Bible Society of South Africa

Bible Reading Plan – Day 137

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

IzAga 14

1Owesifazane ohlakaniphileyo uyakha indlu yakhe,

kepha oyisiwula uyayidiliza ngezandla zakhe.

2Ohamba ngobuqotho uyamesaba uJehova,

kepha ophambanisa izindlela zakhe uyamdelela.

3Emlonyeni wesiwula kukhona induku yokuziqhenya kwaso,

kepha izindebe zabahlakaniphileyo ziyabalondoloza.

4Lapho kungekho khona izinkomo,

umkhombe awunalutho,

kepha inzuzo inkulu ngamandla ezinkabi.

5Ufakazi oqinisileyo akaqambi amanga,

kepha ufakazi ongaqinisile uyaphafuza amanga.

6Isideleli siyafuna ukuhlakanipha singakutholi,

kepha ukwazi kulula koqondayo.

7Suka phambi komuntu oyisiwula,

ngokuba lapho awuboni izindebe zokwazi.

8Ukuhlakanipha koqondileyo kungukuqonda indlela yakhe,

kepha ubuwula beziwula buyinkohliso.

9Iziwula ziyadelela umnikelo wecala,

kepha phakathi kwabaqotho wamukelekile.

10Inhliziyo iyazi ubumunyu bayo;

umfokazi akahlanganyeli intokozo yayo.

11Indlu yababi iyachithwa,

kepha itende labaqotho liyahluma.

12Kukhona indlela ebonakala sengathi ilungile kumuntu,

kepha ukuphela kwayo kuyindlela yokufa.

13Nasekuhlekeni inhliziyo inobuhlungu,

nokuphela kwentokozo kulusizi.

14Ohlehla ngenhliziyo uyasutha ngezindlela zakhe,

nomuntu omuhle ngemisebenzi yakhe.

15Ongenalwazi uyakholwa ngamazwi onke,

kepha oqondileyo uyaqaphela ukunyathela kwakhe.

16Ohlakaniphileyo uyesaba,

udeda ebubini,

kepha isiwula siyaqhosha,

singanaki lutho.

17Isififane siyenza ubuwula,

kepha umuntu wamasu unokuthula.

18Abangenalwazi badla ifa lobuwula,

kepha abaqondileyo baqheliswa ngokwazi.

19Ababi bakhothama phambi kwabalungileyo,

namashinga ngasemasangweni abalungileyo.

20Ompofu uyazondwa nangumakhelwane wakhe,

kepha ocebileyo unabaningi abamthandayo.

21Odelela umakhelwane wakhe uyona,

kepha onomusa kwabampofu ubusisiwe.

22Angithi bayaduka abaceba okubi na?

Umusa neqiniso kuyakuba ngokwabaqamba okuhle.

23Wonke umshikashika unenzuzo,

kepha amazwi omlomo abanga ukuswela kuphela.

24Umqhele wabahlakaniphileyo uyingcebo yabo,

umgexo weziwula ungubuwula.

25Ufakazi oqinisileyo uyophula imiphefumulo,

kepha ophafuza amanga unenkohliso.

26Ekumesabeni uJehova kukhona ithemba elinamandla;

abantwana bakhe bayakuba nesiphephelo.

27Ukumesaba uJehova kungumthombo wokuphila,

ukuze kudedwe ezingibeni zokufa.

28Udumo lwenkosi lungobuningi babantu,

kepha ukuswela abantu kungukuchithwa kwesikhulu.

29Owephuza ukuthukuthela unokuqonda okuningi,

kepha isififane siyaphakamisa ubuwula.

30Inhliziyo ezolileyo ingukuphila kwenyama,

kepha umhawu ungukubola kwamathambo.

31Ocindezela ompofu usola uMenzi wakhe,

kepha onomusa koswelayo uyamdumisa.

32Omubi uwiswa phansi ngobubi bakhe,

kepha olungileyo unethemba ekufeni kwakhe.

33Ukuhlakanipha kuhlezi enhliziyweni yonokuqonda,

kepha phakathi kweziwula akwaziwa.

34Ukulunga kuyaphakamisa isizwe,

kepha ukona kuyihlazo kubantu.

35Isisa senkosi sikuyo inceku enokuqonda,

kepha intukuthelo yayo iyakuba kwehlazisayo.

IzAga 15

1Impendulo ethambileyo iyabuyisa ukufutheka,

kepha izwi elilukhuni livusa ulaka.

2Ulimi lwabahlakaniphileyo luveza kahle ukwazi,

kepha umlomo weziwula uphafuza ubuwula.

3Amehlo kaJehova asezindaweni zonke;

aqaphela ababi nabahle.

4Ulimi oluthulayo lungumuthi wokuphila,

kepha ukuphambanisa kwalo kungukuchotshozwa komoya.

5Isiwula siyadelela ukulaya kukayise,

kepha onaka ukusolwa uyathola ukuqonda.

6Endlini yolungileyo kukhona ingcebo eningi,

kepha enzuzweni yababi kukhona ukuhlupheka.

7Izindebe zabahlakaniphileyo ziyasakaza ukwazi,

kepha izinhliziyo zeziwula azinjalo.

8Umhlatshelo wababi uyisinengiso kuJehova,

kepha umkhuleko wabaqotho uyintokozo yakhe.

9Indlela yababi iyisinengiso kuJehova,

kepha uyamthanda olandela ukulunga.

10Ukulaywa kukhulu koyishiya indlela;

ozonda ukusolwa uyakufa.

11Indawo yabafileyo nokubhubha kuphambi kukaJehova;

kakhulu kangakanani izinhliziyo zabantwana babantu.

12Isideleli asithandi ukusolwa;

asiyi kwabahlakaniphileyo.

13Inhliziyo ethokozayo yenza ubuso bube buhle,

kepha ngosizi lwenhliziyo uyachotshozwa umoya.

14Inhliziyo yoqondileyo iyafuna ukwazi,

kepha umlomo weziwula uyadla ubuwula.

15Zonke izinsuku zohluphekayo zimbi,

kepha onhliziyo yakhe yenamile unedili njalo.

16Okuncane kanye nokumesaba uJehova kungcono

kunengcebo eningi kanye nokukhathazeka.

17Isidlo semifino lapho kukhona uthando singcono

kunenkabi ekhuluphalisiweyo kanye nenzondo.

18Umuntu ofuthayo uyavusa ukuxabana,

kepha owephuza ukuthukuthela uthulisa ingxabano.

19Indlela yevila injengothango lobobe,

kepha umkhondo wabakhutheleyo ungumendo.

20Indodana ehlakaniphileyo iyajabulisa uyise,

kepha umuntu oyisiwula uyadelela unina.

21Ubuwula buyintokozo kongenangqondo,

kepha umuntu oqondileyo uyaqondisa ukuhamba kwakhe.

22Lapho kungekho khona ukululekana,

amasu ayachitheka,

kepha ngobuningi babeluleki ayakuma.

23Umuntu uyathokoza ngokuphendula komlomo wakhe,

nezwi ngesikhathi salo lihle kangakanani!

24Kohlakaniphileyo indlela yokuphila iya phezulu

ukuba adede endaweni yabafileyo phansi.

25Indlu yabaziqhenyayo uJehova uyayisiphula,

kepha uyamisa umkhawulo womfelokazi.

26Amacebo amabi ayisinengiso kuJehova,

kepha amazwi acwebileyo ayamenamisa.

27Ohahela inzuzo uhlupha indlu yakhe,

kepha ozonda imivuzo uyakuphila.

28Inhliziyo yolungileyo iyacabanga ukuphendula,

kepha imilomo yababi iyaphafuza izinto ezimbi.

29UJehova ukude nababi,

kepha uyezwa imikhuleko yabalungileyo.

30Ukukhanya kwamehlo kuyathokozisa inhliziyo,

nezindaba ezinhle ziyanonisa amathambo.

31Indlebe elalela ukusola kokuphila

iyakuhlala phakathi kwabahlakaniphileyo.

32Onqaba ukulaywa udelela umphefumulo wakhe,

kepha olalela ukusolwa uzuza ingqondo.

33Ukumesaba uJehova kungukulaywa kokuhlakanipha;

ukuthobeka kuyandulela udumo.

IzAga 16

1Umuntu unamasu enhliziyweni,

kepha impendulo yolimi ivela kuJehova.

2Zonke izindlela zomuntu zimhlophe emehlweni akhe,

kepha uJehova uyalinganisa imimoya.

3Gingqela kuJehova imisebenzi yakho,

ukuze kuqiniswe amasu akho.

4UJehova wenzile konke kube nomgomo wakho;

yebo, nomubi umenzele usuku olubi.

5Bonke abazidlayo ngenhliziyo bayisinengiso kuJehova;

impela abayikuyekwa.

6Ngomusa neqiniso ukona kuyahlangulwa,

nangokumesaba uJehova kudedwa ebubini.

7Lapho izindlela zomuntu zimthokozisa uJehova,

uzenza nezitha zakhe ukuba zihlalisane kahle naye.

8Okuncane kanye nokulunga kungcono

kunenzuzo enkulu kanye nokungalungi.

9Inhliziyo yomuntu iceba indlela,

kepha uJehova uyaqondisa izinyathelo zakhe.

10Izimpendulo zikaNkulunkulu zisezindebeni zenkosi;

umlomo wayo awuyikuphambuka ekwahluleleni.

11Ukulinganisa nesilinganiso esilungileyo kungokukaJehova;

zonke izisindo zasesikhwameni zingumsebenzi wakhe.

12Ukwenza okubi kuyisinengiso emakhosini,

ngokuba isihlalo sobukhosi simiswa ngokulunga.

13Izindebe ezilungileyo ziyintokozo yamakhosi;

amazwi abaqotho ayawathanda.

14Intukuthelo yenkosi injengezithunywa zokufa,

kepha umuntu ohlakaniphileyo uyayidambisa.

15Ekukhanyeni kobuso benkosi kukhona ukuphila,

nesisa sayo sinjengefu lemvula yamuva.

16Kungcono kangakanani ukuzuza ukuhlakanipha kunegolide;

yebo, ukuzuza ukuqonda nga kukhethwa kunesiliva.

17Umendo wabaqotho ungukudeda ebubini;

oqaphela indlela yakhe ulondoloza umphefumulo wakhe.

18Ukuzidla kuyandulela ukubhujiswa,

nomoya oziqhenyayo wandulela ukuwa.

19Kungcono ukuba nomoya

othobekileyo kanye nabathobekileyo,

kunokwabelana impango nabazidlayo.

20Onakekela izwi uyakufumana okuhle,

nowethembayo kuJehova ubusisiwe.

21Ohlakaniphile ngenhliziyo uyakubizwa ngokuthi oqondileyo,

nobumnandi bezindebe buyandisa imfundiso.

22Ukuqonda kungumthombo wokuphila konakho,

kepha ubuwula bungukulaywa kweziwula.

23Inhliziyo yohlakaniphileyo iyafundisa umlomo wakhe,

yenezele imfundiso ezindebeni zakhe.

24Amazwi amahle anjengamakhekheba oju;

amnandi emphefumulweni, ayimpiliso emathanjeni.

25Kukhona indlela eqondile phambi komuntu,

kepha ukuphela kwayo kuyizindlela zokufa.

26Iphango lesisebenzi liyasisebenzela,

ngokuba umlomo waso uyasiqhuba.

27Umuntu omubi uphanda okubi,

nasezindebeni zakhe kunjengomlilo ohlangulayo.

28Umuntu ophambeneyo usakaza ukuxabana,

nomncethezi wahlukanisa abahlobo.

29Umuntu oyisidlwangudlwangu uyenga umakhelwane wakhe,

amhambise endleleni engenhle.

30Ocimeza amehlo akhe uceba okuphambanisayo,

noluma izindebe zakhe ufeza okubi.

31Ubumpunga bungumqhele wodumo;

bufumaniswa endleleni yokulunga.

32Owephuza ukuthukuthela muhle kuneqhawe,

nobusa umoya wakhe kunonqoba umuzi.

33Inkatho yenzelwa emathangeni,

kepha ukwahlulela kwayo kungokukaJehova.

IzAga 14:1-16:33ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli
Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU