Bible Society of South Africa

Bible Reading Plan – Day 118

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

Ihubo 105

Igama lokudumisa uJehova ngezenzo zakhe zomusa

1Bongani uJehova, nibize igama lakhe,

nizazise phakathi kwabantu izenzo zakhe.

2Hlabelelani kuye, nimhubele,

nikhulume ngezimangaliso zakhe zonke.

3Zibongeni egameni lakhe elingcwele;

mazithokoze izinhliziyo zabamfunayo uJehova.

4Funani uJehova namandla akhe,

nifunisise ubuso bakhe njalo.

5Khumbulani izimangaliso zakhe azenzileyo,

nezibonakaliso zakhe,

nezahlulelo zomlomo wakhe,

6nina nzalo ka-Abrahama inceku yakhe,

nina bantwana bakaJakobe, abakhethiweyo bakhe.

7Yena unguJehova uNkulunkulu wethu;

izahlulelo zakhe zisemhlabeni wonke.

8Ukhumbulile isivumelwano sakhe kuze kube phakade,

izwi ayala ngalo izizukulwane eziyinkulungwane,

9avumelana kuso no-Abrahama,

nesifungo sakhe ku-Isaka;

10wasiqinisa kuJakobe,

saba ngumthetho,

naku-Israyeli, saba yisivumelwano esiphakade,

11ethi: “Ngizakukunika izwe laseKhanani

libe yisabelo sefa lakho,”

12lapho babe yingcosana ngomumo,

yebo, lapho babe yingcosana,

futhi babe yizihambi kulo.

13Bazulazula ezizweni ngezizwe,

besuka kulo mbuso, beya kwabanye abantu.

14Akavumelanga muntu ukubahlupha,

wajezisa amakhosi ngenxa yabo,

15ethi: “Ningathinti abagcotshiweyo bami,

ningoni abaprofethi bami.”

16Futhi wathuma indlala phezu kwezwe,

walwaphula uzime lwesinkwa.

17Wathuma indoda phambi kwabo:

uJosefa wathengiswa abe yisigqila.

18Balimaza izinyawo zakhe ngamaketanga,

waboshwa ngensimbi.

19Kwaze kwaba yisikhathi elagcwaliseka ngaso izwi lakhe,

izwi likaJehova lamhola.

20Inkosi yathuma yamthukulula,

umbusi wabantu wamkhulula.

21Wamenza umphathi wendlu yakhe

nenduna yezinto zakhe zonke,

22ukuze abophe izikhulu zakhe ngokuthanda kwakhe,

afundise amalunga akhe ukuhlakanipha.

23U-Israyeli wayesefika eGibithe,

uJakobe wagogobala ezweni likaHamu.

24Wandisa kakhulu abantu bakhe;

wabenza babe namandla kunezitha zabo.

25Wayiguqula inhliziyo yabo ukuba bazonde abantu bakhe,

baphathe izinceku zakhe ngobuqili.

26Wathuma uMose inceku yakhe,

u-Aroni abemkhethile.

27Benza phakathi kwabo izibonakaliso zakhe

nezimangaliso ezweni likaHamu.

28Wathuma ubumnyama,

wenza kwaba mnyama,

kepha baphambana namazwi akhe.

29Waphendula amanzi abo aba yigazi;

wabhubhisa izinhlanzi zabo.

30Izwe labo lagcwala amasele

nasezindlini zamakhosi abo.

31Wakhuluma, kwavela izibawu

nezinsensane eminceleni yabo yonke.

32Wabanika isichotho saba yimvula yabo,

amalangabi omlilo ezweni labo.

33Washaya nemivini yabo nemikhiwane yabo;

waphula imithi yasezweni labo.

34Wakhuluma, kwavela isikhonyane

nezinkumbi ezingenakubalwa.

35Zona zadla imifino yonke yezwe lakubo,

zaqothula nezithelo zomhlabathi wabo.

36Washaya namazibulo onke ezweni lakubo,

okokuqala kwamandla abo.

37Wayesebakhipha benesiliva negolide,

kungekho ontengezelayo emindenini yakubo.

38IGibithe lajabula ekuphumeni kwabo,

ngokuba ukwesaba kwabehlela.

39Wendlala ifu lokubasibekela,

nomlilo wokukhanyisa ebusuku.

40Bacela, waletha izigwaca,

wabasuthisa ngesinkwa sasezulwini.

41Wavula idwala,

kwampompoza amanzi,

agobhoza emahlane njengomfula.

42Ngokuba wakhumbula izwi lakhe elingcwele

no-Abrahama inceku yakhe.

43Wayesekhipha abantu bakhe ngokujabula,

abakhethiweyo bakhe ngokuthokoza.

44Wabapha amazwe abezizwe,

badla isithelo somsebenzi wabantu

45ukuba baqaphele izimiso zakhe,

bagcine imithetho yakhe.

Haleluya!

Ihubo 106

Ukuhlubuka kuka-Israyeli nokuthembeka kukaJehova

1Haleluya!

Bongani uJehova, ngokuba muhle,

ngokuba umusa wakhe umi phakade.

2Ngubani ongalanda izenzo zamandla zikaJehova,

azwakalise lonke udumo lwakhe, na?

3Babusisiwe abaqaphela ukwahlulela kwakhe,

owenza ukulunga ngezikhathi zonke.

4Ngikhumbule, Jehova,

ngomusa onawo kubantu bakho,

ungihambele ngensindiso yakho,

5ukuze ngibone inhlanhla yabakhethiweyo bakho,

ngithokoze ngentokozo yesizwe sakho,

ngizibonge kanye nefa lakho.

6Sonile kanye nawobaba;

senzile okubi, sonakala.

7Obaba abaqondanga izibonakaliso zakho eGibithe,

abakhumbulanga ubuningi bezenzo zakho zomusa;

bahlubuka ngaselwandle, uLwandle Olubomvu.

8Nokho wabasindisa ngenxa yegama lakhe,

ukuze abonakalise amandla akhe.

9Wakhuza uLwandle Olubomvu, lwasha;

wabaholela ekujuleni njengasehlane.

10Wabasindisa esandleni sababazondayo,

wabakhulula esandleni sesitha.

11Amanzi asibekela izitha zabo;

akwasala noyedwa kubo.

12Khona bakholwa ngamazwi akhe,

bahlabelela udumo lwakhe.

13Bashesha bakhohlwa imisebenzi yakhe,

abalindelanga isiluleko sakhe.

14Bahaha nokuhaha ehlane,

bamlinga uNkulunkulu kwahlongasibi.

15Wabanika abakufisayo,

kepha wathuma ukonda emiphefumulweni yabo.

16Baba nomhawu ngoMose ekamu,*

nango-Aroni ongcwele kaJehova.

17Umhlaba wavuleka,

wamgwinya uDathani,

wagqiba iviyo lika-Abiramu.

18Kokheleka umlilo eviyweni labo;

ilangabi lashisa laqeda ababi.

19Benza ithole eHorebe;

bakhuleka kuso isithombe esibunjiweyo.

20Baguqula kanjalo inkazimulo yabo,

yaba njengenkabi edla utshani.

21Bakhohlwa uNkulunkulu umsindisi wabo

owayezenzile izinto ezinkulu eGibithe,

22izimangaliso ezweni likaHamu

nokwesabekayo ngaseLwandle Olubomvu.

23Wathi ubezakubabhubhisa,

uma uMose okhethiweyo wakhe ebengemanga ebusweni bakhe ukubakhulumela,

ukuze amyekise intukuthelo yakhe, funa ababhubhise.

24Badelela izwe elihle,

babengakholwa yizwi lakhe.

25Bakhonona besematendeni abo;

babengalaleli izwi likaJehova.

26Ngalokho waphakamisa isandla sakhe ngakubo

ukuba abawise ehlane,

27awise nenzalo yabo phakathi kwabezizwe,

abahlakaze emazweni.

28Bazihlanganisa noBali Peyori,

badla okuhlatshelwe abafileyo.

29Bamcunula ngezenzo zabo;

kwabhoboka isifo phakathi kwabo.

30Wayesesuka uFinehasi, wahlulela;

saphela isifo;

31lokhu wakubalelwa njengokulunga

ezizukulwaneni ngezizukulwane kuze kube phakade.

32Bamcunula ngasemanzini aseMeriba;

kwaba kubi kuMose ngenxa yabo.

33Ngokuba baphambana noMoya wakhe;

wakhuluma ngamawala ngomlomo wakhe.

34Abababhubhisanga abantu

uJehova abayaleza ngabo,

35kepha bahlangana nabezizwe,

bafunda imisebenzi yabo.

36Bakhonza izithombe zabo,

zaba lugibe kubo.

37Amadodana namadodakazi abo

bawahlabela amademoni.

38Bachitha igazi elingenacala,

igazi lamadodana abo namadodakazi abo

abawahlabela izithombe zaseKhanani;

izwe langcoliswa yigazi.

39Bangcola kanjalo ngemisebenzi yabo,

baphinga ezenzweni zabo.

40Intukuthelo kaJehova yokheleka ngakubantu bakhe;

ifa lakhe laba yisinengiso kuye.

41Wabanikela esandleni sabezizwe;

ababazondayo bababusa.

42Izitha zabo zabacindezela,

bathotshiswa phansi kwesandla sazo.

43Kaningi wabakhulula;

kepha bahlubuka ngecebo labo,

bawiswa phansi ngobubi babo.

44Nokho wanaka ukuhlupheka kwabo,

esezwile ukukhala kwabo.

45Wabakhumbulela isivumelwano sakhe;

waphenduka ngokobuningi bomusa wakhe.

46Wabatholisa ububele ebusweni babo bonke ababebathumbile.

47Sisindise, Jehova Nkulunkulu wethu,

sibuthe kwabezizwe

ukuba sidumise igama lakho elingcwele,

sethabe ekukudumiseni.

48Makabongwe uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli

kusukela phakade kuze kube phakade.

Abantu bonke mabathi: “Amen.”

Haleluya!

Ihubo 105:1-106:48ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli
Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU