawoti wazibonakalisa ezindlebeni zami, wathi: “Impela lesi sono asiyikuhlangulwa kini nize nife,” isho iNkosi uJehova Sebawoti.

Isiprofetho ngoShebina no-Eliyakimi

15Isho kanje iNkosi uJehova Sebawoti, ithi:

“Hamba uye kuleyo nduna uShebina ophezu kwendlu, uthi:

16‘Wenzani lapha,

futhi unobani lapha

ukuba uziqophele lapha ithuna na?

Uziqophela ithuna lakhe phezulu,

uzikipilitela indawo yokuhlala edwaleni!’

17“Bheka, uJehova uyakukulahla

njengalokhu umuntu elahla,

abambe nokubamba.

18Uyakukuthandela nokukuthandela njengokuthandelweyo,

akulahle njengegabade ezweni elibanzi.

Uyakufela khona,

lapho kuyakuba khona nezinqola zodumo lwakho

wena hlazo lendlu yenkosi yakho.

19Ngiyakukuhlohloloza esikhundleni sakho,

ngikuwise endaweni yakho.

20“Kuyakuthi ngalolo suku ngiyibize inceku yami u-Eliyakimi indodana kaHilikiya; 21ngiyakumembathisa ingubo yakho, ngimqinise ngebhande* lakho, nginikeze ukubusa kwakho esandleni sakhe, abe nguyise kwabakhileyo eJerusalema nakuyo indlu yakwaJuda. 22Ngiyakubeka isihluthelelo sendlu kaDavide ehlombe lakhe; uyakuvula kungavali muntu, avale kungavuli muntu. 23Ngiyakumbethelisa okwesipikili endaweni eqinileyo, abe yisihlalo sobukhosi esikhazimulayo endlini kayise. 24Bayakuphanyeka phezu kwakhe lonke udumo lwendlu kayise, inzalo nabantwana, zonke izitsha ezincane, imicengezi nezinkamba.

25“Ngalolo suku,” usho uJehova Sebawoti, “isipikili esabethelwa endaweni eqinileyo siyakukhumuka, sinqanyulwe, siwe, nomthwalo obukuso unqunywe,” ngokuba uJehova ukhulumile.

U-Isaya 19:1-22:25ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli
Bible Society of South Africav.4.27.6
SITHOLE KU