IZIHLABELELO 57
Kumholi wokuhlabelela. U nga citi, nguDavida. Igama ekubalekeni kwake ebusweni buka Sauli empandwini.
1YIBA nomusa kimi Tixo, Yiba nomusa kimi, ngokuba umpefumlo wami u yetemba kuwe; ngi ya kwetemba etunzini lamapiko ako, zi ze zi dhlule izinhlupo.
2Ngo kalela kuTixo Opakamileyo, kuTixo o ngi fezelayo.
3Wo tuma e sezulwini a ngi sindise ekujeziseni ko ngi futayo. Sela. uTixo wo tumela umusa wake neqiniso lake.
4Umpefumlo wami u pakati kwezingonyama; ngi ya lala kwabavutayo, abantwana babantu, a bamazinyo abo a yimikonto nemisebe, ba ti ulimi lwabo lu yinkemba ebukali.
5Ma u pakame, Tixo, pezu kwezulu, ukukazimula kwako ma ku be pezu kwezwe lonke.
6Ba beka umgibe ezinyaweni zami; umpefumlo wami u koteme; ba mbile pambi kwami umgodi, ba wile pakati kwawo. Sela.
7Inhliziyo yami i ya qiniseka Tixo, i ya qiniseka inhliziyo yami; ngo hlabelela, ngi tyaye ugubu.
8Vuka, dumo lwami; vuka gubu nomqangi; ngo vuka ngovivi lokusa.
9Ngo ku bonga, Nkosi yami, pakati kwabantu; ngi tyaye ugubu kuwe pakati kwezizwe.
10Ngokuba umusa wako mkulu ku ze ku be sezulwini, neqiniso lako ku ze ku be semafwini.
11Ma u pakame pezu kwezulu, Tixo; nokukazimula kwako pezu kwezwe lonke.
Bible Society of South Africa 1893