1KWA fika kuJesu ababali nabaFarisi ba seJerusalema, ba ti,
2Abafundi bako beqa ngani imvelo yabadala na? a ba hlambi izandhla zabo uma be dhla ukudhla.
3Wa pendula wa ti kubo, Nani neqa ngani umyalo ka Tixo, ngemvelo yenu na?
4uTixo wa yala ukuti, Dumisa uyihlo nonyoko; nokuti, O tuka uyise nonina, a ka fe nokufa.
5Kodwa nina ni ti, O tyoyo kuyise nonina ukuti, Ku umnikelo loku engi ku siza ngako, a nga bi e sa m dumisa uyise nonia.
6Njalo nenza umyalo ka Tixo u be ize ngemvelo yenu.
7Bazenzisi, wa shumayela kahle ngani uIsaya ngokuti,
8Lababantu ba sondela kimi ngomlomo wabo, ba ngi dumisa ngezindebe, kepa inhliziyo yabo i kude nami.
9Ba ngi konza ngeze, be fundisa izifundiso ezi imiyalo yabantu.
10Wa biza abantu, wa ti kubo, Yizwani ni qonde.
11Loku oku ngena emlonyeni a ku ngcolisi umuntu; Kodwa okupumayo, loku ku ngcolisa umuntu.
12Kona abafundi bake beza ba ti kuye, U yazi ukuba abaFarisi ba cunuka, be zwa lelizwi na?
13Wa pendula wa ti, Imiti yonke e nga tyalwanga uBaba o sezulwini, i ya kusityulwa.
14Ba yekeni; ba izimpumpute ezi hola izimpumpute; uma impumpute i hola impumpute, zi ya kuwela emgodini zombili.
15uPetro wa pendula wa ti kuye, Si casisele lomfanekiso.
16uJesu wa ti, Nani ni se ngabangaqondiyo na?
17A ni ka qondi ini ukuti, konke okungenayo emlonyeni ku ya esiswini, ku lahlelwe ngapandhle?
18Kodwa loku oku puma emlonyeni, ku vela enhliziweni, iloku oku ngcolisa umuntu.
19Ku vela enhliziyweni izizindhlo ezimbi, ukubulala, ukupinga, ukuhlobonga, ukweba, ukuqinisa amanga, ukutuka.
20Ku iloku oku ngcolisa umuntu; kodwa ukudhla ngezandhla ezi nga hlanziwe a ku m ngcolisi umuntu.
21uJesu wesuka lapo, wa ya ezweni la seTire neSidone.
22Kwa ti umfazi wa seKanani, e vela ku lelozwe, wa kala kuye, wa ti, Ngi haukele, Nkosi, Ndodana ka Davida; intombazana yami i kwelwe kakulu idemone.
23Kodwa ka m pendulanga ngazwi. Kweza abafundi bake, ba m ncenga, ba ti, M mukise, u ya kala emva kwetu.
24Wa pendula wa ti, Ngi tunyelwe ezimywini ezilahlekileyo zendhlu ka Israeli kupela.
25Weza wa kuleka kuye, e ti, Nkosi, ngi size.
26Wa pendula wa ti, A ku fanele ku tatyatwe ukudhla kwabantwana, ku ponswe ezinjeni.
27Wa ti, Yebo, Nkosi, kepa izinja zi ya dhla imvutuluka ewayo esitebeni samakosi azo.
28Kona uJesu wa pendula wa ti kuye, O mame, kukulu ukukolwa kwako; a ku be kuwe ngjengokutan la kwako Intombazana yake ya sindiswa nga lesosikati.
29uJesu wesuka lapo, weza nga selwandhle lwa seGalile, wenyukela entabeni, wa hlala pansi kona.
30Kwa fika kuye abantu abaningi, be nezinyonga, nezimpumpute nezitulu, nezilima, nabanye abaningi, ba ba beka nga sezinyaweni zika Jesu; wa ba sindisa.
31Ba mangala abantu, be bona izitulu zi kuluma, izilima zi sindile, izinyonga zi hamba, izimpumpute zi bona. Ba bonga uTixo ka Israeli.
32uJesu wa biza abafundi bake, wa ti, Ngi ya ba haukela abantu: se ku izinsuku ezintatu be hlezi nami be nge nakudhla; a ngi tandi ukubamukisa be lambile, funa ba katale endhleleni.
33Abafundi bake ba ti kuye, Si nga tolapi ehlane ukudhla okwanele, ukuba ba sute abantu abangaka na?
34uJesu wa ti kubo, Ni nezinkwa ezingapi na? Ba ti, Zi isikombisa, nezinhlanzana ezi incozana.
35Wa yala abantu ukuba ba hlale pansi.
36Wa tabata izinkwa ezi isikombisa nezinhlanzi, wa bonga, wa zi hlepula, wa nika abafundi bake, abafundi babela abantu.
37Ba dhla bonke ba suta; ba buta imvutuluka eseleyo amaqoma a isikombisa e gcwele.
38Abadhlayo ba be amadoda a izinkulungwane ezine ngapandhle kwesifazana nabantwana.
39Se e mukise abantu, wa ngena emkunjini, weza ezweni la seMagdala.