Kumholi wokuhlabelela, U nga citi, nguDavida. Igama lapo uSauli wa tuma, ba linda indhlu uku m bulala.
1NGI kulule eziteni zami, Tixo wami; ngi pakamise pezu kwabangivukelayo.
2Ngi kulule kwabasebenzi bokubi; na kubantu begazi ma u ngi sindise;
3Ngokuba, bheka, ba ya bacela umpefumlo wami; abanamandhla, ba ya ngi butanela; ku nge siko ngokupambeka kwami, ku nge siko ukona kwami, Jehova.
4Ba ya gijima, ba zilungisele li ngeko icala kimi; vuka uku ngi hlangulisa, u bone.
5Ngako, wena Jehova, Tixo wamabandhla, Tixo wabaIsraeli, vuka ukuhlutywa kwezizwe zonke; u nga haukeli namunye wabakohlisayo ekoneni. Sela.
6Ba buya kusihlwa; ba vungama njengenja, ba zungeze umuzi.
7Bheka ba ya futa ngenhlamba emlonyeni wabo; izinkemba zi sezindebeni zabo; ngokuba, ba ti, Ubani o zwayo na.
8Kepa wena, Jehova, wo ba hleka; wo delela zonke izizwe.
9Ngawo amandhla ake ngo qonda wena, ngokuba uTixo u yinqaba yami.
10uTixo womusa wami wo ngi hlenga; uTixo wo ngi bonisa impindiselo eziteni zami.
11U nga ba bulali funa abantu bami ba kohlwe; ba nyakazise ngamandhla ako; u behlise Nkosi e yisihlangu setu.
12Isono somlomo wabo si yizwi lezindebe zabo, ma ba banjwe ekuzidhleni kwabo; ba ya kuluma ukutuka namanga nawo.
13Qeda, qeda ngolaka, ku nga bi be sa bako; ba ya kuti bazi ukuba uTixo u ya busa eJakobe, ku ze ku be semikaulweni yomhlaba. Sela.
14Ma ba buye kusihlwa; ma be vungame njengenja, ba zungeze umuzi.
15Ma ba nxibe ukudhla, ma be nga suti, ba hlale na sebusuku.
16Kepa mina ngo hlabelela amandhla ako; ngi hubele umusa wako ekuseni, ngokuba u be inqaba yami nesipepelo ngosuku lokuhlupeka kwami.
17Mandhla ami ngo hlabelela kuwe, ngokuba uTixo u yinqaba yami, u uTixo womusa kimi.