1BONGANI uJehova, ni hube kulo igama lake; ni zazise izenzo zake pakati kwabantu.
2Vumani kuye, ni hlabelele kuye; ni kulume ngemimangaliso yonke yake.
3Dumisani igama lake eli ingcwele; ma i jabule inhliziyo yabo aba m funayo uJehova.
4Landani uJehova, namandhla ake; ni fune ubuso bake njalo.
5Kumbulani imimangaliso yake a yenzileyo; imisebenzi emikulu yake, nezahlulelo zomlomo wake.
6Nina nzalo ka Abrahama, inceku yake; bantwana baka Jakobe oketiweyo wake.
7Yena u nguJehova uTixo wetu; izahlulelo zake zi semhlabeni wonke.
8U kumbulile uvumelwano lwake ku ze ku be pakade, izwi a li yaleza kuzo izizukulwane ezi inkulungwane.
9A li vumelana noAbrahama nesifungo kuIsaka.
10Wa si misela kuJakobe si be isiyalezelo, nakuIsraeli si be uvumelwano lwa pakade.
11E ti, Ngi ya kukunika izwe la seKanani; isahlulo sefa lenu.
12Lapo kwa be ku kona abantu abalwayo; aba incozana nje be se abafo kulo futi.
13Bona ba puma esizweni ba ye kwesinye isizwe, na sembusweni ba ye kwabanye abantu.
14Wa e nga vumeli umuntu uku ba kataza; yena wa lungisa amakosi ngenxa yabo.
15Wa ti, ni nga pati abagcotyiweyo bami; ni ngoni abazisi bami.
16Futi wa bizela indhlala pezu kwezwe; wapula intonga yonke yokudhla.
17Wa tuma umuntu pambili kwabo, uJosefa, o wa tengwa a be inceku.
18Bona izinyawo zake ngezibopo umpefumlo wake weza ensimbini.
19Kwa za kweza isikati e la fika ngaso izwi lake; inshumayelo ka Jehova ya m linga.
20Inkosi ya tuma ya m kulula; umbusi wabantu wa m tukulula.
21Wa m enza inkosi yendhlu yake, nombusi kuyo yonke ingcebo yake.
22Ukubopa izikulu zake ngokwenhliziyo yake; a hlakanipise amalunga ake.
23Kwa ti, uIsraeli wa fika Egipite; uJakobe wa hlalanje ezweni la seHamu.
24Wa ti wenza abantu bake ba zale kakulu; wenza ba be namandhla ku nezita zabo futi.
25Wa pendula inhliziyo yabo ukuzonda abantu bake, ukupata izinceku zake ngobuqili.
26Wa tuma uMosi, inceku yake, noAroni a m ketileyo.
27Ba beka pambi kwabo izindaba zeziboniso zake; nemisebenzi emikulu ezweni la seHamu.
28Wa tuma ubumnyana, kwa ti kwa hlwa; futi a ba hlubukanga ezwini lake.
29Wa pendula amanzi abo a be igazi; wa bubisa izinhlanzi zabo.
30Izwe labo la vama amaselesele emakamelweni amakosi.
31Wa kuluma, kwa ti kwa vela izibau, nezinsensane emacaleni onke abo.
32Wa nika isicoto, imvula yabo, nomlilo wamalangabi ezweni labo.
33Wa tyaya izinwazi zabo namakiwane abo; wa pula imiti yamacala abo.
34Wa kuluma kwa vela izinkumbi, nenkasa e nge nakukubalwa.
35Za dhla konke okuhlumayo kwezwe; za dhla nesitelo somhlabati.
36Wa tyaya namazibulo onke ezwe, izinhloko zamandhla onke abo.
37Wa ba pumisa be nesiliva negolide; kwa ti kwa ku ngeko o dangeleyo emindenini yabo.
38La jabula iEgipite ekupumeni kwabo, ngokuba ukubesaba kwa wa pezu kwabo.
39Wandhlala ifu, la ba sitibeza; nomlilo ukukanyisa ebusuku.
40Ba cela, wa zisa izinswempe, wa ba sutisa ngokudhla kwezulu.
41Wa vula idwala, kwa puma amanzi, a hamba ezindaweni ezomileyo njengomfula.
42Ngokuba wa kumbula izwi lake eli ingcwele, noAbrahama inceku yake.
43Wa pumisa abantu bake ngokujabula; abaketiweyo bake ngokuhuba kwenjabulo.
44Wa ba nika amazwe ezizwe; bona ba bamba umsebenzi wabantu.
45Ukuze ba lalele kuzo iziyalezelo zake, ba gcine imiteto yake. Dumisani uJehova.