1DUMISANI uJehova. Mu bongeni uJehova, loku e lungile; ngokuba umusa wake u hlezi pakade.
2Ubani o nga kuluma izenzo zamandhla zika Jehova? Ubani o ngezwakalisa ukudunyiswa konke kwake?
3Ba ya busiswa bona a ba gcina izahlulelo zake, naye o kwenza okulungileyo ngezikati zonke.
4Ngi kumbule Jehova ngokwamkelwa kwabantu bako; u ngi bheke ngokusindisa kwako.
5Ukuze ngi buke enhlanhleni yabaketiweyo bako, ngi ze ngi jabule enjabulweni yesizwe sako; ngi bonge kanye nefa lako.
6Sonile tina kanye nobaba betu; senzile okubi; sonakele.
7Obaba betu a ba qondanga imimangaliso yako Egipite; a ba kumbulanga iningi lomusa wako; kanti ba pambeka ngaselwandhle olwandhle olubomvu.
8Kepa wa ba sindisa ngenxa yegama lake, ukuze a wazise amandhla ake amakulu.
9Yena wa kuza ulwandhle olumbomvu, lwa se loma; wa ba hambisa pakati kolwandhle njenga sehlane.
10Wa ba sindisa esandhleni somzondi; wa ba kulula na sesandhleni sezita.
11A ti amanzi a sibekela izita zabo; a ka salanga noyedwa kubo.
12Lapo ba kolwa emazwini ake; ba vama udumiso lwake.
13Ba tyetya ba kohlwa imisebenzi yake; a ba lindanga icebo lake.
14Kepa ba kanuka ngokukanuka ehlane; ba m linga uTixo ezweni elicitekileyo.
15Wa ti wa ba nika isicelelo sabo; kanti wa tuma ukuzaca emipefumlweni yabo.
16Ba ba nomona ngoMosi ehlane, na ngoAroni o ingcwele ka Jehova.
17Umhlaba wa vula, wa m minza uDatane; wa sibekela nombonda waka Abiramu.
18Futi umlilo wa tya embondeni wabo; ilangabi la tyisa abonakalisileyo.
19Benza itole eHorebi; ba kotamela isitombe esa ncibilikiswayo.
20Njalo udumo lwabo ba lu guqula lwa ba inkomo e dhla utyani.
21Ba m kohlwa uTixo umsindisi wabo o be e benzele okukulu Egipite;
22Imimangaliso ezweni la seHamu, nokusabekayo ngaselwandhle olubomvu.
23Yena wa ti, u za kubacita, uma uMosi oketiweyo wake wa be e ngemanga ebusweni bake esikaleni, ukubuyisa ukuvuta kwentukutelo yake kuko uku ba cita.
24Futi ba dela izwe eli fisekayo; ba be nga kolwa ezwini lake.
25Kanti ba sola ematenteni abo; ba be nga laleli izwi lika Jehova.
26Lapo wa pakamisa isandhla sake pezu kwabo, uku ba wisa ehlane.
27Ukuwisa nenzalo yabo ezizweni, nokubahlakaza emazweni.
28Ba konza uBali-peori, ba dhla iminikelo yabafileyo.
29Njalo ba cunula ngemisebenzi yabo; kwa ngena pakati kwabo ukufa.
30Lapo kwema uFinehasi wahlula, kwa vinjelwa ukufa.
31Kwa ti kwa balelwa yena ukulunga kwezinkulungwane nezinkulungwane ku ze ku be pakade.
32Ba buya ba m tukutelisa emanzini enkani; kwa ba kubi kuMosi ngenxa yabo.
33Ngokuba ba pambanisa umoya wake; wa za wa pambeka ngezindebe zake.
34A ba citanga abantu a ba yala ngabo uJehova.
35Kanti ba hlangana nezizwe, ba funda imisebenzi yabo.
36Ba konza ezitombeni zabo, za ze za ba isihibe kubo.
37Futi ba hlabela amademoni amadodana abo namadodakazi abo.
38Ba palaza igazi eli nge nacala, igazi lamadodana abo ne lamadodakazi abo, aba wa nikela ezitombeni za seKanani; la za izwe la ngcoliswa ngegazi lawo.
39Njalo ba zincolisa ngokwenza kwabo, ba pinga nemisebenzi yabo.
40Ngako kwa ba kona ulaka luka Jehova ebantwini bake, wa za wa nengwa ifa lake.
41Wa ba nikela esandhleni sezizwe; bona aba ba zondayo, ba ba busa.
42Lapo isita sabo sa ba cindezela; ba totyiswa esandhleni sabo.
43Izikati eziningi wa ba kulula, kanti ba m tukutelisa ngecebo labo; ba wa okonakaliseni kwabo.
44Noko, wa ba naka, be sencingweni; e kuzwa ukulila kwabo.
45Wa kumbula uvumelwano lwake nabo, wa dabuka njengeningi lomusa wake.
46Wa ba nika ububele ebusweni babo bonke aba ba tumbayo.
47Si sindise, Jehova Tixo wetu, u si bute ezizweni ukudumisa igama lako eli ingcwele, setabe ezibongweni zako.
48Ma ka bongwe uJehova uTixo wa seIsraeli kwa pakade ku ze ku be pakade, abantu bonke ma ba ti. Ameni. Dumisani uJehova.