Bible Society of South Africa

Bible Reading Plan – Day 106

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

Ihubo 35

Umkhuleko wocela ukusindiswa ezitheni

ElikaDavide.

1Phikisana, Jehova,

nabaphikisana nami,

ulwe nabo abalwa nami.

2Thatha ihawu nesihlangu,

uvuke, ungisize.

3Hosha umkhonto, uvimbe indlela kwabangizingelayo;

yisho kuwo umphefumulo wami, uthi:

“Mina ngiyinsindiso yakho.”

4Mabajabhe, bahlazeke abafuna umphefumulo wami;

mababuyiselwe emuva, bajabhiswe abangisongelayo.

5Mababe njengamakhoba emoyeni,

ingelosi kaJehova ibadudule.

6Indlela yabo mayibe mnyama, ibebushelezi,

ingelosi kaJehova ibaxoshe.

7Ngokuba bangenzele ngasesitha igebe lenetha labo, kungekho sici,

bembele umphefumulo wami umgodi, kungekho cala.

8Ukubhujiswa makumehlele engazelele;

inetha lakhe alibeke ngasesitha malimbambe yena;

makawele kulo kube ngukubhujiswa kwakhe.

9Khona umphefumulo wami uzakwethaba kuJehova,

uthokoze ngokusindisa kwakhe.

10Onke amathambo ami azakuthi:

“Jehova, ngubani onjengawe,

wena okhulula ohluphekayo,

yebo, ohluphekayo nompofu komphangayo, na?”

11Ofakazi abangalungile bayasukuma,

babuza kimi engingakwaziyo.

12Bangiphindisela okubi ngokuhle;

umphefumulo wami bawusozisele.

13Kanti ekuguleni kwabo mina ngangembethe ezokuzila;

umphefumulo wami ngawuhlupha ngokuzila ukudla;

umkhuleko wami wabuyela esifubeni sami.

14Ngahamba kungathi bekungumngane wami nomfowethu;

njengokhalela unina ngakhothama ngokulila.

15Kepha ekuweni kwami bahlekisa ngami, babuthana ndawonye;

abashayi engingabaziyo bangibunganyela;

badumaza bengayeki.

16Njengezinteli ezikhonzela ucezu lwesinkwa

bangigedlela amazinyo.

17Nkosi, lokho uzakukubukela kuze kube nini na?

Sindisa umphefumulo wami ekubhubhiseni kwabo,

ukuphila kwami ezingonyameni ezingamabhongo.

18Ngizakukubonga ebandleni elikhulu,

ngikudumise phakathi kwabantu abaningi.

19Mabangajabuli ngami abayizitha zami bengenasizathu;

mabangaqwayizi amehlo abangizonda ngeze.

20Ngokuba abakhulumi ukuthula,

kepha baqamba amazwi enkohliso ngabazithuleleyo emhlabeni.

21Yebo, bangikhamisela kakhulu umlomo wabo, bathi:

“Ashila, ashila, iso lethu liyabona!”

22Uyakubona, Jehova; mawungathuli;

Nkosi, mawungabi kude nami.

23Vuka, usukumele ukwahlulelwa kwami,

Nkulunkulu wami, Nkosi yami,

umele icala lami.

24Ngahlulele ngokulunga kwakho,

Jehova Nkulunkulu wami;

mabangajabuli ngami.

25Mabangasho enhliziyweni yabo ukuthi:

“He, kwaya ngesifiso sethu!”

Mabangasho ukuthi: “Simgwinyile.”

26Mabajabhe,

babe namahloni bonke abajabula ngokuhlupheka kwami;

abazikhukhumeza ngami mabembathiswe ukujabha nendumazo.

27Mabethabe, bajabule abathokoza ngokulunga kwami;

mabathi njalonjalo:

“Makadunyiswe uJehova

othokoza ngenhlanhla yenceku yakhe.”

28Ulimi lwami luzakushumayela ngokulunga kwakho,

usuku lonke ngodumo lwakho.

Ihubo 36

Ububi babantu nomusa kaNkulunkulu

Kumholi wokuhlabelela. ElikaDavide, inceku kaJehova.

1Inkulumo yesiphambeko komubi,

isekujuleni kwenhliziyo yami, ithi:

Akukho ukumesaba uNkulunkulu phambi kwamehlo akhe.

2Ngokuba ukonakala kwakhe kuyamthopha emehlweni akhe,

ukuze kungafunyanwa,

azondeke ngakho.

3Amazwi omlomo wakhe angukona nenkohliso;

ukuyekile ukuhlakanipha nokwenza okulungileyo.

4Uceba okubi ecansini lakhe,

uzimisa endleleni engalungile;

okubi kakwenyanyi.

5Jehova, ububele bakho bufinyelela ezulwini,

nokuthembeka kwakho kuze kube semafwini.

6Ukulunga kwakho kunjengezintaba ezinkulukazi,

ukwahlulela kwakho kulutwa olukhulu;

usindisa abantu nezilwane, Jehova.

7Ububele bakho, Nkulunkulu, buyigugu elingaka;

abantwana babantu bakhosela ethunzini lamaphiko akho.

8Bayakusutha ngamanoni endlu yakho,

ubaphuzise okomfula wokuthokoza kwakho.

9Ngokuba ukuwe umthombo wokuphila;

ekukhanyeni kwakho siyakubona ukukhanya.

10Mawume umusa wakho kubo abakwaziyo,

nokulunga kwakho kubo abaqotho ngenhliziyo.

11Unyawo loziqhenyayo malungangifikeli;

nesandla somubi masingangixoshi.

12Bheka, bawile abenza okubi;

bawiswe phansi, abasenakuvuka.

Ihubo 37

Ubuze benhlanhla yababi

ElikaDavide.

1Ungazikhathazi ngababi,

ungabi namhawu ngabenza okungalungile.

2Ngokuba bayakusikwa masinyane njengotshani,

babune njengemithana eluhlaza.

3Themba kuJehova,

wenze okulungileyo;

hlala ezweni, uzondle ngokukholeka;

4zithokozise ngoJehova,

yikhona ezakukunika okufiswa yinhliziyo yakho.

5Nikela indlela yakho esandleni sikaJehova, umethembe;

yena uzakukwenza.

6Uzakuhlalukisa ukulunga kwakho njengokukhanya,

nokufanele wena njengemini.

7Thula phambi kukaJehova,

ulindele yena;

ungakhathazeki ngonenhlanhla endleleni yakhe,

ngomuntu osongoza amacebo amabi.

8Pheza ukuthukuthela;

yeka ulaka, ungakhathazeki;

kubanga ukona nje.

9Ngokuba ababi bazakuchithwa,

kepha abalindela uJehova bazakudla ifa lomhlaba.

10Kuse ngumzuzwana, omubi angabe esabakho;

kuyakuthi lapho uhlola indawo yakhe,

uyakube engasekho.

11Kepha abathobekileyo bazakulidla ifa lomhlaba,

bathokoze ngokuthula okukhulu.

12Omubi uyamsongela olungileyo ngokubi,

amgedlele amazinyo.

13INkosi iyakumhleka,

ngokuba iyabona ukuthi usuku lwakhe luyeza.

14Ababi bahosha inkemba,

bansale umnsalo wabo

ukuba bamwise phansi ohluphekileyo nompofu,

babulale abandlela ilungile.

15Inkemba yabo izakungena kweyabo inhliziyo,

iminsalo yabo yaphulwe.

16Okuncane anakho olungileyo kungcono

kunemfuyo yababi abaningi.

17Ngokuba izingalo zababi ziyakwaphulwa,

kepha uJehova uyabaphasa abalungileyo.

18UJehova uyazazi izinsuku zabaqotho;

ifa labo liyakuma kuze kube phakade.

19Abayikujabha esikhathini esibi;

bayakusutha ezinsukwini zendlala.

20Ngokuba ababi bayakubhubha;

izitha zikaJehova zinjengobuhle bamadlelo:

ziyakunyamalala,

zinyamalale njengentuthu.

21Omubi uyatsheleka, angabuyiseli;

kepha olungileyo unesihawu, aphane.

22Ngokuba ababusisiweyo bakhe bazakulidla ifa lomhlaba,

kepha abaqalekiswa nguye bazakuchithwa.

23Izinyathelo zomuntu ziqiniswa nguJehova;

uyayithanda indlela yakhe.

24Noma ekhubeka, akayikuwa phansi,

ngokuba uJehova uphasa isandla sakhe.

25Kade ngimusha, manje sengimdala;

angizange ngibone olungileyo eshiyiwe

nenzalo yakhe iphanza ukudla.

26Usuku lonke uyahawukela,

atsheleke, nenzalo yakhe iyisibusiso.

27Deda kokubi, wenze okuhle,

uyakuhlala kuze kube phakade.

28Ngokuba uJehova uthanda ukulunga,

akabashiyi abangcwele bakhe;

bayalondolozwa kuze kube phakade,

kepha inzalo yababi iyachithwa.

29Abalungileyo bazakudla ifa lomhlaba,

bahlale kuwo njalonjalo.

30Umlomo wolungileyo ushumayela ukuhlakanipha;

ulimi lwakhe lukhuluma ukulunga.

31Umthetho kaNkulunkulu wakhe usenhliziyweni yakhe;

izinyathelo zakhe azisheleli.

32Omubi uqaphela olungileyo,

ufuna ukumbulala.

33UJehova akayikumnikela esandleni sakhe;

akayikumlahla lapho ahlulelwa khona.

34Lindela uJehova, ulonde indlela yakhe;

uzakukuphakamisa, udle ifa lomhlaba,

ubukele lapho ababi bechithwa khona.

35Ngambona omubi oyisidlova

ezenabisile njengomuthi oluhlaza ogxilileyo;

36kwathi lapho umuntu edlula, bheka, wayengasekho;

ngamfuna, kepha akabe esafunyanwa.

37Mbhekisise ongasolekiyo,

umbone oqotho;

ngokuba umuntu wokuthula, ukugcina kwakhe kuhle.

38Kepha abaphambukayo bayakubhujiswa bonke;

isikhathi sababi siyakunqunywa.

39Ukusindiswa kwabalungileyo kuvela kuJehova;

uyinqaba yabo esikhathini sokuhlupheka.

40UJehova uyabasiza, abakhulule;

ubakhulula kwababi, abasindise,

ngokuba bayamethemba.

Ihubo 38

Umkhuleko wophendukileyo ecela ukukhululwa

Ihubo likaDavide. Elokukhumbuza.

1Jehova, ungangijezisi ngentukuthelo yakho,

ungangishayi ngolaka lwakho.

2Ngokuba imicibisholo yakho ingihlabile;

isandla sakho singicindezele kanzima.

3Akukho ukuphila enyameni yami ngenxa yentukuthelo yakho;

akukho ukuthula emathanjeni ami ngenxa yesono sami.

4Ngokuba iziphambeko zami zeqile phezu kwekhanda lami;

njengomthwalo osindayo ziyangisinda.

5Izilonda zami ziyanuka,

zichicha ubovu

ngenxa yobuwula bami.

6Ngikhonkobele, ngithotshisiwe kakhulu;

usuku lonke ngihamba ngilila.

7Ngokuba ukhalo lwami lutshutshumba kakhulu;

akukho ukuphila enyameni yami.

8Ngibuthakathaka, ngidubekile kabi;

ngiyakhala ngenxa yokugqiha kwenhliziyo yami.

9Nkosi, ukufisa kwami konke kuphambi kwakho;

ukububula kwami akufihlekile kuwe.

10Inhliziyo yami iyagquma kakhulu;

amandla ami angishiyile,

ngisho nokukhanya kwamehlo ami akusekho kimi.

11Abathandekayo bami nabahlobo bami

bemi kude nokuhlupheka kwami;

abakwethu bemi kude laphaya.

12Abafuna umphefumulo wami bayangicupha;

abafuna ukungilimaza bakhuluma okubi,

bazindla inkohliso usuku lonke.

13Mina kodwa nginjengesithulu, angizwa;

nginjengesimungulu esingavuli umlomo waso.

14Yebo, nginjengomuntu ongezwayo;

akukho ukuphikisa emlonyeni wakhe.

15Ngokuba ngithemba wena Jehova;

wena Nkosi Nkulunkulu wami uzakuphendula.

16Ngokuba ngithe:

“Funa bajabule ngami,

ekusheleleni konyawo lwami bazikhukhumeze ngami.”

17Ngokuba ngiseduze kokuwa,

nobuhlungu bami buphambi kwami ngezikhathi zonke.

18Ngokuba ngiyabika ukona kwami;

ngiyadabuka ngesono sami.

19Kepha izitha zami ziphilile, zinamandla;

baningi abangizonda ngeze.

20Abaphindisela okubi ngokuhle bamelene nami,

ngokuba ngilandela okulungileyo.

21Ungangishiyi, Jehova;

Nkulunkulu wami, ungabi kude nami.

22Phuthuma, ungisize,

Nkosi, nsindiso yami.

Ihubo 35:1-38:22ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli
Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU