1MU bonge uJehova mpefumlo wami, Jehova Tixo wami wena umkulu kakulu; wambete ukukazimula nobukosi.
2O gqoka ukukanya njengengubo; o wendhlala izulu njengendwangu elengayo;
3O waka amakamelo ake emanzini; o beka amafu a be incwele yake; o hamba emapikweni omoya;
4O zenza izingelosi zake imimoya; izinceku zake umlilo o namalangabi.
5Wa sekela umhlaba esisekelweni sawo, u nga zanyazanyiswa ku ze ku be pakade na ngezikati.
6Wa wu sibekela ngolwandhle njengengubo; amanzi e ma ezintabeni.
7Ngokukuza kwako a baleka; ngezwi lokududuma kwako a tyetya ukumuka.
8Izintaba zi ya kupuka; izimfunda zeukela kulendawo o zi sekele ngayo.
9U mise umkaulo ukuze a nga dhluli; a nga buyeli ukusibekela umhlaba.
10U ya tuma imitombo ezigodini; i hambe pakati kwezintaba.
11I ya puzisa izilwane zonke zomhlabati; izimbongolo zi ya polisa ukoma kwazo.
12Ku yona izinyoni zezulu zi ya kwaka; e zi pumisa izwi lazo pakati kwamagatya.
13U ya puzisa izintaba kuwo amakamelo ake; umhlaba u ya suta isitelo semisebenzi yako.
14U ya hlumisela izinkomo utyani; nemfino yokusiza umuntu; ukuze a pumise ukudhla emhlabeni.
15Newaini eli tokozisa inhliziyo yomuntu; namafuta a kazimulisa ubuso bake; nesinkwa e si qinisa inhliziyo yomuntu.
16Imiti ka Jehova i ya suta; amasedare a seLebanoni a wa tyalileyo.
17Lapo izinyoni zaka kona izihleke; ikasida, amasedare a yindhlu yalo.
18Izintaba ezinde zamanxala; amawa a yisipepelo sonogwaja.
19Wenzele imizuzu inyanga; ilanga li ya kwazi ukutyona kwalo.
20U ya beka ubumnyama, bu ti bu kona ubusuku; izilo zonke zehlati zi hamba ngabo.
21Izingonyama ezintya zi ya hahela ukupanga, nokufuna ukudhla kwazo kuTixo.
22Ilanga li ya puma, zi ya hlangana, zi lale pansi ezindaweni zazo.
23Umuntu u ya pumela emisebenzini yake; nokukonza kwake ku ze ku hlwe.
24Jehova i vamile kangaka imisebenzi yako! wenzile yonke ngokuhlakanipa, umhlaba u gcwele ingcebo yako.
25Na lolulwandhle olukulu olubanzi emacaleni; lapo zi kona ezi huluzelayo ezi nge nakubalwa, izilwane ezincane kanye nezinkulu.
26Lapo imikumbu i hambela kona; umkomo u kona, o wenzile u dhlale pakati kwalo.
27Lezi zonke zi bheka wena; ukuze u zi nike ukudhla kwazo ngesikati sako.
28U ya zi nika zi bute; u ya vula isandhla sako zi sute okulungileyo.
29U ya sita ubuso bako, zi katazeke; u ya susa umoya wazo, zi fe zi buyele otulini lwazo.
30U ya tuma umoya wako, zi zalwe; wenze ubuso bomhlaba bu be butya.
31Udumo luka Jehova lo hlala pakade; uJehova wo jabula emisebenzini yake.
32Yena o bheka emhlabeni, u tutumela; o namata ezintabeni zi tunqe.
33Ngo huba kuJehova ngi sa hlezi; ngi hlabelele kuTixo wami ngi se kona.
34Ukukuluma kwami kuye ku ya kuba mnandi; ngo jabula kuJehova.
35Izoni zo qedwa emhlabeni; ma ku ti, ababi ba nga bi be sa bako. Mu bonge uJehova, mpefumlo wami. Dumisani uJehova.