1INKOSI se yazi ukuti abaFarisi be zwile ku tiwa, uJesu wenzile wa bapatiza abafundi abaningi ku noJohane;
2(Kepa uJesu ka bapatizanga uqobo, kwa bapatiza abafundi bake,)
3Wemuka eJudia, wa buyela eGalile.
4Wa e za kudabula iSamaria.
5Wa fika emzini wa seSamaria o tiwa iSukari, ku seduze nezwe uJakobe a li nika uJosefa indodana yake.
6Wa u kona lapo umtombo ka Jakobe. uJesu e katele ukuhamba, wa hlala nga semtonjeni; kwa ku ihora lesitupa.
7Kwa fika umfazi wa seSamaria, e za kuka manzi, uJesu wa ti kuye, Ngi puzise.
8Ba be mukile abafundi bake ukuya emzini, ukuba ba tenge ukudhla.
9Umfazi wa seSamaria wa ti kuye, Wena u umJuda u celelani ukupuza kimina, engi umfazi wa seSamaria na? loku abaJuda be nga hlangani namaSamaria.
10uJesu wa pendula wa ti kuye; uma u be wazi isipo sika Tixo, nokuba ubani o tyo kuwe ukuti, Ngi puzise, nga u cele kuye, yena nga e ku nike amanzi okupila.
11Umfazi wa ti kuye, Nkosi, a u nasitya sokuka, umtombo u julile; amanzi okupila o nawo a vela ngapi na?
12Wena u mkulu ku nobaba wetu, uJakobe, owa si pa lomtombo, wa puza kuwo, yena namadodana ake, nemihlambi yake na?
13uJesu wa pendula wa ti kuye, Lowo o puza lawamanzi, wo buya ome.
14Kodwa o puza amanzi engi ya kumnika wona, ka sa yi koma napakade; amanzi engi ya kumnika wona, a ya kuba pakati kwake umtombo wamanzi a pupumayo, ku be ukupila okupakade.
15Umfazi wa ti kuye, Nkosi, ngi pe lawamanzi, ngi ngomi, ngi ngezi kuka lapa.
16uJesu wa ti kuye, Hamba u bize indoda yako, u ze lapa.
17Umfazi wa pendula wa ti, A ngi nandoda. uJesu wa ti kuye, U tyo kahle ngokuti, A ngi nandoda.
18Wa bu namadoda amahlanu; le o nayo kaloku, a siyo indoda yako; u qinisile uma u tyo loko.
19Umfazi wa ti kuye, Nkosi, ngi ya bona, u umprofeti.
20Obaba betu ba dumisa ku lentaba; nina ni ti, indawo i seJerusalema, lapa nga ku dunyiswa kona.
21uJesu wa ti kuye, Mame, kolwa imi, isikati si yeza, lapo ni nga yi kumdumisa uYise ku lentaba na seJerusalema.
22Nina ni dumisa eni nga kwaziyo; tina si ya kwazi esi ku dumisayo; ukusindisa ku vela kubaJuda.
23Kepa isikati si yeza, se si kona na manje, sokuti, abadumisi abaqinisileyo ba ya kumdumisa uYise ngomoya na ngeqiniso, uYise u funa abamdumisayo abanjalo.
24uTixo u uMoya; abamdumisayo nga ba m dumisa ngomoya na ngeqiniso.
25Umfazi wa ti kuye, Ngi yazi, uMesia u yeza, o tiwa uKristu; se e fikile yena, wo si tyela konke.
26uJesu wa ti kuye, Mina engi kuluma nawe ngi uye.
27Kona ba fika abafundi bake; ba mangala ngokuba e kuluma nomfazi; kepa a ku tyongo namunye ukuti, U funani na? u kulumelani naye na?
28Umfazi wa shiya imbiza yake, wa ya emzini, wa ti kubantu,
29Wozani, ni bone umuntu o ngi tyele konke engi kwenzileyo? a siye uKristu lo na?
30Ba puma emzini, beza kuye.
31Nga lesosikati abafundi ba m ncenga, be ti, Rabi, yidhla.
32Wa ti kubo, Ngi nokudhla engi ku dhlayo, eni nga kwaziyo.
33Ba se be kuluma abafundi, be ti, U kona ini o m letele ukudhla na?
34uJesu wa ti kubo, Ukudhla kwami ku ukwenza intando yongitumileyo nokuqeda umsebenzi wake.
35A ni tyo ini, Izinyanga zi se zine, ku fike ukuvuna na? Bhekani, ngi ti kini, kangelani, ni bone amabuya, a se mhlope ku vunwe.
36Ovunayo wamkeliswa umvuzo, a bute ukudhla ku be ukupila okupakade, ukuba ohlwanyelayo a tokoze kanye novunayo.
37Nga loku li qinisile lelizwi lokuti, Ohlwanyelayo u yedwa, u ngomunye ovunayo.
38Nga ni tumela ukuvuna loko eni nga ku sebenzanga; kwa sebenza abanye, kepa ni ngene emsebenzini wabo.
39Kwa kolwa uye amaSamaria amaningi a lomuzi, ngokutyo komfazi, owa qinisa ngokuti, Wa ngi tyela konke engi kwenzileyo.
40Njalo se e fikile kuye amaSamaria, a m ncenga ukuba a hlale nabo: wa hlala kona izinsuku ezimbili.
41Abaningi kakulu ba kolwa ngezwi lake;
42Ba ti kumfazi, A si sa kolwa ngokutyo kwako; si zizwele tina, si yazi, lo u nguKristu isibili, umsindisi wezwe.
43Emva kwezinsuku ezimbili wemuka lapo, wa ya eGalile.
44Ngokuba yena uJesu wa qinisa ukuti, umprofeti ka nakudunyiswa ezweni la kubo.
45See fikile e Galile, abaseGalile ba m amkela, be bonile konke a kwenzayo eJerusalema emhlanganweni, ngokuba ba be yile nabo emhlanganweni.
46Njalo uJesu wa buya weza eKana la seGalile, lapo a wenza kona amanzi a ba iwaini. Kwa ku kona induna, indodana yayo i gula eKapernaume.
47Yona se i zwile ku tiwa uJesu u fikile eGalile, e vela eJudia, ya ya kuye, ya m ncenga ukuba ehle, a pilise indodana yayo; ya be si i za kufa.
48uJesu wa ti kuyo, Uma ni nga boni izibonakaliso nemimangaliso, a ni yi kukolwa.
49Induna ya ti kuye, Nkosi, a ke wehle, e nga ka fi umntwana wami.
50uJesu wa ti kuyo, Hamba, indodana yako i pilile. Lomuntu wa kolwa izwi, a be li tyilo kuye uJesu, wemuka.
51Kwa ti se ehla, izinceku zake za m hlangabeza, za bika za ti, Umntanako u pilile.
52Wa buza kuzo isikati a qala ukusinda ngaso; za ti kuye, Izolo, ngehora lesikombisa, ufehlo lwa m yeka.
53Uyise wa e sazi ukuba iso isikati, uJesu a tyo ngaso kuye ukuti, Indodana yako i pilile. Wa kolwa uye, yena nendhlu yake yonke.
54Lesisibonakaliso e sesibili uJesu wa senza, e fikile eGalile, e vela eJudia.