Bible Society of South Africa

Bible Reading Plan – Day 180

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

U-Isaya 14

Isiprofetho nge-Asiriya

24UJehova Sebawoti ufungile, wathi:

“Impela njengokulinganisa kwami kuyakuba njalo,

nanjengokunquma kwami

kuyakuma kanjalo

25ukuthi ngiyakumaphula owase-Asiriya ezweni lami,

ngimnyathele phansi ezintabeni zami;

bese lisuka kubo ijoka lakhe,

nomthwalo wakhe usuke emahlombe abo.”

26Yilesi esiyisinqumo esinqunyiwe emhlabeni wonke;

yilesi esiyisandla eseluliwe phezu kwezizwe zonke.

27Ngokuba uJehova Sebawoti unqumile;

ngubani ongakuchitha na?

Isandla sakhe singeseluliweyo;

ngubani ongasibuyisa na?

Isiprofetho ngeFilistiya

28Ngomnyaka wokufa kwenkosi u-Ahazi kwavela lesi siprofetho.

29Ungathokozi wena Filistiya lonke

ngokuthi intonga ekushayileyo yaphukile,

ngokuba empandeni yenyoka kuyakuphuma ibululu,

nenzalo yalo iyakuba yinyoka endizayo.

30Amazibulo abampofu ayakuklaba,

nabaswelayo bayakulala belondekile;

ngiyakubulala impande yakho ngendlala,

nensali yakho iyakubhujiswa.

31Klewula wena sango,

dazuluka wena muzi,

phela amandla wena Filistiya lonke!

Ngokuba enyakatho kuvela umusi;

akakho oyakwahlukana nebutho lakhe.

32Izithunywa zesizwe ziyakuphendulwa ngokuthini na?

Ukuthi nguJehova obeke isisekelo eSiyoni;

abahluphekayo babantu bakhe bayakuphephela kulo.

U-Isaya 15

Isiprofetho ngoMowabi

1Isiprofetho ngoMowabi.

Impela ebusuku bunye i-Ari Mowabi linqotshiwe,

lichithekile;

impela ebusuku bunye iKhiri Mowabi linqotshiwe,

lichithekile.

2Bayakhuphukela ethempelini;

iDiboni lenyukela ezindaweni eziphakemeyo ukuyokhala;

uMowabi uyaklewula eNebo naseMedeba;

onke amakhanda ayizimpandlana,

zonke izilevu ziphuculiwe.

3Ezitaladini zabo bayabhinca indwangu yamasaka,

nasophahleni lwabo nasezigcawini zabo

bayaklewula bonke,

bamululeka izinyembezi.

4IHeshiboni liyadazuluka kanye ne-Elehale;

izwi labo lizwakala kuze kube naseJahasi;

ngalokho amabutho akwaMowabi ayakhamuluka,

umphefumulo wakhe uyathuthumela phakathi kwakhe.

5Inhliziyo yami ikhalela uMowabi;

ababalekileyo bakhe bayabalekela eSora,

nase Egila Shelishiya;

yebo, nasegqumeni laseLuhithe bakhuphukela bekhala,

nasendleleni eya eHoronayimi,

bephakamisa izwi lokudazuluka.

6Ngokuba amanzi aseNimrimi ayincithakalo,

notshani buyoma, uhlaza luyaphela,

akusekho okuluhlaza.

7Ngalokho okuseleyo abakutholileyo, nemfuyo yabo,

bakuwelisa uMfula Weminyezane.

8Ngokuba ukukhala kuzungeze imikhawulo yakwaMowabi,

nokuklewula kwakhe kuze kube se-Egelayimi,

nokububula kwakhe kuze kube seBeri Elimi.

9Ngokuba amanzi aseDimoni agcwele igazi;

yebo, ngiyakwehlisela iDimoni nokunye:

ingonyama phezu kwabasindileyo bakwaMowabi,

insali yezwe.

U-Isaya 16

1Thumani amawundlu ombusi wezwe

aphume eSela ngasehlane,

aye entabeni yendodakazi yaseSiyoni.

2Kuyakuthi njengezinyoni ezizulazulayo,

njengamaphuphu ahlakazekileyo,

abe njalo amadodakazi akwaMowabi

emazibukweni ase-Arinoni.

3“Lulekanani, nenze izinqumo,

ubeke isithunzi sakho njengobusuku

phakathi kwemini,

nithukuse abaxoshiweyo,

ningadaluli ababalekileyo.

4Abaxoshiweyo bakwaMowabi mabahlale kuwe;

mawube yisivikelo kubo ebusweni bomchithi.”

Lapho umcindezeli esephelile,

nokuchitha sekuyekiwe,

nabanyathelayo sebeqediwe ezweni,

5kuyakumiswa isihlalo sobukhosi ngomusa,

kuhlale kuso ngeqiniso

etendeni likaDavide

umahluleli ofuna ukwahlulela esheshisa ukulunga.

6Sizwile ngokuziphakamisa kukaMowabi

ukuthi uphakeme kakhulu,

nangokuzidla kwakhe

nokuziqhenya kwakhe nentukuthelo yakhe

nokuphafuza kwakhe okuzenzisayo.

7Ngalokho uMowabi uyaklewula ngoMowabi;

bonke bayakuklewula.

Niyakukhala ngezigaxa zezithelo zomvini

ezomileyo zaseKhiri Haresheti

nidabukile kakhulu.

8Ngokuba amasimu aseHeshiboni abunile

kanye nomvini waseSibima;

amakhosi ezizwe achithile amagatsha awo;

afinyelela naseJazeri, edukela nasehlane;

amahlumela awo elulwa,

awela ulwandle.

9Ngalokho ngiyakukhalela umvini waseSibima

njengokukhala kweJazeri,

ngikumanzise, Heshiboni, ngezinyembezi zami,

nawe Elehale,

ngokuba phezu kwezithelo zakho nokuvuna kwakho

kuwile ukumemeza kwempi.

10Ukuthokoza kususiwe kanye nokujabula ensimini;

nasezivinini akuhlatshelelwa, akujatshulwa;

abanyathelayo abalinyatheli iwayini ezikhamweni;

ngenze ukuba kuphele ukumemeza.

11Ngalokho inhliziyo yami

iyakhala njengehabhu* ngoMowabi,

nokuphakathi kwami ngeKhiri Heresi.

12Kuyakuthi lapho uMowabi esebonakala,

azikhathaze endaweni ephakemeyo,

aye endlini yakhe engcwele ukuba athandaze,

angaphumeleli.

13Yileli izwi uJehova alikhulumayo ngoMowabi ngaleso sikhathi. 14Kepha manje uJehova ukhulumile ukuthi: “Phakathi kweminyaka emithathu njengeminyaka yomqashwa udumo lukaMowabi luyakudelelwa, noma enezixuku eziningi; insali iyakuba ncane kakhulu, ingabi namandla.”

U-Isaya 17

Isiprofetho ngeDamaseku

1Isiprofetho ngeDamaseku.

“IDamaseku liyakususwa,

lingabe lisaba ngumuzi,

libe yinxiwa nencithakalo

2eshiyiwe kuze kube phakade,

neyakuba ngeyemihlambi ebuthisa khona,

ingesatshiswa muntu.

3Inqaba iyakuphela kwa-Efrayimi,

nombuso eDamaseku,

nensali e-Aramu,

kube njengodumo lwabantwana bakwa-Israyeli,”

usho uJehova Sebawoti.

4“Kuyakuthi ngalolo suku

udumo luka Jakobe lube buthakathaka,

kuzace ukukhuluphala kwenyama yakhe.

5Kuyakuba njengomvuni ovuna amabele asemi

nengalo yakhe evuna izikhwebu,

kube njengokukha izikhwebu esiGodini samaRefa.

6Kepha umkhothozo uyakusala khona njengokushaywa kweminqumo:

izithelo ezimbili noma ezintathu enhlokweni phezulu,

ezine noma eziyisihlanu emagatsheni omuthi,”

usho uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli.

7Ngalolo suku abantu bayakumbheka uMenzi wabo,

namehlo abo ayakumbuka oNgcwele ka-Israyeli.

8Abayikubheka ama-altare abo,

umsebenzi wezandla zabo,

bangabuki okwenziwe yiminwe yabo,

o-Ashera* nama-altare empepho.

9Ngalolo suku imizi yabo enamandla iyakuba njengezindawo ezishiyiweyo zasehlathini nezaseziqongweni zezintaba abazishiya phambi kwabantwana bakwa-Israyeli zibe yincithakalo.

10Ngokuba ukhohliwe uNkulunkulu wokusindiswa kwakho,

awukhumbulanga idwala lamandla akho;

ngalokho noma utshala izithombo ezimnandi,

uhlwanyele amahlumela angaziwayo,

11ngosuku lokutshala kwakho,

lapho ubiyela,

nangokusa kokuhlwanyela kwakho,

lapho wenza ukuba kuqhakaze,

ukuvuna kuyakubaleka ngosuku losizi

nolobuhlungu obungenakupholiswa.

12Wo kukho ukuhlokoma kwezizwe eziningi

ezihlokoma njengokuhlokoma kwezilwandle,

nomsindo wokuxokozela kwabezizwe

abaxokozela njengokuxokozela kwamanzi amaningi.

13Izizwe ziyaxokozela njengokuxokozela kwamanzi amaningi,

kodwa uyakuzisola, zibalekele kude,

zixoshwe njengamakhoba asezintabeni phambi komoya,

nothuli olushwilayo phambi kwesiphepho.

14Ngesikhathi sokuhlwa, bheka, yingebhe;

kungakasi azisekho.

Yilesi esiyisabelo sabasiphangayo,

nenkatho yabasamukayo.

U-Isaya 18

Isiprofetho ngeKushe

1Wo kuwena lizwe lokuhashaza kwamaphiko

eliphesheya komfula waseKushe,

2elithuma izigijimi ngolwandle

nangemikhumbi yemihlanga phezu kwamanzi.

Hambani nina zithunywa ezinejubane,

niye esizweni esidephileyo nesikhazimulayo,

kubantu abesabekayo lapha nasekudeni,

isizwe esinamandla amakhulu nesinyathelayo,

esilizwe laso lidatshulwe yimifula.

3Nonke nina enakhileyo ezweni

nani nonke enihlezi emhlabeni

bhekani, lapho ibhanela* liphakanyiswa ezintabeni;

zwanini, lapho icilongo libethwa.

4Ngokuba uJehova ushilo kimi kanje, wathi:

“Ngiyakubheka ngithule, ngisendaweni yami,

njengokubalela okukhazimula ekukhanyeni kwelanga,

njengefu lamazolo ekufudumaleni ngesikhathi sokuvuna.”

5Ngokuba kungakafiki ukuvuna,

nokukhahlela sekuphelile,

nembali isiphenduka isithelo esivuthiweyo,

uyakunquma amahlumela ngawocelemba,

awasike amagatsha, awasuse.

6Ayakushiywa ndawonye abe ngawamanqe asezintabeni

nawezilwane zasemhlabeni;

amanqe ayakuhlala ehlobo phezu kwawo,

nazo zonke izilwane zomhlaba

ziyakuhlala ebusika phezu kwawo.

7Ngaleso sikhathi kuyakulethwa isipho kuJehova Sebawoti

yibo abantu abadephileyo nabakhazimulayo,

sivela kubantu abesabekayo lapha nasekudeni,

isizwe esinamandla amakhulu nesinyathelayo,

esilizwe laso lidatshulwe yimifula,

endaweni yegama likaJehova Sebawoti,

intaba yaseSiyoni.

U-Isaya 14:24-18:7ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli
Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU