Bible Society of South Africa

Bible Reading Plan – Day 101

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

Ihubo 1

Amahubo 1 – 41

Indlela yabalungileyo nendlela yababi

1Ubusisiwe umuntu ongahambi ngeziluleko zababi,

ongemi endleleni yezoni,

ongahlali enkundleni yabaklolodayo,

2kepha okuthokoza kwakhe kusemthethweni kaJehova,

ozindla ngomthetho wakhe imini nobusuku.

3Unjengomuthi otshaliwe ngasemifuleni yamanzi,

othela isithelo sawo ngesikhathi sawo,

oqabunga lawo lingabuni,

nakho konke akwenzayo uyakuba nenhlanhla kukho.

4Ababi abanjalo,

kepha banjengamakhoba aphephethwa ngumoya.

5Ngalokho ababi abayikuma ekwahlulelweni,

nezoni ebandleni labalungileyo.

6Ngokuba uJehova uyayazi indlela yabalungileyo,

kodwa indlela yababi yobhubha.

Ihubo 2

Ogcotshiweyo kaJehova

1Kungani ukuba abezizwe baxokozele,

nabantu bazindle ngokuyize na?

2Amakhosi omhlaba ayazihlanganisa,

nababusi baceba icebo

ngoJehova nangogcotshiweyo wakhe ngokuthi:

3“Masigqabule izibopho zabo,

silahle izintambo zabo, zisuke kithina.”

4Yena ohlezi ezulwini uyahleka,

iNkosi iyabadelela.

5Ibisikhuluma kubo ngentukuthelo yayo,

ibethuse ngolaka lwayo, ithi:

6“Nokho ngibekile iNkosi yami eSiyoni,

intaba yami engcwele.”

7Ngizakulanda ngesinqumo:

uJehova wathi kimi:

“Uyindodana yami wena;

namuhla ngikuzele.

8Cela kimi,

ngikunike abezizwe babe yifa lakho,

nemikhawulo yomhlaba ibe yimfuyo yakho.

9Uzakubaphula ngentonga yensimbi,

ubaphahlaze njengesitsha sombumbi.”

10Ngakho hlakaniphani nina makhosi;

yalekani nina bahluleli bomhlaba.

11Mkhonzeni uJehova ngokwesaba, nethabe ngokuthuthumela.

12Yangeni indodana,

ingaze ithukuthele,

nibhubhe endleleni,

ngokuba ulaka lwayo luyakuvutha masinyane.

Babusisiwe bonke abaphephela kuyo.

Ihubo 3

Ukukhala kohlushiweyo

Ihubo likaDavide ebalekela u-Abisalomu indodana yakhe.

1Hhawu, Jehova, ziningi izitha zami.

Baningi abangivukelayo.

2Baningi abathi emphefumulweni wami:

“Akukho ukusinda kwakhe kuNkulunkulu.” Sela*

3Kepha wena Jehova uyisihlangu kimi,

uludumo lwami nophakamisa ikhanda lami.

4Ngezwi lami ngiyakhala kuJehova;

yena uyangiphendula esentabeni yakhe engcwele. Sela*

5Ngalala phansi, ngazunywa ngubuthongo;

ngavuka, ngokuba uJehova ungiphasile.

6Angesabi amashumi ezinkulungwane zabantu

abangihaqile nxazonke.

7Vuka, Jehova,

ungisindise, Nkulunkulu wami,

ngokuba zonke izitha zami uzishayile emhlathini,

amazinyo ababi uwaphulile.

8Insindiso ingekaJehova;

isibusiso sakho masibe kubantu bakho. Sela*

Ihubo 4

Umkhuleko womethemba uNkulunkulu

Kumholi wokuhlabelela. Ngogubhu. Ihubo likaDavide.

1Ngiphendule ekukhaleni kwami,

Nkulunkulu wokulunga kwami.

Ekucindezelweni wangenzela indawo;

yiba nomusa kimi, uzwe umkhuleko wami.

2Madodana abantu,

koze kube nini ubukhosi bami budunyazwa na?

Koze kube nini nithanda okuyize,

nifuna amanga, na? Sela*

3Yazini ukuthi uJehova uzahlukanisele omesabayo;

uJehova uyezwa lapha ngikhala kuye.

4Thukuthelani ningoni;

zindlani enhliziyweni yenu okhukhweni lwenu,

nithule. Sela*

5Nikelani iminikelo yokulunga,

nethembe uJehova.

6Baningi abathi:

“Ngubani oyakusibonisa okuhle na?”

Jehova, phakamisa ukukhanya kobuso bakho phezu kwethu.

7Ubeke injabulo enhliziyweni yami

edlula eyamabele abo newayini labo sekuvamile.

8Ngizakucambalala ngokuthula,

ngilale ubuthongo,

ngokuba wena Jehova wedwa ungihlalisa ngokulondeka.

Ihubo 5

Umkhuleko wocela ukuvikelwa kwababi

Kumholi wokuhlabelela. NgeNehiloti.* Ihubo likaDavide.

1Yizwa amazwi ami, Jehova,

uqaphele ukuzindla kwami.

2Yizwa izwi lokukhala kwami,

Nkosi yami, Nkulunkulu wami,

ngokuba ngithandaza kuwe.

3Jehova, ekuseni uyalizwa izwi lami;

ekuseni ngiyakuzibika kuwe, ngilinde.

4Ngokuba wena awusiye uNkulunkulu othanda okubi;

omubi akanakuhlala kuwe.

5Abazidlayo abayikuma phambi kwamehlo akho;

uyabazonda bonke abenza okubi.

6Uyabhubhisa abakhuluma amanga;

uJehova uyamenyanya umuntu wegazi nowenkohliso.

7Kepha mina ngiyakungena endlini yakho

ngobuningi bomusa wakho,

ngikhothame ngokukuhlonipha,

ngibhekene nendawo yakho engcwele.

8Jehova, ngihole ngokulunga kwakho

ngenxa yezitha zami,

ulungise indlela yakho phambi kobuso bami.

9Ngokuba alikho iqiniso emlonyeni wabo;

izibilini zabo zingukonakala:

umphimbo wabo uyithuna elivulekileyo;

bayathopha ngolimi lwabo.

10Balahle ngecala, Nkulunkulu.

Mabawe ngenxa yamacebo abo,

ubawise ngobuningi beziphambeko zabo,

ngokuba bahlubukile kuwe.

11Kepha mabajabule bonke abathemba kuwe,

bahalalise kuze kube phakade,

abathanda igama lakho bethabela kuwe.

12Ngokuba wena Jehova uyambusisa olungileyo;

umphahla ngomusa njengesihlangu.

Ihubo 6

Umkhuleko wocela umusa ngesikhathi sokuhlupheka

Kumholi wokuhlabelela. Ngogubhu. NgeSheminti.* Ihubo likaDavide.

1Jehova, ungangijezisi ngentukuthelo yakho,

ungangishayi ngolaka lwakho.

2Yiba nomusa kimi, Jehova,

ngokuba ngidangele;

ngiphilise, Jehova, ngokuba amathambo ami ayathuthumela,

3nomphefumulo wami uyathuthumela,

kepha wena Jehova,

koze kube nini na?

4Buya, Jehova, ukhulule umphefumulo wami,

ungisindise ngenxa yesihawu sakho.

5Ngokuba akukho ukukhumbula wena ekufeni;

ngubani oyakukubonga endaweni yabafileyo na?

6Ngikhathele ukububula kwami;

ngimanzisa icansi lami njalo ebusuku,

ngimanzisa ukhukho lwami ngezinyembezi zami.

7Iso lami liyafiphala ngokudabuka;

liyaguga ngenxa yezitha zami zonke.

8Dedani kimi nina nonke enenza okubi,

ngokuba uJehova ulizwile izwi lokukhala kwami;

9uJehova uzwile ukunxusa kwami,

uJehova uyamukela umkhuleko wami.

10Zonke izitha zami ziyakujabha,

zishaywe luvalo;

ziyakuhlehla, zijabhe ngokuphazima kweso.

Ihubo 7

Ukunxusa uJehova ukuba avikele abazingelwayo

IShigayoni* likaDavide alihubela uJehova ngenxa yamazwi kaKushe wakwaBenjamini.

1Jehova, Nkulunkulu wami,

ngiyaphephela kuwe;

2ngisindise kubo bonke abangizingelayo,

ungikhulule,

bangaze bawudwengule umphefumulo wami njengengonyama

eklebhula, kungekho okhululayo.

3Jehova Nkulunkulu wami,

uma ngikwenzile lokho,

uma kukhona okubi ezandleni zami,

4uma ngiphindise okubi kohlalisene nami ngokuthula,

ngaphanga isitha sami kungekho sici,

5isitha masiwuzingele umphefumulo wami, siwufice,

sikunyathele phansi ukuphila kwami,

nesithunzi sami sisilahle phansi othulini. Sela*

6Sukuma, Jehova, ngentukuthelo yakho,

uvuke ngenxa yolaka lwezitha zami, ungimele;

ngokuba uyalezile ukwahlulela.

7Umhlangano wezizwe mawukuphahle,

ubuyele phezulu ngaphezu kwawo.

8UJehova uyahlulela izizwe;

ngahlulele, Jehova,

ngokulunga kwami nangobuqotho bami obukimi.

9Makuphele ukonakala kwababi,

kepha olungileyo mawumqinise.

Nguwe phela ohlola izinhliziyo nezinso,

Nkulunkulu olungileyo.

10Isihlangu sami sikuNkulunkulu

osindisa abaqotho ngenhliziyo.

11UNkulunkulu ungumahluleli olungileyo;

unguNkulunkulu othukuthela imihla yonke.

12Uma umuntu engaphenduki,

uyakulola inkemba yakhe,

ansale umnsalo wakhe, awulungisele,

13izikhali zokubulala azibhekisele kuye;

imicibisholo uyenza ishise.

14Unemihelo ngobubi;

ukhulelwe ngukona, uzala amanga.

15Umgodi uwumba, uwugubha,

kepha ukhalakathela egebeni alenzileyo.

16Ukwelelesa kwakhe kubuyela ekhanda lakhe;

ubudlwangudlwangu bakhe behlela okhakhayini lwakhe.

17Ngizakumbonga uJehova ngokokulunga kwakhe,

ngihubele igama likaJehova oPhezukonke.

Ihubo 8

Indodana yomuntu nenkazimulo yayo

Kumholi wokuhlabelela. NgeGititi.* Ihubo likaDavide.

1Jehova Nkosi yethu,

igama lakho liyababazeka kangaka emhlabeni wonke!

wena owabeka inkazimulo yakho ezulwini.

2Ngomlomo wezingane nowabancelayo

wagxilisa amandla ngenxa yabamelene nawe

ukuba uthulise isitha nophindisayo.

3Lapha ngibuka izulu lakho,

umsebenzi weminwe yakho,

inyanga nezinkanyezi ozimisileyo,

4umuntu uyini ukuba umkhumbule,

nendodana yomuntu ukuba uyinake na?

5Wamenza waba ngaphansana kukaNkulunkulu,

wamqhelisa ngenkazimulo nangobukhosi.

6Wamenza abe ngumbusi phezu kwemisebenzi yezandla zakho;

konke wakubeka phansi kwezinyawo zakhe:

7izimvu, nezinkomo zonke,

yebo, nezilwane zasendle,

8nezinyoni zezulu,

nezinhlanzi zolwandle,

nakho konke okuhamba ezindleleni zolwandle.

9Jehova Nkosi yethu,

igama lakho liyababazeka kangaka emhlabeni wonke!

Ihubo 1:1-8:9ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli
Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU