1EMVA kwa loku uJesu wemuka wa ya ngapesheya kolwandhle lwa seGalile, olwa seTiberia.
2Abantu abaningi ba m landela, ngokuba be bone izibonakaliso zake, a zenzayo kwabagulayo.
3uJesu wenyukela entabeni wa hlala kona nabafundi bake.
4Kwa ku seduze ipasika, umhlangano wabaJuda.
5uJesu wa bheka, wa bona abantu abaningi be za kuye, wa ti kuFilipu, Si ya kutengapi ukudhla, ba dhle laba na?
6Wa tyo loku e m linga; yena wa e kwazi a za kukwenza.
7uFilipu wa m pendula wa ti, Izinkwa zodenario abamakulu mabili zi nge banele, ku be ilowo a tabate incozana.
8Omunye kubafundi bake, uAndrea, umfo wabo kaSimone Petro, wa ti kuye,
9U kona lapa umfana o nezinkwa zebarle ezi isihlanu, nezinhlanzana ezimbili; kepa ku ini loku kwabaningi kangaka na?
10uJesu wa ti, Ba hlaliseni abantu. Kwa ku kona utyani obuningi ku leyondawo. Abantu ba hlala pansi, ukuma kwabo ku nga izinkulungwane ezi isihlanu.
11uJesu wa tabata izinkwa, wa bonga, wa zi nika abafundi, abafundi ba babela abahleziyo futi ngezinhlanzi njengokutanda kwabo.
12Se be suti, wa ti kubafundi bake, Butani imvutuluka eseleyo, ku nga citeki luto.
13Ba se be buta ba gcwalisa amaqoma a ishumi nambili ngemvutuluka yezinkwa ezi isihlanu zebarle ezi sele kwabadhlileyo.
14Kona labobantu, se be bonile isibonakaliso a be senzile uJesu, ba ti Impela, lo u ngumprofeti ozayo emhlabeni.
15uJesu e bona ukuba ba za kumbamba, ba m enze inkosi, wa buya wa mukela entabeni e yedwa.
16Se ku hlwile, abafundi bake beukela elwandhle.
17Ba ngena emkunjini, ba wela ulwandhle ukuya eKapernaume. Kwa be se ku mnyama, uJesu wa e nga ka fiki kubo.
18Kwa vuka ulwandhle ngomoya opepetayo.
19Se be qubekile ku nga ti izitadiu ezimashumi mabili nesihlanu, mhlaumbe ezimashumi matatu, ba bona uJesu e hamba pezu kolwandhle, e sondela emkunjini, besaba.
20Wa ti kubo, Imina, ni ngesabi.
21Ba m amkela emkunjini ngokujabula, umkumbi wa se u fika masinyane ezweni aba be ya kulo.
22Ngangomso abantu aba be mi ngapesheya kolwandhle be bona ku nge ko omunye umkunjana, kupela lowo aba ngena kuwo abafundi bake, nokuba uJesu e nga ngenanga emkunjini kanye nabafundi bake, kepa abafundi bake bemuka bodwa;
23(Kodwa kwa fika imikunjana i vela eTiberia, ku seduze na lendawo lapa ba dhla kona isinkwa, iNkosi i bongile:)
24Abantu se be bonile e nge ko lapo, be nge ko nabafundi bake, ba ngena emkunjini nabo, beza eKapernaume, be funa uJesu.
25Ba m fumana ngapesheya kolwandhle, ba ti kuye, Rabi, weza lapa nini na?
26uJesu wa pendula, wa ti, Ngi qinisile, ngi qinisile, ngi ti kini, A ni ngi funi ngokuba na bona izibonakaliso, ni ya ngi funa ngokuba na dhla izinkwa ne suta.
27Kepa ni nga sebenzeli ukudhla okububayo, sebenzelani ukudhla okumiyo, ku be ukupila okupakade, e ya kuninika kona iNdodana yomuntu; ngokuba uYise uTixo u bekile upau kuyo.
28Ba ti kuye, Si ngenze njani, si ze si sebenze imisebenzi ka Tixo na?
29uJesu wa pendula, wa ti kubo, Ilowo umsebenzi ka Tixo, ukuba ni kolwe uye a m tumileyo.
30Ba ti kuye, Wenza isibonakaliso sini, si bone, si kolwe uwe na? u sebenzani na?
31Obaba betu ba dhla imana ehlane njengokulotyiweyo ukuti, Wa ba nika ukuba ba dhle isinkwa esi vela ezulwini.
32uJesu wa ti kubo, Ngi qinisile, ngi qinisile, ngi ti kini, uMosi ka ni nikanga isinkwa esi vela ezulwini; kodwa uBaba u ni nika isinkwa esi vela ezulwini nqobo lwaso.
33Isinkwa sika Tixo si uyena owehla ezulwini, o li nika izwe ukupila.
34Ba se be ti kuye, Nkosi, si pe lesisinkwa ngesikati sonke.
35uJesu wa ti kubo, Mina ngi isinkwa sokupila; ozayo kimi ka yi kulamba, nokolwa imi ka yi koma.
36Kodwa nga ti kini, Ni ngi bonile, a ni kolwanga.
37Konke a ngi nika kona uBaba, ko za kimi; nozayo kimi a ngi sa yi kumlahla.
38A ngehlanga ezulwini, ukuba ngenze intando yami, ngehle ukuba ngenze intando yongitumileyo.
39Loku ku intando ka Baba o ngi tumileyo, ukuba konke a ngi nike kona ngi nga lahlekelwa uto kuko, kepa ngi ku vusa ngomhla wokupela.
40Loku ku intando yongitumileyo, ukuba lowo o bona iNdodana, e kolwa iyo, a be nokupila okupakade, ngo m vusa ngomhla wokupela.
41Kona abaJuda ba konona ngaye, ngokuba wa ti, Mina ngi isinkwa e sehla ezulwini.
42Ba ti, Lo a siye uJesu indodana ka Josefa, oyise nonina esi baziyo na? u tyo kanjani po ukuti, Ngehlile ezulwini na?
43uJesu wa pendula, wa ti kubo, Ni nga kononi pakati kwenu.
44A ku ko muntu o ngeza kimi, uma uBaba o ngi tumileyo e nga m donsi: ngi ze ngi m vuse ngomhla wokupela.
45Ku lotyiwe kubaprofeti ukuti, Ba ya kufundiswa uTixo bonke. Lowo o zwile ngoBaba, wa funda, u yeza kimi.
46A ngi tyo uBaba u bonwe umuntu, kupela o vela kuTixo, lo u m bonile uBaba.
47Ngi qinisile, ngi qinisile, ngi ti kini, O kolwa ini u nokupila okupakade.
48Ngi isinkwa sokupila.
49Oyihlo ba dhla imana ehlane, se ba fa.
50Lesi si isinkwa esehla ezulwini, ukuba umuntu a si dhle, a nga fi
51Ngi isinkwa sokupila e sehla ezulwini: uma umuntu e dhla lesisinkwa, u ya kupila ku ze ku be pakade. Isinkwa engi za kusinika, si inyama yami, engi ya kuinika i be ukupila kwezwe.
52Ba pikisana abaJuda, be ti, Lo a nga si nika kanjani inyama yake, si i dhle na?
53uJesu wa ti kubo, Ngi qinisile, ngi qinisile, ngi ti kini, Uma ni nga i dhli inyama yeNdodana yomuntu, ni puze igazi layo, a ni nakupila kimi.
54Lowo o dhla inyama yami nopuza igazi lami, u nokupila okupakade; ngi ya kumvusa ngomhla wokupela.
55Inyama yami i ngukudhla isibili, negazi lami li ngukupuza isibili.
56Lowo o dhla inyama yami nopuza igazi lami, u hlala kimi, nami ngi hlala kuye.
57NjengoBaba opilayo u ngi tumile, nami ngi pila ngoBaba, ku njalo naye o ngi dhlayo, u ya kupila ngami.
58Lesi si isinkwa esehla ezulwini; a ku njengoyihlo ba dhla imana, se ba fa; o si dhla lesisinkwa wo pila ku ze ku be pakade.
59Wa tyo loku endhlini yokusonta e fundisa eKapernaume.
60Bezwa abaningi kubafundi bake, ba ti, Lelizwi li lukuni; ubani o nga li zwayo na?
61Kepa uJesu, e zazela ukuba abafundi bake ba konona nga loku, wa ti kubo, Ku ya ni cunula loku na?
62Ni ya kutini, nxa ni bona iNdodana yomuntu yenyukela lapa ya i kona mandulo na?
63Umoya u ya pilisa; inyama a i sizi luto; amazwi engi wa kuluma kini, a ngumoya, a ngukupila.
64Kepa ba kona abanye kinina abangakolwayo. uJesu wazi na sekuqaleni ukuba obani abangakolwayo, nokuba ubani o za kumnikela.
65Wa ti, Nga loku ngi tyilo kini ukuti, Ku ngeze kimi umuntu, uma e nga ku piwa uBaba.
66Kona abaningi kubafundi bake ba buyela emva, a ba be be sa hamba naye.
67uJesu wa ti kwaba ishumi nambili, Nani ni tanda ukumuka na?
68uSimone Petro wa m pendula wa ti, Nkosi, si ya kuya kubani na? Amazwi okupila okupakade a kuwe.
69Si ya kolwa, si yazi, wena u nguKristu, iNdodana ka Tixo opilayo.
70uJesu wa ba pendula wa ti, A ngi ni ketanga nina aba ishumi nambili na? kepa omunye kini u nguSatani.
71Wa tyo ngoJuda uIskariote ka Simone, ngokuba e be nguye o be za kumnikela, e ngomunye kwaba ishumi nambili.