1KWA ku kona umuntu wa kubaFarisi, igama lake uNikodemu, induna yabaJuda.
2Lowo weza kuJesu ebusuku, wa ti kuye, Rabi, si yazi ukuba u ngumfundisi o vela kuTixo; a ku ko muntu o nga zenza lezizibonakaliso o zenzayo, uTixo e nge naye.
3uJesu wa pendula wa ti kuye, Ngi qinisile, ngi qinisile, ngi ti kuwe, Uma umuntu e nga zalwa ngokwapezulu, a nge bone umbuso ka Tixo.
4uNikodemu wa ti kuye, Umuntu a nga zalwa kanjani, e se mdala na? A nga ngena esiswini sika nina ngokwesibili, a zalwe na?
5uJesu wa pendula wa ti, Ngi qinisile, ngi qinisile, ngi ti kuwe, Uma umuntu e nga zalwa ngamanzi na ngoMoya, a nge ngene embusweni ka Tixo.
6Loku oku zelwe ngenyama, ku inyama; na loku oku zelwe ngoMoya, ku uMoya.
7U nga mangali ngokuba ngi ti kuwe, Nga ni zalwa ngokwapezulu.
8Umoya u pepeta lapa u tanda kona, u lu zwe udumo lwawo, kodwa a wazi lapa u vela kona, na lapa u ya kona; ba njalo bonke aba zelwe ngoMoya.
9uNikodemu wa pendula wa ti kuye; Loku ku nga ba kanjani na?
10uJesu wa pendula wa ti, kuye, Wena u umfundisi wa kwa Israeli, a u kwazi loku na?
11Ngi qinisile, ngi qinisile, ngi ti kuwe, Si ya ku tyo esi kwaziyo, nesi ku bonileyo, si ku qinise, kodwa a ni kwamkeli ukuqinisa kwetu.
12Uma ngi ni tyelile oku semhlabeni, ni nga kolwa; ni ya kukolwa kanjani, uma ngi ni tyela oku sezulwini na?
13A kwenyukanga muntu ukuya ezulwini, kupela yena owehla ezulwini, iNdodana yomuntu e sezulwini.
14NjengoMosi wa pakamisa inyoka ehlane, ku njalo iNdodana yomuntu nga i pakanyiswa:
15Ukuba bonke aba kolwa iyo ba nga bubi, ba be nokupila okupakade.
16uTixo wa li tanda izwe kangaka, wa nika iNdodana yake e zelwe yodwa, ukuba bonke aba kolwa iyo ba nga bubi, ba be nokupila okupakade.
17uTixo ka i tumelanga iNdodana yake ezweni ukuba a li lahle, kodwa ukuba izwe li sindiswe iyo.
18O kolwa iyo a ka lahlwa; kodwa o nga kolwa u se lahliwe, loku e nga kolwa egameni leNdodana e zelwe yodwa ka Tixo.
19Ukulahlwa iloku ukuti, ukukanya ku fikile emhlabeni, kepa abantu ba tanda ubumnyama ku nokukanya, ngokuba imisebenzi yabo i mibi.
20Bonke abenza okubi ba zonda ukukanya; a bezi ekukanyeni, funa i dalulwe imisebenzi yabo.
21Kodwa o lenza iqiniso u yeza ekukanyeni, ngokuba imisebenzi yake i bonakale, ukuba i setyenzwe ngoTixo.
22Ngasemva kwaloko uJesu weza nabafundi bake, ba ya ezweni la seJudia; wa hlala kona nabo, wa bapatiza.
23uJohane wa be e bapatiza eEnoni, eduze neSalemi, be ku kona amanzi amaningi; beza ba bapatizwa.
24uJohane wa e nga ka fakwa etilongweni.
25Kwa ku kona ukupikisana kubafundi baka Johane nabaJuda ngokuhlambulula.
26Beza kuJohane ba ti kuye, Rabi, lowo owa be e nawe pesheya kweJordani, owa qinisa ngaye, bheka, u ya bapatiza, beza kuye bonke.
27uJohane wa pendula wa ti, Umuntu a nge lwamkele uto uma e nga lu piwanga lu vela ezulwini.
28Nina ni ya qinisa kimi ukuti nga ti, A ngi siye uKristu, nga ti ngi tunywe pambi kwake.
29O nomlobokazi u umyeni: isihlobo somyeni esimiyo nesimuzwayo si ya jabula nokujabula ngezwi lomyeni; lenjabulo yami i si pelele.
30Nga e kula yena, ngi ncipe mina.
31O vela ngapezulu u pezu konke; o vela emhlabeni u ngowomhlaba, u kuluma ngomhlaba; o vela ngapezulu u pezu konke.
32U qinisa loku a ku bonileyo na ku zwileyo; kodwa akuko muntu o kwamkela ukuqinisa kwake.
33O kwamkela ukuqinisa kwake u bekile upau lokuti, uTixo u qinisile.
34Lowo a m tumileyo uTixo, u ya kuluma amazwi ka Tixo, ngokuba uTixo e nga niki uMoya ngokulinganisa.
35uYise u ya tanda iNdodana, u nikele konke esandhleni sayo.
36O kolwa iNdodana u nokupila okupakade; o nga kolwa iNdodana a ka sa yi kubona ukupila; kodwa ulaka luka Tixo lu hlezi pezu kwake.