Bible Society of South Africa

Bible Reading Plan – Day 107

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

Ihubo 39

Ukukhala kohluphekile kanzima

Kumholi wokuhlabelela; kuJeduthuni.* Ihubo likaDavide.

1Ngithe: “Ngizakulinda izindlela zami

ukuba ngingoni ngolimi lwami;

ngizakugcina umlomo wami ngesifonyo,

omubi esekhona phambi kwamehlo ami.”

2Ngabindela impela, ngathula nakukho okuhle;

kwavuswa ubuhlungu bami.

3Inhliziyo yami yavutha phakathi kwami;

kwaphembeka umlilo ngisazindla;

ngakhuluma ngolimi lwami.

4“Jehova, ngazise ukuphela kwami,

nesilinganiso sezinsuku zami ukuba siyini;

mangazi ukuthi ngingodlulayo.

5Bheka, izinsuku zami wazenza zaba ngangobubanzi besandla;

imihla yokuphila kwami ayilutho kuwe;

impela yilowo nalowo muntu ungumoya nje,

noma eqine kangakanani. Sela*

6“Impela umuntu uhamba njengesithunzi nje;

impela uzikhathaza ngokuyize nje;

unqwabela imfuyo,

kepha akazi ukuthi ngubani ozakuyibutha.

7“Kalokhu-ke, Nkosi,

ngilindele ntoni na?

Ithemba lami likuwe.

8Ngisindise kuzo iziphambeko zami,

ungangenzi isithuko sesiwula.

9Ngiyathula, angivuli umlomo wami;

ngokuba nguwe okwenzileyo.

10Susa kimi ukushaya kwakho,

ngokuba ngiyaqedwa ngukushaywa yisandla sakho.

11Nxa ulaya umuntu ngesijeziso ngenxa yeziphambeko,

ubuhle bakhe ubenza buphele njengenundu;

yilowo nalowo muntu ungumoya nje. Sela*

12“Yizwa umkhuleko wami, Jehova,

ulalele ukumemeza kwami;

ungathuli ngezinyembezi zami,

ngokuba ngingumfokazi kuwe;

ngiyisihambi njengokhokho bami bonke.

13Yeka ukungibuka, ngize ngincibilike,

ngingakamuki lapha,

ngingabe ngisabakho.”

Ihubo 40

Ukwethemba insindiso evela kuJehova

Kumholi wokuhlabelela. ElikaDavide. Ihubo.

1Bengilindela uJehova;

wayesezikhothamisela kimi,

wezwa ukukhala kwami.

2Wangikhipha emgodini wokubhujiswa odakeni lobishi,

wamisa izinyawo zami edwaleni,

waqinisa izinyathelo zami.

3Wabeka igama elisha emlonyeni wami,

igama lokubonga uNkulunkulu wethu;

abaningi bayakukubona, besabe,

bamethembe uJehova.

4Ubusisiwe umuntu obeka ithemba lakhe kuJehova,

ongaphendukeli kwabazidlayo nakwabaphambukela emangeni.

5Jehova Nkulunkulu wami,

ziningi izimangaliso zakho ozenzileyo,

nezizindlo zakho ngathi;

akukho okungafaniswa nawe;

uma ngiyilanda, ngiyisho,

miningi kunokuba ibalwe.

6Umhlatshelo nomnikelo wokudla awuwuthandi;

izindlebe zami uzibhobozile;

umnikelo wokushiswa nomnikelo wesono awuwubizi.

7Ngase ngithi: “Bheka, ngiyeza;

encwadini esongwayo kulotshiwe ngami ukuthi:

8Ngiyathanda ukwenza intando yakho,

Nkulunkulu wami,

nomthetho wakho usenhliziyweni yami.”

9Ngishumayelile ukulunga ebandleni elikhulu;

bheka, angizivalanga izindebe zami;

Jehova, wena uyakwazi.

10Ukulunga kwakho angikuthukusanga enhliziyweni yami;

ngashumayela ukukholeka kwakho nensindiso yakho;

umusa wakho neqiniso lakho angikufihlelanga ibandla elikhulu.

11Wena Jehova ungangigodleli ububele bakho;

umusa wakho neqiniso lakho makungilonde njalo.

12Ngokuba izinhlupheko ezingenakubalwa zingihaqile,

iziphambeko zami zingificile,

angaze ngaba nakubona;

ziningi kunezinwele zekhanda lami;

inhliziyo yami ingishiyile.

13Makuthandeke kuwe Jehova ukuba ungikhulule;

Jehova, mawuphuthume ungisize.

14Mabajabhe, babe namahloni bonke

abafuna umphefumulo wami ukuba bawuhlwithe;

abafisa ukulimala kwami

mababuyiselwe emuva, bajabhiswe.

15Mabashaqeke ngenxa yehlazo labo abathi kimi:

“Ashila, ashila!”

16Mabethabe, bajabule kuwe bonke abakufunayo;

abathanda insindiso yakho mabasho

njalo, bathi:

“Makadunyiswe uJehova.”

17Noma ngihlupheka, ngimpofu,

iNkosi iyanginaka;

wena ungumsizi wami noMsindisi wami;

Nkulunkulu wami, mawungalibali.

Ihubo 41

Ukukhala ngokuhlupheka nokuzingelwa

Kumholi wokuhlabelela. Ihubo likaDavide.

1Ubusisiwe onakekela ohluphekayo;

uJehova uyakumsindisa osukwini olubi.

2UJehova uyakumlondoloza, amphilise;

uyakubusiswa emhlabeni;

awuyikumnikela entandweni yezitha zakhe.

3UJehova uyakumphasa ecansini egula;

wena uyakuguqula ukhukho lwakhe ekuguleni kwakhe.

4Mina ngithi: “Jehova, ngihawukele,

uphulukise umphefumulo wami, ngokuba ngonile kuwe.”

5Izitha zami zikhuluma okubi ngami, zithi:

“Uzakufa nini, igama lakhe lichitheke, na?”

6Nalapho kuza ozongibona,

ukhuluma amanga;

inhliziyo yakhe izibuthela ukonakala,

abesephuma akhulume ngakho.

7Bonke abangizondayo banyenyezelana ngami:

bangisongozela okubi, bathi:

8“Into embi inamathele kuye;

olele phansi kasayikululama.”

9Yebo, nomhlobo wami ebengimethemba,

obedla isinkwa sami,

ungiphakamisele isithende sakhe.

10Kepha wena Jehova, ngihawukele, ungilulamise,

ukuze ngibaphindisele.

11Ngalokho ngiyazi ukuthi uyangithanda,

ngokuba isitha sami asihalalisi phezu kwami.

12Mina uyangimisa ebuqothweni bami;

uyangibeka phambi kobuso bakho kuze kube phakade.

13Makabongwe uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli,

kusukela phakade kuze kube phakade.

Amen, Amen.

Ihubo 42

INCWADI YESIBILI

Amahubo 42 – 72

Ukulangazelela uNkulunkulu nendlu yakhe

Kumholi wokuhlabelela. IMaskili* lamadodana kaKora.

1Njengendluzele ilangazelela amanzi emifula,

kanjalo umphefumulo wami ulangazelela wena Nkulunkulu.

2Umphefumulo wami womela uNkulunkulu,

uNkulunkulu ophilayo;

ngiyakufika nini, ngibonakale phambi kukaNkulunkulu, na?

3Izinyembezi zami zingukudla kwami imini nobusuku,

ngokuba usuku lonke bathi kimi:

“Uphi uNkulunkulu wakho na?”

4Ngiyakukhumbula lokhu,

ngithulule umphefumulo wami phakathi kwami,

njengalokho ngangihamba esixukwini ngiya naso endlini kaNkulunkulu

ngenhlokomo yokwethaba nokubonga,

ibandla ligubha umkhosi.

5Yini ukuba udangale,

mphefumulo wami,

uyaluze phakathi kwami, na?

Methembe uNkulunkulu,

ngokuba ngisezakumdumisa

ngokusindisa kobuso bakhe.

6Nkulunkulu wami,

umphefumulo wami udangele phakathi kwami;

ngakho-ke ngikhumbula wena ezweni laseJordani,

nakwelamaHermoni,

nasentabeni yaseMisari.

7Utwa lubizana notwa ekuhlokomeni kwezimpophoma zakho;

onke amadlambi akho namaza akho eqile phezu kwami.

8Emini uJehova uyaleza umusa wakhe;

ebusuku isihlabelelo sakhe sikimi,

ngikhuleke kuNkulunkulu wokuphila kwami.

9Ngizakuthi kuNkulunkulu,

iDwala lami:

“Ungikhohlweleni na?

Ngihambelani ngilila,

ngicindezelwe yisitha, na?”

10Kunjengokuphohlozwa kwamathambo ami,

nxa izitha zami zingiklolodela,

zithi kimi usuku lonke:

“Uphi uNkulunkulu wakho na?”

11Yini ukuba udangale,

mphefumulo wami,

uyaluze phakathi kwami, na?

Methembe uNkulunkulu,

ngokuba ngisezakumdumisa yena

oyinsindiso yobuso bami noNkulunkulu wami.

Ihubo 43

Ukukhuleka kuNkulunkulu, umahluleli wezinto zonke

1Ngahlulele, Nkulunkulu ungimele endabeni yami esizweni esingenamusa,

ngikhulule kumuntu wenkohliso nongenakulunga.

2Ngokuba wena Nkulunkulu uyisiphephelo sami;

ungilahleleni na?

Ngihambelani ngilila,

ngicindezelwe yisitha, na?

3Thuma ukukhanya kwakho neqiniso lakho,

kungihole, kungiyise entabeni yakho engcwele

nasezindlini zakho,

4ngize ngifike kulo i-altare likaNkulunkulu,

kuNkulunkulu wenjabulo yokwethaba kwami,

ngikudumise ngehabhu,* Nkulunkulu, Nkulunkulu wami.

5Yini ukuba udangale,

mphefumulo wami,

uyaluze phakathi kwami, na?

ngisezakumdumisa yena

oyinsindiso yobuso bami noNkulunkulu wami.

Ihubo 44

Umkhuleko wabahlulwe yizitha

Kumholi wokuhlabelela. Elamadodana kaKora. IMaskili.*

1Nkulunkulu, sizwile ngezindlebe zethu,

okhokho besilandisa ngesenzo

owasenzayo emihleni yabo,

emihleni yasendulo.

2Nguwe owabaxosha abezizwe ngesandla sakho,

kepha bona wabatshala;

wazichitha izizwe, kepha bona wabandisa.

3Ngokuba abalidlanga izwe ngenkemba yabo,

nengalo yabo ayibasindisanga;

kepha kwaba yisandla sakho sokunene, nengalo yakho,

nokukhanya kobuso bakho,

ngokuba wawubathanda.

4Wena Nkulunkulu uyinkosi yami;

yaleza ukusindiswa kukaJakobe.

5Ngawe sizakulahla phansi izitha zethu;

ngegama lakho sizakunyathela abasivukelayo.

6Ngokuba angiwethembi umnsalo wami,

nenkemba yami ayingisindisi;

7kepha nguwe owasisindisa ezitheni zethu,

wajabhisa abasizondayo.

8Sizincoma ngoNkulunkulu usuku lonke;

igama lakho siyalibonga kuze kube phakade. Sela*

9Nokho ususilahlile, wasijabhisa;

awusaphumi nezimpi zethu.

10Usihlehlisela emuva esitheni;

abasizondayo bayaziphangela.

11Usinikezele ukudliwa njengezimvu,

wasihlakaza phakathi kwabezizwe.

12Uthengisa ngesizwe sakho ngokuyize;

awuzuzi lutho ngokubiza ngaso.

13Usenza isihlamba kubakhelwane bethu,

inhlekiso nendumazo kwabasiphahlileyo.

14Usenza isaga kwabezizwe,

banikine ikhanda phakathi kwabantu.

15Usuku lonke ukudunyazwa kwami kuphambi kwami,

namahloni amboza ubuso bami

16ngenxa yoklolodayo nojivazayo,

ngenxa yesitha nomphindiseli.

17Konke lokho kusehlele,

kodwa asikukhohlwanga wena;

asisaphulanga isivumelwano sakho.

18Inhliziyo yethu ayibuyelanga emuva;

izinyathelo zethu aziphambukanga endleleni yakho,

19uze usiphahlaze endaweni yezimpungushe,

usimboze ngethunzi lokufa.

20Uma ngabe sikhohliwe igama likaNkulunkulu wethu,

sazelulela izandla zethu kunkulunkulu mumbe,

21uNkulunkulu ubengayikukuhlola na?

Ngokuba yena uyazazi izimfihlakalo zenhliziyo.

22Yebo, ngenxa yakho sibulawa usuku lonke,

siphathiswa okwezimvu zokuhlatshwa.

23Vuka, Nkosi! Ulaleleni na?

Vuka, ungasilahli njalonjalo.

24Ubufihlelani ubuso bakho,

ukhohlwe ukuhlupheka nokucindezelwa kwethu, na?

25Ngokuba umphefumulo wethu ukhothamele othulini;

umzimba wethu unamathele emhlabathini.

26Sukuma, usisize,

usihlenge ngenxa yomusa wakho.

Ihubo 39:1-44:26ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli
Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU