Bible Society of South Africa

Bible Reading Plan – Day 103

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

Ihubo 18

Ukumbonga uNkulunkulu ngezibusiso zakhe

Kumholi wokuhlabelela. ElikaDavide, inceku kaJehova, owakhuluma amazwi aleli hubo kuJehova mhla uJehova emsindisile esandleni sezitha zakhe zonke nasesandleni sikaSawule. Wathi:

1Ngiyakuthanda, Jehova,

mandla ami.

2Jehova uyidwala lami, nenqaba yami, nomkhululi wami;

uNkulunkulu wami uyidwala lami engiphephela kulo,

nesihlangu sami,

nophondo lokusindiswa kwami,

inqaba yami ephakemeyo.

3Ngiyamemeza kuJehova odumisekayo,

ngisindiswe ezitheni zami.

4Izintambo zokufa zangizungelezela,

izikhukhula zokona zangethusa.

5Izintambo zasendaweni yabafileyo zangizungeza,

izihibe zokufa zangehlela.

6Ekuhluphekeni kwami ngambiza uJehova,

ngakhala kuNkulunkulu wami;

walizwa izwi lami esethempelini lakhe;

ukukhala kwami phambi kwakhe kwangena ezindlebeni zakhe.

7Umhlaba wawusuzamazama, wadikizela;

izisekelo zezintaba zathuthumela,

zagubhuzela ngokuba ethukuthele.

8Kwenyuka umusi emakhaleni akhe,

nomlilo odlayo emlonyeni wakhe;

amalahle avutha kuye.

9Wathobisa izulu, wehla;

ubumnyama babuphansi kwezinyawo zakhe.

10Wakhwela phezu kwekherubi,* wandiza;

washweza ngamaphiko omoya.

11Ubumnyama wabenza isisibekelo,

idokodo lakhe elimphahlayo;

amanzi amnyama, amafu anzima.

12Ekukhazimuleni okuphambi kwakhe

amafu akhe abanga phambili,

isichotho namalahle avuthayo.

13UJehova waduma ezulwini;

oPhezukonke walizwakalisa izwi lakhe:

isichotho namalahle avuthayo.

14Wathuma imicibisholo yakhe, wabangquzula,

nemibani eminingi, wabadidizelisa.

15Kwase kubonakala imisinga yamanzi;

izisekelo zomhlaba zambulwa ngesijeziso sakho, Jehova,

ngokufutha komoya wamakhala akho.

16Waselula isandla sakhe ephezulu, wangibamba;

wangikhipha emanzini amaningi.

17Wangophula esitheni sami esinamandla

nakubo abangizondayo,

ngokuba base bengahlulile.

18Bangihlasela ngosuku lwesigemegeme sami,

kepha uJehova waba yinsika yami.

19Wangiphumisela endaweni ebanzi;

wangikhulula, ngokuba ebethokoza ngami.

20UJehova wangivuza ngokokulunga kwami;

wangibuyisela njengokuhlanzeka kwezandla zami.

21Ngokuba ngizigcinile izindlela zikaJehova,

angimukanga kuNkulunkulu wami ngokushinga.

22Ngokuba yonke imithetho yakhe yayiphambi kwami,

nezimiso zakhe angivumanga ukuba zisuke kimi.

23Ngangiphelele kuye;

ngabuxwaya ububi.

24UJehova wayesebuyisela kimi njengokulunga kwami,

njengokuhlanzeka kwezandla zami phambi kwamehlo akhe.

25Kothembekileyo uyazibonakalisa uthembekile;

kumuntu oqotho uzibonakalisa uqotho;

26kohlanzekileyo uyazibonakalisa uhlanzekile;

koyisigwegwe uyazibonakalisa unenkani.

27Ngokuba wena uyabasindisa abantu abathobekileyo,

kepha amehlo abaqhoshileyo uyawathobisa.

28Ngokuba wena uyokhela isibani sami;

uJehova uNkulunkulu wami uyakhanyisa ubumnyama bami.

29Ngokuba ngawe ngingahlasela impi;

ngoNkulunkulu wami ngingeqa ugange.

30Indlela kaNkulunkulu iphelele;

izwi likaJehova lihlanzekile;

yena uyisihlangu kubo bonke abaphephela kuye.

31Ngokuba ngubani onguNkulunkulu ngaphandle kukaJehova,

ngubani oyidwala ngaphandle kukaNkulunkulu wethu na?

32uNkulunkulu ongibhincisa amandla,

owenza indlela yami ilunge;

33owenza izinyawo zami zibe njengezendluzelekazi,

angimise emagqumeni ami;

34ofundisa izandla zami ukulwa,

ukuze izingalo zami zinsale umnsalo wethusi.

35Wena unginikile isihlangu sensindiso yakho,

isandla sakho sokunene singisekele,

nobumnene bakho bungikhulisile.

36Amabanga okunyathela kwami uwandisile;

amaqakala ami awaxegi.

37Ngazixosha izitha zami, ngazifica;

angibuyanga ngingakaziqedi.

38Ngaziphahlaza, zaze zahluleka ukuvuka;

zawa phansi kwezinyawo zami.

39Wangibhincisa amandla okulwa;

ababengivukele wabathobisa phansi kwami.

40Wangifulathelisela izitha zami,

nabangizondayo ngabaqothula.

41Bakhala, kepha akubangakho osindisayo,

nakuJehova, kodwa akaze aphendula.

42Ngabacolisisa njengothuli emoyeni;

ngabalahla njengensila ezitaladini.

43Wangikhulula ezimpini zabantu;

wangimisa ngaba yinhloko yabezizwe;

abantu engingabaziyo bangikhonza.

44Banele ukungizwa nje ngendlebe,

base bengilalela;

abafo bazithoba phansi kwami.

45Abafo babuna,

baphuma ezinqabeni zabo bethuthumele.

46UJehova usekhona,

malidunyiswe iDwala lami;

makaphakanyiswe uNkulunkulu wensindiso yami,

47uNkulunkulu onginikile impindiselo,

wathobisa izizwe phansi kwami;

48ongikhululile ezitheni zami,

yebo, ongiphakamisile phezu kwabangivukelayo,

wangikhulula kumuntu oyisidlwangudlwangu.

49Ngalokho-ke ngizakukubonga phakathi kwabezizwe, Jehova,

ngilihubele igama lakho.

50Uyenza insindiso ibe nkulu enkosini yakhe;

uyenza umusa kogcotshiweyo wakhe uDavide

nasenzalweni yakhe kuze kube phakade.

Ihubo 19

Ukuzibonakalisa kukaNkulunkulu ngokudala nangezwi lakhe

Kumholi wokuhlabelela. Ihubo likaDavide.

1Amazulu ayalanda ngenkazimulo kaJehova,

nomkhathi ushumayela umsebenzi wezandla zakhe.

2Usuku luyalandisa usuku inkulumo,

nobusuku bushumayeza ubusuku ukwazi.

3Akukho ukukhuluma,

awakho amazwi,

lapho izwi lingezwakali khona.

4Isilinganiso sawo siphumele emhlabeni wonke

namazwi awo emkhawulweni womhlaba.

Ulimisele ilanga itende kulo.

5Lona linjengomyeni ephuma ekamelweni lakhe;

lijabulisa okweqhawe ukugijima endleleni yalo.

6Ukuphuma kwalo kusemkhawulweni wezulu;

ukuzungeza kwalo kuya ekugcineni kwalo;

akukho okufihlelwe ukushisa kwalo.

7Umthetho kaJehova uphelele,

uvusa umphefumulo;

ukufakaza kukaJehova kuqinisile,

kuhlakaniphisa oyisiwula.

8Imiyalo kaJehova ilungile,

ijabulisa inhliziyo;

umyalezo kaJehova uhlanzekile,

ukhanyisa amehlo.

9Ukumesaba uJehova kuhlanzekile,

kumi kuze kube phakade;

imithetho kaJehova iyiqiniso,

ilungile yonke.

10Inxanelekile kunegolide,

kunegolide elihlanzekileyo eliningi;

imnandi kunezinyosi,

kunoju lwamakhekheba.

11Nenceku yakho iyayalwa ngayo;

oyigcinayo uyakuba nomvuzo omkhulu.

12Ngubani owazi iziphosiso zakhe na?

Ngithethelele kwezisithekileyo.

13Yilonde inceku yakho nasezonweni ezihlazisayo;

mazingabusi phezu kwami.

Yikhona ngiyakube ngiphelele,

ngingabe ngisaba necala eziphambekweni ezinkulu.

14Amazwi omlomo wami nokuzindla kwenhliziyo yami

makuthandeke ebusweni bakho, Jehova,

dwala lami nomhlengi wami.

Ihubo 20

Abakwa-Israyeli bakhulekela inkosi yabo

Kumholi wokuhlabelela. Ihubo likaDavide.

1UJehova makakuphendule ngosuku lokuhlupheka;

igama likaNkulunkulu kaJakobe malikuvikele.

2Makakuthumele usizo lwasendlini engcwele,

akusekele ngamandla aseSiyoni.

3Makakhumbule yonke iminikelo yakho yokudliwa,

awamukele umnikelo wakho wokushiswa. Sela*

4Makakunike njengokwenhliziyo yakho,

afeze icebo lakho lonke.

5Siyahalalisa ngensindiso yakho,

siphakamise ibhandela* egameni likaNkulunkulu wethu;

uJehova makagcwalise zonke izicelo zakho.

6Kalokhu ngiyazi ukuthi uJehova uyamsindisa ogcotshiweyo wakhe:

esezulwini lakhe elingcwele uyamphendula

ngamandla okusindisa esandla sakhe sokunene.

7Abanye izinqola, abanye amahhashi,

kepha thina sibonga igama likaJehova uNkulunkulu wethu.

8Bayathoba, bawe;

kepha thina siyavuka, sime.

9Sindisa, Jehova!

INkosi mayisiphendule ngosuku lokukhala kwethu.

Ihubo 21

Abakwa-Israyeli bambonga uNkulunkulu ngokusinda kwenkosi yabo

Kumholi wokuhlabelela. Ihubo likaDavide.

1Jehova, inkosi iyajabula ngamandla akho;

iyethaba kangakanani ngensindiso yakho.

2Uyinikile njengokwenhliziyo yayo,

nesicelo sezindebe zayo awusinqabanga. Sela*

3Ngokuba wayihlangabeza ngezibusiso zokuhle;

wafaka umqhele wegolide elihle ekhanda layo.

4Yacela ukuphila kuwe,

wayinika khona,

izinsuku ezinde kuze kube phakade naphakade.

5Inkulu inkazimulo yayo ngenxa yensindiso yakho;

udumo nobukhosi ukubeka phezu kwayo.

6Ngokuba uyibeka ukuba ibe yisibusiso kuze kube phakade;

uyithokozisa ngenjabulo ebusweni bakho.

7Ngokuba inkosi iyethemba uJehova,

nangenxa yesihawu soPhezukonke ayiyikuzanyazanyiswa.

8Isandla sakho siyakufumana zonke izitha zakho;

esokunene sakho siyakubafumana abakuzondayo.

9Uyakubenza babe njengesithando somlilo,

nxa ubonakalisa ubuso bakho;

uJehova uyakubagwinya ngentukuthelo yakhe,

umlilo uyakubaqeda.

10Isithelo sabo uyakusichitha emhlabeni

kanye nenzalo yabo phakathi kwabantwana babantu.

11Ngokuba babehlosa okubi,

baceba icebo;

kepha bayahluleka.

12Ngokuba uyakubafulathelisa;

ngosinga lomnsalo wakho uyakukhomba ebusweni babo.

13Mawuphakame, Jehova,

emandleni akho;

thina siyakuhlabelela, sidumise amandla akho.

Ihubo 18:1-21:13ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli
Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU