Bible Society of South Africa

Bible Reading Plan – Day 102

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

Ihubo 9

Ukwahlulela kukaNkulunkulu

Kumholi wokuhlabelela. Indlela: Ukufa kwendodana. Ihubo likaDavide.

1Ngiyakumbonga uJehova ngayo yonke inhliziyo yami;

ngiyakulanda zonke izimangaliso zakho.

2Ngiyakujabula, ngethabe kuwe;

ngiyakudumisa igama lakho wena oPhezukonke,

3ngokuba izitha zami zibuyela emuva,

ziwa, zibhubha ebusweni bakho,

4ngokuba ulimelele ilungelo lami nendaba yami,

uhlezi esihlalweni sobukhosi, ungumahluleli olungileyo.

5Ujezisile abezizwe, wabhubhisa ababi;

igama labo ulesulile kuze kube phakade naphakade.

6Izitha ziphelile, zachitheka kuze kube phakade;

imizi wayisimbula,

ukukhunjulwa kwayo kwaphela nya.

7UJehova uyabusa kuze kube phakade;

isihlalo sakhe sobukhosi usimisela ukwahlulela;

8umhlaba uyakuwahlulela ngokulunga,

athethe amacala ezizwe ngobuqotho.

9UJehova uyinqaba yocindezelweyo,

uyinqaba ezikhathini zokuhlupheka.

10Nabalaziyo igama lakho bayakwethemba wena;

ngokuba wena Jehova awubashiyi abakufunayo.

11Hubani nimdumise uJehova ohlezi eSiyoni;

memezelani ezizweni izenzo zakhe ezinkulu.

12Ngokuba yena ophindisela igazi uyabakhumbula abahluphekayo;

akakhohlwa ukukhala kwabo.

13Yiba nomusa kimi, Jehova;

kubone engihlupheka ngakho ngabangizondayo

wena ongiphakamisa emasangweni okufa,

14ukuze ngilande ngalo lonke udumo lwakho,

ngethabe ngokusindisa kwakho

emasangweni endodakazi yaseSiyoni.

15Abezizwe bashone phansi egebeni abalenzileyo;

unyawo lwabo lubhajwe esihibeni abasifihlileyo.

16UJehova uzazisile, wahlulela;

umcuphile omubi emsebenzini wezandla zakhe. Higayoni.* Sela*

17Ababi bayakubuyela endaweni yabafileyo,

bonke abezizwe abakhohlwa uNkulunkulu.

18Ngokuba ompofu kayikukhohlakala njalo;

ithemba labahluphekayo aliyikunyamalala kuze kube phakade.

19Vuka, Jehova!

Mawungavumi ukuba abantu bahlule;

abezizwe mabahlulelwe ebusweni bakho.

20Mabashaywe luvalo, Jehova;

abezizwe mabazazi ukuthi bangabantu nje. Sela*

Ihubo 10

Ukuchithwa kwababi

1Jehova, umeleni kude na?

Uzifihlelani ubuso ezikhathini zokuhlupheka na?

2Ngokuqhosha komubi ompofu uyahlupheka;

mababanjwe ngamacebo abawacebileyo.

3Ngokuba omubi uyazigabisa ngokufisa komphefumulo wakhe,

nohulazayo uyamvalelisa,

amdelele uJehova.

4Omubi ngokuzikhukhumeza kobuso bakhe uthi:

“Akanaki lutho;

akakho uNkulunkulu,”

injalo imicabango yakhe yonke.

5Izindlela zakhe zithembekile izikhathi zonke;

izahlulelo zakho ziphakeme kakhulu kunokubona kwakhe;

zonke izitha zakhe uyazidelela.

6Uthi enhliziyweni yakhe: “Angiyikuzanyazanyiswa;

izizukulwane nezizukulwane angisoze ngehlelwa ngozi.”

7Umlomo wakhe ugcwele isiqalekiso nenkohliso nobudlova;

ngaphansi kolimi lwakhe kukhona ukwelelesa nokonakala.

8Uhlezi ezindaweni zokuqamekela zemizi;

ezindaweni ezisithekileyo uyambulala ongenacala;

amehlo akhe ayamhlwaya othithibeleyo.

9Endaweni esithekileyo uqamekela njengengonyama emphandwini wayo;

uhlomele ukumbamba ohluphekileyo;

uyambamba ohluphekileyo ngokumngenisa esihibeni sakhe.

10Uyanyonyoba, uyakhothama,

abathithibeleyo bawe ngamazipho akhe.

11Uthi enhliziyweni yakhe:

“UNkulunkulu ukhohliwe,

ubusithezile ubuso bakhe;

akasoze wakubona nanini.”

12Vuka, Jehova!

Nkulunkulu, phakamisa isandla sakho,

ungakhohlwa abahluphekileyo.

13Kungani ukuba omubi adelele uNkulunkulu,

athi enhliziyweni yakhe: “Awuyikukunaka,” na?

14Ubonile wena;

ngokuba ukukhathazeka nokuhlupheka uyakubona wena

ukuze ukubeke esandleni sakho;

othithibeleyo uyazinikela kuwe;

wena ungumsizi wentandane.

15Yaphula ingalo yomubi;

buphenyisise ububi besoni,

ukuze ungabe usabufumana.

16UJehova uyinkosi kuze kube phakade naphakade;

abezizwe bayachithwa emhlabeni wakhe.

17Jehova, uyakuzwa ukulangazela kwabamnene;

uyaqinisa inhliziyo yabo,

indlebe yakho uyibeka kubo

18ukuba wahlulele intandane nocindezelweyo,

ukuze umuntu wasemhlabeni angabe esabanga uvalo.

Ihubo 11

UJehova uyisiphephelo nomvikeli

Kumholi wokuhlabelela. Ihubo likaDavide.

1Ngiyaphephela kuJehova;

nisho kanjani kuwo umphefumulo wami ukuthi:

“Balekela entabeni yenu njengenyoni, na?

2Ngokuba bhekani,

ababi bawunsala umnsalo wabo,

babeka imicibisholo yabo entanjeni

ukuba bacibishele ebumnyameni abaqotho ngenhliziyo.

3Nxa izisekelo zidilizwa,

olungileyo angenzani na?”

4UJehova usethempelini lakhe elingcwele,

uJehova, isihlalo sakhe sobukhosi sisezulwini;

amehlo akhe ayabuka,

izinkophe zakhe ziyahlola abantwana babantu.

5UJehova uyamhlola olungileyo;

kepha omubi nothanda ubudlwangudlwangu

umphefumulo wakhe uyamzonda.

6Unisa izihibe phezu kwababi;

umlilo nesibabule nomoya oshisayo

kuyisabelo sendebe yabo.

7Ngokuba uJehova ulungile,

uyathanda ukulunga;

oqotho uyakubheka ubuso bakhe.

Ihubo 12

UJehova ungumsizi wabamelana namashayakhothe

Kumholi wokuhlabelela. NgeSheminiti.* Ihubo likaDavide.

1Siza, Jehova,

ngokuba owesaba uNkulunkulu akasekho,

ngokuba banyamalele abathembekileyo kubantwana babantu.

2Bakhuluma amanga,

kwaba yilowo nalowo kumakhelwane wakhe;

ngezindebe ezithophayo bakhuluma nganhliziyombili.

3UJehova uyakunquma zonke izindebe ezithophayo,

ulimi olukhuluma amazwi amakhulu,

4abathi: “Siyakunqoba ngolimi lwethu;

izindebe zethu zinathi;

ngubani oyinkosi phezu kwethu na?”

5“Ngenxa yokubandezeka kwabahluphekileyo

nangokububula kwabampofu

ngizakuvuka kalokhu,” usho uJehova,

“ngimbeke ekusindisweni akulangazelelayo.”

6Amazwi kaJehova angamazwi ahlanzekileyo,

anjengesiliva elihlanjululwe esithandweni emhlabathini,

lihlanjululwe kasikhombisa.

7Wena Jehova uyakubagcina,

ubavikele kulesi sizukulwane kuze kube phakade.

8Abangamesabi uNkulunkulu bayashanguza nxazonke,

lapho amanyala ephakeme kubantwana babantu.

Ihubo 13

Umkhuleko wocela ukusizwa ekuhluphekeni

Kumholi wokuhlabelela. Ihubo likaDavide.

1Koze kube nini, Jehova,

ungikhohlwa njalonjalo na?

Koze kube nini

usitheza ubuso bakho kimi na?

2Koze kube nini

ngikhathazeka emphefumulweni wami,

nginosizi enhliziyweni yami usuku lonke, na?

Koze kube nini

isitha sami siziphakamisa phezu kwami na?

3Bheka neno, ungiphendule,

Jehova Nkulunkulu wami;

khanyisa amehlo ami,

ngize ngingalali ubuthongo bokufa,

4ukuze isitha sami singasho ukuthi: “Ngimahlulile,”

funa abamelene nami bethabe lapha ngintengayo.

5Kepha ngiwuthembile umusa wakho;

inhliziyo yami izakwethaba ngensindiso yakho;

6ngizakuhlabelela kuJehova,

ngokuba ungenzele okuhle.

Ihubo 14

Ubuwula nobubi babantu

Kumholi wokuhlabelela. ElikaDavide.

1Isiwula sithi enhliziyweni yaso:

“Akakho uNkulunkulu.”

Yonakele, iyanengeka imisebenzi yabo;

akakho owenza okuhle.

2UJehova uyabuka esezulwini abantwana babantu

ukucinga ukuba ukhona yini oqondayo,

ofuna uNkulunkulu.

3Baphambukile bonke,

bonakele bonke;

akakho owenza okuhle,

akakho noyedwa.

4Abaqondi lutho yini bonke abenza okubi,

abadla abantu bami,

njengokuba bedla isinkwa,

bangakhuleki kuJehova, na?

5Khona besaba nokwesaba,

ngokuba uNkulunkulu ukuso isizukulwane sabalungileyo.

6Icebo lohluphekileyo niyalijabhisa,

kepha uJehova uyisiphephelo sakhe.

7Sengathi ukusindiswa kuka-Israyeli kungavela eSiyoni.

Mhla uJehova ebuyisa ukuthunjwa kwabantu bakhe

uJakobe uyakwethaba,

u-Israyeli ajabule.

Ihubo 15

Isimo songokaNkulunkulu

1Jehova, ngubani oyakuhlala etendeni lakho na?

Ngubani oyakwakha entabeni yakho engcwele na?

2Yilowo ohamba ngobuqotho nowenza ukulunga,

okhuluma iqiniso enhliziyweni yakhe,

3ongahlebi ngolimi lwakhe,

ongamoni umngane wakhe,

nongamhlazi umakhelwane wakhe;

4obuka onengekayo ngokuzakumenyanya,

kepha ebazisa abamesabayo uNkulunkulu;

ofunga ngokuzakumlimaza,

nokho angalaphuli izwi lakhe;

5ongatsheleki muntu imali yakhe ukuba izale,

nongamukeli umvuzo ngongenacala;

owenza lokhu akayikuzanyazanyiswa naphakade.

Ihubo 16

Umkhuleko wongcwele kaNkulunkulu

IMiktamu* likaDavide.

1Ngilondoloze, Nkulunkulu,

ngokuba ngiyaphephela kuwe.

2Ngithi kuJehova: “Wena uyiNkosi yami;

anginakho okuhle ngaphandle kwakho.”

3Abangcwele abasemhlabeni,

abayizikhulu, yonke intokozo yami ikubona.

4Ziningi izinhlupheko zabazizuzela omunye unkulunkulu;

angiyikunikela ngeminikelo yabo yegazi;

angiyikuwaphatha amagama abo ngezindebe zami.

5UJehova uyisabelo esahlukaniselwe mina,

nendebe yami;

wena uqinisa ifa lami.

6Izabelo zingehlele ezindaweni ezinhle,

yebo, nginalo ifa elihle.

7Ngiyakumbonga uJehova ongilulekayo;

nasebusuku izinso zami ziyangiyala.

8Ngimbeke uJehova njalo phambi kwami,

ngokuba ungakwesokunene sami,

angiyikuzanyazanyiswa.

9Ngakho-ke inhliziyo yami iyajabula,

nomphefumulo wami uyethaba,

nenyama yami iyakuhlala ngokwethemba.

10Ngokuba awuyikunikela umphefumulo wami endaweni yabafileyo;

awuyikuvuma ukuba ongcwele wakho abone ukubola.

11Uyakungazisa indlela yokuphila;

ukugcwala kwenjabulo kusebusweni bakho;

intokozo isesandleni sakho sokunene kuze kube phakade.

Ihubo 17

Ithemba lozingelwayo engenacala

Umkhuleko kaDavide.

1Yizwa ukulunga, Jehova,

ulalele ukukhala kwami,

ubeke indlebe emkhulekweni wami

ophuma ezindebeni ezingenankohliso.

2Ukwahlulelwa kwami makuvele ebusweni bakho;

amehlo akho mawabheke okulungileyo.

3Uyalinga inhliziyo yami;

ungihambele ebusuku,

uyangihlolisisa, awufumani lutho;

ngiyahlosa ukuba umlomo wami ungaphambuki.

4Emisebenzini yabantu ngiyazilinda,

ezindleleni zezidlova ngezwi lezindebe zakho.

5Izinyathelo zami zinamathela ezinyaweni zakho,

izinyawo zami azisheleli.

6Ngikhala kuwe, ngokuba uyangizwa, Nkulunkulu;

beka indlebe yakho kimi,

uzwe izwi lami.

7Bonakalisa isihe sakho esimangalisayo

wena osindisa ngesandla sakho sokunene

labo abaphephela kuwe kwababahlaselayo.

8Ngigcine njengenhlamvu yeso,

ungisithe ethunzini lamaphiko akho

9kubo ababi abangilimazayo,

kuzo izitha zokuphila kwami ezingihaqileyo.

10Bavalelwe ngamanoni abo,

bakhuluma ngokuzidla ngomlomo wabo.

11Noma siyaphi, bayangizungeza;

amehlo abo bawabhekisa kukho ukungiwisa phansi emhlabathini.

12Unjengengonyama ehahela ukubamba,

njengebhongo lengonyama elilele ezindaweni ezisithekileyo.

13Vuka, Jehova, umhlangabeze, umwise phansi;

sindisa umphefumulo wami komubi ngenkemba yakho,

14nakubantu ngesandla sakho, Jehova,

abantu baleli zwe abasabelo sabo sikulokhu kuphila,

nabasisu sabo usigcwalisa ngengcebo yakho,

nabashiyela izingane zabo okusele kubo.

15Kepha mina ngiyakubuka ubuso bakho ekulungeni,

ngisuthe ngesimo sakho ekuvukeni kwami.

Ihubo 9:1-17:15ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli
Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU