IZIHLABELELO 58
Kumholi wokuhlabelela. U nga citi, nguDavida. Igama.
1NI ya kuluma ukulunga ngokutula isibili na? ni yahlula ngokulingana madodana abantu na?
2Impela ni ya sebenza ukonakalisa enhliziyweni; ni ya linganisa uhlupo lwezandhla zenu emhlabeni.
3Ababi ba ya pambuka kwa sekuzalweni, ba yeduka kwa sesiswini, ba kuluma amanga.
4Ubuhlungu babo bu njengobuhlungu benyoka; njengebululu elingezwayo, e li vimba indhlebe yalo.
5E li nga yi ku lalela kulo izwi lababuli aba bula ngokuhlakanipa.
6Pohloza amazinyo emlonyeni wabo Tixo; fohloza amazinyo emihlati ezingonyama ezintya Jehova.
7Ma ba ncibilike njengamanzi, ma ba muke njalo; lapo e gobisa umcibityelo ukunsala imisebe yake, njalo ma ba zinqume.
8Njengomnenke o ncibilika ekuhambeni, njengesipunzi somfazi ba nga boni ilanga.
9Izimbiza zenu zi nga wa wu zwa umlilo wameva, wo ba susa ngesipepo be sa pila, olakeni lwake.
10Olungileyo wo jabula ngokuba u bonile impindiselo wo geza izinyawo zake egazini lababi.
11Ku ya kuti umuntu a ti; impela u kona umvuzo kolungileyo; impela u kona uTixo o wahlulayo emhlabeni.
Bible Society of South Africa 1893