Bible Society of South Africa

Bible Reading Plan – Day 104

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

Ihubo 22

Isiprofetho ngenhlupheko nenkazimulo yolungileyo

Kumholi wokuhlabelela. Indlela: Indluzelekazi yokusa. Ihubo likaDavide.

1Nkulunkulu wami, Nkulunkulu wami,

ungishiyeleni na?

Ukude namazwi okubububula kwami nokusindiswa kwami.

2Nkulunkulu wami,

ngikhala emini, kepha awuphenduli,

nasebusuku, ngingabi nakuthula.

3Kepha wena ungoNgcwele

ohlezi ezibongweni zika-Israyeli.

4Obaba bethu babekwethemba;

babethemba, wena wabakhulula.

5Bakhala kuwe, bakhululwa;

bethemba wena, abaze bajabha.

6Kepha mina ngiyimphethu,

angisiye umuntu;

ngiyisithuko sabantu,

ngiyindelelo yabantu.

7Bonke abangibonayo bayangiklolodela,

baphukule imilomo,

banikine amakhanda,

8bathi: “Zinikele kuJehova;

makamsindise, amkhulule,

njengokuba emthanda.”

9Impela nguwe owangikhipha esizalweni,

wangikhoselisa ngasemabeleni kamame.

10Ngaphonswa phezu kwakho kwasesizalweni;

unguNkulunkulu wami kwasesizalweni sikamame.

11Ungabi kude nami,

ngokuba inhlupheko iseduze,

nosizayo akakho.

12Izinkunzi eziningi zingibunganyele,

ezinamandla zaseBashani zingizungezile.

13Zingikhamisele umlomo wazo

njengengonyama edwengulayo nebhodlayo.

14Ngichithiwe njengamanzi;

onke amathambo ami enyele;

inhliziyo yami injengengcina,

incibilikile phakathi kwezibilini zami.

15Amandla ami omile njengodengezi;

ulimi lwami lunamathela olwangeni lwami;

ungibeka othulini lokufa.

16Ngokuba izinja ziyangibungayela;

umbonda wababi ungizungezile;

izandla zami nezinyawo zami bazibhobozile.

17Ngingabala onke amathambo ami;

bayabukela, bangibuke bengiklibhizela.

18Babelana izingubo zami,

benzelana inkatho ngesambatho sami.

19Kepha wena Jehova mawungabi kude,

wena mandla ami, shesha ungisize.

20Sindisa umphefumulo wami enkembeni,

ukuphila kwami emandleni ezinja.

21Ngisindise emlonyeni wengonyama;

nasezimpondweni zezinyathi uyangizwa.

22Ngiyakushumayeza abafowethu igama lakho,

ngikudumise phakathi kwebandla.

23Nina enesaba uJehova, mbongeni;

nina nonke nzalo kaJakobe, mdumiseni,

nimesabe nina nonke nzalo ka-Israyeli.

24Ngokuba akadelelanga,

akanengwanga yinhlupheko yohluphekayo;

akamfihlelanga ubuso bakhe,

kepha nalapha ekhala kuye, wezwa.

25Kuyakuvela kuwe ukudumisa kwami ebandleni elikhulu;

izithembiso zami ngiyakuzigcwalisa

phambi kwabamesabayo.

26Abamnene bayakudla, basuthe;

abafuna uJehova bayakumdumisa;

inhliziyo yenu mayiphile kuze kube phakade.

27Imikhawulo yonke yomhlaba iyakukhumbula,

iphendukele kuJehova,

nezizukulwane zonke zezizwe ziyakukhuleka ebusweni bakho.

28Ngokuba umbuso ungokaJehova;

nguye obusa izizwe.

29Bonke abacebileyo bomhlaba bayakudla, bakhuleke;

bonke abehlela othulini bayakukhothama phambi kwakhe,

naye ongenakugcina umphefumulo wakhe ekuphileni.

30Inzalo iyakumkhonza;

isizukulwane esizayo siyakulandiswa ngayo iNkosi.

31Bayakuza bashumayele ukulunga kwayo

kuso isizwe esiyakuzalwa ngokuthi ikwenzile.

Ihubo 23

UJehova ungumalusi omuhle

Ihubo likaDavide.

1UJehova ungumalusi wami,

angiyikuswela.

2Uyangilalisa emadlelweni aluhlaza;

uyangiyisa ngasemanzini okuphumula.

3Ubuyisa umphefumulo wami;

uyangihola ezindleleni zokulunga ngenxa yegama lakhe.

4Noma ngihamba esigodini sethunzi lokufa,

angesabi okubi, ngokuba wena unami,

intonga yakho nodondolo lwakho ziyangiduduza.

5Ulungisa itafula phambi kwami ebusweni bezitha zami;

ugcoba ikhanda lami ngamafutha;

indebe yami iyachichima.

6Impela okuhle nomusa kuyakungilandela

imihla yonke yokuphila kwami;

ngiyakuhlala endlini kaJehova kuze kube phakade.

Ihubo 24

Ukungena kweNkosi yenkazimulo ethempelini layo

ElikaDavide. Ihubo.

1Umhlaba ungokaJehova nokugcwala kwawo,

izwe nabakhileyo kulo.

2Ngokuba yena wawusekela phezu kwezilwandle,

wawumisa phezu kwemifula.

3Ngubani oyakukhuphukela entabeni kaJehova,

ngubani oyakuma endaweni yakhe engcwele na?

4Yilowo onezandla ezingenacala nenhliziyo ehlanzekileyo,

ongaphenduleli umphefumulo wakhe emangeni

nongafungi ngenkohliso.

5Uyakwamukela isibusiso kuJehova

nokulunga kuNkulunkulu wensindiso yakhe.

6Yilesi esiyisizukulwane sabamfunayo;

bona abasinga ubuso bakho bangabantwana bakaJakobe. Sela*

7Phakamisani, masango,

izinhloko zenu;

nani minyango yaphakade,

phakamani ukuba iNkosi yenkazimulo ingene.

8Ingubani le Nkosi yenkazimulo na?

InguJehova onamandla, oyiqhawe,

uJehova oyiqhawe lokulwa.

9Phakamisani, masango,

izinhloko zenu;

nani minyango yaphakade,

phakamani

ukuba iNkosi yenkazimulo ingene.

10Ingubani le Nkosi yenkazimulo na?

UJehova Sebawoti

nguyena oyiNkosi yenkazimulo. Sela*

Ihubo 25

Umkhuleko wocela ukubuswa nguNkulunkulu nokuvikelwa nguye

ElikaDavide.

1Jehova, ngiphakamisela kuwena umphefumulo wami.

2Nkulunkulu wami,

ngiyethemba kuwe;

mawungangijabhisi;

izitha zami mazingethabi ngami.

3Yebo, akuyikujabha noyedwa kwabakulindelayo;

bayakujabha abaphambuka ngeze.

4Ngazise imendo yakho, Jehova;

ngifundise izindlela zakho.

5Ngihambise eqinisweni lakho, ungifundise,

ngokuba wena unguNkulunkulu wensindiso yami;

ngilindela wena usuku lonke.

6Khumbula, Jehova, ububele bakho nomusa wakho,

ngokuba kukhona kwaphakade.

7Ungazikhumbuli izono zobusha bami neziphambeko zami;

ngikhumbule ngokomusa

wakho ngenxa yobubele bakho, Jehova.

8UJehova muhle, ulungile;

ngalokho ufundisa izoni indlela.

9Abathobekileyo ubaholela kokulungileyo,

abathobekileyo ubafundisa indlela yakhe.

10Zonke izindlela zikaJehova zingububele neqiniso

kulabo abagcina isivumelwano sakhe nezifakazelo zakhe.

11Ngenxa yegama lakho, Jehova,

ngithethelele ukona kwami,

ngokuba kukhulu.

12Ngumuphi umuntu omesaba uJehova na?

Nguyena oyakufundiswa nguye indlela ayakuyikhetha.

13Umphefumulo wakhe uzakuhlala ngokwenama,

inzalo yakhe iyakuzuza izwe.

14Ubuhlobo bukaJehova bukubo abamesabayo;

uyakubazisa isivumelwano sakhe.

15Amehlo ami akuye uJehova njalo,

ngokuba nguyena okhipha izinyawo zami enetheni.

16Phendukela kimi, ube nomusa kimi,

ngokuba nginesizungu, ngihluphekile.

17Izinsizi zenhliziyo yami zikhulile;

ngikhiphe ezinhluphekweni zami.

18Bheka ukuhlupheka kwami nosizi lwami,

ungithethelele zonke izono zami.

19Bheka izitha zami, ngokuba ziningi;

ziyangizonda ngenzondo yonya.

20Londoloza umphefumulo wami, ungikhulule;

mawungangijabhisi,

ngokuba ngiphephela kuwe.

21Ukulunga nobuqotho makungilondoloze,

ngokuba ngilindele wena.

22Nkulunkulu, hlenga u-Israyeli

kuzo zonke izinkathazo zakhe.

Ihubo 26

Umkhuleko wohlushwa engenacala

ElikaDavide.

1Ngahlulele, Jehova,

ngokuba ngihamba ekulungeni kwami;

ngithemba uJehova, angiyikuntenga.

2Ngivivinye, Jehova, ungilinge;

hlolisisa izinso zami nenhliziyo yami.

3Ngokuba ububele bakho buphambi kwamehlo ami;

ngihamba eqinisweni lakho.

4Angihlali nabantu bamanga,

angihambelani nezimbulu.

5Ngiyawuzonda umhlangano wabenza okubi,

angihlali nababi.

6Ngiyahlamba izandla zami ngingenacala,

ngizungeza i-altare lakho, Jehova,

7ukuba ngizwakalise izwi lokudumisa,

ngilande ngazo zonke izimangaliso zakho.

8Jehova, ngiyayithanda inkundla yendlu yakho

nendawo lapho kuhlezi khona inkazimulo yakho.

9Ungamukisi umphefumulo wami kanye nezoni

nokuphila kwami kanye nabantu begazi

10abanehlazo ezandleni zabo,

nesokunene sabo sigcwele izipho zenkohliso.

11Kepha mina ngihamba ekulungeni kwami;

ngihlenge, ube nomusa kimi.

12Unyawo lwami lumi ebaleni;

ngizakudumisa uJehova emihlanganweni.

Ihubo 27

Ukujabulela uNkulunkulu nezwi lakhe

ElikaDavide.

1UJehova ungukukhanya kwami nensindiso yami;

ngizakwesaba bani na?

UJehova uyinqaba yokuphila kwami;

ngizakuba novalo ngobani na?

2Ekusondeleni kwababi ukuba badle inyama yami

abamelene nami nezitha zami bayakhubeka, bawe.

3Noma impi imisa ngakimi,

inhliziyo yami ayesabi;

noma ngivukelwa ngukulwa,

nokho nginethemba.

4Kunye engikucele kuJehova,

ngiyakufuna khona:

ukuba ngihlale endlini kaJehova

izinsuku zonke zokuphila kwami

ukubona ubuhle bukaJehova,

ngibuke ithempeli lakhe.

5Ngokuba uyangithukusa edokodweni lakhe

ngosuku lokuhlupheka,

angicashise ekusithekeni kwetende lakhe,

angiphakamisele edwaleni.

6Nakalokhu ikhanda lami lizakuphakama

ngaphezu kwezitha zami ezingihaqileyo;

ngizakunikela iminikelo yokwethaba etendeni lakhe,

ngihlabelele, ngidumise uJehova ngogubhu.

7Yizwa, Jehova, ngikhala ngezwi elikhulu;

yiba nomusa kimi, ungiphendule.

8Kuwena othi: “Funani ubuso bami,”

inhliziyo yami ithi:

“Ubuso bakho, Jehova, ngiyabufuna.”

9Ungafihli ubuso bakho kimi,

ungaxoshi inceku yakho ngokuthukuthela;

wena ulusizo lwami, ungangilahli,

ungangishiyi,

Nkulunkulu wensindiso yami.

10Ngokuba ubaba nomame bangishiyile,

kodwa uJehova uzakungamukela.

11Ngifundise indlela yakho, Jehova,

ungihole endleleni ekhanyayo

ngenxa yezitha zami.

12Unganginikeli entandweni yezitha zami;

ngokuba ofakazi bamanga bangivukele kanye nabafutha

ukudlozomela.

13Yeka, uma bengingathembanga ukubona

okuhle kukaJehova ezweni labaphilayo!

14Lindela uJehova, uqine,

inhliziyo yakho ime isibindi;

yebo, lindela uJehova.

Ihubo 28

Umkhuleko wocela ukusizwa esandleni sababi

ElikaDavide.

1Ngikhala kuwe Jehova;

Dwala lami, ungabi yisithulu kimi,

funa kuthi, uma uthula kimi,

ngifane nabashona emgodini.

2Yizwa izwi lokunxusa kwami,

nxa ngikhala kuwe,

ngiphakamisela izandla zami endaweni yakho engcwelengcwele.

3Ungangimukisi kanye nababi nabenza okubi

abakhuluma ukuthula nabakhelwane babo,

kanti kukhona okubi ezinhliziyweni zabo.

4Banike njengokwenza kwabo nanjengobubi bemisebenzi yabo;

banike njengokwenza kwezandla zabo,

baphindisele abakwenzileyo.

5Ngokuba abayinaki imisebenzi kaJehova

nokwenza kwezandla zakhe;

uyakubadiliza, angabakhi.

6Makabongwe uJehova,

ngokuba ulizwile izwi lokunxusa kwami.

7UJehova ungamandla ami nesihlangu sami;

inhliziyo yami ithembe kuye, ngasizwa;

ngakho-ke inhliziyo yami iyethaba;

ngizakumdumisa ngesihlabelelo sami.

8UJehova ungamandla abantu bakhe;

uyinqaba yensindiso yogcotshiweyo wakhe.

9Sindisa abantu bakho,

ubusise ifa lakho,

ubaluse,

ubathwale kuze kube phakade.

Ihubo 22:1-28:9ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli
Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU