Bible Society of South Africa

Bible Reading Plan – Day 136

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

IzAga 11

1Isilinganiso esikhohlisayo siyisinengiso kuJehova,

kepha isisindo esiyiso siyintokozo yakhe.

2Lapho kufika ukuziqhenya,

kufika nehlazo;

kepha kwabathobekileyo kukhona ukuhlakanipha.

3Ukuphelela kwabaqotho kuyabahola,

kepha ukuphambanisa kwabambuluzayo kuyabachitha.

4Ingcebo ayisizi ngosuku lolaka,

kepha ukulunga kophula ekufeni.

5Ukulunga kopheleleyo kuqondisa indlela yakhe,

kepha omubi uyakuwa ngobubi bakhe.

6Ukulunga kwabaqotho kuyabophula,

kepha abambuluzayo babanjwa ezifisweni zabo.

7Akwethembayo umuntu omubi kuyaphela ekufeni kwakhe,

nethemba lobubi liyabhubha.

8Olungileyo uyakhululwa osizini,

kepha omubi ungena esikhundleni sakhe.

9Ngomlomo umuntu

ongenaNkulunkulu ubulala umakhelwane wakhe,

kepha abalungileyo bayakhululwa ngokwazi.

10Nxa abalungileyo behlezi kahle,

umuzi uyathokoza;

lapho bebhubha,

kukhona ukwenanela.

11Ngesibusiso sabaqotho umuzi uyaphakanyiswa,

kepha ngomlomo wababi uyachithwa.

12Odelela umakhelwane wakhe akanakuhlakanipha,

kepha umuntu onengqondo uyazithulela.

13Ohamba encetheza uyambula izimfihlakalo,

kepha othembekile emoyeni uyayisibekela indaba.

14Lapho kungekho iziluleko,

abantu bayawa,

kepha lapho kukhona abeluleki abaningi,

lapho kukhona ukuphumelela.

15Uyahlupheka nokuhlupheka omela umfokazi,

kepha ozonda ukunika isibambiso ulondekile.

16Owesifazane onomusa uzuza udumo,

nezidlwangudlwangu zizuza ingcebo.

17Umuntu onesihawu wenzela okuhle umphefumulo wakhe,

kepha ononya uhlupha inyama yakhe.

18Omubi uthola inzuzo yenkohliso,

kepha ohlwanyela ukulunga unomvuzo oqinisekileyo.

19Oqinile ekulungeni uyakuphila,

kepha olandela okubi,

kuyakuba ngukufa kwakhe.

20Abanhliziyo ephambeneyo

bayisinengiso kuJehova,

kepha abapheleleyo endleleni yabo bayintokozo kuye.

21Impela omubi akayekwa,

kepha inzalo yabalungileyo iyakhululwa.

22Njengendandatho yegolide empumulweni yengulube,

unjalo owesifazane omuhle ongenangqondo.

23Isifiso sabalungileyo singokuhle kuphela;

ithemba lababi lilulaka.

24Ukhona ohlakazayo;

nokho uyenezelwa kakhulu;

kepha ogodla kunokufaneleyo ubangelwa ukuswela kuphela.

25Umphefumulo ophanayo uyakukhuluphaliswa;

ophuzisayo uyakuphuziswa naye.

26Ogodla amabele,

abantu bayamqalekisa,

kepha isibusiso siyakuba sekhanda lothengisa ngawo.

27Ofuna okuhle ufuna okwamukelekayo,

kepha ofuna okubi, kuyakumehlela.

28Owethemba ingcebo yakhe uyakuwa,

kepha abalungileyo bayakuhluma njengamaqabunga aluhlaza.

29Okhathaza indlu yakhe uyakudla ifa lomoya,

nesiwula siyakuba yinceku yonenhliziyo ehlakaniphileyo.

30Isithelo solungileyo singumuthi wokuphila,

nohlakaniphileyo uyazuza imiphefumulo.

31Bheka, olungileyo uyavuzwa emhlabeni;

kakhulu kangakanani omubi nesoni.

IzAga 12

1Othanda ukulaywa uthanda ukwazi;

ozonda ukusolwa uyisiwula.

2Omuhle uthola umusa kuJehova,

kepha umuntu wamacebo uyamlahla.

3Umuntu akanakuma ngobubi,

kepha impande yabalungileyo ayiyikunyakaziswa.

4Owesifazane okhutheleyo ungumqhele kuyo indoda yakhe,

kepha ohlazisayo unjengokubola kwamathambo ayo.

5Imicabango yabalungileyo ingeyokwahlulela,

kepha iziluleko zababi ziyinkohliso.

6Amazwi ababi aqamekela igazi,

kepha umlomo wabaqotho uyabophula.

7Ababi bayachithwa, bangabikho,

kepha indlu yabalungileyo iyakuma.

8Umuntu uyadunyiswa ngokokuhlakanipha kwakhe,

kepha ophambene ngenhliziyo uyadelelwa.

9Odelelwayo eyinceku udlula ozidumisayo eswele ukudla.

10Olungileyo uyakunaka ukuphila kwesilwane sakhe,

kepha isihhe sababi silunya.

11Olima insimu yakhe uyakusutha ngokudla,

kepha olandela amayiyane akanangqondo.

12Ishinga lifisa impango yababi,

kepha impande yabalungileyo iyathela.

13Ngokuphambeka kwezindebe kukhona ugibe lomubi,

kepha olungileyo uyaphuma ekuhluphekeni.

14Umuntu uyasutha ngokuhle ngesithelo somlomo wakhe,

nemisebenzi yezandla zomuntu iyabuyela kuye.

15Indlela yesiwula ilungile emehlweni aso,

kepha ohlakaniphileyo ulalela iziluleko.

16Ukukhathazeka kwesiwula kuyaziwa ngosuku,

kepha oqondileyo uyasibekela ihlazo.

17Ophefumula iqiniso ulanda ngokulunga,

kepha ufakazi wamanga ngenkohliso.

18Bakhona abaphahluka njengokuhlaba kwenkemba,

kepha izilimi zabahlakaniphileyo ziyimpiliso.

19Indebe yeqiniso iyakuma kuze kube phakade,

kepha ulimi lwamanga lungolomzuzwana nje.

20Inkohliso isezinhliziyweni zabaceba okubi,

kepha abaluleka ukuthula,

kubona kukhona intokozo.

21Olungileyo akayikwehlelwa nangokukodwa okubi,

kepha ababi bayakugcwala ububi.

22Izindebe zamanga ziyisinengiso kuJehova,

kepha abenza iqiniso bayintokozo yakhe.

23Umuntu oqondileyo uyafihla ukwazi,

kepha izinhliziyo zeziwula zimemeza ubuwula.

24Isandla sabakhutheleyo siyakubusa,

kepha izidenge ziyakuphoqelwa umsebenzi.

25Ukukhathazeka enhliziyweni yomuntu kuyayithobisa,

kepha izwi elihle liyayithokozisa.

26Olungileyo ungumholi womakhelwane wakhe,

kepha indlela yababi iyabadukisa.

27Isidenge asiyosi inyamazane yaso,

kepha imfuyo enqabileyo ingeyokhutheleyo.

28Endleleni yokulunga kukhona ukuphila,

nalapho umkhondo wakho udlula khona, akukho ukufa.

IzAga 13

1Indodana ehlakaniphileyo iyalaywa nguyise,

kepha isideleli asilaleli ukukhuzwa.

2Umuntu uyadla okuhle ngesithelo somlomo wakhe,

kepha umphefumulo wabambuluzayo uyadla ubudlwangudlwangu.

3Olinda umlomo wakhe ugcina ukuphila kwakhe;

okhamisa izindebe zakhe uyakuba nencithakalo.

4Umphefumulo wevila uyafisa,

ungatholi lutho,

kepha imiphefumulo yabakhutheleyo iyakhuluphaliswa.

5Olungileyo uyazonda amazwi amanga,

kepha omubi ubanga amahloni,

ahlazise.

6Ukulunga kuyamlondoloza ondlela yakhe iphelele,

kepha ububi buyachitha isoni.

7Kukhona ozishaya ocebileyo,

engenalutho kodwa;

kukhona ozishaya ompofu,

enemfuyo enkulu.

8Ihlawulo lokuphila komuntu liyingcebo yakhe,

kepha ompofu akezwa ukukhuzwa.

9Ukukhanya kwabalungileyo kuyathokoza,

kepha izibani zababi ziyacimeka.

10Ngokuziqhenya kuvela ukuxabana kuphela,

kepha kwabalulekwayo kukhona ukuhlakanipha.

11Imfuyo etholakala kalula iyancipha,

kepha obutha kancane kancane uyandiselwa.

12Ithemba elilitshazisiweyo ligulisa inhliziyo;

isifiso esigcwalisiweyo singumuthi wokuphila.

13Odelela izwi uzehlisela ukubhujiswa,

kepha owesaba imiyalo uyakuvuzwa.

14Ukufundisa kohlakaniphileyo kungumthombo wokuphila,

ukuze kudedwe ezihibeni zokufa.

15Ukuqonda kahle kuveza umusa,

kepha indlela yabambuluzayo ilukhuni.

16Bonke abaqondileyo basebenza ngokwazi,

kepha isiwula sihlakaza ubuwula.

17Isithunywa esibi siwela ebubini,

kepha isigijimi esithembekileyo siyimpiliso.

18Ubumpofu nehlazo kukuye onqaba ukulaywa,

kepha onaka ukusolwa uyadunyiswa.

19Isifiso esigcwalisiweyo simnandi emphefumulweni,

kepha ukudeda ebubini kuyisinengiso kuzo iziwula.

20Ohamba nabahlakaniphileyo uyakuhlakanipha,

kepha umngane weziwula uyakushoshozelwa yizo.

21Ububi bulandela izoni,

kepha abalungileyo bavuzwa ngokuhle.

22Olungileyo ushiyela abantwana babantwana bakhe ifa,

kepha ingcebo yesoni ibekelelwa olungileyo.

23Emqathweni wabampofu kukhona ukudla okuningi,

kepha kukhona okuchithwa ngenxa yokungalungi.

24Oyeka uswazi uyazonda indodana yakhe,

kepha oyithandayo uyayilaya ngesineke.

25Olungileyo uyadla uze usuthe umphefumulo wakhe,

kepha isisu sababi siyaswela.

IzAga 11:1-13:25ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli
Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU