1ABAFARISI nabaSadusi beza ba m linga, ba cela kuye ukuba a ba bonise isibonakaliso sa sezulwini.
2Wa pendula wa ti kubo, Kusihlwa, ni ti, Li ya-kusa, ngokuba li beja izulu.
3Kusasa ni ti, li za kuna namhla, ngokuba li beja izulu, li fipele. Bazenzisi, ni yazi ukuqikelela ukuma kwezulu; ni nge qikelele izibonakaliso zezikati na?
4Isizukulwane esibi nesipingayo si funa isibonakaliso; kepa a si yi kupiwa isibonakaliso, kupela isibonakaliso sika Jona umprofeti. Wa se e ba shiya, e muka.
5Abafundi bake ba wela, be kohliwe ukupata isinkwa.
6uJesu wa ti kubo, Bhekani, ni xwaye imvubelo yabaFarisi nabaSadusi.
7Ba zindhlisana ba ti, U tyo ngokuba si nga patanga ukudhla.
8uJesu e kwazi, wa ti kubo, Nina aba nokukolwa okuncinyane, ni zindhlisanelani ni ti, ku ngokuba ni nga patanga ukudhla na?
9A ni ka qondi ini, a ni kumbuli izinkwa ezi isihlanu zaba izinkulungwane ezi isihlanu, namaqoma ukuba na buta amangapi na?
10Nezinkwa ezi isikombisa zaba izinkulungwane ezine, namaqoma ukuba na buta amangapi na?
11Ini ni nga qondi ukuba a ngi kulumanga kini ngesinkwa, loku ngi ti, xwayani imvubelo yabaFarisi nabaSadusi?
12Kona ba qonda ukuba ka tyongo ukuti ma ba xwaye imvubelo yesinkwa, kodwa ukufundisa kwabaFarisi nabaSadusi.
13uJesu se e fikile ezweni la seKesaria Filipu, wa buza abafundi bake ngokuti, Abantu ba ti, mina iNdodana yomuntu ngi ngubani na?
14Ba ti, Abanye ba ti, uJohane umbapatizi; abanye ba ti, uElija; abanye ba ti, uJeremia, nokuba omunye kubaprofeti.
15Wa ti kubo, Kepa nina ni ti ngi ngubani na?
16uSimone Petro wa pendula wa ti, Wena u nguKristu, iNdodana ka Tixo opilayo.
17uJesu wa pendula wa ti kuye, U busisiwe wena, Simone ka Jona, ngokuba ku nga bonakalisiwe kuwe inyama negazi, kodwa uBaba o sezulwini.
18Ngi ti kuwe, U uPetro; ngi ya kulaka ibandhla lami pezu kwa lelidwala, amasango ehaidese a ka yi kulahlula.
19Ngi ya kukunika izihlutulelo zombuso wezulu; loko o ku bopayo emhlabeni, ku ya kubotywa na sezulwini; na loko o ku kululayo emhlabeni, ku ya kukululwa na sezulwini.
20Lapo wa ba yala abafundi bake ukuba ba nga tyeli umuntu ukuti, uyena uKristu.
21Kona uJesu wa qala ukubonisa abafundi bake ukuba a nga ya eJerusalema, a hlutywe kakulu amalunga, nabapristi abakulu, nababali, a bulawe, a vuke ngosuku lwesitatu.
22uPetro wa m tabata, wa qala ukumkuza, wa ti, Musa, Nkosi, ma ku nga bi njalo kuwe.
23wa penduka wa ti kuPetro, Suka, Satani, u isikubekiso kimi, a u naki okuka Tixo, u naka okwabantu.
24Kona uJesu wa ti kubafundi bake, Uma umuntu e tanda ukuza emva kwami, a zidele, a tabate isipambano sake, a ngi landele.
25Ngokuba o tanda ukusindisa ukupila kwake, wo kulahlekelwa; kodwa o lahlekelwa ukupila kwake ngenxa yami wo ku fumana.
26Ku ya kumsiza ngani umuntu, uma e zuza izwe lonke, a lahlekelwe umpefumlo wake na? umuntu a nga hlenga ngani umpefumlo wake na?
27iNdodana yomuntu i ya kuza ngobukosi buka Yise kanye nezingelosi zake, kona i ya kuvuza ilowo ngemisebenzi yake.
28Ngi qinisile ngi ti kini, Ba kona abanye abemiyo lapa, aba nga yi kuzwa ukufa, ba ze ba bone iNdodana yomuntu i za embusweni wayo.