1NGA lesosikati uHerodi inkosi wezwa udumo luka Jesu,
2Wa ti ezincekwini zake, Lo u nguJohane umbapatizi, u vukile kwabafileyo; ngaloku imisebenzi emikulu i setyenzwa uye.
3uHerodi e be m bambile uJohane, wa m bopa, wa m faka etilongweni ngaye uHerodia, umka Filipu, umfo wabo.
4Ngokuba uJohane wa be e ti kuye, A ku fanele u be naye.
5Wa tanda ukumbulala, kepa wesaba abantu, ngokuba be ti u umprofeti.
6Kepa ku sa ketelwa usuku lokuzalwa kuka Herodi, intombazana ka Herodia ya sina pambi kwabo, ya m tokozisa uHerodi.
7Ngako wa funga wa ti, u za kuinika loko e za kucela kona.
8I si yaliwe unina ya ti, Ngi pe lapa esityeni ikanda lika Johane umbapatizi.
9Inkosi ya dabuka, kepa ngesifungo na ngabo aba be hlezi nayo, ya tyo ukuba i li nikwe.
10Ya tuma ya nquma ikanda lika Johane etilongweni.
11Ikanda lake la letwa ngesitya, la nikwa intombazana, ya li yisa kunina.
12Kwa fika abafundi bake, ba tabata isidumbu, ba si mbela, ba ya ba bika kuJesu.
13uJesu se e zwile, wesuka lapo ngomkumbi, wa ya endaweni ya sehlane e yedwa. Kepa abantu se be zwile, besuka emzini, ba m landela ngezinyawo.
14uJesu e pumile, wa bona abantu abaningi, wa ba haukela, wa pilisa abagulayo babo.
15Se ku hlwile abafundi bake beza kuye, ba ti, Ku sehlane ku lendawo, usuku se lu dhlulile; a ku mukise abantu, ba ye emizini, ba zitengele ukudhla.
16uJesu wa ti kubo, A ba dingi ukuya, ba peni nina, ba dhle.
17Ba ti kuye, A si nanto lapa, kupela izinkwa ezi isihlanu nezinhlanzi ezimbili.
18Wa ti, Zi leteni kimi.
19Wa yala abantu ukuba ba cambalale otyanini, wa tabata izinkwa ezi isihlanu nezinhlanzi ezimbili, wa bheka ezulwini, wa bonga, wa zi hlepula, wa ba nika abafundi izinkwa, abafundi ba nika abantu.
20Ba dhla bonke, besuta, ba buta imvutuluka eseleyo, amaqoma a ishumi nambili e gcwele.
21Abadhlayo ba be amadoda a nga izinkulungwane ezi isihlanu, ngapandhle kwesifazana nabantwana.
22uJesu wa se e quba abafundi bake, ukuba ba ngene emkunjini, ba m andulele ukuya ngapesheya, e sa mukisa abantu.
23Se e mukisile abantu, wa kupuka wa ya entabeni yedwa, ukuba a kuleke. Se ku hlwile wa e kona lapo e yedwa.
24Kepa umkumbi se u pakati kolwandhle, wa tyaywa amaza, umoya wa be u pambene nabo.
25Kwa ti ebusuku, ngomlindo wesine, uJesu wesuka wa ya kubo, e hamba pezu kolwandhle.
26Abafundi be m bona e hamba pezu kolwandhle, betuka ba ti, Ku itongo; ba kala ngokwesaba.
27Kepa uJesu wa se e kuluma nabo wa ti, Yimani isibindi, imina, ni ngesabi.
28uPetro wa pendula wa ti kuye, Nkosi, uma uwe, ngi bize, ngi ze kuwe pezu kwamanzi.
29Wa ti, Wo za. uPetro wehla emkunjini, wa hamba pezu kwamanzi ukuya kuJesu.
30Kepa e bona umoya u namandhla, wesaba; se e qala ukutyona, wa kala wa ti, Nkosi, ngi sindise.
31uJesu wa tyetya welula isandhla, wa m bamba, wa ti kuye, Wena o nokukolwa okucinyane, u ngabaza ngani na?
32Se be ngene emkunjini umoya wa tula.
33Aba semkunjini beza ba kuleka kuye, ba ti, Impela u iNdodana ka Tixo.
34Ba wela, beza ezweni la seGenesareta.
35Abantu ba leyondawo se be m azi, ba tuma ku lelozwe lonke la ngakona, ba leta kuye bonke abagulayo.
36Ba m ncenga ukuba ba pate nje umpeto wengubo yake kupela; abapatayo ba sindiswa.