Bible Society of South Africa

Bible Reading Plan – Day 119

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

Ihubo 107

Amahubo 107 – 150

Ukubonga iNkosi kwabakhululekileyo bakwa-Israyeli

1Bongani uJehova, ngokuba muhle,

ngokuba umusa wakhe umi phakade.

2Mabasho njalo abahlengiweyo bakaJehova,

abahlengileyo esandleni sesitha;

3wababutha emazweni,

empumalanga nasentshonalanga,

enyakatho naselwandle.

4Bazulazula ehlane ngendlela yakwahlongasibi,

abafumananga umuzi wokuhlala.

5Belambile, bomile,

umphefumulo wabo waphela amandla phakathi kwabo.

6Base bekhala kuJehova ekuhluphekeni kwabo;

wabakhulula ezinsizini zabo.

7Wabahola ngendlela elungileyo

ukuba baye emzini wokuhlala.

8Mababonge uJehova ngomusa wakhe

nezimangaliso zakhe kubo abantwana babantu.

9Ngokuba usuthisa umphefumulo olangazelayo;

umphefumulo olambayo uyawugcwalisa ngokuhle.

10Babehlezi ebumnyameni nasethunzini lokufa

beboshiwe osizini nasensimbini,

11ngokuba babephambene namazwi kaNkulunkulu,

babesidelele isiluleko soPhezukonke.

12Wathobisa inhliziyo yabo ngokuhlupheka;

bawa kungekho osizayo.

13Base bekhala kuJehova ekuhluphekeni kwabo,

wabakhulula ezinsizini zabo.

14Wabakhipha ebumnyameni nasethunzini lokufa,

wagqabula izibopho zabo.

15Mababonge uJehova ngomusa wakhe

nangezimangaliso zakhe kubo abantwana babantu.

16Ngokuba waphulile amasango ethusi,

wanquma imigoqo yensimbi.

17Babe yizithutha ngenxa yeziphambeko zabo;

ngenxa yobubi babo babehlushwa.

18Umphefumulo wabo wenyanya konke ukudla;

basondela emasangweni okufa.

19Base bekhala kuJehova ekuhluphekeni kwabo;

wabakhulula ezinsizini zabo.

20Wathuma izwi lakhe, wabaphilisa,

wabakhulula emathuneni abo.

21Mababonge uJehova ngomusa wakhe,

nezimangaliso zakhe kubo abantwana babantu.

22Mabanikele iminikelo yokubonga,

balande imisebenzi yakhe ngokwethaba.

23Behlela elwandle ngemikhumbi,

bathengiselana emanzini amakhulu.

24Laba babona imisebenzi kaJehova

nezimangaliso zakhe ekujuleni.

25Ngokuba wakhuluma, wavusa umoya wesiphepho

owaphakamisa amadlambi olwandle.

26Bakhuphukela ezulwini,

babuye behlela kuzo izintwa;

umphefumulo wancibilika ngosizi.

27Bayendayenda,

bantengezela njengodakiweyo;

konke ukuhlakanipha kwabo kwagwinywa.

28Base bekhala kuJehova ekuhluphekeni kwabo,

wabakhulula ezinsizini zabo.

29Wathulisa isiphepho,

kwaze kwaba ngukuthula,

kwathula namadlambi olwandle.

30Base bethokoza, ngokuba kwaba ngukuthula;

wabaholela ethekwini lokufisa kwabo.

31Mababonge uJehova ngomusa wakhe

nangezimangaliso zakhe kubo abantwana babantu.

32Mabamphakamise ebandleni labantu,

bamdumise emhlanganweni wamalunga.

33Imifula wayiphendula ihlane,

nemithombo yamanzi isigagadu,

34nomhlabathi ovundileyo waba lugwadule lukasawoti

ngenxa yobubi babahlezi khona.

35Ihlane waliphendula amachibi amanzi,

nomhlabathi owomileyo imithombo yamanzi.

36Wabahlalisa khona abalambileyo,

bakha khona umuzi wokuhlala.

37Balima amasimu, batshala isivini,

kwabathelela izithelo.

38Wababusisa, banda kakhulu,

akanciphisa izinkomo zabo.

39Babuye bancipha,

bathotshiswa ngokucindezelwa, nangobubi, nangosizi.

40Wathela ukudelelwa phezu kwezikhulu,

wabazulazulisa ehlane elingenandlela.

41Nokho waphakamisa ompofu, wamkhipha osizini,

enza imindeni njengomhlambi.

42Olungileyo uyakukubona, ajabule;

ububi bonke bumelwe ukuvala umlomo.

43Ohlakaniphileyo makaqaphele lokhu;

bayakuqonda umusa kaJehova.

Ihubo 108

Umkhuleko wokunqoba izitha

Igama. Ihubo likaDavide.

1Inhliziyo yami iduduzekile, Nkulunkulu;

ngizakuhlabelela, ngihube,

ngisho nomphefumulo wami.

2Vukani, lugubhu nehabhu!*

Ngizakuvusa ukusa.

3Ngizakukubonga phakathi kwabantu, Jehova,

ngikudumise phakathi kwezizwe.

4Ngokuba umusa wakho mkhulu phezu kwezulu,

nokuthembeka kwakho kuze kube semafwini.

5Phakama, Nkulunkulu,

phezu kwezulu,

inkazimulo yakho ibe phezu komhlaba wonke.

6Ukuze abathandekayo bakho bakhululwe,

sindisa ngesandla sakho sokunene, ungizwele.

7UNkulunkulu ukhulumile ebungcweleni bakhe, wathi:

“Ngiyakwethaba;

ngiyakulidabula iShekemi,

ngisilinganise isiGodi saseSukoti.

8Ngowami uGileyadi,

ngowami uManase;

u-Efrayimi uyisivikelo sekhanda lami,

uJuda uyintonga yami yokubusa.

9UMowabi uyisitsha sami sokuhlambela;

phezu kuka-Edomi ngiphonsa isicathulo sami;

phezu kweFilistiya ngiyethaba.”

10Ngubani oyakungiyisa emzini oyinqaba na?

Ngubani oyakungiholela kwa-Edomi na?

11Akusiwena Nkulunkulu osilahlileyo na?

Nkulunkulu, awusaphumi nezimpi zethu.

12Siphe ukuba sisizakale ekuhluphekeni,

ngokuba ukusiza komuntu kuyize.

13NgoNkulunkulu siyakwenza izenzo zamandla;

yena uyakunyathela phansi izitha zethu.

Ihubo 109

Ngezitha ezikhohlisayo

Kumholi wokuhlabelela. ElikaDavide. Ihubo.

1Ungathuli, Nkulunkulu wokubonga kwami.

2Ngokuba umlomo womubi nomlomo wenkohliso bawuvulile ngakimi;

bakhulumile ngami ngolimi lwamanga.

3Bangizungeza ngamazwi enzondo;

balwa nami, kungekho sizathu.

4Ngenxa yothando lwami bayangizonda,

mina ngisemkhulekweni njalo.

5Bangibuyisele okubi ngokuhle,

nenzondo ngothando lwami.

6Beka omubi phezu kwakhe;

makume omelene naye ngasesandleni sakhe sokunene.

7Ekwahlulelweni kwakhe makalahlwe yicala;

umkhuleko wakhe mawube yisono.

8Izinsuku zakhe mazibe yingcosana,

omunye athathe isikhundla sakhe.

9Abantwana bakhe mababe yizintandane,

umkakhe abe ngumfelokazi.

10Abantwana bakhe mababe yizintandane, baphanze,

bacele bekude nezindawo zabo ezichithekileyo.

11Umtsheleki makabambe konke anakho,

abafo baphange izithelo zomsebenzi wakhe.

12Makungabikho omenzela umusa,

futhi kungabikho ohawukela izintandane zakhe.

13Inzalo yakhe mayinqunywe;

igama layo malesulwe esizukulwaneni esilandelayo.

14Ububi bawoyise mabukhumbuleke kuJehova;

masingesulwa isono sikanina.

15Mabeme phambi kukaJehova njalo,

kunqunywe isikhumbuzo sabo emhlabeni.

16Ngokuba wayengakhumbuli ukwenza umusa,

kepha wazingela umuntu odingayo nompofu

nodabukile ngenhliziyo ukuba ababulale.

17Wathanda ukuthuka,

kweza phezu kwakhe;

wayengathokozi ngesibusiso,

sahlala kude naye.

18Wagqoka ukuthuka njengesambatho,

kwangena ezibilinini zakhe njengamanzi,

nasemathanjeni akhe njengamafutha.

19Makube kuye njengesambatho asembathayo

nebhande* azibopha ngalo isikhathi sonke.

20Lokhu makube ngumvuzo wezitha, uvela kuJehova,

nowabakhuluma kabi ngomphefumulo wami.

21Kepha wena Jehova, Nkosi yami,

ngiphathe ngokwegama lakho;

njengokuba umusa wakho ulungile,

ngisindise.

22Ngokuba ngingodingayo nompofu;

inhliziyo yami ilimele phakathi kwami.

23Njengethunzi eselilide ngiyamuka;

njengesikhonyane ngiyapheshulwa.

24Amadolo ami abuthakathaka ngokuzila ukudla,

nomzimba wami uswele ukukhuluphala.

25Futhi ngaba yisihlamba kubona;

bengibheka banikina amakhanda abo.

26Ngisize, Jehova Nkulunkulu wami,

ngisindise ngokomusa wakho,

27ukuze bazi ukuthi lokhu kuyisandla sakho;

wena Jehova ukwenzile.

28Mabathuke bona, wena ubusise;

nxa bevuka, mabajabhe;

kepha inceku yakho mayithokoze.

29Abamelene nami mabembeswe amahloni,

bagqoke ukujabha njengesambatho.

30Ngiyakumbonga uJehova ngomlomo wami,

ngimdumise esixukwini.

31Ngokuba uyakuma ngakwesokunene sompofu

ukumsindisa kulabo abalahla umphefumulo wakhe.

Ihubo 110

INkosi yaseSiyoni ingumpristi ngendlela kaMelkisedeki

ElikaDavide. Ihubo.

1UJehova wathi eNkosini yami:

“Hlala ngakwesokunene sami,

ngize ngenze izitha zakho zibe yisenabelo sezinyawo zakho.”

2Intonga yamandla akho uJehova uyakuyelula eseSiyoni;

busa wena phakathi kwezitha zakho.

3Abantu bakho bayazinikela ngenjabulo ngosuku lwempi yakho;

ebuhleni bobungcwele abasha bakho

bavela njengamazolo esizalweni sokusa.

4UJehova ufungile engayikuguquka, wathi:

“Wena ungumpristi kuze kube phakade

ngendlela kaMelkisedeki.”

5INkosi ingakwesokunene sakho;

iyakuchoboza amakhosi ngosuku lwentukuthelo yayo.

6Iyakwahlulela phakathi kwabezizwe,

kugcwale izidumbu,

ichoboze amakhanda ezizweni eziningi.

7Iyakuphuza emfuleni ngasendleleni;

ngalokho iyakuphakamisa ikhanda.

Ihubo 111

Izenzo ezinhle zikaJehova kubo abantu besivumelwano sakhe

1Haleluya!

Ngiyakubonga uJehova ngenhliziyo yami yonke

emhlanganweni nasebandleni labaqotho.

2Mikhulu imisebenzi kaJehova,

iphenywa yibo bonke abathokoza ngayo.

3Umsebenzi wakhe ungubukhosi nodumo,

nokulunga kwakhe kumi phakade.

4Wenzele izimangaliso zakhe isikhumbuzo;

uJehova unomusa nobubele.

5Abamesabayo ubapha ukudla;

ukhumbula njalo isivumelwano sakhe.

6Ubonisile abantu bakhe amandla emisebenzi yakhe

ngokubapha ifa labezizwe.

7Imisebenzi yezandla zakhe iyiqiniso nokwahlulela;

imithetho yonke yakhe iqinile;

8imisiwe ngeqiniso nangobuqotho.

9Wabathumela abantu bakhe ukukhululwa;

uyalezile isivumelwano sakhe kuze kube phakade;

lingcwele, liyesabeka igama lakhe.

10Ukumesaba uJehova kungukuqala kokuhlakanipha;

banengqondo enhle bonke abakwenzayo.

Udumo lwakhe lumi kuze kube phakade.

Ihubo 107:1-111:10ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli
Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU