Si ka Davida.
1MU bonge uJehova mpefumlo wami; nako konke oku pakati kwami ma ku bonge igama lake eli ingcwele.
2Mu bonge uJehova, mpefumlo wami, u nga kohlwa imisebenzi yonke yake emihle.
3O yekela ukonakalisa konke kwako, o zelapayo izifo zonke zako.
4U kulula ukupila kwako ekubujisweni; o ku hlobisa ngomusa nomhau.
5O sutisa umlomo wako ngokulungileyo, ku buyiswe ubutya bako njengenqe.
6uJehova wenzela bonke abahlutywayo ukulunga nokwahlulela.
7Wa mazisa uMosi izindhlela zake; nabantwana baka Israeli izenzo zake.
8uJehova u ya haukela, u nobunene; ulaka lwake lu ya libala, u vama umusa.
9A ka yi kupikisana ngezikati zonke; ka gcini intukutelo ku ze ku be pakade.
10A kenzi kitina njengezono zetu; a ka si vuzanga ngokwamacala etu.
11Ngokuba njengokupakama kwezulu pezu komhlaba, njalo umusa wake u namandhla pezu kwabo aba m esabayo.
12Njengempumalanga i hlukene nentyonalanga, ku njalo u dedisile kiti izipambeko zetu.
13Njengoyise u ya haukela abantwana bake, njalo uJehova u ya haukela bona a ba m esabayo.
14Ngokuba u ya kwazi ukwenza kwetu; u ya kumbula ukuba tina si utuli.
15Kepa umuntu u njengotyani izinsuku zake; njengembali yotyani, njalo u ya kahlela.
16Ngokuba umoya u ya dhlula pezu kwayo, i nga bi sa bako; indao yayo ka yaziwa futi.
17Kanti umusa ka Jehova u pakade ku ze ku be pakade kubo aba m esabayo; nokulunga kwake kubantwana babantwana;
18Kubona aba londa uvumelwano lwake; nabakumbula iziyalezelo zake ukuzenza.
19uJehova u misile isihlalo sobukosi sake ezulwini; ku ti umbuso wake u buse pezu kwako konke.
20Bongani uJehova nina zingelosi zake; nina maqawe a namandhla e nenza ukutyo kwake, ni lalele izwi lokuyala kwake.
21Bongani uJehova nina mabandhla onke ake; nina zinceku zake e nenza intando yake.
22Ma ku bongwe uJehova imisebenzi yonke yake ezindaweni zonke zokubusa kwake; mu bonge uJehova, mpefumlo wami.