1EMVA kwa loku kwa ku kona umhlangano wabaJuda, uJesu wa kupukela eJerusalema.
2Kwa ku kona eJerusalema nga sesangweni lezimvu, icibi eli tiwa ngokwamaHeberu, iBetesda, li neminyango emihlanu.
3-4Kwa ku lele kuyo abaningi kakulu abagulayo, izimpumpute, nezinyonga, nabashwabeneyo.
5Kwa ku kona umuntu owa e gula iminyaka emashumi amatatu nashiyagalombili.
6uJesu e bona lomuntu e lele, wazi ukuba wa se e njalo isikati eside, wa ti kuye, U ya tanda ukupiliswa na?
7Ogulayo wa pendula wa ti kuye, Nkosi, a ngi namuntu wokungifaka ecibini, uma amanzi e zanyazanyiswe; lapa ngi zayo kwehla omunye pambi kwami.
8uJesu wa ti kuye, Suka, u tabate umbede wako, u hambe.
9Wa se e pila lomuntu, wa tabata umbede wake, wa hamba. Kwa ku isabata nga lolosuku.
10Kona abaJuda ba ti kopilisiweyo, Ku isabata, a ku fanele u pate umbede.
11Wa ba pendula wa ti, O ngi pilisileyo u te kimi, Tabata umbede wako, u hambe.
12Ba m buza, ba ti, Ubani lomuntu o te kuwe, Tabata umbede wako, u hambe na?
13Opilisiweyo wa e nga m azi ukuba u ngubani, loku uJesu e muke, be baningi ku leyondawo.
14Emva kwa loko uJesu wa m fumana etempelini, wa ti kuye, Bheka, u pilile; u nga be u sona, funa ku kwehlele okubi ku na loku.
15Wemuka umuntu, wa ba tyela abaJuda, wa ti, uJesu owa m pilisayo.
16Nga loko abaJuda ba m hlupa uJesu, ba funa ukumbulala, ngokuba wa kwenza loku ngesabata.
17uJesu wa ba pendula wa ti, uBaba u sa sebenza na kaloku, nami ngi ya sebenza.
18Njalo abaJuda ba funa kakulu ukumbulala; ngokuba wa e nga pule isabata lodwa, wa buya wa ti uTixo u uYise wake, e zenza o lingene noTixo.
19Kona uJesu wa pendula, wa ti kubo, Ngi qinisile, ngi qinisile, ngi ti kini, iNdodana i nge zenzele uto yodwa, kupela loku e bona uyise e kwenza; loku a kwenzayo yena, i ya kwenza neNdodana.
20uYise u ya i tanda iNdodana, a i bonise konke a kwenzayo; wo i bonisa imisebenzi emikulu ku na le, ukuze ni mangale.
21NjengoYise e vusa abafileyo, a ba pilise, njalo neNdodana i ba pilisa e tanda ukubapilisa.
22uYise ka m ahluleli umuntu; u i nikele iNdodana ukwahlula konke,
23Ukuba bonke ba dumise iNdodana njengokuba be dumisa uYise. O nga i dumisi iNdodana, ka m dumisi uYise, o i tumileyo.
24Ngi qinisile, ngi qinisile, ngi ti kini, O li zwa izwi lami, a kolwe o ngi tumileyo, u nokupila okupakade; a kezi ekulahlweni; kepa se e dhlulile ukufa u ye ekupileni.
25Ngi qinisile, ngi qinisile, ngi ti kini, Isikati si yeza, se si kona na manje, lapo abafileyo ba ya kulizwa izwi leNdodana ka Tixo, abezwayo ba ya kupila.
26NjengoYise u nokupila kuye, njalo u nikile iNdodana i be nokupila kuyo.
27U i nikile amandhla okwahlula, ngokuba i iNdodana yomuntu.
28Ni nga mangali ngaloku; isikati si yeza, aba ya kulizwa izwi layo ngaso bonke aba sematuneni,
29Ba ti, abenze ukulunga, ba pumele ekuvukeni kokupila, abenze okubi, ekuvukeni kokulahlwa.
30Ngi nge zenzele uto ngedwa; ngi yahlula njengokuzwa kwami; ukwahlula kwami ku lungile, loku ngi nga funi intando yami, ngi funa intando ka Baba o ngi tumileyo.
31Uma ngi ziqinisela mina, ukuqinisa kwami a ku qinisile.
32U kona omunye o qinisa ngami; ngi yazi ku qinisile ukuqinisa, a ku qinisayo ngami.
33Na tuma kuJohane, wa qinisa iqiniso.
34Kepa a ngi kwamkeli ukuqinisa kumuntu; ngi tyo loku ukuba ni sindiswe.
35Lo wa e isibani esivutayo nesikanyayo; nina be ni tanda ukujabula isikatyana ngokukanya kwake.
36Kepa ngi nokuqinisa okukulu ku nokuka Johane; imisebenzi uBaba a ngi nika yona, ukuba ngi i qede, iyo imisebenzi engi yenzayo, i ya qinisa ngami, ukuti, uBaba u ngi tumile.
37Naye uBaba o ngi tumileyo u qinisile ngami. A ni zanga ni zwe izwi lake na nini; a ni bonanga isimo sake.
38Izwi lake a ni nalo eli hlezi pakati kwenu, loku ni nga kolwa uye, a m tumileyo.
39Hlolani imibalo, ngokuba ni ti ni nokupila okupakade kuyo; iyona e qinisa ngami.
40Kepa a ni vumi ukuza kimi, ukuba ni be nokupila.
41A ngamkeli ukudunyiswa kubantu mina.
42Kodwa ngi ya nazi, a ni nalo utando luka Tixo pakati kwenu.
43Ngi zile ngegama lika Baba, kodwa a ni ngamkeli; uma ku fika omunye ngegama lake, lowo ni ya kumamkela.
44Ni nga kolwa kanjani nina, enamkela ukudunyiswa abanye kwabanye, ni nga funi ukudunyiswa oku vela kuTixo yedwa na?
45Ni nga zindhli ni ti, ngi ya kuniceba kuBaba; u kona o ni cebayo, uMosi, eni temba kuye.
46Uma be ni kolwa uMosi, nga ni kolwa imina; yena wa loba ngami.
47Kodwa uma ni nga kolwa imibalo yake, ni ya kukolwa kanjani amazwi ami?