Bible Society of South Africa

Bible Reading Plan – Day 105

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

Ihubo 29

Izwi likaJehova esivunguvungwini

Ihubo likaDavide.

1Mnikeni uJehova,

nina madodana kaNkulunkulu,

mnikeni uJehova udumo namandla.

2Mnikeni uJehova udumo lwegama lakhe,

nikhuleke kuJehova emvunulweni engcwele.

3Izwi likaJehova liphezu kwamanzi,

uNkulunkulu wenkazimulo uyaduma;

uJehova uphezu kwamanzi amakhulu.

4Izwi likaJehova linamandla;

izwi likaJehova linenkazimulo.

5Izwi likaJehova liyaphula imisedari;*

uJehova waphula imisedari yaseLebanoni.

6ILebanoni ulitshekulisisa okwenkonyane,

neSiriyoni njengethole lenyathi.

7Izwi likaJehova lidabula amalangabi omlilo.

8Izwi likaJehova lizamazamisa ihlane;

uJehova uzamazamisa ihlane laseKadeshi.

9Izwi likaJehova liphunzisa izimbabala;

lihluba amahlathi;

nasethempelini lakhe konke kuthi: “Udumo!”

10UJehova wayehlezi ebusa phezu kukazamcolo;

uJehova uhlezi eyinkosi kuze kube phakade.

11UJehova uzakunika abantu bakhe amandla;

uJehova uzakubusisa abantu bakhe ngokuthula.

Ihubo 30

Ukubonga kosindisiweyo ekufeni

Ihubo. Igama lokuvula indlu. ElikaDavide.

1Ngiyakuphakamisa, Jehova,

ngokuba ungikhuphulile;

awuvumanga ukuba izitha zami zijabule phezu kwami.

2Jehova Nkulunkulu wami,

ngakhala kuwe, wangiphilisa.

3Jehova,

umphefumulo wami uwukhuphulile endaweni yabafileyo,

wangiphilisa phakathi kwabashona emgodini.

4Dumisani uJehova nina enimkhonzayo,

nibonge igama lakhe elingcwele.

5Ngokuba ukuthukuthela kwakhe kuba ngokomzuzwana nje,

umusa wakhe uba ngowokuphila konke;

kusihlwa kungena ukukhala,

ekuseni ukujabula.

6Mina ngithe ekubuseni kwami:

Angisoze nganyakaziswa naphakade.

7Jehova,

ngomusa wakho ubuwenzile ukuba iqine intaba yami;

wabufihla ubuso bakho,

ngase ngithuthumela.

8Ngakhala kuwe Jehova;

nganxusa kuJehova, ngathi:

9“Kukhona nzuzoni egazini lami

nasekushoneni kwami egebeni na?

Uthuli luzakukudumisa yini,

lushumayele iqiniso lakho, na?

10Yizwa, Jehova, ube nomusa kimi;

Jehova, yiba ngumsizi wami.”

11Waphendula ukukhala kwami kwaba ngukusina;

wangikhumula izingubo zami zokulila,

wangembathisa ukujabula,

12ukuze umphefumulo wami ukudumise, ungathuli;

Jehova Nkulunkulu wami, ngizakukubonga kuze kube phakade.

Ihubo 31

Ukumethemba uJehova

Kumholi wokuhlabelela. Ihubo likaDavide.

1Ithemba lami ngilibeka kuwe Jehova;

mawungangijabhisi naphakade;

ngikhulule ngokulunga kwakho.

2Beka kimi indlebe yakho,

ungophule masinyane,

ube yidwala eliqinileyo kimi,

indlu yezinqaba yokungisindisa.

3Ngokuba wena uyidwala lami nenqaba yami;

ngenxa yegama lakho uyakungihola,

ungiqondise.

4Uyakungikhipha enetheni abangicuphe ngalo,

ngokuba wena uyinqaba yami.

5Ngibeka umoya wami esandleni sakho;

uyangihlenga, Jehova Nkulunkulu othembekayo.

6Ngiyabazonda abakhonza onkulunkulu abayize,

kepha mina ngithemba uJehova.

7Ngizakwethaba,

ngijabule ngomusa wakho,

ngokuba ukubonile ukuhlupheka kwami,

wazinaka izinsizi zomphefumulo wami;

8awunginikelanga esandleni sesitha,

wazimisa izinyawo zami endaweni ebanzi.

9Yiba nomusa kimi, Jehova,

ngokuba ngiyahlupheka;

iso lami liyafa usizi,

nomphefumulo wami nomzimba wami.

10Ngokuba ukuphila kwami kuphelela osizini,

neminyaka yami ekububuleni;

amandla ami aphelile ngokona kwami,

namathambo ami ancunzekile.

11Ngenxa yezitha zami zonke sengaba yisihlamba,

ikakhulu kubakhelwane bami ngaba ngobesabisayo abangane bami;

abangibona endleleni bayangibalekela.

12Sengakhohlakala enhliziyweni njengofileyo;

nginjengesitsha esifileyo.

13Ngokuba ngikuzwile ukuhleba kwabaningi

ngokwesabisayo nxazonke;

besenza icebo ngami

bahlosa ukubulala umphefumulo wami.

14Kepha mina ngithemba wena Jehova;

ngithi: “UnguNkulunkulu wami.”

15Izikhathi zami zisesandleni sakho;

ngikhulule esandleni sezitha zami nakwabangizingelayo.

16Khanyisa ubuso bakho phezu kwenceku yakho;

ngisindise ngomusa wakho.

17Jehova, mawungangijabhisi,

ngokuba ngiyakubiza;

mabajabhiswe ababi,

bathuliswe endaweni yabafileyo.

18Mazithuliswe izindebe zamanga ezijivaza olungileyo

ngokuzidla nangokweyisa.

19Yeka ubukhulu bomusa wakho

obagodlele wona abakwesabayo,

owenzele bona ababalekela kuwe,

phambi kwabantwana babantu.

20Ubafihla ekusithekeni kobuso bakho

ngenxa yezigungu zabantu;

ubalondoloza edokodweni

ekuxabaneni kwezilimi.

21Makabongwe uJehova,

ngokuba ungenzele umusa wakhe omangalisayo

emzini oqinileyo.

22Mina-ke ngithe ovalweni lwami:

Ngixoshiwe emehlweni akho;

nokho walizwa izwi lokunxusa kwami ekukhaleni kwami kuwe.

23Mthandeni uJehova nina nonke enimkhonzayo;

uJehova uyabalondoloza abakholekileyo,

amphindisele kakhulu ozidlayo.

24Qinani, inhliziyo yenu ibe nesibindi,

nina nonke enithemba uJehova.

Ihubo 32

Ukuvuma izono nokuthethelelwa kwazo

ElikaDavide. IMaskili.*

1Ubusisiwe osiphambeko sakhe sithethelelwe,

osono sakhe sisibekelwe.

2Ubusisiwe umuntu uJehova angambaleli isiphambeko,

kungekho nkohliso emoyeni wakhe.

3Kwathi ngithule, amathambo ami aguga

ngokububula kwami usuku lonke.

4Ngokuba imini nobusuku isandla sakho sasinzima phezu kwami,

uloya lwami loma njengokomisa kwehlobo. Sela*

5Ngasivuma isono sami kuwe,

angisifihlanga isiphambeko sami;

ngathi: “Ngizakuzivuma izono zami kuJehova,”

wena wathethelela icala lesono sami. Sela*

6Ngakho-ke yilowo nalowo olungileyo makakhuleke kuwe

ngesikhathi sokukufumana;

impela kuyakuthi lapho amanzi amakhulu ekhukhula,

angafinyeleli kuye.

7Wena uyindawo yami yokucasha;

uyangilondoloza ngingahlupheki;

ungiphahla ngenjabulo yokukhululwa. Sela*

8Ngizakukufundisa, ngikubonise indlela ozakuhamba ngayo;

ngizakukululeka ngeso lami.

9Ningabi njengehhashi nembongolo engenangqondo;

umkhala netomu yimvunulo yayo yokuyiqondisa,

uma ingasondeli kuwe.

10Omubi unezinhlupheko eziningi,

kepha othemba uJehova umusa uyakumphahla.

11Jabulani kuJehova, nethabe nina balungileyo,

nethabe nina nonke baqotho ngenhliziyo.

Ihubo 33

Ukumdumisa uNkulunkulu uMninimandla onke ngenxa yezenzo zakhe ezinhle

1Yethabani kuJehova nina balungileyo;

ukudumisa kubafanele abaqotho.

2Bongani uJehova ngehabhu;*

mdumiseni ngogubhu oluzintambo ziyishumi.

3Mhubeleni ihubo elisha,

nibethe kahle ngenhlokomo.

4Ngokuba izwi likaJehova lilungile;

zonke izenzo zakhe ziyakholeka.

5Uthanda ukulunga nokwahlulela;

umhlaba ugcwele umusa kaJehova.

6Ngezwi likaJehova izulu lenziwa,

namabandla onke ngomoya womlomo wakhe.

7Ubuthela ndawonye amanzi olwandle njengenqwaba;

uwabeka ajulileyo ezinqolobaneni.

8Umhlaba wonke mawumesabe uJehova;

bonke abakhileyo ezweni mabathuthumele phambi kwakhe.

9Ngokuba wakhuluma, kwaba khona;

wayaleza, kwema khona.

10UJehova uchitha icebo labezizwe;

uphuthisa imicabango yabantu.

11Icebo likaJehova limi phakade,

nemicabango yenhliziyo yakhe ezizukulwaneni ngezizukulwane.

12Sibusisiwe isizwe esiNkulunkulu waso nguJehova,

isizwe asikhethileyo sibe yifa lakhe.

13UJehova uyabheka esezulwini;

uyababona bonke abantwana babantu.

14Esendaweni lapho ehlala khona

uyababuka bonke abakhileyo ezweni,

15yena owadala izinhliziyo zabo bonke,

oqaphela zonke izenzo zabo.

16Ayikho inkosi esindiswa ngobuningi bempi yayo;

isiqhwaga asikhululwa ngobukhulu bamandla aso.

17Ihhashi liyize ekusindiseni,

alihlangulisi ngobukhulu bamandla alo.

18Bheka, iso likaJehova liphezu kwabamesabayo,

abathemba umusa wakhe,

19ukuba akhulule umphefumulo wabo ekufeni,

abaphilise endlaleni.

20Umphefumulo wethu ulindela uJehova;

ungukusiza kwethu nesihlangu sethu.

21Ngalokho inhliziyo yethu ithokoza ngaye,

ngokuba sithemba igama lakhe elingcwele.

22Umusa wakho, Jehova,

mawube phezu kwethu,

njengalokhu sithemba wena.

Ihubo 34

Ukubonga umusa kaNkulunkulu

ElikaDavide mhla ezishaya uhlanya phambi kuka-Abimeleki owamxosha waze wamuka.

1Ngiyakumbonga uJehova ngezikhathi zonke;

ukudunyiswa kwakhe kuyakuba semlonyeni wami njalonjalo.

2Umphefumulo wami uyakuzibonga ngoJehova;

abathobekileyo bayakukuzwa, bajabule.

3Mtuseni uJehova kanye nami,

siphakamise igama lakhe kanyekanye.

4Ngamfuna uJehova, wangiphendula;

wangikhulula kulo lonke uvalo lwami.

5Babheka kuye phezulu, bakhanya;

ubuso babo abusoze bajabha.

6Nasi isihlupheki esakhala,

uJehova wezwa,

wasikhulula kuzo zonke izinhlupheko zaso.

7Ingelosi kaJehova iyamisa nxazonke kubo abamesabayo, ibakhulule.

8Yizwani nibone ukuthi uJehova muhle;

ubusisiwe lowo muntu ophephela kuye.

9Mesabeni uJehova nina bangcwele bakhe,

ngokuba abasweli lutho abamesabayo.

10Amabhongo ezingonyama ayaswela, alambe,

kepha abafuna uJehova abayikuswela lutho oluhle.

11Zanini, bantwana, ningilalele;

ngizakunifundisa ukumesaba uJehova.

12Ngumuphi umuntu othanda ukuphila,

ofisa izinsuku zokuba abone okuhle na?

13Londa ulimi lwakho kokubi,

nezindebe zakho kukho ukukhuluma inkohliso.

14Deda kukho okubi, wenze okuhle;

funa ukuthula, ukujonge.

15Amehlo kaJehova akubo abalungileyo;

izindlebe zakhe zikukho ukukhala kwabo.

16Ubuso bukaJehova bumelene nabenza okubi

ukuba achithe ukukhunjulwa kwabo emhlabeni.

17Labo bayakhala, uJehova uyezwa;

uyabakhulula kuzo zonke izinhlupheko zabo.

18UJehova useduze nabo abanenhliziyo eyaphukileyo;

uyabasindisa abanomoya odabukileyo.

19Ziningi izinhlupheko zolungileyo,

kepha uJehova uyamkhulula kuzo zonke.

20Uyawagcina onke amathambo akhe;

alaphulwa nelilodwa kuwo.

21Okubi kuyakumbulala omubi;

abazonda olungileyo bayakulahlwa ngecala.

22UJehova ukhulula umphefumulo wezinceku zakhe;

akakho kwabamethembayo oyakuba necala.

Ihubo 29:1-34:22ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli
Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU